Ukuphila Okunenjongo—UJesu Usibonisa Indlela Yokukuthola
“Hambani njengoba nje uJesu ahamba.”—1 Johane 2:6, i-NET Bible.
NJENGOBA sixoxile esihlokweni esandulele, uJesu waphila ukuphila okunenjongo. Ngakho uma sifuna ukwenza ukuphila kwethu kube nenjongo, senza kahle ngokulingisa isibonelo sakhe, silalele nezeluleko zakhe.
Eqinisweni, uJehova usinxusa ukuba senze lokho kanye njengoba ivesi elingenhla libonisa. Ukuhamba njengoba uJesu ahamba kuhilela ukuba silingise isibonelo sakhe futhi silalele izimfundiso zakhe kukho konke ukuphila kwethu. Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba samukelwe uNkulunkulu futhi ukuphila kwethu kube nenjongo.
UJesu wafundisa nangezimiso ezingasisiza ukuba sihambe njengoba ahamba. Ezinye sizithola eNtshumayelweni yakhe Yasentabeni edumile. Ake sihlole ezimbalwa sibone indlela esingazisebenzisa ngayo ekuphileni kwethu.
ISIMISO: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
INDLELA LESI SIMISO ESENZA NGAYO UKUPHILA KUBE NENJONGO:
UJesu wathi abantu banesidingo abazalwa naso sokwazi uNkulunkulu. Silangazelela ukuthola izimpendulo zemibuzo enjengale: Kungani silapha? Kungani kunokuhlupheka okungaka emhlabeni? Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Kudingeka sithola izimpendulo zale mibuzo ukuze ukuphila kwethu kube nenjongo. UJesu wayazi ukuthi kunomthombo owodwa kuphela othembekile wezimpendulo zaleyo mibuzo—iZwi likaNkulunkulu. Lapho ethandaza kuYise, uJesu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Ingabe iZwi likaNkulunkulu lingasisiza ngempela ukuba sazi uNkulunkulu futhi sijabule?
INTO EYENZEKA NGOKOQOBO:
Kwase kuseduze ukuba u-Esa abe isihlabani se-rock njengoba ayengumculi ophambili eqenjini elaziwayo lomculo. Noma kunjalo, wayezwa ukuthi kukhona okushodayo. Uthi: “Nakuba ngangikujabulela ukuba kuleli qembu, ngangilangazelela ukuba nenjongo enkudlwana ekuphileni.” Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, u-Esa wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova. Uthi: “Ngamhloma ngemibuzo futhi izimpendulo zakhe ezinengqondo nezisekelwe eBhayibhelini zangenza ngafisa ukwazi okwengeziwe. Ngakho ngavuma ukufunda iBhayibheli naye.” Lokho u-Esa akufunda eBhayibhelini kwamthinta inhliziyo futhi kwamshukumisela ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova. Uthi: “Esikhathini esidlule, ngangihlale ngisezinkingeni nasezinsizini. Manje ukuphila kwami sekunenjongo ngempela.”a
ISIMISO: “Bayajabula abanesihe.”—Mathewu 5:7.
INDLELA LESI SIMISO ESENZA NGAYO UKUPHILA KUBE NENJONGO:
Ukuba nesihe kusho ukubonisa abanye umusa nokubacabangela. UJesu wabonisa abaswele isihe. Eshukunyiswa isihe, wathatha isinyathelo sokuba asize abahluphekayo. (Mathewu 14:14; 20:30-34) Lapho silingisa uJesu ngokuba nesihe, senza ukuphila kwethu kube nenjongo kakhudlwana, ngoba labo ababonisa abanye isihe bayajabula. (IzEnzo 20:35) Singabonisa abanye isihe ngamazwi nangezenzo zethu zomusa, sisize labo abadinga usizo. Ingabe ukubonisa isihe kusenza sijabule ngempela?
INTO EYENZEKA NGOKOQOBO:
UMaria nomyeni wakhe uCarlos bayisibonelo sokuba nesihe. Ubaba kaMariya ungumfelwa futhi kule minyaka yamuva usehlale esembhedeni ngenxa yokugula. UMaria noCarlos bamthatha ukuze bamnakekele emzini wabo. Ngezinye izikhathi abalali, kuke kudingeke bamphuthumise esibhedlela uma sekuvuke isifo sakhe sikashukela. Bayavuma ukuthi ngezinye izikhathi bakhathala babe ingcuba. Kodwa, njengoba uJesu asho, bayajabula ngenxa yokwaneliseka okujulile okubangelwa ukwazi ukuthi banakekela ubaba kaMaria, okuyinto ayidingayo.
ISIMISO: “Bayajabula abanokuthula.”—Mathewu 5:9.
INDLELA LESI SIMISO ESENZA NGAYO UKUPHILA KUBE NENJONGO:
Ngokwezwi nezwi ukuba “nokuthula” kusho ukuba “umenzi wokuthula.” Ukuba umenzi wokuthula kukwenza kanjani ukuphila kube nenjongo ngokwengeziwe? Phakathi kokunye, siba nobudlelwane obuhle nalabo abaseduze nathi. Senza kahle ngokulalela iseluleko seBhayibheli: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) “Abantu bonke” bahlanganisa amalungu omndeni wakho nabanye okungenzeka abakholelwa izinto ozikholelwayo. Ingabe ukuba nokuthula “nabantu bonke” kungakwenza ukuphila kwethu kube nenjongo ngokwengeziwe?
INTO EYENZEKA NGOKOQOBO:
Cabanga ngalokho okwenzeka kowesifazane ogama lakhe uNair. Eminyakeni edlule uye wabhekana nokucindezeleka okukhulu okwenze kwaba nzima ngaye ukuba nokuthula, ikakhulukazi emndenini wakhe. Kusukela umyeni wakhe amshiya eminyakeni engu-15 edlule, ubelokhu ekhulisa abantwana bakhe eyedwa. Enye indodana yakhe yayidla izidakamizwa futhi ingalawuleki imsongela yena kanye namadodakazi akhe. UNair ukholelwa ukuthi lokho akufunda eBhayibhelini kuye kwamnikeza amandla okuba abe nokuthula, ngisho nasezimweni ezivivinyayo. Uyazama ukungaqagulisani nabanye futhi angalwi. Uzama ukuba nomusa, uzwela nokucabangela. (Efesu 4:31, 32) Ukholelwa ukuthi ukufunda ukuba nokuthula kuye kwamenza waba nobuhlobo obuhle kakhulu nomndeni wakhe kanye nabanye.
UKUCABANGELA IKUSASA
Uma silandela iseluleko sikaJesu esihlakaniphile, siyothola injabulo nokwaneliseka ekuphileni. Nokho, ukuze sithole ukuphila okunenjongo ngempela, kudingeka sazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Kodwa kungaba kanjani nje nenjongo ukuphila uma sonke sazi ukuthi ekugcineni sizoguga, sigule bese sifa? Phela, yilokho kanye okwenzekayo namuhla.
Noma kunjalo, kukhona izindaba ezinhle! UJehova uzobabusisa kakhulu bonke labo abazama “ukuhamba njengoba uJesu ahamba.” UJehova uthembisa ukuthi maduze uzoletha izwe elisha lokulunga, lapho abantu abathembekile bezophila ngendlela uJehova ayeyihlosile—baphile phakade futhi beyimiqemane. IZwi lakhe lithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
UMaria, oneminyaka engu-84 okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, uyajabula lapho ecabanga ngokugcwaliseka kwalawo mazwi. Wena-ke? Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ‘ngokuphila kwangempela’—okuzoba khona lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu? (1 Thimothewu 6:19) Uma kunjalo, xoxa noFakazi BakaJehova bangakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.b
a Ungayifunda yonke indaba ka-Esa esihlokweni esithi, “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila—Nganginonya”.
b Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova, iye yasiza abaningi ukuba bafunde ngezihloko ezihlukene zeBhayibheli.