UKUTHULA Ungakuthola Kanjani?
NGENXA yokuthi siphila ezweni elinezinkinga, kumelwe sisebenze kanzima ukuze sibe nokuthula. Ngisho noma sinakho ukuthula ngokwezinga elithile, ngokuvamile sikuthola kunzima ukuhlala sinakho. IZwi likaNkulunkulu lithi yini engasisiza sithole ukuthula kwangempela nokuhlala njalo? Singabasiza kanjani abanye ukuba babe nokuthula?
YINI EDINGEKAYO UKUZE SITHOLE UKUTHULA KWANGEMPELA?
Ukuze sibe nokuthula kwangempela kumelwe sizizwe sivikelekile, sizolile. Kudingeka sakhe ubuhlobo obuqinile nabanye. Okubaluleke nakakhulu ukuthi, ukuze sithole ukuthula okuhlala njalo, kumelwe sihlakulele ubungane obuseduze noNkulunkulu. Singakwenza kanjani lokho?
Izinkinga zokuphila zenza abantu abaningi bangabi nakho ukuthula
Lapho silalela imiyalo nezimiso zikaJehova ezilungile sisuke sibonisa ukuthi sithembela kuye futhi sifisa ukuba nobuhlobo obunokuthula naye. (Jer. 17:7, 8; Jak. 2:22, 23) Umphumela uba ukuthi usondela kithi futhi asibusise ngokuthula kwangaphakathi. Incwadi ka-Isaya 32:17 ithi: “Umsebenzi wokulunga kweqiniso uyoba ngukuthula; nenkonzo yokulunga kweqiniso ibe ngukuzola nokulondeka kuze kube nini nanini.” Singaba nokuthula kwangempela ngokulalela uJehova ngokusuka enhliziyweni.—Isaya 48:18, 19.
UBaba wethu osezulwini usisiza nangomoya wakhe ongcwele oyisipho esihle kakhulu ukuze sibe nokuthula okuhlala njalo.—IzE. 9:31.
UMOYA KANKULUNKULU USISIZA SIBE NOKUTHULA
Lapho umphostoli uPawulu ebala “izithelo zomoya,” ukuthula kwaba okwesithathu ohlwini. (Gal. 5:22, 23) Njengoba ukuthula kwangempela kuvezwa umoya kaNkulunkulu, kumelwe siwuvumele usebenze kithi ukuze sibe nokuthula kwangempela. Ake sixoxe ngezindlela ezimbili umoya kaNkulunkulu ongasisiza ngazo sibe nokuthula.
Okokuqala, sisizwa ukuba sibe nokuthula lapho silifunda njalo iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (IHu. 1:2, 3) Njengoba sicabangisisa ngalokho okushiwo yiBhayibheli, umoya kaNkulunkulu usisiza siqonde indlela uJehova abheka ngayo izinto. Ngokwesibonelo, sibona indlela ahlala ngayo enokuthula nokuthi kungani ukuthula kubalulekile kuye. Lapho sisebenzisa lezi zifundo eziseZwini likaNkulunkulu, siba nokuthula okwengeziwe ekuphileni kwethu.—IzAga 3:1, 2.
Okwesibili, kumelwe sithandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu. (Luka 11:13) UJehova usithembisa ukuthi uma sicela usizo lwakhe “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Fil. 4:6, 7) Lapho sithandaza njalo futhi siwucela njalo umoya ongcwele kaJehova, uNkulunkulu wethu usinika ukuthula kwangaphakathi okutholwa kuphela yilabo abanobuhlobo obuhle naye.—Roma 15:13.
Abanye baye basisebenzisa kanjani lesi seluleko esingokomBhalo futhi benza izinguquko ezibenze baba nokuthula okuhlala njalo—noJehova, nabanye abantu nabo ngokwabo?
INDLELA ABATHOLA NGAYO UKUTHULA OKUHLALA NJALO
Namuhla ebandleni lobuKristu kunabantu ‘ababethambekele entukuthelweni’ kodwa manje sebeyacabangela, banomusa, bayabekezela futhi basebenzelana nabanye ngokuthula.a (IzAga 29:22) Phawula lokho okwenzeka kubamemezeli ababili abasizwa ukuba bayeke intukuthelo futhi benze ukuthula nabanye.
Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli nokuthandazela umoya ongcwele kaNkulunkulu kuzosisiza sibe nokuthula
Indlela embi yokucabanga kaDavid yaba nomthelela endleleni akhuluma ngayo. Ngaphambi kokuba anikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu, wayevame ukugxeka abanye futhi ekhuluma ngendlela enokhahlo namalungu omndeni wakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, uDavid wabona isidingo sokushintsha, abe nokuthula nabanye. Yini eyamsiza waba nokuthula? Uthi, “Ngaqala ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami okwabangela ukuba sihloniphane emndenini wami.”
Indlela uRachel akhula ngayo yaba nomthelela endleleni ayecabanga ngayo. Uyavuma, “Namanje, ngivele ngicasuke kungonakele lutho ngenxa yendlela engakhula ngayo.” Yini emsize waba nokuthula? Uyaphendula, “Ngangithandaza kuJehova njalo ngicela usizo kuye.”
UDavid noRachel bayizibonelo nje ezimbalwa zokuthula okubangelwa ukusebenzisa izimiso zemiBhalo nokuncika emoyeni ongcwele kaNkulunkulu osisizayo. Kuyacaca ukuthi nakuba siphila ezweni elibi, singaba nakho ukuthula okwenza ukuba imindeni yethu ibe nokuthula futhi sisebenzelane namanye amaKristu ngokuthula. Nokho, uJehova usinxusa ukuba sibe “nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Ingabe lokho kungenzeka ngempela futhi yiziphi izinzuzo ezibangelwa yimizamo yethu yokwenza ukuthula?
YENZA UKUTHULA NABANYE
Ngenkonzo yasensimini, simema abantu ukuba bazuze emyalezweni wethu wokuthula ngoMbuso kaNkulunkulu. (Isaya 9:6, 7; Math. 24:14) Kuyajabulisa ukuthi abaningi baye basabela. Ngenxa yalokho abasacindezelwa ukudikibala noma ukuthukuthela ngenxa yezinto abazibona zenzeka. Kunalokho, manje banethemba langempela lekusasa futhi bashukumiseleka ukuba ‘bafune ukuthola ukuthula, bakuphishekele.’—IHu. 34:14.
Nokho, akubona bonke abantu abaye basabela kahle emyalezweni wethu zisuka nje. (Joh. 3:19) Noma kunjalo, sisizwa umoya kaNkulunkulu ukuba sibashumayeze izindaba ezinhle ngendlela enokuthula nebonisa inhlonipho. Ngokwenza lokho, silandela iziqondiso zikaJesu ezikuMathewu 10:11-13 ezimayelana nokushumayela, zithi: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu futhi uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo; kodwa uma ingafanele, ukuthula okuvela kini makubuyele kini.” Lapho sisebenzisa iseluleko sikaJesu singahlala sinokuthula sinethemba lokuthi sizokwazi ukusiza othile esikhathini esizayo.
Sisuke senza ukuthula nalapho sikhuluma neziphathimandla zikahulumeni ngenhlonipho—kuhlanganise nalezo ezingase zimelane nomsebenzi wethu. Ngokwesibonelo, uhulumeni wakwelinye izwe e-Afrika, wavumela ukuba sibandlululwe, okwabangela ukuba singayitholi imvume yokwakha amaHholo OMbuso. Ukuze kuxazululwe le nkinga ngokuthula, umzalwane owayeke wakhonza njengesithunywa sevangeli kulelo zwe lase-Afrika wathunyelwa kuKhomishane oPhakeme eLondon, eNgilandi. Wathunywa ukuba atshele lesi sikhulu ngomsebenzi woFakazi BakaJehova abawenza ngokuthula ezweni lakubo. Waba yini umphumela wale ngxoxo?
Uthi, “Lapho ngingena egunjini lokwamukela izihambi, indlela lo owasamukela ayegqoke ngayo yangenza ngaphetha ngokuthi ukhuluma ulimi engangilufunde kuleliya zwe lase-Afrika. Ngakho ngambingelela ngolimi lwakhe. Emangele, wangibuza, ‘Ubekwa yini lapha?’ Ngesizotha ngamtshela ukuthi ngifisa ukukhuluma noKhomishane Ophakeme. Wafonela lesi sikhulu, esaphuma sizongibona futhi sangibingelela ngolimi lwaso. Ngemva kwalokho, salalelisisa njengoba ngisichazela ngomsebenzi woFakazi abawenza ngokuthula.”
Indlela enenhlonipho lo mzalwane achaza ngayo, yenza ukhomishane waqonda futhi wayeka ukubandlulula umsebenzi wethu. Ngokuhamba kwesikhathi, uhulumeni wakulelo zwe lase-Afrika wayisusa imithetho esenqabela ukuba sakhe. Kumelwe ukuba abazalwane bajabula kakhulu ngalo mphumela onokuthula! Ngempela, ukuphatha abanye ngenhlonipho kuveza imiphumela eminingi emihle—kuhlanganise nokuthula.
JABULELA UKUTHULA KUZE KUBE PHAKADE
Namuhla, abantu bakaJehova bajabulela ukuthula phakathi kwabo namaKristu abakhonza nawo. Nawe uyanezela kulokhu kuthula njengoba usebenzela ukuthuthukisa le mfanelo yezithelo zomoya ekuphileni kwakho. Okubaluleke nakakhulu ukuthi uzokwamukelwa uJehova futhi uthole ukuthula okwengeziwe nokuhlala njalo ezweni elisha likaNkulunkulu.—2 Pet. 3:13, 14.
a Imfanelo yomusa kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo salolu chungechunge lwezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu.