IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YesAmbulo—II
IKUSASA libaphatheleni labo abakhulekela uJehova uNkulunkulu nalabo abangamkhulekeli? Kuzokwenzekani kuSathane namademoni akhe? Iziphi izibusiso eziyotholwa isintu esilalelayo phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane? Izimpendulo zale mibuzo kanye neminye ebalulekile zitholakala encwadini yesAmbulo 13:1–22:21.a Lezi zahluko ziqukethe imibono yokugcina engu-9 kwengu-16 eyabonwa umphostoli uJohane ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E.
UJohane uyabhala: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso.” (IsAm. 1:3; 22:7) Ukufunda nokusebenzisa esikufunda encwadini yesAmbulo kungathinta izinhliziyo zethu, kuqinise ukholo lwethu kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, futhi kusinikeze ithemba elikhanyayo ngekusasa.b—Heb. 4:12.
UKUTHULULWA KWEZITSHA EZIYISIKHOMBISA ZOLAKA LUKANKULUNKULU
IsAmbulo 11:18 sithi: ‘Izizwe zaba nolaka, nolaka lukaNkulunkulu lwafika, nesikhathi esimisiwe sokuchitha abachitha umhlaba.’ Umbono wesishiyagalombili ubonisa okwenziwa ‘isilo sasendle esinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa,’ okuyisizathu esenza uNkulunkulu athukuthele.—IsAm. 13:1.
Embonweni wesishiyagalolunye, uJohane ubona “iWundlu limi eNtabeni iZiyoni” kumi kanye nalo “abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” Baye “bathengwa kubantu.” (IsAm. 14:1, 4) Kulandela izimemezelo zezingelosi. Embonweni olandelayo, uJohane ubona “izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa.” Cishe uJehova ngokwakhe oyala lezi zingelosi ukuba zithulule “izitsha eziyisikhombisa zentukuthelo” yakhe ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe likaSathane. Lezi zitsha ziqukethe izimemezelo nezixwayiso ngezahlulelo uNkulunkulu azozikhipha. (IsAm. 15:1; 16:1) Le mibono emibili inikeza imininingwane ngezinye izahlulelo zoMbuso ezihlobene nomaye wesithathu nokushaywa kwecilongo lesikhombisa.—IsAm. 11:14, 15.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo:
13:8—Uyini ‘umqulu wokuphila weWundlu’? Lona umqulu ongokomfanekiso oqukethe kuphela amagama alabo ababusa noJesu Kristu eMbusweni wakhe wasezulwini. Unanamagama amaKristu agcotshiwe asesemhlabeni, anethemba lokuphila ezulwini.
13:11-13—Kungayiphi indlela isilo sasendle esinezimpondo ezimbili senza njengodrako futhi sehlisela umlilo emhlabeni uvela ezulwini? Iqiniso lokuthi lesi silo sasendle esinezimpondo ezimbili—uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika—sikhuluma njengodrako libonisa ukuthi sisebenzisa izinsongo, ukucindezela nobudlova ukuze siphoqe abantu ukuba bamukele uhlobo lwaso lokubusa. Sehlisa umlilo uvela ezulwini ngoba sizenza umprofethi ngokuthi sithi sinqobe amandla obubi ezimpini zezwe ezimbili zekhulu leminyaka lama-20 nobuKhomanisi.
16:17—Uyini ‘umoya’ isitsha sesikhombisa esithululelwa kuwo? Lo ‘moya’ ufanekisela ukucabanga okunjengokukaSathane, “umoya [isimo sengqondo] manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” Sonke isimiso sikaSathane esibi siphefumula lo moya onoshevu.—Efe. 2:2.
Izifundo Esizitholayo:
13:1-4, 18. “Isilo sasendle” esimelela ohulumeni babantu sinyuka “siphuma olwandle,” okungukuthi, oquqabeni lwesintu esiyaluzayo. (Isaya 17:12, 13; Dan. 7:2-8, 17) Lesi silo, esasungulwa uSathane futhi wasinika amandla, sibhalwe inombolo engu-666, egcizelela ukungapheleli kwezinga elikhulu kakhulu. Ukuqonda ukuthi siyini lesi silo kusisiza ukuba singasilandeli noma sisikhulekele njengoba kwenza iningi lesintu.—Joh. 12:31; 15:19.
13:16, 17. Kungakhathaliseki ubunzima esingase sibhekane nabo njengoba senza imisebenzi yansuku zonke ‘enjengokuthenga noma ukuthengisa,’ akufanele sicindezelwe ukuba sivumele isilo sasendle sibuse ukuphila kwethu. Ukwamukela ‘uphawu lwesilo sasendle esandleni noma ebunzini lethu’ bekuyofana nokuthi sisivumela ukuba silawule izenzo noma sithonye ukucabanga kwethu.
14:6, 7. Lesi simemezelo sengelosi sisifundisa ukuthi kufanele sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe sinomuzwa wokuphuthuma. Kufanele sisize abantu esibafundelayo ukuba bahlakulele ukwesaba uNkulunkulu okunempilo futhi bamnike inkazimulo.
14:14-20. Lapho “isivuno somhlaba,” okungukuthi, ukubuthwa kwalabo abazosindiswa sekuphelile, kuyobe sekufike isikhathi sokuba ingelosi iphonse okubuthiweyo ‘komvini womhlaba esikhamweni sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu.’ Lowo mvini—isimiso sikaSathane sohulumeni abonakele ababusa isintu ‘namahlukuzo’ awo ezithelo ezimbi—uyobe usubhujiswa phakade. Kufanele sizimisele ukungathonywa yilo mvini womhlaba.
16:13-16. ‘Izinkulumo eziphefumulelwe ezingcolile’ zifanekisela inkulumo-ze yamademoni ehloselwe ukuqinisekisa ukuthi amakhosi omhlaba awathonywa yizitsha eziyisikhombisa zentukuthelo kaNkulunkulu, kunalokho, iwashukumisela ukuba amelane noJehova.—Math. 24:42, 44.
16:21. Njengoba ukuphela kwaleli zwe kusondela, ukumenyezelwa kwezahlulelo zikaJehova ezizolethwa esimisweni sezinto sikaSathane kungase kuhlanganise izinkulumo ezinamandla ngokungavamile zezahlulelo zikaNkulunkulu, cishe ezingafaniswa nesichotho. Noma kunjalo, iningi lesintu liyoqhubeka lihlambalaza uNkulunkulu.
INKOSI ENQOBAYO IYABUSA
“IBhabhiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, liyingxenye enyanyekayo yezwe likaSathane elibi. Umbono weshumi nanye ulichaza ‘njengesifebe esikhulu esihlezi phezu kwesilo sasendle esinombala obomvu.’ Sizobhujiswa ‘yizimpondo eziyishumi’ zaso kanye lesi silo esihlezi phezu kwaso. (IsAm. 17:1, 3, 5, 16) Ufanisa isifebe ‘nomuzi omkhulu,’ umbono olandelayo umemezela ukuwa kwalo muzi futhi unxuse abantu bakaNkulunkulu ukuba ‘baphume kuwo’ ngokushesha. Ukuwa kwalo muzi omkhulu kukhalelwa abaningi, kodwa kuyajatshulwa ezulwini ngenxa ‘yomshado weWundlu.’ (IsAm. 18:4, 9, 10, 15-19; 19:7) Embonweni weshumi nantathu, umgibeli ‘wehhashi elimhlophe’ ulwa nezizwe. Ubhubhisa izwe likaSathane elibi.—IsAm. 19:11-16.
Kuyokwenzekani ‘enyokeni yokuqala, enguDeveli noSathane’? ‘Iyophonswa nini echibini lomlilo’? Umbono weshumi nane unezimpendulo zale mibuzo. (IsAm. 20:2, 10) Imibono emibili yokugcina isinikeza amazwibela okuthi ukuphila kuyoba njani phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Njengoba “isambulo” siphela, uJohane ubona ‘umfula wamanzi okuphila ugeleza wehla maphakathi nendlela ebanzi,’ futhi “noma ubani owomile” umenywa ukuba eze azophuza.—IsAm. 1:1; 22:1, 2, 17.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo:
17:16; 18:9, 10—Kungani “amakhosi omhlaba” ekhalela inhlangano ebhujiswe yiwo ngokwawo? Kungenxa yobugovu nje bawo. Ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, kubonakala sengathi amakhosi omhlaba ayoqaphela ukuthi beliwusizo kangakanani kuwo. Lalenza izenzo zawo zokucindezela abantu zibonakale zamukeleka ngokwenkolo. Lawasiza nasekubutheleni intsha empini. Ngaphezu kwalokho, laba nengxenye ebalulekile ekwenzeni abantu bangadlubulundi.
19:12—Kungani kunguJesu kuphela owazi igama lakhe elingashiwongo? Leli gama kubonakala limelela isikhundla namalungelo kaJesu anawo phakathi nosuku lweNkosi, njengalawo ashiwo ku-Isaya 9:6. Akunamuntu owazi leli gama ngaphandle kwakhe ngoba la malungelo anawo ayingqayizivele futhi nguye kuphela ongaqonda ukuthi kusho ukuthini ukuba sesikhundleni esiphakeme kangaka. Nokho, uJesu uhlanganyela amanye ala malungelo namalungu esigaba somlobokazi wakhe, ‘alobe kuwo lelo gama lakhe elisha.’—IsAm. 3:12.
19:14—Obani abayohlanganyela noJesu empini ye-Armagedoni? ‘Amabutho asezulwini’ ayohlanganyela noJesu empini kaNkulunkulu ayizingelosi kanye nabanqobi abagcotshiwe abayobe sebewutholile umvuzo wabo wasezulwini.—Math. 25:31, 32; IsAm. 2:26, 27.
20:11-15—Amagama obani alotshwe ‘emqulwini [noma “encwadini”] wokuphila’? Lo mqulu unamagama abo bonke abayothola ukuphila okuphakade—amaKristu agcotshiwe, amalungu esixuku esikhulu nezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu eziyothola “uvuko lwabalungile.” (IzE. 24:15; IsAm. 2:10; 7:9) Amagama alabo abayothola ‘uvuko lwabangalungile’ ayobhalwa ‘emqulwini wokuphila’ kuphela uma benza ngokuvumelana ‘nezinto ezilotshwe emiqulwini’ yeziqondiso eyovulwa phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Nokho, amagama akule ncwadi angacimeka. Amagama abagcotshiweyo abhalwa ngokungacimeki ngemva kokuzibonakalisa bethembekile kuze kube sekufeni. (IsAm. 3:5) Amagama alabo abayothola ukuphila emhlabeni abhalwa ngokungacimeki lapho bephumelela ovivinyweni lokugcina ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane.—IsAm. 20:7, 8.
Izifundo Esizitholayo:
17:3, 5, 7, 16. “Ukuhlakanipha kwaphezulu” kusisiza ukuba siqonde “imfihlakalo yowesifazane neyesilo sasendle [esibomvu] esimthwele.” (Jak. 3:17) Lesi silo sasendle esingokomfanekiso saqala siyiNhlangano Yezizwe futhi kamuva savuka sesiyiZizwe Ezihlangene. Ukuqonda le mfihlakalo akufanele yini kusishukumisele ukuba sizimemezele ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nosuku lukaJehova lokwahlulela?
21:1-6. Singaqiniseka ngokugcwele ngokuthi izibusiso okwabikezelwa ukuthi siyozithola lapho sekubusa uMbuso ziyogcwaliseka ngempela. Ngani? Ngoba kuthiwa ngazo: “Sekwenzekile!”
22:1, 17. “Umfula wamanzi okuphila” umelela amalungiselelo kaJehova okuqeda isono nokufa esintwini esilalelayo. Ngezinga elithile, la manzi ayatholakala kwamanje. Kwangathi singegcine nje ngokwamukela lesi simemo ‘sokuthatha amanzi okuphila ngesihle’ kodwa futhi kwangathi singasidlulisela nakwabanye ngentshiseko!
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo yesAmbulo 1:1–12:17, bheka esithi “Amaphuzu Avelele Encwadi YesAmbulo—I” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2009.
b Ukuze uthole ingxoxo yevesi nevesi yesAmbulo, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
[Isithombe ekhasini 5]
Yeka ukuthi isintu esilalelayo siyothola izibusiso ezinhle kangakanani lapho sekubusa uMbuso!