ISifundo Sencwadi Sebandla—Okwenza Sisidinge
1. Laqala kanjani ilungiselelo leSifundo Sencwadi Sebandla?
1 Ngo-1895, amaqembu ezifundo abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo, ayaziwa ngokuthi iZikhungo Ze-Dawn Zesifundo SeBhayibheli. Kulezi zifundo kwakusetshenziswa imiqulu ye-Millennial Dawn. Kamuva le mihlangano yabizwa ngokuthi iZikhungo ZabaseBhereya Zesifundo SeBhayibheli. (IzE. 17:11) Ngokuvamile iqembu elincane lalihlangana emzini wothile kusihlwa ngesikhathi esililungele. Le mihlangano yandulela iSifundo Sencwadi Sebandla.
2. ‘Singakhuthazana’ kanjani esifundweni sencwadi?
2 Isikhuthazo Nosizo: Njengoba amaqembu egcinwa emancane ngenjongo, kuba namathuba amaningi okuba labo ababakhona babonise obala ukholo lwabo. Umphumela uba “ukukhuthazana . . . , omunye nomunye ngokholo lomunye.”—Roma 1:12.
3, 4. Ilungiselelo lesifundo sencwadi lisisiza kanjani ukuba sifeze inkonzo yethu?
3 Ukuqaphela indlela umbonisi wesifundo sencwadi afundisa ngayo kungasisiza ukuba ‘siphathe izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thim. 2:15) Phawula indlela agcizelela ngayo imiBhalo esekela indaba. Uma kufaneleka kuleyo ncwadi efundwayo, angagcizelela amaphuzu ayinhloko ngokubukeza kokuphetha, esebenzisa iBhayibheli kuphela. Isibonelo sakhe esihle singasisiza ukuba sithuthukise indlela yethu yokufundisa enkonzweni yobuKristu.—1 Kor. 11:1.
4 Ngaphezu kokuqhuba isifundo samasonto onke, umbonisi wesifundo sencwadi uyahola ekushumayeleni ivangeli. Ebambisene nombonisi wenkonzo, wenza amalungiselelo asebenzayo enkonzo yasensimini. Ufuna ukusiza bonke eqenjini ukuba bafeze umthwalo wabo wemfanelo wobuKristu wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20; 1 Kor. 9:16.
5. Iluphi usizo oluqondene nomuntu ngamunye olutholakala ngesifundo sencwadi?
5 Umbonisi wesifundo sencwadi unesithakazelo enhlalakahleni engokomoya yabo bonke eqenjini. Lesi sithakazelo usibonisa emihlanganweni yebandla nalapho esebenza nabanye enkonzweni yasensimini. Ngezikhathi ezithile uvakashela abazalwane emizini yabo ahlanganyele nabo isipho esingokomoya. Bonke kufanele bazizwe bekhululekile ukuya kumbonisi wesifundo sencwadi beyocela usizo olungokomoya noma nini lapho beludinga.—Isa. 32:1, 2.
6. (a) Abafowethu bakwamanye amazwe baye baqinisana kanjani ngokuhlangana ngamaqembu amancane? (b) Wena uye wazuza kanjani elungiselelweni lesifundo sencwadi?
6 Qinisanani: Emazweni lapho umsebenzi wabantu bakaNkulunkulu uvinjelwe khona, ngokuvamile abazalwane bahlangana ngamaqembu amancane. Omunye umzalwane uyakhumbula: “Nakuba imisebenzi yethu yobuKristu yayivinjelwe, noma nini lapho kwenzeka sasiqhuba imihlangano yethu yamasonto onke ngamaqembu abantu abayishumi kwabayishumi nanhlanu. Kuleyo mihlangano sasithola amandla angokomoya, ekufundeni iBhayibheli nasebudlelwaneni bethu ngemva kwemihlangano. Sasiqhathanisa okwenzeke kumuntu ngamunye, futhi lokhu kwasisiza ukuba siqaphele ukuthi ngamunye wethu wayebhekene nobunzima obufanayo.” (1 Pet. 5:9) Kwangathi nathi singakhuthazana ngokulisekela ngokugcwele ilungiselelo leSifundo Sencwadi Sebandla.—Efe. 4:16.