Ukwazisa UJesu—UDavide Omkhulu NoSolomoni Omkhulu
“Bhekani! lapha kukhona ongaphezu kukaSolomoni.”—MATH. 12:42.
1, 2. Ngokombono wabantu, kungani kwakumangalisa ukuthi uSamuweli wayalwa ukuba agcobe uDavide njengenkosi?
WAYENGABUKEKI njengenkosi. Kunalokho, kumprofethi uSamuweli wayebonakala njengomfanyana nje ongumalusi. Ngaphezu kwalokho, umuzi wakubo, iBhetlehema, wawungavelele. Wachazwa ngokuthi “omncane kakhulu ukuba ube phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda.” (Mika 5:2) Noma kunjalo, le nsizwa eyayibonakala ingelutho evela kulo mzana yayisizogcotshwa umprofethi uSamuweli njengenkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo.
2 UJese, uyise kaDavide, noSamuweli babengacabangi nakucabanga ukuthi uDavide osemncane angaba inkosi. UDavide, owayengowokugcina emadodaneni kaJese angu-8, wayengekho ngisho nokuba khona ngesikhathi uSamuweli efika emzini kaJese ukuzogcoba enye yamadodana ale ndoda ethembekile njengenkosi elandelayo yakwa-Israyeli. Kodwa uJehova wakhetha uDavide futhi yilokho okwakubalulekile.—1 Sam. 16:1-10.
3. (a) Yini uJehova ayibheka njengebaluleke kakhulu lapho ehlola umuntu? (b) Ngesikhathi uDavide egcotshwa, yini eyaqala ukusebenza phezu kwakhe?
3 UJehova wayebona lokho uSamuweli ayengenakukubona. Wayekwazi ukubona inhliziyo kaDavide, futhi yayimjabulisa. Akukhona ukubukeka kwangaphandle okubalulekile kuNkulunkulu; kodwa yilokho umuntu ayikho ngempela ngaphakathi. (Funda eyoku-1 Samuweli 16:7.) Ngakho, lapho uSamuweli eqaphela ukuthi uJehova wayengakhethanga muntu emadodaneni kaJese angu-7, wacela ukuba kulandwe encane kunawo wonke eyayisemadlelweni. Ukulandisa kuthi: “Ngakho [uJese] wathumela ukuba [uDavide] alandwe. Wayebomvana, eyinsizwa enamehlo amahle futhi emuhle. Khona-ke uJehova wathi: ‘Sukuma, mgcobe, ngoba nguye lo!’ Ngakho uSamuweli wathatha uphondo lwamafutha wamgcoba phakathi kwabafowabo. Umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.”—1 Sam. 16:12, 13.
UDavide Wafanekisela UKristu
4, 5. (a) Chaza okunye ukufana okukhona phakathi kukaDavide noJesu. (b) Kungani uJesu engase abizwe ngokuthi uDavide Omkhulu?
4 NjengoDavide, uJesu wazalelwa eBhetlehema eminyakeni engaba ngu-1 100 ngemva kukaDavide. Kubantu abaningi, uJesu wayengabukeki njengenkosi. Ngamanye amazwi, wayengelona uhlobo lwenkosi ama-Israyeli amaningi ayelulindele. Noma kunjalo, wakhethwa uJehova njengoDavide. Wayethandwa uJehova njengoDavide.a (Luka 3:22) Ngokufanayo, ‘umoya kaJehova waqala ukusebenza’ kuJesu.
5 Zikhona nezinye izindlela laba bantu abafana ngazo. Ngokwesibonelo, uDavide wakhashelwa umeluleki wakhe u-Ahithofeli, kanti noJesu wakhashelwa umphostoli wakhe uJuda Iskariyothe. (IHu. 41:9; Joh. 13:18) Bobabili uDavide noJesu babenentshiseko evuthayo ngendawo kaJehova yokukhulekela. (IHu. 27:4; 69:9; Joh. 2:17) UJesu ubuye abe indlalifa kaDavide. Ngaphambi kokuba azalwe, ingelosi yatshela unina: “UJehova uNkulunkulu [uyomnika] isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise.” (Luka 1:32; Math. 1:1) Nokho, uJesu mkhulu kakhulu kunoDavide ngoba zonke izithembiso eziphathelene noMesiya zigcwaliseka kuye. UnguDavide Omkhulu, iNkosi enguMesiya okwase kuyisikhathi eside ilindelwe.—Joh. 7:42.
Landela INkosi EnguMalusi
6. UDavide wayengumalusi omuhle ngaziphi izindlela?
6 UJesu ubuye abe umalusi. Iziphi izimfanelo zomalusi omuhle? Unakekela, ondle futhi aqaphe umhlambi wakhe ngokwethembeka nangesibindi. (IHu. 23:2-4) Lapho esemusha, uDavide wayengumalusi futhi wayezinakekela kahle kakhulu izimvu zikayise. Wabonisa isibindi lapho umhlambi usongelwa futhi wafaka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele izimvu engonyameni nasebhereni.—1 Sam. 17:34, 35.
7. (a) Yini eyalungiselela uDavide ukuba afeze imisebenzi yakhe njengenkosi? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi unguMalusi Omuhle?
7 Iminyaka uDavide ayichitha emadlelweni nasezintabeni elusa izimvu yamlungiselela ukuba afeze imisebenzi nemithwalo yemfanelo esindayo yokwalusa isizwe sakwa-Israyeli.b (IHu. 78:70, 71) NoJesu uzibonise engumalusi oyisibonelo. Uthola amandla nesiqondiso kuJehova njengoba elusa ‘umhlambi wakhe omncane’ “nezinye izimvu.” (Luka 12:32; Joh. 10:16) Yingakho enguMalusi Omuhle. Uzazi kahle izimvu zakhe kangangokuthi ngayinye uyibiza ngegama futhi uzithanda kakhulu kangangokuthi ngesikhathi esemhlabeni wazinikela ngokuzithandela ngenxa yazo. (Joh. 10:3, 11, 14, 15) NjengoMalusi Omuhle, ufeza okuthile uDavide ayengasoze akufeza. Umhlatshelo wakhe wesihlengo wavula indlela yokuba isintu sikhululwe ekufeni. Akukho okuyomvimba ukuba aholele ‘umhlambi wakhe omncane’ ekuphileni okungenakufa ezulwini “nezinye izimvu” ekuphileni okuphakade ezweni elisha lokulunga elingenabo abantu abayingozi njengezimpisi.—Funda uJohane 10:27-29.
Landela INkosi Enqobayo
8. UDavide waba kanjani inkosi enqobayo?
8 UDavide wayeyinkosi eyiqhawe elinesibindi elavikela izwe labantu bakaNkulunkulu, futhi “uJehova waqhubeka emsindisa . . . nomaphi lapho ayeya khona.” Ngesikhathi ebusa, imingcele yesizwe yanwetshwa isuka emfuleni waseGibhithe yaze yayofika emfuleni i-Ewufrathe. (2 Sam. 8:1-14) Ngamandla kaJehova, waba umbusi onamandla kunabo bonke. IBhayibheli lithi: “Udumo lukaDavide lwaqala ukuphumela kuwo wonke amazwe, futhi uJehova ngokwakhe wafaka ingebhe ngaye phezu kwazo zonke izizwe.”—1 IziKr. 14:17.
9. Chaza indlela uJesu omiselwe ubukhosi aba ngayo umnqobi.
9 NjengeNkosi uDavide, uJesu wayenesibindi. Njengomuntu omiselwe ubukhosi, wabonisa ukuthi unegunya phezu kwamademoni, ekhulula izisulu ekuhlushweni yiwo. (Marku 5:2, 6-13; Luka 4:36) Ngisho nesitha esikhulu, uSathane uDeveli, asikwazanga ukumthonya. Esekelwa uJehova, walinqoba leli zwe elisemandleni kaSathane.—Joh. 14:30; 16:33; 1 Joh. 5:19.
10, 11. Iyini indima kaJesu njengeNkosi eyiQhawe emazulwini?
10 Sekudlule iminyaka engaba ngu-60 ngemva kokufa nokuvuselwa kukaJesu ezulwini, umphostoli uJohane waboniswa uJesu embonweni oyisiprofetho eyiNkosi eyiQhawe emazulwini. UJohane uyabhala: “Bheka! ihhashi elimhlophe; oligibele wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” (IsAm. 6:2) Lo mgibeli wehhashi elimhlophe nguJesu. “Wanikwa umqhele” ngo-1914 lapho ebekwa iNkosi eMbusweni wasezulwini. Ngemva kwalokho, “waphuma enqoba.” Yebo, njengoDavide, uJesu uyinkosi enqobayo. Ngokushesha ngemva kokuba ebekwe iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, wanqoba uSathane empini futhi wamphonsa phansi emhlabeni namademoni akhe. (IsAm. 12:7-9) Ukuphuma kwakhe njengonqobayo kuyoqhubeka aze ‘aphelelise ukunqoba kwakhe,’ asibhubhise ngokuphelele isimiso sikaSathane esibi.—Funda isAmbulo 19:11, 19-21.
11 Nokho, njengoDavide, uJesu uyinkosi enozwela, futhi uyovikela “isixuku esikhulu” e-Armagedoni. (IsAm. 7:9, 14) Ngaphezu kwalokho, lapho uJesu ebusa kanye nezindlalifa akanye nazo, abangu-144 000 abavusiwe, kuyoba khona “uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzE. 24:15) Abayovuselwa emhlabeni bayoba nethemba lokuphila phakade. Yeka ikusasa elimangalisayo abazolithola! Kwangathi sonke singazimisela ukuqhubeka ‘senza okuhle’ ukuze sibe khona lapho umhlaba usugcwele izikhonzi zikaDavide Omkhulu ezilungileyo nezijabulayo.—IHu. 37:27-29.
Umthandazo KaSolomoni Wokucela Ukuhlakanipha Uyaphendulwa
12. USolomoni wathandazela ini?
12 Indodana kaDavide uSolomoni nayo yafanekisela uJesu.c Lapho uSolomoni eba inkosi, uJehova wabonakala kuye ephusheni wathi uyomnika noma yini ayicelayo. USolomoni wayengacela ingcebo eyengeziwe, amandla noma ukuphila isikhathi eside. Akazange abe nobugovu, kodwa wacela lokhu: “Manje nginike ukuhlakanipha nolwazi ukuze ngiphume futhi ngingene phambi kwalesi sizwe, ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu na?” (2 IziKr. 1:7-10) UJehova wawuphendula umthandazo kaSolomoni.—Funda eyesi-2 IziKronike 1:11, 12.
13. Kungani kungase kuthiwe ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungenakuqhathaniswa, futhi kwakuvela kubani?
13 Lapho nje uSolomoni esathembekile kuJehova, amazwi akhe okuhlakanipha ayewadlula kude awabantu besikhathi sakhe. USolomoni waqamba “izaga eziyizinkulungwane ezintathu.” (1 AmaKh. 4:30, 32, 34) Eziningi zalezi zalotshwa futhi zisaziswa kakhulu yilabo abafuna ukuhlakanipha. Indlovukazi yaseSheba yahamba amakhilomitha angaba ngu-2 400 iyovivinya ukuhlakanipha kukaSolomoni “ngemibuzo ekhungathekisayo.” Amazwi kaSolomoni nokuchuma kombuso wakhe kwayihlaba umxhwele. (1 AmaKh. 10:1-9) IBhayibheli liyasho ukuthi ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakuvela kubani, lithi: “Bonke abantu bomhlaba babefuna ubuso bukaSolomoni ukuze bezwe ukuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu ayekufake enhliziyweni yakhe.”—1 AmaKh. 10:24.
Landela INkosi Ehlakaniphile
14. UJesu waba “ongaphezu kukaSolomoni” ngaziphi izindlela?
14 Ngokusobala, uyedwa kuphela umuntu owadlula uSolomoni ngokuhlakanipha. Lowo muntu uJesu Kristu futhi wazichaza ngokuthi ‘ungaphezu kukaSolomoni.’ (Math. 12:42) UJesu wakhuluma “amazwi okuphila okuphakade.” (Joh. 6:68) Ngokwesibonelo, iNtshumayelo YaseNtabeni inikeza imininingwane eyengeziwe ngezimiso ezikwezinye zezaga zikaSolomoni. USolomoni wachaza izinto eziningi eziletha injabulo kumuntu ongumkhulekeli kaJehova. (IzAga 3:13; 8:32, 33; 14:21; 16:20) UJesu wagcizelela ukuthi injabulo yeqiniso itholakala kuphela ezintweni ezihlobene nokhulekelwa kukaJehova nokugcwaliseka kwezithembiso zakhe. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Math. 5:3) Labo abasebenzisa izimiso ezitholakala ezimfundisweni zikaJesu basondela kuJehova, “umthombo wokuphila.” (IHu. 36:9; IzAga 22:11; Math. 5:8) UKristu ubonakalisa ‘ukuhlakanipha kukaNkulunkulu.’ (1 Kor. 1:24, 30) NjengeNkosi enguMesiya, uJesu Kristu ‘unomoya wokuhlakanipha.’—Isaya 11:2.
15. Singazuza kanjani ekuhlakanipheni okuvela kuNkulunkulu?
15 Njengabalandeli bakaSolomoni Omkhulu, singazuza kanjani ekuhlakanipheni okuvela kuNkulunkulu? Njengoba ukuhlakanipha kukaJehova kwembulwe eZwini lakhe, kumelwe senze umzamo wokukuthola ngokutadisha iBhayibheli ngokucophelela, ikakhulukazi amazwi kaJesu alotshiwe nangokuzindla ngalokho esikufundayo. (IzAga 2:1-5) Ngaphezu kwalokho, kudingeka siphikelele ekuceleni uNkulunkulu ukuba asinike ukuhlakanipha. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi imithandazo yethu eqotho yokucela usizo iyophendulwa. (Jak. 1:5) Ngosizo lomoya ongcwele, siyothola ukuhlakanipha okuzuzisayo okuseZwini likaNkulunkulu okungasisiza ukuba sibhekane nezinselele futhi senze izinqumo ezihlakaniphile. (Luka 11:13) USolomoni wayebizwa nangokuthi ‘umhlanganisi owafundisa abantu ulwazi ngokuqhubekayo.’ (UmSh. 12:9, 10) UJesu, njengeNhloko yebandla lobuKristu, naye ungumhlanganisi wabantu bakhe. (Joh. 10:16; Kol. 1:18) Ngakho-ke, senza kahle ngokuba khona emihlanganweni yebandla lapho ‘sifundiswa khona ngokuqhubekayo.’
16. Ikuphi ukufana okukhona phakathi kukaSolomoni noJesu?
16 USolomoni wayeyinkosi ekhuthele kakhulu. Wahlela isimiso sokwakha ezweni lonke, wengamela ukwakhiwa kwezigodlo, imigwaqo, imisele yamanzi, imizi yokugcina izinto, imizi yezinqola neyezinkweli zamahhashi. (1 AmaKh. 9:17-19) Sonke isizwe sazuza kule misebenzi yakhe yokwakha. NoJesu ungumakhi. Wakha ibandla lakhe ‘edwaleni.’ (Math. 16:18) Uyobuye engamele umsebenzi wokwakha oyokwenziwa ezweni elisha.—Isaya 65:21, 22.
Landela INkosi Yokuthula
17. (a) Isiphi isici esasivelele lapho kubusa uSolomoni? (b) Yini uSolomoni angakwazanga ukuyifeza?
17 Igama elithi Solomoni linomsuka osho ukuthi “ukuthula.” INkosi uSolomoni yabusa iseJerusalema, igama elisho “Ukuba Nokuthula Okuphindwe Kabili.” Ukubusa kwakhe kweminyaka engu-40 kwaba nokuthula okwakungakaze kube khona esizweni sakwa-Israyeli. Ngokuphathelene naleyo minyaka, iBhayibheli lithi: “UJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKh. 4:25) Noma kunjalo, naphezu kwakho konke ukuhlakanipha kwakhe, uSolomoni akakwazanga ukukhulula izikhonzi zakhe ekugqilazweni ukugula, isono nokufa. Nokho, uSolomoni Omkhulu uyozikhulula izikhonzi zakhe kukho konke lokhu.—Funda amaRoma 8:19-21.
18. Iziphi izimo esizijabulela ebandleni lobuKristu?
18 Ngisho kwamanje, sinokuthula ebandleni lobuKristu. Ngempela, sijabulela ipharadesi elingokomoya isibili. Sinokuthula noNkulunkulu kanye nabanye abantu. Phawula lokho u-Isaya akuprofetha ngezimo esizijabulelayo namuhla: “Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.” (Isaya 2:3, 4) Ngokwenza ngokuvumelana nomoya kaNkulunkulu sinezela ebuhleni bepharadesi elingokomoya.
19, 20. Sinaziphi izizathu zokujabula?
19 Nokho, ikusasa liyoba ngcono ngisho nakakhulu ngaphansi kokubusa kukaJesu. Njengoba abantu abalalelayo bejabulela ukuthula okungakaze kubonwe, kancane kancane ‘bayokhululwa ekugqilazweni ukonakala’ baze bafinyelele ukuphelela. (Roma 8:21) Ngemva kokuphumelela ovivinyweni lokugcina ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, “abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHu. 37:11; IsAm. 20:7-10) Ngempela, ukubusa kukaKristu Jesu kuyodlula okukaSolomoni ngezindlela esingenakuzicabanga manje!
20 Njengoba ama-Israyeli ajabula ngaphansi kukaMose, uDavide noSolomoni, nathi siyojabula ngokwengeziwe ngaphansi kokubusa kukaKristu. (1 AmaKh. 8:66) Sibonga uJehova ngokusithumelela iNdodana yakhe ezelwe yodwa—enguMose, uDavide noSolomoni Omkhulu!
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi Davide cishe lisho ukuthi “Othandekayo.” Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa nangesikhathi eguqulwa isimo, uJehova wakhuluma ngaye esezulwini, wambiza ngokuthi ‘iNdodana yakhe ethandekayo.’—Math. 3:17; 17:5.
b Ngesikhathi esifanayo, uDavide waba njengewundlu elimethembayo umalusi walo. Wathembela kuMalusi Omkhulu, uJehova, ukuba amvikele futhi amqondise. Washo la mazwi ngokukhulu ukuqiniseka: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.” (IHu. 23:1) UJohane uMbhapathizi wabiza uJesu ngokuthi “iWundlu likaNkulunkulu.”—Joh. 1:29.
c Kuyathakazelisa ukuthi igama lesibili likaSolomoni nguJedidiya, okusho ukuthi “Othandwa uJah.”—2 Sam. 12:24, 25.
Ungachaza?
• UJesu unguDavide Omkhulu ngayiphi indlela?
• UJesu unguSolomoni Omkhulu ngayiphi indlela?
• Yini oyazisayo ngoDavide Omkhulu obuye abe uSolomoni Omkhulu?
[Isithombe ekhasini 31]
Ukuhlakanipha uSolomoni akuphiwa uNkulunkulu kwakufanekisela ukuhlakanipha kuka- Solomoni Omkhulu
[Isithombe ekhasini 32]
Ukubusa kukaJesu kuyodlula okukaSolomoni nokukaDavide ngezindlela esingenakuzicabanga manje!