Gcina “Uthando Owawunalo Ekuqaleni”
“Qhubeka ubambelele ngokuqinile kulokho onakho.”—ISAM. 3:11.
1, 2. Wazizwa kanjani lapho ukholiseka ukuthi lokho owawukufunda ngoJehova kwakuyiqiniso?
UYAKHUMBULA yini uqala ukufunda ngethemba elimangalisayo uJehova alinikeza isintu esilalelayo? Uma wawusonta ngaphambili, wazizwa kanjani lapho uchazelwa ngezinjongo zikaNkulunkulu kusetshenziswa imiBhalo noma lapho uchazelwa izimfundiso okwakunzima ukuba uziqonde? Mhlawumbe wabona ukuthi wawudukisiwe. Kodwa yeka indlela osujabula ngayo manje ngokuthi usukhanyiselwe! Uma wakhuliswa abazali abangamaKristu, uyakhumbula ukuthi wazizwa kanjani lapho ukholiseka ukuthi lokho owawukufunda ngoJehova kuyiqiniso wabe usunquma ukuphila ngokuvumelana nakho?—Roma 12:2.
2 Abafowenu abaningi abangokomoya bangakutshela ukuthi bajabula kakhulu, bazizwa besondelene noJehova futhi bembonga ngokuthi wabadonsela kuye. (Joh. 6:44) Injabulo yabo yabashukumisela ukuba bahlanganyele emisebenzini yobuKristu. Babechichima injabulo kangangokuthi babefuna ukuxoxela wonke umuntu ngendlela ababezizwa ngayo. Ingabe nawe wazizwa ngendlela efanayo?
3. Isiphi isimo esasikhona ebandleni lase-Efesu lapho uJesu elithumelela isigijimi?
3 Lapho ekhuluma nebandla lase-Efesu lamaKristu ekhulu lokuqala, uJesu wakhuluma ‘ngothando elalinalo ekuqaleni.’ Abase-Efesu babenezimfanelo eziningi ezinhle, kodwa uthando ngoJehova ababelubonakalise ngaphambili lwase lunciphile. Ngakho, uJesu wabatshela: “Ngiyazazi izenzo zakho, nomshikashika wakho nokukhuthazela kwakho, nokuthi awukwazi ukubekezelela abantu ababi, nokuthi wabavivinya labo abathi bangabaphostoli bengebona, wabathola bengabaqambimanga. Ubonisa nokukhuthazela, futhi uye wabekezela ngenxa yegama lami, wangakhathala. Noma kunjalo, nginalokhu ngawe, ukuthi awusenalo uthando owawunalo ekuqaleni.”—IsAm. 2:2-4.
4. Kungani isigijimi sikaJesu kwabase-Efesu sifaneleka namuhla?
4 Iseluleko sikaJesu kwabase-Efesu nakwamanye amabandla akhuluma nawo encwadini yesAmbulo saqhubeka sisebenza ngenxa yezimo ezaba khona isikhathi esithile phakathi kwamaKristu agcotshiwe kusukela ngo-1914 kuqhubeke. (IsAm. 1:10) Kodwa kungenzeka ukuthi ngisho namanje amanye amaKristu angase aphelelwe ‘uthando ngoJehova ayenalo ekuqaleni’ nangeqiniso lobuKristu. Sicabanga ngalokhu, masibone ukuthi ngokukhumbula nangokuzindla ngezinto ezakwehlela ungakwazi kanjani ukugcina, ukuvuselela nokwandisa uthando nentshiseko owawunakho ekuqaleni ngoNkulunkulu nangeqiniso.
Yini Eyakwenza Waqiniseka Ngeqiniso?
5, 6. (a) Yini umKristu ngamunye okumelwe aziqinisekise ngayo? (b) Yini eyakuqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso? (c) Yini engasiza umuntu ukuba avuselele uthando ayenalo ekuqaleni?
5 Wonke umuntu ozinikezela kuJehova kumelwe aqale ‘ngokuzitholela’ ngokwakhe “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:1, 2) Lokhu kuhilela nokufunda iqiniso leBhayibheli. Lokho okuqinisekisa omunye umuntu ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso kungase kuhluke kulokho okuqinisekisa omunye. Abanye bakhumbula ukuthi umbono wabo washintsha lapho bethola igama likaNkulunkulu eBhayibhelini noma lapho beqonda iqiniso ngesimo sabafileyo. (IHu. 83:18; UmSh. 9:5, 10) Abanye bahlatshwa umxhwele uthando phakathi kwabantu bakaJehova. (Joh. 13:34, 35) Abanye bacabangisisa ngalokho okushiwo ukungabi ingxenye yezwe. Baphetha ngokuthi amaKristu eqiniso awanakuhlanganyela ezingxabanweni zezombangazwe noma ezimpini zanoma isiphi isizwe.—Isaya 2:4; Joh. 6:15; 17:14-16.
6 Yilezi zizathu nezinye ezatshala uthando ngoNkulunkulu kwabaningi. Zinike isikhathi sokucabanga ngalokho okwakuqinisekisa ukuthi wawuthole iqiniso. Ubuntu nezimo zabantu ngabanye azifani, ngakho izizathu zakho eziyisisekelo zokuthanda uJehova nokukholelwa ezithembisweni zakhe cishe zihlukile kwezabanye. Kungenzeka impela ukuthi lezi zizathu zisakuqinisekisa nanamuhla njengoba kwakunjalo lapho uqala ukuzazi. Iqiniso alikashintshi. Ngakho, ukuzikhumbuza imicabango nemizwa owaba nayo kungavuselela ngandlela-thile uthando ngeqiniso owawunalo ekuqaleni.—Funda iHubo 119:151, 152; 143:5.
Yakhela Esisekelweni Osunaso
7. Kungani kudingeka sakhele othandweni ngeqiniso esasinalo ekuqaleni, futhi singakwenza kanjani lokho?
7 Mhlawumbe kuningi okushintshile ekuphileni kwakho selokhu wazinikezela kuJehova. Uthando ngeqiniso owawunalo ekuqaleni lwalubalulekile, kodwa njengoba isikhathi sihamba kwadingeka ukuba lujule ukuze ukwazi ukubhekana nezinselele ezintsha ezazivivinya ukholo lwakho. Nokho, uJehova wakusekela. (1 Kor. 10:13) Ngakho, izinto ezakwehlela phakathi neminyaka nazo ziyigugu kuwe. Ziye zakusiza ukuba wakhele othandweni owawunalo ekuqaleni, futhi zingenye indlela ongaziqinisekisa ngayo ngalokho okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo.—Josh. 23:14; IHu. 34:8.
8. UJehova wazichaza kanjani kuMose, futhi ama-Israyeli amazi kanjani uNkulunkulu ngokuseduze?
8 Ngokwesibonelo, cabanga ngesimo ama-Israyeli azithola ekuso lapho uJehova ewatshela injongo yakhe yokuwakhulula ebugqilini eGibhithe. UNkulunkulu wazichaza kanje kuMose: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eks. 3:7, 8, 13, 14) Empeleni, uJehova wayethi wayeyoba yinoma yini eyayidingeka ukuze akhulule abantu bakhe. Ezenzakalweni ezalandela nangokuvumelana nezimo, ama-Israyeli abona uJehova embula izici ezihlukahlukene zobuntu bakhe—eba uMninimandla onke, uMahluleli, uMholi, uMkhululi, iQhawe noMondli.—Eks. 12:12; 13:21; 14:24-31; 16:4; Neh. 9:9-15.
9, 10. Isimo esinjani esingasiza umuntu ukuba azi uNkulunkulu, futhi kungani kukuhle ukukhumbula lezo zenzakalo?
9 Isimo sakho sihlukile kwesama-Israyeli asendulo. Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi zikhona izinto ezenzeka ekuphileni kwakho ezakuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela futhi lokho kwaluqinisa ukholo lwakho. Mhlawumbe ngandlela-thile uJehova wazibonakalisa kuwe enguMondli, uMduduzi noma uMfundisi. (Funda u-Isaya 30:20b, 21.) Noma kungenzeka ukuthi wabona into ethile eyaba ubufakazi obucacile bokuthi kuphenduleke umthandazo wakho. Kungenzeka wawubhekene nenselele ethile, omunye umKristu wabe esekusiza. Noma esifundweni somuntu siqu wathola imiBhalo ehambelana nesimo owawukuso.
10 Uma ungaxoxela abanye lezo zinto zingase zingabahlabi umxhwele kangako. Kakade, lezo zinto zazingesona isimangaliso. Kodwa zisho okukhulu kuwe. Yebo, uJehova waba yilokho kanye owawudinga ukuba abe yikho kuwe. Cabanga ngeminyaka osuyichithe eqinisweni. Zikhona yini izenzakalo ezithile lapho waba nomuzwa wokuthi uJehova wayekukhathalela? Uma kunjalo, ukukhumbula lezo zenzakalo nendlela ezakwenza wazizwa ngayo kungavuselela enhliziyweni yakho leyo mizwa yokuthanda uJehova owawunayo. Zazise lezo zenzakalo. Zindla ngazo. Ziwubufakazi bokuthi uJehova uyakukhathalela, futhi akekho ongakwenza uyeke ukukukholelwa lokhu.
Zihlole
11, 12. Yini engenza uthando lomKristu ngeqiniso lunciphe, futhi isiphi iseluleko esanikezwa uJesu?
11 Uma uzwa ukuthi uthando owawunalo ekuqaleni ngoNkulunkulu nangeqiniso selunciphile, lokhu akubangelwa ukuthi uJehova ushintshile. Akalokothi ashintshe. (Mal. 3:6; Jak. 1:17) Usakukhathalela nanamuhla njengoba ayekukhathalela ngaphambili. Yini-ke okungenzeka ukuthi ishintshile ebuhlotsheni bakho noJehova? Kungenzeka yini ukuthi uzizwa ucindezeleke ngokwengeziwe noma uhlala ukhathazekile? Mhlawumbe ngaphambili wawukukhuthalele ukuthandaza nokutadisha futhi uzindla njalo. Ingabe wawushiseka ngokwengeziwe enkonzweni futhi uba khona njalo emihlanganweni yebandla kunamanje?—2 Kor. 13:5.
12 Ungase ungaboni ukuthi usunciphisile, kodwa uma uwubona umahluko, wadalwa yini? Kungenzeka yini ukuthi ukondla kahle umkhaya wakho, ukunakekela impilo yakho noma okunye okufana nalokhu, okungezinye zezizathu ezifanelekayo zokukhathazeka, kuye kwathuntubeza umuzwa wakho wokuphuthuma ngokuphathelene nokusondela kosuku lukaJehova? UJesu watshela abaphostoli bakhe: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe. Ngoba luyofikela bonke abahlala kuwo wonke umhlaba. Khona-ke, hlalani niphapheme, ngaso sonke isikhathi ninxusa ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka.”—Luka 21:34-36.
13. UJakobe walifanisa nani iZwi likaNkulunkulu?
13 UJakobe, umlobi weBhayibheli ophefumulelwe, wanxusa amanye amakholwa ukuba azihlole ngobuqotho esebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Wabhala: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.”—Jak. 1:22-25.
14, 15. (a) IBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba uthuthuke ngokomoya? (b) Imiphi imibuzo ongase uzindle ngayo?
14 Umuntu angasebenzisa isibuko ukuze aqiniseke ukuthi ubukeka kahle. Ngokwesibonelo, uma owesilisa ebona ukuthi uthayi wakhe utshekile, angawuqondisa. Uma owesifazane ebona ukuthi izinwele zakhe azikho esimweni esihle, angazilungisa. Ngokufanayo, imiBhalo isisiza ukuba sihlole lokho esiyikho. Lapho siqhathanisa lokho esiyikho nalokho iBhayibheli elithi kufanele sibe yikho, sisuke silisebenzisa njengesibuko. Kodwa kuyosizuzisa ngani ukuzibuka esibukweni uma singakulungisi okungalungile esikubonayo? Siyobe sihlakaniphile uma senza ngokuvumelana nalokho esikubona ‘emthethweni kaNkulunkulu ophelele,’ kanjalo sibe “abenzi” bawo. Ngakho, noma ubani oqaphela ukuthi uthando lwakhe lwasekuqaleni ngoJehova nangeqiniso selunciphile uyobe wenza kahle ngokucabanga ngale mibuzo: ‘Iziphi izingcindezi engibhekene nazo ekuphileni, futhi ngisabela kanjani kuzo? Ngangisabela kanjani ngaphambili? Ingabe kukhona okushintshile?’ Uma lokho kuzihlola kwembula ubuthakathaka obuthile, ungabushalazeleli. Uma kudingeka ulungise, kwenze nakanjani ngokushesha.—Heb. 12:12, 13.
15 Lokho kuzindla kungakusiza nokuba uzibekele imigomo enengqondo ukuze uthuthuke ngokomoya. Umphostoli uPawulu wanikeza uThimothewu, isisebenzi ayekanye naso, iseluleko esiphefumulelwe sokuthuthukisa inkonzo yakhe. Wanxusa le nsizwa: “Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” Nathi siyobe senza kahle ngokuzindla sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu, ukuze sibone izinto esingazithuthukisa.—1 Thim. 4:15.
16. Iyiphi ingozi okudingeka uyiqaphele lapho uzihlola usebenzisa imiBhalo?
16 Noma ikuphi ukuzihlola ngobuqotho kuyokwembula ubuthakathaka obuthile. Lokho kungenza umuntu azizwe edangele, kodwa ungakuvumeli lokho kwenzeke kuwe. Kakade, injongo yokuzihlola iwukubona ukuthi singathuthuka kuziphi izici. Yiqiniso, uSathane angathanda ukuba umKristu azizwe engelutho ngenxa yokungapheleli kwakhe. Empeleni, uye wathi uNkulunkulu uyibukela phansi yonke imizamo yokumkhonza. (Jobe 15:15, 16; 22:3) Lawo amanga uJesu awaphika ngokungananazi; uNkulunkulu ubheka ngamunye wethu njengoyigugu. (Funda uMathewu 10:29-31.) Kunokuba kukwenze uzizwe ungelutho, ukuphawula ukungapheleli kwakho kufanele ngokuthobeka kukwenze uzimisele ukuthuthuka ngosizo lukaJehova. (2 Kor. 12:7-10) Uma kuwukugula noma ukuguga okulinganisela lokho ongakwenza, zibekele imigomo enengqondo, kodwa ungadikibali noma uvumele uthando lwakho lunciphe.
Kuningi Okufanele Sikubonge
17, 18. Iziphi izinzuzo ezitholakala ngokwakhela othandweni owawunalo ekuqaleni?
17 Izinzuzo ezinkulu zitholakala ngokuqhubeka wakhela esisekelweni sothando owawunalo ekuqaleni. Ungajulisa ulwazi lwakho ngoNkulunkulu nangokwazisa iziqondiso zakhe zothando. (Funda izAga 2:1-9; 3:5, 6.) Umhubi wathi: “Kukhona umvuzo omkhulu lapho [izinqumo zikaJehova zokwahlulelwa] zigcinwa.” “Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” Ngaphezu kwalokho, “bayajabula abangenaphutha endleleni yabo, abahamba ngomthetho kaJehova.”—IHu. 19:7, 11; 119:1.
18 Ngokuqinisekile, uzovuma ukuthi unezinto eziningi ezinhle okufanele uzibonge. Uyazazi izizathu zalokho okwenzeka emhlabeni. Iyakuzuzisa indlela uNkulunkulu akhathalela futhi anakekela ngayo abantu bakhe namuhla. Akungabazeki ukuthi nawe uyabonga ngokuthi uJehova wakudonsela ebandleni lakhe lomhlaba wonke nokuthi uye wakunikeza ilungelo lokuba omunye woFakazi bakhe. Zazise izibusiso zakho! Uma ubungazibhala, beziyoba uhlu olude kakhulu. Akungabazeki ukuthi ukwenza lokhu njalo kuyokusiza ukuba usebenzise lesi siyalo: “Qhubeka ubambelele ngokuqinile kulokho onakho.”—IsAm. 3:11.
19. Ngaphandle kokuzindla ngobuhlobo bakho noNkulunkulu, kudingekani ukuze uzigcine uphila ngokomoya?
19 Ukuzindla ngendlela ukholo lwakho oluye lwakhula ngayo phakathi neminyaka kumane kungenye yezinto ezingakusiza ukuba ubambelele ngokuqinile kulokho onakho. Lo magazini uye wasibonisa ngokuphindaphindiwe ezinye izinto ezidingekayo ukuze sizigcine siphila ngokomoya. Ezinye zazo umthandazo, ukuba khona emihlanganweni yobuKristu futhi sibe nengxenye kuyo kanye nokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. Lezi zinto zingakusiza ukuba uqhubeke uvuselela futhi wakhela othandweni owawunalo ekuqaleni.—Efe. 5:10; 1 Pet. 3:15; Jude 20, 21.
Ungaphendula Kanjani?
• Izizathu ezakwenza ukuba uthande uJehova zingaba kanjani umthombo wesikhuthazo kuwe manje?
• Ukucabanga ngezinto eziye zenzeka ekuphileni kwakho phakathi neminyaka kungakuqinisekisa ngani?
• Kungani kufanele uhlole uthando lwakho ngoNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 23]
Yini eyakukhanga futhi yakwenza waqiniseka ukuthi uthole iqiniso?
[Isithombe ekhasini 25]
Ingabe zikhona izinto ozibona kuwe okudingeka uzilungise?