Lithini IBhayibheli?
Ubani noma yini uDeveli?
UBUNGATHI uDeveli . . .
Yisidalwa somoya?
Uphawu lobubi olungaphakathi kumuntu?
Into ecatshangwa abantu?
LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI
UDeveli wakhuluma noJesu futhi ‘wamlinga.’ (Mathewu 4:1-4) Ngakho uDeveli akayona nje into ecatshangwayo noma uphawu lobubi. Uyisidalwa somoya esibi.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
Ekuqaleni uDeveli wayeyingelosi engcwele, kodwa “akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) Waba umqambimanga futhi wavukela uNkulunkulu.
Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuvukeleni.—IsAmbulo 12:9.
UDeveli wenza abantu abaningi bakholelwe ukuthi ekekho.—2 Korinte 4:4.
Ingabe uDeveli angakwazi ukulawula abantu?
ABANYE ABANTU BATHI kuwukuzikhohlisa ukukholelwa ukuthi uDeveli angakulawula, kuyilapho abanye bekusaba ukulawulwa imimoya emibi. Wena ucabangani?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) UDeveli unalo ithonya kubantu, kodwa akalawuli bonke abantu.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
UDeveli usebenzisa inkohliso ukuze adukise abaningi.—2 Korinte 11:14.
Ngezinye izikhathi imimoya emibi ingabalawula abantu.—Mathewu 12:22.
Ngosizo lukaNkulunkulu, ‘ungamelana noDeveli’ ngokuphumelelayo.—Jakobe 4:7.