Siza Umbonisi Wenu WeSifundo Sencwadi Sebandla
1 Ngamunye wethu uyazuza ngempela eSifundweni Sencwadi Sebandla. Ngenyanga edlule sadingida indlela umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla ayifeza ngayo indima yakhe. Kodwa singenzani thina ukuze simsize, kanjalo sizizuzise thina nabanye?
2 Yiba Khona Masonto Onke: Ngenxa yokuthi amaqembu esifundo sencwadi agcinwa emancane, ukuba khona kwakho kubalulekile. Zibekele umgomo wokuba khona masonto onke. Ungasiza nangokufika ngesikhathi, ngoba lokhu kwenza umbonisi aqale umhlangano ngendlela ehlelekile.—1 Kor. 14:40.
3 Izimpendulo Ezakhayo: Enye indlela ongasiza ngayo ukuba ulungiselele kahle futhi unikeze izimpendulo ezakhayo. Ngokuvamile kuhle ukunikeza izimpendulo eziqokomisa iphuzu elilodwa kuphela, futhi lokhu kukhuthaza abanye ukuba nabo baphendule. Gwema ukuzama ukuhlanganisa sonke isigaba lapho uphendula. Uma kunephuzu elikuthinta inhliziyo, thasisela engxoxweni ngokuliveza lelo phuzu empendulweni yakho.—1 Pet. 4:10.
4 Uma unelungelo lokufunda izigaba eqenjini, sifeze ngenkuthalo leso sabelo. Ukufunda kahle kunezela ekuphumeleleni kwesifundo.—1 Thim. 4:13.
5 Ukufakaza Njengeqembu: Imihlangano yenkonzo yasensimini iqhutshwa ezindaweni eziningi zesifundo sencwadi, futhi ukuwasekela kwakho la malungiselelo kusiza umbonisi lapho ehola emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle. Qiniseka ukuthi uba khona njalo enkonzweni yasensimini. Bheka la malungiselelo njengamathuba okusondelana nabafowenu nokubakhuthaza.
6 Imibiko Yenkonzo Yasensimini: Ukuletha umbiko wakho wenkonzo yasensimini ngokushesha lapho inyanga iphela kungenye indlela yokusiza umbonisi. Mnike umbiko wakho esandleni. Unobhala uyohlanganisa imibiko yenkonzo yasensimini eqoqwe ababonisi besifundo sencwadi.
7 Kuyokwaziswa kakhulu ukubambisana kwakho nombonisi wenu weSifundo Sencwadi Sebandla. Ngaphezu kwakho konke, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyoba ‘nomoya owubonisayo.’—Fil. 4:23.