Amacebiso Amathathu Angakusiza Uthandaze Isikhathi Eside
Kuyilungelo ngempela ukukhuluma noJehova ngomthandazo! UNkulunkulu wethu onothando usiqinisekisa ngokuthi imithandazo yethu ‘iyamjabulisa.’ (IzAga 15:8) Kodwa uyafisa yini ukukhuluma noJehova isikhathi eside lapho uthandaza? Ukwenza kanjalo kungaba umgomo omuhle. Eminye imithandazo yethu kuyodingeka ibe mide ngokwanele ukuba sikwazi ukukuveza konke esikucabangayo nendlela esizizwa ngayo. (Luka 6:12) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngamacebiso amathathu angakusiza uthandaze isikhathi eside. Ukuzama ukwenza kanjalo kuyokuzuzisa. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi umthandazo ungenye ‘yezinto ezibaluleke kakhulu’ ezisisiza sisondelane nakakhulu noJehova.—Fil. 1:10.
1 BEKELA ECELENI ISIKHATHI SOKUTHANDAZA
Ukuphila kumatasa kakhulu. Iqiniso liwukuthi imithandazo yethu eminingi iyoba mifushane futhi lokho akukubi. Umthandazo akudingeki ube mude ukuze uJehova awulalele. Noma kunjalo, uma ungathanda ukuthandaza isikhathi eside, kuyodingeka ubekele eceleni isikhathi sokuthandaza. Singaba nini leso sikhathi?
Khetha isikhathi ongeke uphazamiseke kakhulu ngaso. Ngokwesibonelo, ungavuka ekuseni kakhulu noma wephuze ukulala ebusuku ukuze uthandaze. Ngezinye izikhathi, uJesu wathandaza ekuseni kakhulu futhi ngezinye izikhathi wathandaza ebusuku kakhulu. (Math. 14:23; Marku 1:35) Esinye isibonelo uHana, umama womprofethi uSamuweli. Ngemva kokuba yena nomndeni wakhe sebedlile, uHana wathandaza isikhathi eside. (1 Sam. 1:9, 12) Wakhetha indawo ayengeke aphazamiseke kuyo.
2 CABANGA NGALOKHO OZOKUTHANDAZELA
Manje njengoba ususibekele eceleni isikhathi ozothandaza ngaso isikhathi eside, yini ozoyisho emthandazweni wakho? Kwake kwenzeka yini wathi usuphakathi nomthandazo wakhohlwa ukuthi yini obufuna ukuyitshela uJehova? Noma kwake kwenzeka yini wazithola usulokhu uphindaphinda into eyodwa lapho uthandaza? Lokho kungenzeka kunoma ubani. Yini engasiza?
Cabanga kusengaphambili ngokuthi yiziphi izinto ongathanda ukuzithandazela. Njengoba ucabanga ngezinto ezihlukahlukene, zibhale phansi. Ngaphambi kokuba uthandaze, bheka la obhale khona ukuze uzikhumbuze ukuthi yini ofuna ukuyithandazela. Lokho kuzokusiza uqiniseke ukuthi umtshela konke okusengqondweni yakho nokusenhliziyweni yakho uJehova.—IHu. 19:14.
3 KHETHA INDAWO EKAHLE
Ngaphezu kokubekela eceleni isikhathi ozothandaza ngaso nesokucabanga ngalokho ozokusho kuJehova, cabanga nangokuthi uzothandazela kuphi. Khetha indawo ozoba wedwa kuyo. Yilokho uJesu akwenza. Wayevame ukuya endaweni engenabantu ukuze ayothandaza. (Luka 5:16) Ungayithola kuphi indawo ekahle ukuze ukwazi ukutshela uJehova indlela ozizwa ngayo?
Ungase ukhethe indawo engenawo umsindo ekhaya. Ngokwesibonelo, udade okuthiwa uKeirsten uthi: “Ngihlala eduze kwefasitela lapho ngizokwazi ukubona khona inyanga nezinkanyezi. Uma ngihleli lapho, ngizwa sengathi uJehova uhleli nami. Lokho kungisiza ngikhulume naye ngokukhululekile.”
Noma ungase ukhethe ukuthandazela endaweni engaphandle. Udade okuthiwa u-Elizabeth uthi, “Ngiyakujabulela ukuthandaza isikhathi eside njengoba ngisuke ngilula izinyawo ngaphandle.” Kungakhathaliseki ukuthi usendlini noma ungaphandle, ukukhetha indawo ekahle kuyokwenza ukujabulele nakakhulu ukuthandaza kuJehova.