Ingabe Ukukhuluma Ngezilimi Kuvela KuNkulunkulu?
UDEVON uthi: “Kukhona okungixakayo. Njalo lapho ngisesontweni abantu abaningi bathola umoya ongcwele futhi bakhulume ngokuyisimangaliso ngezinye izilimi. Abanye babo abaziphathi kahle. Mina ngiyazama ukuphila ukuphila okuhlanzekile, kodwa angikaze ngiwuthole umoya ongcwele ngisho noma ngingawuthandazela kangakanani. Kwenziwa yini lokho?”
UGabriel ukhala ngokufanayo; naye usonta nabantu okubonakala bethola umoya ongcwele futhi bakhulume ngezinye izilimi. Uyachaza: “Into engingayithandi ukuthi phakathi nemithandazo yami, abanye bayangiphazamisa ngokuthandazela phezulu bekhuluma izinto engingaziqondi nabo abangaziqondi. Akekho ngempela ozuzayo kulokho. Akufanele yini isipho somoya kaNkulunkulu sifeze okuthile okuwusizo?”
Lokhu kulandisa kukaDevon noGabriel kuphakamisa umbuzo othakazelisayo, Ingabe ukukhuluma ngezilimi okwenziwa kwamanye amasonto namuhla kuvela kuNkulunkulu ngempela? Ukuze siphendule lo mbuzo, kuzosisiza ukuhlola isipho sokukhuluma ngezilimi ngokuyisimangaliso phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala.
“Baqala Ukukhuluma Ngezinye Izilimi”
EBhayibhelini sifunda ngabesilisa nabesifazane abanikwa amandla okukhuluma ngezilimi ababengakaze bazifunde. Lokhu kwenzeka okokuqala ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., emasontweni ambalwa ngemva kokufa kukaJesu Kristu. Ngalolo suku eJerusalema, abafundi bakaJesu abangaba ngu-120 “bagcwala umoya ongcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi.” Izivakashi zakwamanye amazwe ‘zazididekile, ngoba ngamunye wayezwa ekhuluma ngolimi lwakhe.’—IzEnzo 1:15; 2:1-6.
IBhayibheli likhuluma nangabanye abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala ababenaleli khono elimangalisayo. Ngokwesibonelo, ngosizo lwamandla omoya ongcwele, umphostoli uPawulu wakwazi ukukhuluma ngokuyisimangaliso izilimi eziningana. (IzEnzo 19:6; 1 Korinte 12:10, 28; 14:18) Kodwa isipho somoya ongcwele kaNkulunkulu esifana nalesi kumelwe ukuba sasinenjongo enhle. Yini-ke eyayifezwa ukukhuluma ngezilimi ngezikhathi zeBhayibheli?
Uphawu Lokusekelwa UNkulunkulu
Lapho ebhalela amaKristu emzini waseKorinte, amanye okusobala ukuthi ayekhuluma ngezilimi, uPawulu wachaza ukuthi “izilimi zingezokunikeza isibonakaliso . . . kwabangewona amakholwa.” (1 Korinte 14:22) Ngakho, phakathi kwamanye amakhono ayisimangaliso, amandla okukhuluma ngezilimi ayebonisa ababukele ukuthi ibandla lobuKristu elalisanda kumiswa lalamukelwa futhi lisekelwa uNkulunkulu. Izipho eziyisimangaliso zazifana nophawu lomgwaqo olusiza labo abafuna iqiniso ukuba bathole abakhethiweyo bakaNkulunkulu.
Kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli alisho ukuthi uJesu noma abaprofethi bangaphambi kwenkathi yobuKristu bakhuluma ngokuyisimangaliso izilimi ababengakaze bazifunde. Ngakho, kusobala ukuthi isipho sokukhuluma ngezilimi esanikwa abafundi bakaJesu sasinenye injongo.
Ithuluzi Lokusakaza Izindaba Ezinhle
Ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu watshela abafundi bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kumaJuda kuphela. (Mathewu 10:6; 15:24) Ngenxa yalokho, abafundi babengavamile ukuya ezindaweni ezingenawo amaJuda amaningi. Kodwa lokho kwakuzoshintsha.
Ngemva nje kokufa kwakhe ngo-33 C.E., uJesu ovusiwe wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ Wabatshela nokuthi bayoba ofakazi bakhe “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (Mathewu 28:19; IzEnzo 1:8) Ukuze basakaze izindaba ezinhle ezindaweni ezikude zomhlaba kwakuyodingeka bangagcini nje ngokukhuluma isiHebheru, kodwa bakhulume nezinye izilimi eziningi.
Nokho, abafundi bokuqala abaningi babengabantu “abangafundile nabavamile.” (IzEnzo 4:13) Babeyokwazi kanjani ukushumayela emazweni akude lapho kwakukhulunywa khona izilimi okungenzeka ukuthi babengakaze bazizwe, ingasaphathwa eyokuzifunda? Umoya ongcwele wanika abanye balabo bashumayeli abashisekayo ikhono eliyisimangaliso lokushumayela ngokushelelayo ngezilimi ababengakaze bazifunde.
Ngakho-ke, isipho sokukhuluma ngezilimi safeza izinjongo ezimbili ezibalulekile. Okokuqala, saba uphawu nobufakazi bokusekelwa uNkulunkulu. Okwesibili, saba ithuluzi elisebenzayo elasiza amaKristu ekhulu lokuqala ukuba afeze umsebenzi wokushumayeza abantu bezilimi eziningi. Ingabe ukukhuluma ngezilimi okwenziwa emasontweni amaningi namuhla kuyazifeza lezi zinjongo?
Ukukhuluma Ngezilimi Namuhla—Ingabe Kuwuphawu Lokusekelwa UNkulunkulu?
Ungalubekaphi uphawu ofuna luzuzise abantu abaningi emphakathini wakini? Ingabe ungalubeka esakhiweni esithile esincane? Cha. Ukulandisa kosuku lwePhentekoste kuthi ‘uquqaba’ lwabantu ababezidlulela babona uphawu lwabafundi lokukhuluma ngezilimi ngokuyisimangaliso. Umphumela walokho waba ukuthi ngalolo suku “kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe yizinkulungwane ezintathu” ebandleni lobuKristu! (IzEnzo 2:5, 6, 41) Uma abantu namuhla bethi bakhuluma ngezilimi kodwa lokho bakwenze ngaphakathi ezakhiweni zamasonto, lokho kungaba kanjani uphawu oquqabeni olungakholwa?
IZwi likaNkulunkulu lithi ukuphinga neminye “imisebenzi yenyama” kuvimbela ukusebenza komoya ongcwele, futhi lithi “labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:17-21) Uma ubona abantu abaziphatha ngendlela engabazisayo bekhuluma ngezilimi, ungabuza kufanele, ‘Akuxaki yini—kudukise ngisho nokudukisa—ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu unikwa abantu abaqhubeka beziphatha ngendlela engqubuzana neZwi likaNkulunkulu?’ Lokho kufana nokufaka uphawu lomgwaqo olunganembile oluzodukisa abashayeli.
Ukukhuluma Ngezilimi Namuhla—Ingabe Kuyithuluzi Lokusakaza Izindaba Ezinhle?
Kuthiwani ngenye injongo yesipho sokukhuluma ngezilimi ngekhulu lokuqala? Ingabe ukukhuluma ngezilimi okwenziwa emasontweni namuhla kuyithuluzi lokusakaza izindaba ezinhle kubantu abakhuluma ezinye izilimi? Khumbula ukuthi abantu ababebukele eJerusalema ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E. babevela ezindaweni eziningi, futhi babezazi kahle izilimi ezazikhulunywa abafundi ngokuyisimangaliso. Nokho, labo abakhuluma izilimi namuhla bavame ukukhuluma izinto ezingaqondakali.
Ngokusobala, isipho somoya ongcwele esanikwa abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala sihluke kakhulu ekukhulumeni ngezilimi okwenzeka namuhla. Eqinisweni, akukho ukulandisa okuthembekile kothile owathola lawo mandla ayisimangaliso ngemva kokufa kwabaphostoli. Lokhu akubamangazi abafundi beBhayibheli. Ngokuqondene nezipho eziyisimangaliso, kuhlanganise nokukhuluma ngezilimi, umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba aprofethe: “Ziyokhawuka.” (1 Korinte 13:8) Babonakala kanjani-ke abantu abanomoya ongcwele namuhla?
Obani Abanikeza Ubufakazi Bokuba Nomoya Ongcwele?
UJesu wayazi kahle ukuthi isipho sokukhuluma ngezilimi sasiyophela ngokushesha nje ngemva kokwakhiwa kwebandla lobuKristu. Ngaphambi kokuba afe, wakhuluma ngophawu abalandeli bakhe beqiniso ababeyobonakala ngalo ngaso sonke isikhathi. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Eqinisweni, ivesi elibikezela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi izipho eziyisimangaliso ziyokhawuka, liqala ngokuthi: “Uthando alusoze lwaphela.”—1 Korinte 13:8.
‘Ezithelweni’ zomoya ongcwele ezingu-9 ezikhiqizwa umoya ongcwele kaNkulunkulu, uthando lubalwa kuqala. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho, labo abanomoya kaNkulunkulu ngempela—futhi abasekelwa nguye—babonisana uthando lwangempela. Ngaphezu kwalokho, isici sesithathu sezithelo zomoya ukuthula. Ngakho, abantu abanomoya ongcwele namuhla banokuthula futhi abathonywa ubandlululo nobudlova.
Khumbula nesiprofetho sikaJesu esilotshwe kuzEnzo 1:8. Wabikezela ukuthi abafundi bakhe babeyothola amandla okuba ofakazi bakhe “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” Wabonisa nokuthi lo msebenzi wawuyoqhubeka “kuze kube sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:20, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngakho, lo msebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke wawuyoqhubeka uwuphawu lwalabo abanomoya ongcwele ngempela.
Uyini umbono wakho? Yiliphi iqembu labantu namuhla obona kulo ubufakazi bomoya ongcwele? Obani ababonisa izithelo zomoya, ikakhulu uthando nokuthula, baze ngisho bahlushwe ohulumeni ngenxa yokwenqaba ukuya empini? (Isaya 2:4) Obani abazama ukugwema imisebenzi yenyama, enjengobufebe, baze ngisho basuse abayenzayo phakathi kwabo? (1 Korinte 5:11-13) Obani abashumayela emhlabeni wonke izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyithemba labantu?—Mathewu 24:14.
Abanyathelisi balo magazini abanqikazi ukuthi oFakazi BakaJehova yibona abafanelwa yincazelo yeBhayibheli yabantu abanomoya ongcwele. Sisikisela ukuba ubazi kangcono bese uzinqumela wena ukuthi ingabe basekelwa uNkulunkulu ngempela yini.