ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 14
INgoma 168
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yebandla) ukuze ubonise indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-July 8. Komunye umboniso, ummemezeli makafakaze ensimini yamabhizinisi. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo ezifanelekayo.
20 imiz: “UJehova Uyabasiza Labo Abathembela Kuye.”a Lapho nixoxa ngesigaba 4, hlanganisa namaphuzu akuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 1999, ikhasi 4, izigaba 8-9 (kuyi-CD-ROM kuphela) nasencwadini ethi ISikole Senkonzo, ekhasini 67, isigaba 2.
15 imiz: Kungani Kumelwe Sigweme Ukusebenzisa Kabi Izidakamizwa? Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukubonisana, emakhasini 160-3. Ukusetshenziswa kwezidakamizwa “zokuzijabulisa” kuthé chithi saka. Abantu abaningi baphikelela ngelithi lokhu kusetshenziswa kwezidakamizwa akulimazi; abanye baze bagqugquzela nokuba kuvunyelwe ngokusemthethweni. Xoxa ngokuthi singabonisana kanjani nabantu abanjalo. Hlanganisa namaphuzu asebhokisini elisekhasini 10 kuyi-Phaphama! ka-November 8, 1999.
INgoma 179 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 21
INgoma 29
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: “Izingelosi Ziyasisiza.”b Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
20 imiz: Ukuhlakanipha Kwaphezulu Kuyabonelela. (Jak. 3:17) Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, emakhasini 251-2. Kusho ukuthini ukuba obonelelayo? Kungani kubalulekile enkonzweni yethu? Yini esingayifunda esibonelweni somphostoli uPawulu? Abamemezeli bangasicabangela kanjani isizinda sabantu ensimini yebandla? Singabasiza kanjani abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba babonise le mfanelo yokubonelela? Hlela ukuba umuntu oyedwa noma ababili balandise ngokuthile abahlangabezana nakho okubonisa izinzuzo zokuba umuntu obonelelayo.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 28
INgoma 139
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-June. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yebandla), bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July 8. Embonisweni ngamunye, ummemezeli makaqale ngokusho amazwi ambalwa anobungane. Yisho ukuthi ukwenza kanjalo kungasiza kwenze umninikhaya akhululeke.
15 imiz: Izidingo zebandla.
18 imiz: “ISifundo Sencwadi Sebandla—Okwenza Sisidinge.”c Sebenzisa imibuzo ehleliwe. Hlanganisa namaphuzu asesihlokweni esithi “Siza Umbonisi Wenu WeSifundo Sencwadi Sebandla,” esisekhasini 1 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2002.
INgoma 20 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 5
INgoma 3
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Uyothini? Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Ngo-July nango-August, siyobe sihambisa izincwajana. Abamemezeli bathole ukuthi iziphi izincwajana eziphumelelayo ensimini yebandla? Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1998, ekhasini 8, noma kwezinye ezidlule. Veza ukuthi entshumayelweni ngayinye kukhona (1) umbuzo, (2) umBhalo (3) nephuzu elingase liqokonyiswe elikuleyo ncwajana. Yiba nomboniso owodwa noma emibili yalezo zintshumayelo. Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise iBhayibheli lapho beshumayela izindaba ezinhle.
20 imiz: Lokho Izingane Ezikudingayo Kubazali. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, emakhasini 6-7. Kubalulekile ukuba izingane zifunde izimiso zeBhayibheli ezilawula ukukhulekela kweqiniso nokuba ziqonde indima ebalulekile yabazali maqondana nokuziqeqesha. Xoxa ngokusikisela okwenziwa maqondana nokufunda le ncwadi. Cela abazali ukuba basho ukuthi baye bayisebenzisa kanjani le nsiza kufundisa. Cela ingane eyodwa noma ezimbili ukuba zisho ukuthi kungani ziyazisa le ncwadi.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.