Qaphela Ungakhohliswa
UMBHALI wezincwadi waseSpain wangekhulu le-16, uMiguel de Cervantes, wabhala incwadi enomlingiswa ogama lakhe linguDon Quixote. Kuleyo ncwadi, uDon Quixote wayehlala ecabanga ngezinganekwane ezikhuluma ngamaqhawe anamandla ayevikela futhi asize abesifazane abasenkingeni. Kungakabiphi, waqala ukukholelwa ukuthi naye uyilelo qhawe elinomusa. Kwesinye isiqephu esidumile, walwa nezigayo zamanzi (windmills) ecabanga ukuthi zingamadoda ayizigwebedla ayingozi. Eqiniseka ukuthi usebenzela uNkulunkulu ngokubulala lezi zigwebedla, wagcina ehlekwa yizwe lonke.
Yiqiniso, uDon Quixote akayena umuntu ongokoqobo, umane nje ungumlingiswa owaqanjwa, kodwa ukukhohliseka akuyona neze indaba ehlekisayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomuntu ohlulwa utshwala kodwa ozikhohlisa ngokuthi akanayo inkinga, kuyilapho ezibulala futhi elimaza umndeni wakhe. Noma cabanga ngomuntu onesifo sokungafuni ukudla, phecelezi i-anorexia. Lo muntu ucabanga ukuthi wondlekile emzimbeni futhi unempilo, kodwa empeleni ukuzilambisa kungagcina kumbulele.
Ingabe singawela ogibeni lokukhohliswa? Okudabukisayo ukuthi impendulo yalo mbuzo inguyebo. Eqinisweni, sonke singangena kule ngozi. Lokhu kuhlanganisa nokukhohliswa ngezinkolelo ezingokwenkolo esizikhonzile—okungaholela engozini enkulu. Kungani kunjalo? Ungazivikela kanjani ekukhohlisweni?
Izingozi Zokukhohliswa
Esinye isichazamazwi sithi ukukhohliswa kusho ukwenziwa ukuba ukholelwe entweni engamanga. Kusho nokufundisa imfundiso noma inkolelo engamanga eyenza abantu bazithele ngabandayo, badideke noma baphelelwe yithemba. Ngokuyisisekelo, leli gama namanye afana nalo, lisho ukuholela umuntu ophathe ngokumkhohlisa. Ngokuqinisekile, umuntu ongazi ukuthi uzithele ngabandayo, ukuthi udidekile nokuthi akanathemba ngenxa yokwaziswa okungelona iqiniso akunikwa, usengozini enkulu.
Okubuhlungu ngempela ngaleli qiniso ukuthi umuntu odukiswayo noma okhohliswayo uvame ukubambelela enkolelweni yakhe naphezu kobufakazi obunamandla obubonisa ukuthi ayilona iqiniso. Kungenzeka uye ayithande kakhulu futhi angafuni kuzwa lutho nganoma yibuphi ubufakazi obuyiphikisayo.
Ingabe Sisengozini?
Ungase uzibuze: ‘Asenzi yini ihaba uma sithi sonke sisengozini yokudukiswa yizinkolelo zethu ezingokwenkolo?’ Cha. Lokhu kungenxa yokuthi uSathane uDeveli, uJesu ambiza ngokuthi ‘unguyise wamanga,’ uzimisele ukusidukisa nokusikhohlisa. (Johane 8:44) IBhayibheli limchaza nangokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” Phakathi nawo wonke umlando, uye “waphuphuthekisa izingqondo” zezigidi zabantu. (2 Korinte 4:4) Ngisho namanje ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 12:9.
USathane waqala ukudukisa abantu ekuqaleni komlando. Ngokwesibonelo, waphamba u-Eva wamenza ukuba akholelwe ukuthi sasingekho isidingo sokulalela imithetho yoMdali wakhe nokuthi ‘wayengaba njengoNkulunkulu, azi okuhle nokubi,’ okusho ukuthi, wamkhohlisa ukuba akholelwe ukuthi angazinqumela phakathi kokuhle nokubi. (Genesise 3:1-5) Leyo kwaba yinkohlisho yokuqala embi kakhulu ngoba nakuba abantu benenkululelo yokuzikhethela, lokho akusho ukuthi banekhono lokuzinqumela okulungile nokungalungile. NguNkulunkulu kuphela, njengoMdali noMbusi, onalelo lungelo negunya. (Jeremiya 10:23; IsAmbulo 4:11) Yeka ukuthi umuntu usuke eduke kanjani uma ekholelwa ukuthi ilungelo lokukhetha phakathi kokulungile nokungalungile lisho ilungelo lokunquma ukuthi yini elungile nengalungile! Ngokudabukisayo, njengabantu abangaphelele, asive siwela kalula kulesi sicupho.
Ingabe Kungenzeka Kuwe?
Kungenzeka ukuthi izinkolelo zakho ezingokwenkolo sekungamakhulu ngamakhulu eminyaka zikhona, futhi kungenzeka ukuthi ziningi izizukulwane esezikholelwe kuzo. Nokho, lokho akusho ngempela ukuthi ziyiqiniso. Kungani kunjalo? Ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi ngokushesha nje ngemva kokufa kwabaphostoli bakaKristu, kwavela amadoda akhohlisayo ebandleni lobuKristu futhi afundisa “izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:29, 30) Ngobuchule obukhulu, aphambukisa abantu “ngezinkulumo ezithonyayo” futhi abadukisa “ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu.”—Kolose 2:4, 8.
Akunjalo yini nanamuhla? Kunjalo, futhi isimo sibi nakakhulu ngoba umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi izinto zaziyoba zimbi ngokwengeziwe “ezinsukwini zokugcina,” isikhathi esiphila kuso manje. Wabhala: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:1, 13.
Ngakho, kuwukuhlakanipha ukusilalelisisa lesi sixwayiso sikamphostoli uPawulu: “Ngenxa yalokho, lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.” (1 Korinte 10:12) Yiqiniso, uPawulu wayekhuluma ngobuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Empeleni, kuwukuduka okukhulu nakho nje ukucabanga ukuthi uSathane akanakusikhohlisa. Akekho noyedwa ongathi ugomekile ‘emaqhingeni kaSathane.’ (Efesu 6:11) Yingakho lo mphostoli ayewesabela amaKristu ayekanye nawo ukuthi “ngandlela-thile, njengoba inyoka yayenga u-Eva ngobuqili bayo, izingqondo [zawo] zingase zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.”—2 Korinte 11:3.
Ungahlala Kanjani Uqaphile Ukuze Ungakhohliswa?
Ungazivikela kanjani-ke ekukhohlisweni uSathane? Ungaqinisekisa kanjani ukuthi ‘ukhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso’? (Johane 4:24) Sebenzisa lokho okunikwe uJehova uNkulunkulu. Okokuqala, uye wakunika amandla engqondo ukuze ukwazi ukubona iqiniso namanga. (1 Johane 5:20) Ukusizile nokuba ukwazi ukubona amaqhinga kaSathane. (2 Korinte 2:11) Empeleni, ukuhlomise ngakho konke okudingayo ukuze umelane nemizamo kaSathane yokukudukisa.—IzAga 3:1-6; Efesu 6:10-18.
Okubaluleke kunakho konke ukuthi uNkulunkulu ukunike izindlela ezingageji ongazivikela ngazo. Yiziphi lezo zindlela? Yona kanye lena umphostoli uPawulu akhuthaza umngane wakhe uThimothewu ukuba ancike kuyo endabeni yenkolo. Ngemva kokuxwayisa ‘ngabantu ababi nabakhohlisi,’ watshela uThimothewu ukuba amelane nabo ngokusekela konke ayekukholelwa ‘emibhalweni engcwele’—okungukuthi, eZwini likaNkulunkulu elingcwele, iBhayibheli.—2 Thimothewu 3:15.
Yiqiniso, abanye bangase bathi wonke umuntu okholelwa kuNkulunkulu nobheka iBhayibheli njengeZwi laKhe eliphefumulelwe udukile. Nokho, abantu abadukile empeleni yilabo ababa nenkani futhi babushaye indiva ubufakazi bokuthi uMdali ukhona nokuthi ngempela iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.a—Roma 1:18-25; 2 Thimothewu 3:16, 17; 2 Petru 1:19-21.
Kunokuvumela ukudukiswa yilokho “okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi,’” sebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze uthole iqiniso okuyilonalona. (1 Thimothewu 6:20, 21) Yiba njengabesilisa nabesifazane baseBhereya ababenengqondo enhle abashunyayezwa umphostoli uPawulu. ‘Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu.’ Abagcinanga nje ngokukholelwa ngobuqotho izinto abazifundiswa umphostoli uPawulu, kodwa futhi ‘bahlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.’—IzEnzo 17:11.
Asikho isidingo sokwesaba uma uzozihlola ngale ndlela izinkolelo zakho. Empeleni, iBhayibheli likukhuthaza ukuba ‘uqiniseke ngazo zonke izinto’ ngaphambi kokuzamukela njengeziyiqiniso. (1 Thesalonika 5:21) Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., umphostoli uJohane wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa zivivinyeni izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.” (1 Johane 4:1) Yebo, nakuba imfundiso ethile engokwenkolo ingase ibonakale sengathi “iphefumulelwe”—noma ivela kuNkulunkulu—kuwukuhlakanipha ukuhlola imiBhalo ukuze uqiniseke ngaphambi kokuyamukela njengeyiqiniso.—Johane 8:31, 32.
Yenza Okufundayo
Nokho, kunokwengeziwe okufanele ukwenze. Umfundi uJakobe wabhala: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.” (Jakobe 1:22) Akwanele ukwazi lokho okufundiswa iBhayibheli. Kumelwe ukwenze. Kanjani? Ngokwenza lokho uNkulunkulu akuyala ukuba ukwenze nokungazenzi izinto akwenqabela zona.
Ngokwesibonelo, bheka indlela isimilo esixega ngayo kubantu. Lokho akukubonisi yini ukuthi uSathane uye waphumelela ekubakhohliseni ukuba bacabange ukuthi bangayishaya indiva imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha kodwa bangalimali? Yingakho umphostoli uPawulu anikeza amaKristu lesi sixwayiso esingagudli guma: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.
Ungafani “nendoda eyisiwula” uJesu athi igcina ‘ngokuzwa’ amazwi akhe kodwa ‘ingawenzi.’ Leyo ndoda yenza njengoDon Quixote owakhohliswa ingqondo yakhe ephuphayo. Yakhohliseka ngoba yacabanga ukuthi ingakha indlu eqinile esisekelweni esintengantengayo. Kunalokho, kufanele ufane nendoda “eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” UJesu wathi ‘ihlakaniphile’ ngoba izwa amazwi akhe ‘iwenze.’—Mathewu 7:24-27.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole iminingwane eyengeziwe, bheka incwadi yesiNgisi ethi Is There a Creator Who Cares About You? neyesiZulu ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12, 13]
Ingabe Izinto Uzibheka Njengoba Zinjalo?
Ngawo-1930, umdwebi waseSweden, u-Oscar Reutersvärd, wadweba imidwebo eyaduma umhlaba wonke. Omunye waleyo midwebo uboniswe ngakwesobunxele. Uma ungawubhekisisi, ungase ucabange ukuthi ume ngendlela ethile. Nokho, uma uwuhlolisisa uyabona ukuthi umdwebi wawudweba ngendlela yokuba ukhohliseke, iso lakho libone okunye esikhundleni salokho okufanele likubone.
Zikhona nezinye izinto ezikhohlisayo, ngaphandle nje kwaleyo midwebo ephamba iso. Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, iBhayibheli laxwayisa: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.”—Kolose 2:8.
Okwenza lesi sixwayiso sibe nesisindo ngempela ukuthi umbhali waso wake waba yisisulu sokukhohliswa. Njengoba ayefundiswe omunye wabafundisi bomthetho abanedumela elihle kakhulu futhi azi abantu abakhulu, ayebonakala emancane amathuba okukhohliseka.—IzEnzo 22:3.
Le ndoda—uSawulu waseTarsu—yakhohliswa ukuba ikholelwe ukuthi umuntu ongahambisani namasiko nemikhuba yenkolo yakhe kufanele abulawe. Abaholi benkolo bamaJuda bamenza ukuba akubheke njengomsebenzi awunikwe uNkulunkulu ukushushisa noma ubani owenqaba ukuyeka inkolo yobuKristu. Waze wasekela nokuba kubulawe kungafanele indoda ethile eyalahlwa ngecala lokuhlambalaza.—IzEnzo 22:4, 5, 20.
Ngokuhamba kwesikhathi, uSawulu wasizwa ukuba abone umahluko phakathi kokulungile nokungalungile, lokho uNkulunkulu akwamukelayo nangakwamukeli. Lapho ibona ukuthi isephutheni, le ndoda eshisekayo yashintsha izindlela zayo, kamuva yaba umphostoli kaJesu Kristu, futhi yabizwa ngokuthi uPawulu. Ayizange isaba isisulu sokukhohliswa, kunalokho yathola indlela yeqiniso yokukhulekela.—IzEnzo 22:6-16; Roma 1:1.
NjengoPawulu, kunabantu abaningi abaqotho abadukiswa yizimfundiso ezingase zifane naleya mifanekiso ephamba iso—izinkolelo ezibonakala zizinhle kodwa ezingasekelwe eZwini likaNkulunkulu. (IzAga 14:12; Roma 10:2, 3) Nokho, basizwa ukuba babone amaqiniso ngezinkolelo nezithelo zenkolo yabo. (Mathewu 7:15-20) Njengoba base bethola ulwazi olunembile lweBhayibheli, bazishintsha izinkolelo zabo nendlela abaphila ngayo ukuze bamukelwe uNkulunkulu.
Ungathanda yini ukulingisa isibonelo sikamphostoli uPawulu futhi uhlole izinkolelo zakho usebenzisa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli? OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukusiza.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Engravings by Doré