ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-March 12
INgoma 153
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-March 15 ne-Phaphama! ka-March.
15 imiz: Lapho Umuntu Esimthandayo Eyeka Ukukhonza UJehova. Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 2006, amakhasi 17-21.
20 imiz: “Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula.”a Lapho nixoxa ngesigaba 3, hlanganisa namaphuzu akuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006, ikhasi 1, isigaba 3, abonisa indlela okungase kusetshenziswe ngayo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuchazeleni abathakazelayo esibamemela umkhosi weSikhumbuzo.
INgoma 168 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 19
INgoma 45
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza amaphuzu ayinhloko asebhokisini elithi “Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo” elisekhasini 3.
20 imiz: Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esahlukweni 10 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
15 imiz: “Ubungaphendula Kanjani?”b Makube nomboniso omfushane obonisa indlela esingasetshenziswa ngayo lesi sihloko se-Phaphama! ngezikhathi ezithile esifundweni somkhaya.
INgoma 216 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 26
INgoma 115
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini yango-March. Funda umbiko wezimali nencwadi evela eNhlanganweni ebonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April kuhanjiswe kanye nesimemo esikhethekile seSikhumbuzo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami? Inkulumo esekelwe kuyi-Phaphama! ka-July 2006, amakhasi 23-5. Xoxa noyedwa noma ababili abangenela inkonzo yesikhathi esigcwele lapho beqeda isikole. Kungani bakhetha inkonzo yesikhathi esigcwele? Iziphi izibusiso abaye bazithola?
INgoma 148 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 2
INgoma 177
0 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza isimemo esisekhasini lokugcina le-Nqabayokulinda ka-April 1, 2007, futhi ukhuthaze abamemezeli ukuba bamemele abantu abathakazelayo enkulumweni yeningi ekhethekile ezonikezwa ngo-April 15.
20 imiz: Qhubeka Usiza Labo Ababekhona ESikhumbuzweni. Inkulumo enikezwa umdala. Yisho inani lababekhona eSikhumbuzweni ebandleni lakini, bese usho nesilinganiso sabantu abathakazelayo ababekhona. Landisa noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuphawulekayo mayelana nalabo abasamukela isimemo esikhethekile seSikhumbuzo noma abaya kubalindi ngemva kwesimiso bacela ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Sikisela izindlela esingaqhubeka sibasiza ngazo ngokomoya labo ababekhona eSikhumbuzweni. (Bheka i-km-ZU 3/06 k. 1, isig. 5; km-ZU 2/05 k. 4, isig. 9; km-ZU 2/04 k. 5, isig. 16.) Khuthaza abamemezeli ukuba balandelele ngokushesha.
15 imiz: Yisebenzise Kahle INcwadi Yonyaka Ka-2007. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bukeza amaphuzu ayinhloko kwesithi “Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo.” Yisho okuvelele ‘Embikweni Womhlaba Wonke.’ Hlela kusengaphambili ukuba abamemezeli abambalwa balandise ngemibiko nokuhlangenwe nakho abakuthole kwakha futhi kuqinisa ukholo ngokukhethekile. Khuthaza imikhaya ukuba iqhubeke iyifunda ize iyiqede phakathi nonyaka. Sikisela izindlela esingayisebenzisa ngayo le ncwadi ukuqondisa abasha enhlanganweni kaJehova nokubakhuthaza ukuba babe khona emihlanganweni.
INgoma 179 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.