Lalela Futhi Ube Nesibindi NjengoKristu
“Yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—JOH. 16:33.
1. UJesu wamlalela ngezinga elingakanani uNkulunkulu?
UJESU KRISTU wayenza intando kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. Akakaze ngisho nakanye acabange ukungamlaleli uYise osezulwini. (Joh. 4:34; Heb. 7:26) Kodwa lokho abhekana nakho emhlabeni kwenza kwaba nzima ngaye ukulalela. Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe, izitha zikaJesu, kuhlanganise noSathane uqobo lwakhe, zazama ukumphambukisa, ukumphoqa noma ukumyenga ukuba alahle inkambo yakhe yokwethembeka. (Math. 4:1-11; Luka 20:20-25) Lezi zitha zamcindezela kakhulu uJesu ngokwengqondo, ngokomzwelo futhi zamzwisa ubuhlungu nangokwenyama. Ekugcineni zambulala ngokumbethela esigxotsheni sokuhlushwa. (Math. 26:37, 38; Luka 22:44; Joh. 19:1, 17, 18) Phakathi nakho konke lokhu, kuhlanganise nokuhlupheka okukhulu abhekana nakho, uJesu “walalela kwaze kwaba sekufeni.”—Funda eyabaseFilipi 2:8.
2, 3. Yini esingayifunda kuJesu ngokulalela naphezu kokuhlupheka abhekana nakho?
2 Okuhlangenwe nakho kukaJesu ngenkathi esemhlabeni kwamfundisa izici ezintsha zokulalela. (Heb. 5:8) Kungase kubonakale sengathi uJesu wayesekwazi konke okuphathelene nokukhonza uJehova. Kakade, wayebe nobuhlobo obuhle noJehova isikhathi eside kakhulu futhi ‘wayeyisisebenzi sikaNkulunkulu esiyingcweti’ lapho kudalwa izinto. (IzAga 8:30) Noma kunjalo, ukukhuthazela ngokholo njengomuntu naphezu kokuhlupheka kwafakazela ukuthi uqotho ngokuphelele. UJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wakhula ngokomoya. Yini esingayifunda kulokhu?
3 Nakuba ayengumuntu ophelele, uJesu akazange athembele emandleni akhe siqu ukuze alalele ngokuphelele. Wathandazela usizo lukaNkulunkulu ukuze aqhubeke elalela. (Funda amaHebheru 5:7.) Ukuze nathi sihlale silalela, kufanele sithobeke futhi sithandazele usizo lukaJehova. Ngenxa yalesi sizathu, umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: ‘Yibani nalesi simo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu, owazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni.’ (Fil. 2:5-8) Inkambo yokuphila kaJesu yafakazela ukuthi abantu bangakwazi ukulalela ngisho noma bephila emphakathini owonakele. Kuyavunywa, uJesu wayephelele, kodwa kuthiwani ngabantu abangaphelele njengathi?
Ukulalela Nakuba Singaphelele
4. Kusho ukuthini ukuba yizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela?
4 UNkulunkulu wadala u-Adamu no-Eva baba izidalwa ezihlakaniphile ezinenkululeko yokuzikhethela. Njengoba siyinzalo yabo, nathi sinenkululeko yokuzikhethela. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi singakhetha ukwenza okuhle noma okubi. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usinikeze inkululeko yokukhetha ukuthi sizomlalela yini noma cha. Le nkululeko ihambisana nomthwalo wemfanelo. Ngempela, izinqumo zethu endabeni yokuziphatha zisho ukufa nokuphila. Ziyabathinta nabanye abantu esisondelene nabo.
5. Imuphi umshikashika sonke esibhekene nawo, futhi singawunqoba kanjani?
5 Ngenxa yokungapheleli esakuzuza ngefa, ukulalela akuzenzakaleli. Akulula ngaso sonke isikhathi ukulalela imithetho kaNkulunkulu. NakuPawulu kwakungelula. Wabhala: “Ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” (Roma 7:23) Yiqiniso, kulula ukulalela lapho kungadingeki ukuzidela noma lapho izimo zivuma futhi kungeke kusizwise ubuhlungu. Kodwa sisabela kanjani lapho isifiso sethu sokulalela singqubuzana ‘nesifiso senyama nesifiso samehlo?’ La mathonya onakalisayo abangelwa ukungapheleli kwethu kanye nethonya ‘lomoya wezwe’ osizungezile, futhi anamandla kakhulu. (1 Joh. 2:16; 1 Kor. 2:12) Ukuze simelane nawo, kumelwe ‘silungise izinhliziyo zethu’ ngaphambi kokuba sibhekane nesimo esibucayi noma isilingo, sinqume ukuthi siyolalela uJehova kumnyama kubomvu. (IHu. 78:8) Sinezibonelo eziningi eBhayibhelini zalabo abaphumelela ngoba babelungise inhliziyo yabo.—Ezra 7:10; Dan. 1:8.
6, 7. Bonisa indlela isifundo somuntu siqu esingasisiza ngayo ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile.
6 Enye indlela esingalungisa ngayo inhliziyo yethu iwukutadisha ngenkuthalo imiBhalo nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ake uzibone ukulesi simo esilandelayo. Usuku lwesifundo sakho somuntu siqu sakusihlwa. Usanda kuthandazela umoya kaJehova ukuba ukusize usebenzise lokho ozokufunda eZwini lakhe. Uhlele ukubuka ibhayisikobho ethile kuyi-TV ngakusasa kusihlwa. Uzwile ukuthi ikhulunyelwa kahle; kodwa uyazi nokuthi inokuziphatha okubi nobudlova obuthile.
7 Uyazindla ngeseluleko sikaPawulu esikweyabase-Efesu 5:3: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele.” Ukhumbula neseluleko sikaPawulu esikweyabaseFilipi 4:8. (Funda.) Njengoba uzindla ngalesi seluleko esiphefumulelwe, uyazibuza, ‘Uma ngichaya ngamabomu inhliziyo nengqondo yami ezinhlelweni ezinjalo, ingabe ngilingisa isibonelo sikaJesu sokulalela uNkulunkulu ngokuphelele?’ Uzokwenzenjani? Ingabe usazoyibuka?
8. Kungani kumelwe silondoloze izindinganiso eziphakeme zokuziphatha nezingokomoya?
8 Kungaba iphutha ukuyekethisa izindinganiso zethu zokuziphatha nezingokomoya, mhlawumbe sicabanga ukuthi siqine ngokwanele ukuba simelane nemiphumela yokuzihlanganisa nababi, okuhlanganisa izinhlobo zokuzijabulisa ezinobudlova nokuziphatha okubi. Kunalokho, kumelwe sizivikele thina nabantwana bethu emathonyeni onakalisayo omoya kaSathane. Abantu abanama-computer bayazikhandla ukuze bawavikele ukuba angonakaliswa amagciwane (virus) angalimaza ukwaziswa okukuwo, aphazamise nokusebenza kwawo noma aze awonakalise ngokuphelele futhi awadlulisele kwamanye ama-computer. Akufanele yini siqaphe ngokwengeziwe ukuze sizivikele ‘emaqhingeni’ kaSathane?—Efe. 6:11.
9. Kungani kumelwe sizimisele ukulalela uJehova nsuku zonke?
9 Cishe nsuku zonke, ngandlela-thile kumelwe sikhethe ukuthi sizokwenza izinto ngendlela kaJehova yini noma cha. Ukuze sisindiswe, kumelwe silalele uNkulunkulu futhi siphile ngezimiso zakhe ezilungile. Ngokulingisa isibonelo sikaKristu sokulalela ‘kuze kube sekufeni,’ sibonisa ukuthi sinokholo lweqiniso. UJehova uyosivuza ngenkambo yethu yokwethembeka. UJesu wathembisa: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Math. 24:13) Kusobala ukuthi lokhu kudinga isibindi sangempela esinjengesikaJesu.—IHu. 31:24.
UJesu—Isibonelo Esivelele Sesibindi
10. Iziphi izingcindezi esingase sibhekane nazo, futhi kufanele sisabele kanjani?
10 Kudingeka sibe nesibindi ukuze simelane nezimo zengqondo nokuziphatha okubi kwaleli zwe elisizungezile. AmaKristu abhekana nezingcindezi zokuziphatha, zezenhlalo, ezomnotho nezenkolo ezingawenza achezuke ezindleleni zikaJehova zokulunga. Amaningi abhekana nokuphikiswa ekhaya. Kwamanye amazwe, izikhungo zemfundo ephakeme seziwukhuthaza kakhulu umbono wokuziphendukela kwemvelo futhi ukungakholelwa kuNkulunkulu sekuyanda. Ngenxa yalezi zingcindezi, asinakumane nje sisonge izandla. Kumelwe sithathe isinyathelo ukuze simelane nazo futhi sizivikele. Isibonelo sikaJesu sisibonisa indlela esingakwenza ngayo lokhu.
11. Ukuzindla ngesibonelo sikaJesu kungasinika kanjani isibindi esengeziwe?
11 UJesu watshela abafundi bakhe: “Ezweni nilusizi, kodwa yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Joh. 16:33) Akazange athonywe izwe. Akavumelanga izwe ukuba limyekise ukushumayela noma limenze ehlise izindinganiso zakhe zokukhulekela kweqiniso nokuziphatha okuhle; nathi akufanele silivumele. Lapho ethandaza, uJesu wathi ngabafundi bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Joh. 17:16) Ukutadisha nokuzindla ngesibonelo sikaKristu sesibindi kungasinika isibindi esisidingayo ukuze sihlale sihlukile ezweni.
Funda Ukuba Nesibindi KuJesu
12-14. Yisho izindlela uJesu abonisa ngazo isibindi.
12 UJesu wabonisa isibindi esikhulu phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. Esebenzisa igunya lakhe njengeNdodana kaNkulunkulu, ngesibindi “wangena ethempelini waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba.” (Math. 21:12) Lapho amasosha ezombopha ngobusuku bakhe bokugcina emhlabeni, ngesibindi waphumela obala ukuze avikele abafundi bakhe ethi: “Uma nifuna mina, bayekeni laba bahambe.” (Joh. 18:8) Ngokushesha ngemva kwalokhu, watshela uPetru ukuba abuyisele inkemba yakhe endaweni yayo, kanjalo ebonisa ukuthi wayethembele kuJehova, hhayi ezikhalini zabantu.—Joh. 18:11.
13 UJesu wakudalula ngesibindi ukungabi naluthando kwabafundisi bamanga bosuku lwakhe nezimfundiso zabo ezingamanga. Wathi kubo: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nivalela abantu umbuso wamazulu. . . . Anizinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka. . . . Nihlanza ingaphandle lendebe nelesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nokweqisa.” (Math. 23:13, 23, 25) Abafundi bakaJesu babeyodinga isibindi esifanayo ngoba abaholi benkolo yamanga babeyobashushisa futhi babulale abanye babo.—Math. 23:34; 24:9.
14 UJesu wamelana ngesibindi ngisho nanamademoni. Ngesinye isikhathi, wahlangana nendoda enamademoni eyayinamandla kangangokuba akekho owayenamandla okuyibopha ngamaketanga. UJesu akazange ethuke, kodwa wawakhipha lawo mademoni amaningi ayekule ndoda. (Marku 5:1-13) Namuhla, uNkulunkulu akawanikezanga amaKristu amandla okwenza izimangaliso ezinjalo. Noma kunjalo, lapho sishumayela futhi sifundisa, nathi kumelwe silwe impi engokomoya noSathane, ‘ophuphuthekise izingqondo zabangakholwa.’ (2 Kor. 4:4) Njengasendabeni kaJesu, izikhali zethu “azizona ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile”—izimfundiso zenkolo ezijulile kodwa eziyiphutha. (2 Kor. 10:4) Sifunda okuningi esibonelweni sikaJesu ngendlela yokusebenzisa lezi zikhali ezingokomoya.
15. Isibindi sikaJesu sasisekelwephi?
15 Isibindi sikaJesu sasisekelwe okholweni, hhayi ekuzenzeni iqhawe. Nesethu kumelwe sibe njalo. (Marku 4:40) Singaba kanjani nokholo lwangempela? Nalapha futhi, isibonelo sikaJesu siyasisiza. Wayenolwazi oluhle lwemiBhalo futhi wayethembele kuyo ngokuphelele. Isikhali sikaJesu, kwakungeyona inkemba engokoqobo, kodwa kwakuyinkemba yomoya, iZwi likaNkulunkulu. Ngokuphindaphindiwe, wasekela ayekufundisa ngokubhekisela emiBhalweni. Lapho ekhuluma, ngokuvamile wayeqala ngokuthi: “Kulotshiwe,” okungukuthi eZwini likaNkulunkulu.a
16. Singaba kanjani nokholo olwengeziwe?
16 Ukuze sakhe ukholo olungamelana nezilingo ezihambisana nokuba umfundi kaJesu, kumelwe sifunde futhi sitadishe iBhayibheli nsuku zonke futhi sibe khona emihlanganweni yobuKristu, sifake ezingqondweni zethu amaqiniso ayisisekelo sokholo. (Roma 10:17) Kumelwe futhi sizindle—sicabange ngokujulile—ngalokho esikufundayo, sikuvumele kungene kujule ezinhliziyweni zethu. Ukholo oluphilayo kuphela olungasishukumisela ukuba sibonise isibindi. (Jak. 2:17) Kumelwe sithandazele umoya ongcwele ngoba ukholo luyingxenye yezithelo zomoya.—Gal. 5:22.
17, 18. Udade othile wasibonisa kanjani isibindi esikoleni?
17 Udade othile okuthiwa uKitty wabona ukuthi ukholo lwangempela lunikeza kanjani isibindi. Kusukela esemncane, wayazi ukuthi akufanele abe “namahloni ngezindaba ezinhle” esikoleni, futhi wayefuna ngempela ukunikeza ubufakazi obuhle kwayefunda nabo. (Roma 1:16) Unyaka ngamunye, wayenquma ukutshela abanye ngezindaba ezinhle, kodwa wayehluleka ngenxa yokwesaba. Lapho esecela eminyakeni engamashumi amabili, waya kwesinye isikole. Wathi, “Kulokhu, sengizoshumayela ngenzele ngisho namathuba engawayeka.” UKitty wathandazela isibindi esinjengesikaKristu, ukuhlakanipha kanye nethuba elifanele.
18 Ngosuku lokuqala esikoleni, umfundi ngamunye wacelwa ukuba azethule. Abaningana basho ukuthi basontaphi, kodwa banezela nokuthi abayi njalo esontweni. UKitty wabona ukuthi leli yilona thuba abelithandazele. Lapho kufika isikhathi sokuba azethule, ngesibindi wathi, “Ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngiqondiswa iBhayibheli ezindabeni ezingokomoya nezokuziphatha.” Njengoba ayeqhubeka, abanye babafundi babembhuqa. Kodwa abanye bamlalela futhi kamuva bambuza imibuzo. Uthisha waze wathi uKitty uyisibonelo esihle somuntu omelela izinkolelo zakhe. UKitty ujabula kakhulu ngokuthi wafunda esibonelweni sikaJesu sesibindi.
Bonisa Ukholo Nesibindi EsinjengesikaKristu
19. (a) Kuhilelani ukuba nokholo lwangempela? (b) Singamjabulisa kanjani uJehova?
19 Abaphostoli nabo babona ukuthi izenzo zabo zesibindi kumelwe zisekelwe okholweni. Banxusa uJesu: “Siphe ukholo olwengeziwe.” (Funda uLuka 17:5, 6.) Ukuba nokholo lwangempela kusho okungaphezu nje kokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kuhilela ukuhlakulela ubuhlobo obujulile noJehova nokumethemba, njengobuhlobo umntwana anabo noyise onomusa nonothando. Ephefumulelwe, uSolomoni wabhala: “Ndodana yami, uma inhliziyo yakho iye yahlakanipha, inhliziyo yami iyojabula, yebo eyami. Futhi izinso zami ziyokwethaba lapho izindebe zakho zikhuluma ubuqotho.” (IzAga 23:15, 16) Ngendlela efanayo, ukuzimelela ngesibindi izimiso ezilungileyo kuyomjabulisa uJehova, futhi ukwazi lokho kusenza sibe nesibindi esengeziwe. Ngakho-ke, ngaso sonke isikhathi masilingise isibonelo sikaJesu, sikumelele ngesibindi ukulunga!
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka uMathewu 4:4, 7, 10; 11:10; 21:13; 26:31; Marku 9:13; 14:27; Luka 24:46; Johane 6:45; 8:17.
Ungachaza?
• Yini eyosenza ukuba sihlale silalela nakuba singaphelele?
• Lusekelwephi ukholo lwangempela, futhi lokhu kungasisiza kanjani ukuba sibe nesibindi?
• Yini eyoba umphumela wokulalela nokubonisa isibindi esinjengesikaKristu?
[Isithombe ekhasini 13]]
Ingabe ‘ulungisa inhliziyo’ yakho ukuze umelane nezilingo?
[Isithombe ekhasini 15]]
NjengoJesu, singabonisa isibindi esisekelwe okholweni