Ingabe Bewazi?
Kungani uJuda anikezwa izingcezu zesiliva ezingu-30 ukuze akhaphele uJesu?
Lapho uJuda Iskariyothe ehlangana nabapristi abakhulu ukuze ezwe ukuthi bangamnika malini uma ekhaphela uJesu, bamthembisa “izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.” (Mathewu 26:14, 15) Leli nani libonakala libonisa indlela ababemzonda futhi bengamazisi ngayo uJesu.
Lezi zinhlamvu kungenzeka kwakungamashekeli esiliva, imali eyayivamile kumaJuda. Umuntu wayengathengani ngamashekeli angu-30? UMthetho KaMose wawuthi leli inani lesigqila. Amashekeli angu-30 ayengathenga nendawo.—Eksodusi 21:32; Mathewu 27:6, 7.
Lapho umprofethi uZakariya efuna inkokhelo yakhe kuma-Israyeli angathembekile ngomsebenzi ayewenzile njengomalusi wabantu bakaNkulunkulu, amkalela “izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.” Lokhu kwakuyisenzo sokululaza nokwehlisa umprofethi kaNkulunkulu, esisikisela ukuthi ayembheka njengesigqila. Ngenxa yalokho, uJehova wayala uZakariya: “Yiphonse endaweni yomcebo—inani elikhulu ngokubabazekayo engilinganiswe ngalo ngokombono wabo.” (Zakariya 11:12, 13) Ukulalela kukaZakariya lo myalo kusikhumbuza lokho uJuda ayezokwenza ngemali ayithola ngokukhaphela Lowo uJehova ayemmise njengomalusi ka-Israyeli.—Mathewu 27:5.
Yayiyini “incwadi yesehlukaniso” okukhulunywa ngayo eBhayibhelini?
UMthetho KaMose wawuthi: “Uma kwenzeka umuntu ethatha owesifazane . . . njengomkakhe, kuyothi uma engawutholi umusa emehlweni akhe ngoba ethole okuthile okuyihlazo kuye, amlobele incwadi yesehlukaniso amnike yona amxoshe endlini yakhe.” (Duteronomi 24:1) Yayiyini injongo yale ncwadi? ImiBhalo ayisho ukuthi le ncwadi yayinani, kodwa akungabazeki ukuthi yayizovikela amalungelo nezifiso zowesifazane olahliwe.
Ngo-1951-1952, kwatholakala inqwaba yezinto zasendulo emihumeni esenyakatho yeWadi Murabbaat, usebe olomile ogwadule lwaseJudiya. Phakathi kwemibhalo eminingi yesandla eyatholakala lapho kwakunencwadi yesehlukaniso ebhalwe ngesi-Aramu, yango-71 noma ngo-72 C.E. Yayichaza okwenzeka ngosuku lokuqala lwenyanga ka-Marheshvan, ngonyaka wesithupha wokuvukela kwamaJuda umbuso wamaRoma. UJoseph, indodana kaNaqsan waseMasada, wahlukanisa noMiriam, indodakazi kaJonathan waseHanablata. UMiriam wayesekhululekile ukushada nanoma iyiphi indoda engumJuda ayithandayo. UJoseph wabuyisa isipho sikaMiriam futhi wambuyisela ngokuphindwe kane inani lempahla eyayimlahlekele. Le ncwadi yayisayinwe uJoseph ngokwakhe kanye nofakazi abathathu—u-Eliezer, indodana kaMalka; uJoseph, indodana kaMalka; no-Eleazar, indodana kaHanana.
[Isithombe ekhasini 25]
Imihume yaseWadi Murabbaat
[Isithombe ekhasini 25]
Incwadi yesehlukaniso yango-71-72 c.e.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 25]
Caves: Todd Bolen/Bible Places.com; certificate: Clara Amit, Courtesy of the Israel Antiquities Authority