Lokho Esikufunda KuJesu
NgoMbuso KaNkulunkulu
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni oyobusa wonke umhlaba. UJesu wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: . . . ‘Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’”—Mathewu 6:9, 10; Daniyeli 2:44.
Obani abayobusa eMbusweni kaNkulunkulu?
UJesu wazalelwa ukuba abe uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. Ingelosi yatshela unina kaJesu: “UJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi.” (Luka 1:30-33) Ngaphezu kwalokho, uJesu wakhetha abanye babalandeli bakhe ukuze babuse naye. Watshela abaphostoli bakhe: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami; ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami.” (Luka 22:28, 29; Daniyeli 7:27) Abalandeli bakaJesu abangu-144 000 sebebonke bayobusa kanye naye.—IsAmbulo 5:9, 10; 14:1.
Uyoba kuphi lo hulumeni?
UMbuso kaNkulunkulu uyobusa usezulwini. UJesu watshela abafundi bakhe: “Uma ngihamba nginilungisela indawo [ezulwini], ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona. . . . Ngiyahamba ngiya kuBaba.”—Johane 14:2, 3, 12; Daniyeli 7:13, 14.
UMbuso kaNkulunkulu uyokwenzani ngobubi?
UJesu uyosusa abantu ababi emhlabeni. Wathi: “Lapho iNdodana yomuntu [uJesu] ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye . . . Laba [ababi] bayomuka baye ekunqunyweni kwaphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”—Mathewu 25:31-34, 46.
Obani abayophila emhlabeni njengezikhonzi zikaNkulunkulu?
UJesu wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5; IHubo 37:29; 72:8) Umhlaba uyogcwala abantu ngisho kwamanje abafunda ukuthandana. UJesu watshela abalandeli bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:34, 35.
UMbuso kaNkulunkulu uyosenzelani isintu emhlabeni?
UJesu uyokwelapha izifo esintwini. Lapho esemhlabeni, uJesu wakhuluma nezixuku “ngombuso kaNkulunkulu, waphulukisa ababedinga ukwelashwa.” (Luka 9:11) Ngemva kokubona uJesu ovusiwe embonweni, umphostoli uJohane wathi: “Ngabona futhi izulu elisha nomhlaba omusha . . . Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona.’”—IsAmbulo 21:1-4.
UMbuso kaNkulunkulu uyovuselela iPharadesi emhlabeni. Umenzi wobubi owabulawa noJesu wathi: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena embusweni.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.”—Luka 23:42, 43; Isaya 11:4-9.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.