ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-March 13
INgoma 118
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: “Sishumayela Izindaba Ezinhle.” Isethulo sibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Nikeza izibonelo zamaphuzu amahle angokomBhalo angathathwa encwadini ethi Ulwazi lapho ihanjiswa enkonzweni.
20 imiz: “Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?” (Izigaba 1-11) Imibuzo nezimpendulo. Yisho inani eliphakeme lamaphayona asizayo ibandla elike laba nawo muva nje. Cela abathile abaphakathi kwalelo nani ukuba balandise ngezinzuzo zomuntu siqu abazithola ngokwandisa ingxenye yabo enkonzweni. Khuthaza ibandla ukuba lisebenzele ekufinyeleleni inani eliphakeme elisha lamaphayona asizayo ngo-April. Bukeza izimfanelo ezihlelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 113-14. Abamemezeli abafisa ukuba amaphayona asizayo bangathola amafomu ngemva komhlangano.
INgoma 187 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 20
INgoma 21
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: “Yini Engingayenza?” Umqhubi wesifundo sencwadi uxoxa ngalesi sihloko nenceku ekhonzayo eyodwa noma ezimbili. Ngenxa yezingqinamba ezihlukahlukene, abanye abamemezeli bangase babe nomuzwa wokuthi kuncane kakhulu abakwazi ukukwenza emsebenzini webandla. Yisho ezinye zezindlela eziningi sonke esingahlanganyela ngazo ekuqiniseni ibandla nasekuthuthukiseni umsebenzi woMbuso. Phetha ngokubonisa indlela ngamunye wethu ‘Angahlanganyela Ngayo Embikweni Wokugcina.’—Bheka ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 108-10.
20 imiz: “Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?” (Izigaba 12-18) Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nomboniso omfushane wendlela yokumemela umuntu omjwayele eSikhumbuzweni. Bukeza esithi “IKhalenda Elingokwasezulwini Lika-April 2000,” bese uchaza imihlangano yenkonzo yasensimini ehleliwe ebandleni. Khumbuza wonke umuntu ukuba enze isimiso esisebenzisekayo sokuhlanganyela kakhulu ngangokunokwenzeka enkonzweni phakathi nale nyanga, ngaleyo ndlela sibe nomgomo wokuba ibandla lonke lihlanganyele. Khuthaza bonke abangase bakwazi ukuba amaphayona asizayo ukuba bathole amafomu esicelo ngemva komhlangano.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 27
INgoma 119
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-March. Memezela amagama alabo abazoba amaphayona asizayo ngo-April. Chaza ukuthi akukephuzi kakhulu ukuba bafake izicelo. Yithi qaphu qaphu ngesimiso esiphelele semihlangano yenkonzo yasensimini ehlelelwe le nyanga. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni ngale mpelasonto, bamqale kahle u-April. Sizohambisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! phakathi nale nyanga. Qokomisa isihloko esisodwa kanye nephuzu elifanelekayo lokukhulunyelwa elingase lisetshenziswe ngokuphumelelayo ekuhanjisweni kukamagazini ngamunye kwabamuva. Ngamunye kufanele abe nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? azame ukuyisebenzisela ukuqala izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo.
17 imiz: “Ukufunda Isiprofetho SikaDaniyeli.” Imibuzo nezimpendulo. Phawula kafushane ukuthi sizozuza kanjani ngokufunda incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli. (Bheka isahluko 1, izigaba 15-17, encwadini ethi Isiprofetho SikaDaniyeli.) Khuthaza bonke ukuba babe khona njalo eSifundweni Sencwadi Sebandla.
18 imiz: Ingabe Kufanele Ngikubike Ukona Okungathi Sína? Inkulumo engagunci enikezwa umdala, eqondiswe entsheni. Kuye kwaba nezinkinga eziningi emphakathini wanamuhla eziye zaba nomphumela olimazayo entsheni: izindinganiso zokuziphatha eziwohlokayo, ubudlova obandayo, ukuba umlutha wezidakamizwa nokungalihloniphi igunya. Enye intsha iphila ukuphila okumbaxambili, ikufihle ukuziphatha kabi kwayo. Lokhu kuwusongo lwangempela enhlalakahleni engokomoya yalo lonke ibandla. Enye yenza ububi obungathi sína ifune ukubugcina buyimfihlo. Uma uzwa ukuthi umzalwane noma udade ebandleni wenze okuthile okuwukwephula umthetho kaNkulunkulu ngokungathi sína, yini okufanele uyenze? Cabangela isimiso esisencwadini kaLevitikusi 5:1. (Bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1997, amakhasi 27-30.) Bhekisela encwadini ethi Intsha Iyabuza, amakhasi 68-9, uchaze ukuthi umuntu kufanele enzeni ezimweni ezinjalo.
INgoma 195 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 3
INgoma 72
10 imiz: Izaziso zebandla nokuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini. Sebenzisa okuhlangenwe nakho kwamuva ensimini yenu okuzokhuthaza abanye ukuba bahlanganyele.
13 imiz: “Cela Usizo.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli esingathwa umdala. Chaza indlela sonke esidinga ngayo uhlobo oluthile losizo ngezikhathi ezithile. Yiqiniso, ngamunye kufanele athwale umthwalo wakhe. (Gal. 6:5) Nokho, lapho sehluleka ukubhekana nezimo, kufanele singanqikazi ukucela usizo elungwini lebandla elivuthiwe ngokomoya. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi lwabakhuthaza kanjani usizo lomusa abalunikezwa abanye.
10 imiz: Izidingo zebandla.
12 imiz: Bukeza INcwadi Yonyaka Ka-2000. Xoxa nezilaleli futhi ubukeze amaphuzu avelele kwesithi “Izingqikithi Zika-1999,” esisekhasini 31. Xoxani nangesithi “Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo,” esisemakhasini 3-5. Cela ukukhulumela kwabathile kokuthi bazosisebenzisa kanjani isikhuthazo abasinikeziwe.
INgoma 68 nomthandazo wokuphetha.