Imihlangano Yenkonzo Ka-November
Isonto Eliqala Ngo-November 1
INgoma 5
10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe ku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Tusa abamemezeli ngengxenye abanayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.
10 imiz:“Amaphupho,” incwadi Ukubonisana, amakhasi 47-9. Kufanele isingathwe njengengxoxo nomfundi weBhayibheli. Umfundi ubuza ngokuthi kuhlakaniphile yini ukuqondiswa amaphupho. Xoxani ngengozi yalokhu, indlela okungasibangela ngayo ukuba singene ogibeni lokucabanga kwezwe nokwamademoni. Bonisa ukubaluleka kokuqondiswa izimiso zeZwi likaNkulunkulu.
10 imiz:Izidingo zebandla noma esithi “Ukukhulumisana—Kungaphezu Kokuxoxa Nje.” Inkulumo esekelwe ezihlokweni eziku-Nqabayokulinda ka-August 1, 1993, amakhasi 3-8.
15 imiz:“Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli Ezweni Lanamuhla.” Ingxoxo phakathi kombonisi wenkonzo nommemezeli ofisa ukuthuthukisa ikhono lakhe emsebenzini wendlu ngendlu. Ngemva kokucabangela isigaba 3, umbonisi wenkonzo ucela ukuba ummemezeli azame intshumayelo esikiselwe bese umbonisi wenkonzo eba wumninikhaya. Ngemva kokucabangela isigaba 4, umbonisi wenkonzo unikeza intshumayelo esikiselwe kummemezeli. Khuthaza ibandla ukuba lisize abantu abathakazelayo kanye nabantu abafunda nabo iBhayibheli ukuba baqaphele ukuba yinzuzo kwe-New World Translation.
INgoma 52 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 8
INgoma 7
10 imiz:Izaziso zebandla. Yenza umboniso wokuhanjiswa komagazini bamuva, oqokomisa isihloko esingasetshenziswa enkonzweni yasensimini kulempelasonto. Donsela ukunakekela kwesithi “Inyanga Ekhethekile Yenkonzo Yasensimini” esisesenezelweni, bese umema bonke ukuba balicabangele ngokungathi sína ithuba lokwandisa inkonzo yabo yasensimini ngo-December njengamaphayona asizayo noma ngokusebenza namaphayona.
15 imiz:“Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Yenza umboniso ngokwenziwa kwempindelo njengoba uhlelwe esigabeni 3. Khuthaza bonke ukuba bashiseke uma bekhuluma ngokuba wusizo kweBhayibheli lapho bexoxa nabantu emsebenzini wendlu ngendlu nalapho benza izimpindelo.
20 imiz:“Basha—Yenzani Inhliziyo KaJehova Ijabule.” Umdala uxoxa ngezigaba 1-18 nabamemezeli ababili noma abathathu abasha ababhapathiziwe. Gcizelela izinzuzo intsha engazivuna ngesibonelo sayo esihle kanye nokuba yinzuzo kwezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . .” Cabangelani imibhalo uma isikhathi sivuma.
INgoma 80 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 15
INgoma 73
10 imiz:Izaziso zebandla, kuhlanganise nombiko wezimali nokubonga iminikelo. Tusa ibandla ngokusekela ngokwezimali ibandla kanye neSikhwama SeNhlangano Sokwakhiwa KwamaHholo OMbuso nomsebenzi womhlaba wonke weNhlangano. Chaza amalungiselelo enkonzo yasensimini esikhathi esisondelayo samaholide ezwe.
15 imiz:“Ukunakekela Izidingo Ezingokomoya Zabayizithulu.” Imibuzo nezimpendulo. Uma engekho amalungu ebandla ayizithulu, gcizelela ukuba zingashalazelwa izithulu ezitholakala ensimini.
20 imiz:“Basha—Yenzani Inhliziyo KaJehova Ijabule.” Ukucatshangelwa ngemibuzo nezimpendulo kwezigaba 19-33 zesenezelo. Xoxa nomusha oyedwa noma ababili abangabamemezeli. Thola ukukhulumela ngendlela ibandla eliye lasiza ngayo ekuthuthukeni kwabo ngokomoya.
INgoma 90 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 22
INgoma 74
10 imiz:Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Khuthaza ukusetshenziswa komagazini bamuva ekufakazeni kulempelasonto.
15 imiz:“Siza Abantu Ofunda Nabo IBhayibheli Ukuba Balungiselele Isifundo Sabo.” Imibuzo nezimpendulo. Fundani izigaba uma isikhathi sivuma.
20 imiz:“Ingabe Uyabonisana Nabanye NgemiBhalo?” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo ngumzalwane ophumelelayo emsebenzini wendlu ngendlu nasezimpindelweni. Ngemva kokucabangela isigaba 4, bonisa indlela ummemezeli angase akhulumele ngayo noma acaphune umbhalo ngekhanda lapho umninikhaya ematasa. Ngemva komboniso, gcizelela ukuba yinzuzo kokulandela lokhu kusikisela njengoba sizama ‘ukushumayela izwi’ ensimini lapho abantu abaningi kakhulu behlala bematasa noma benake iminako yansuku zonke. (2 Thim. 4:2) Ngemva kokucabangela isigaba 6, biza ummemezeli onekhono lokusebenzisa incwadi Ukubonisana ukuba alandise indlela ayisebenzisa ngayo ekunikezeni ubufakazi.
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 29
INgoma 83
10 imiz:Izaziso zebandla. Khuthaza labo abangase bakwazi ukuba amaphayona asizayo phakathi no-December.
15 imiz:“IBhayibheli—Isiqondiso Esiyinzuzo Somuntu Wanamuhla.” Inkulumo okufanele isingathwe inhloko yomkhaya esekelwe esihlokweni esiku-Nqabayokulinda ka-May 1, 1993. Qokomisa ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungathuthukisa umoya wokuthula, nothando emkhayeni. Thola ukukhulumela kwezilaleli okukodwa noma okubili okulungiselelwe okubonisa indlela iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu esiye sawusiza ngayo umkhaya noma umuntu ngamunye.
20 imiz:Ukusebenzisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Ukuze Sisize Abanjengezimvu Ngo-December. Ingxoxo nezilaleli. Buza imibuzo enjengokuthi: Iyiphi indaba eyodwa ephathelene nenkonzo kaJesu noma ukusebenzelana kwakhe nabanye eyakuhlaba umxhwele kakhulu? Kungani lendaba yakuhlaba umxhwele? Lencwadi iye yaba usizo kanjani kuwe? Yini oye wayifunda ngoJehova ngokuyitadisha? Yiliphi iphuzu (amaphuzu) oye waliqokomisa lapho uyihambisa? Yiba nommemezeli onokuhlangenwe nakho enza umboniso wokuhanjiswa kwalencwadi. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngeSonto.
INgoma 94 nomthandazo wokuphetha.