Izindawo ZaseYugoslavia Yangaphambili
IZWE elaliyiYugoslavia linezinto eziningi ezihlukahlukene. Njengoba enyakatho kuneYurophu Ephakathi neseMpumalanga, eningizimu kuneGreece neTurkey, entshonalanga kune-Italy, le ndawo inengxubevange yamasiko, izilimi nezinkolo. Kodwa kwabaningi igama elithi Yugoslavia libuyisa izinkumbulo zezinxushunxushu nemibango. Kusukela ekubulaweni kweNkosana uFrancis Ferdinand ngo-1914 kuya ekususweni kwabantu ezindaweni ezithile muva nje, le ndawo eyiNhlonhlo YaseBalkan ibilokhu igcwele udlame. Njengoba abantu bakuleli zwe bebelwela ukuthola inkululeko, izifundazwe sezibe amazwe azimele. Ekugcineni, iYugoslavia yahlukana futhi manje kuneBosnia neHerzegovina, iCroatia, iMacedonia, iMontenegro, iSerbia neSlovenia.
Naphezu kwezingxabano zezombusazwe, ezobuzwe nezenkolo, kuye kwavela indaba emnandi kakhulu—umlando wothando, ubunye nokwethembana. OFakazi BakaJehova balapha baye banqoba ubandlululo nobutha obudale uqhekeko kula mazwe. Ubunye babo naphezu kokwehluka kobuzwe buwumphumela wokwethembeka kuhulumeni ophakeme—uMbuso kaNkulunkulu.
EKUQALENI
Waqala kanjani umsebenzi wabantu bakaJehova kule ndawo? Indaba yethu iqala ngomgundi wezinwele osemusha uFranz Brand, ongowokudabuka enyakatho yeYugoslavia, eVojvodina. Wayekade ese-Austria eyofuna umsebenzi. Elapho, wathola iqiniso, kwathi ngo-1925 wabuyela nalo ekhaya. Wazihlanganisa neqembu elincane elalifunda futhi lixoxa ngensiza-kufundisa yeBhayibheli ethi Studies in the Scriptures, elaliyithole ezihlotsheni zase-United States.
Baqaphela isidingo sokushumayela base behumusha izincwajana ezimbili ezichaza izimfundiso zeBhayibheli ngesiSerbia. Ngokudabukisayo, ngaphambi kokuba zisakazwe, leli qembu lavakashelwa umzalwane owaziwayo owayesehlubukile wazakhela elakhe ihlelo. Wathonya bonke abantu, ngaphandle kukaFranz, ukuba bashiye abaFundi BeBhayibheli.
UFranz wathuthela eMaribor, eSlovenia, lapho athola khona umsebenzi endaweni yokugunda izinwele. Washumayeza umnikazi wale ndawo, uRichard Tautz, owalamukela iqiniso. UFranz noRichard babizwa ngokuthi abagundi bezinwele abakholelwa eBhayibhelini futhi babeshumayela kule ndawo ababegundela kuyo. Ababegundwa babelalelisisa—bathule, bangathi nyaka! Omunye wabo kwakuyisikhulu sezombusazwe, uÐuro Džamonja. Omunye kunguRudolf Kalle, umnikazi wesitolo sokulungisa imishini yokubhala. Bobabili bathuthuka ngokushesha base bebhapathizwa masinyane. UÐuro washiya ezombusazwe futhi wasiza ekusungulweni kweLighthouse Society of Bible Students eMbusweni WaseYugoslavia. Le nhlangano engokomthetho yenza abafowethu bakwazi ukushumayela nokuqhuba imihlangano ngenkululeko.
I-“PHOTO-DRAMA” IVUSA ISITHAKAZELO
Ngo-1931 ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSwitzerland lathumela abazalwane ababili ukuba bayobukisa i-“Photo-Drama of Creation” emadolobheni amakhulu kulo lonke elaseYugoslavia. Amahholo ayegcwele, ababekhona becijise izindlebe njengoba uÐuro edlalisa ifilimu. Le filimu yavusa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli ezweni lonke. Phakathi naleso sikhathi, abafowethu eMaribor babeqhuba imihlangano ngesiSlovenia nangesiJalimane. EZagreb nasezindaweni ezizungezile, amaqembu ayehlangana axoxe ngezincwadi ezihunyushelwe olimini lwesiCroatia.
Ngemva kwalokho, abafowethu banquma ukuba baqale ukuhumusha INqabayokulinda ngolimi lwesiSlovenia nesiCroatia—okwakuwumsebenzi onzima ngalezo zinsuku zokuqala. Ngemva kokuba umagazini uhunyushiwe, udade wayewubhala ngomshini esebenzisa i-carbon paper, eyayikhipha omagazini abangu-20 kuphela ngesikhathi. Kamuva, lapho sebenomshini wokwenza amakhophi, inani lomagazini ababekhiqizwa landa laba ngu-200 ngesikhathi.
Behlome ngalab’ omagazini, abafowethu nodadewethu babehamba ngesitimela bayoshumayela ezingxenyeni ezihlukahlukene zeYugoslavia. Ngezinye izikhathi, abafowethu eSlovenia babeqasha iloli nomshayeli ongeyena uFakazi. Wayebayisa endaweni ababezoshumayela kuyo, abalinde usuku lonke baze baqede. Ngalezo zinsuku laba bamemezeli boMbuso babengaqeqeshiwe futhi ngezinye izikhathi isigijimi sabo sasihlaba; noma kunjalo uJehova wayibusisa imizamo yabo ngokubasiza bathole “labo ababethambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.”—IzE. 13:48.
“Iqiniso ngalithola ngodadewabo kamama uTerezija Gradič nomyeni wakhe uFranc, ngo-1931,” kukhumbula uFranc Sagmeister. “Umyeni wakhe wayephakathi kwabamemezeli bokuqala eSlovenia. Nakuba uFranc ayemelene kakhulu nenkolo, waqala ukufunda iBhayibheli ngenkuthalo. Lokhu kwangihlaba umxhwele kakhulu ngakho ngahlanganyela naye ekutadisheni imiBhalo. Naphezu kokuphikiswa abasekhaya, ngangifuna ukuhlanganyela nabanye ulwazi engangisanda kuluthola. Lapho umpristi ekuzwa lokhu, wangicela ukuba ngizombona ngokushesha. Wangitshela ukuthi kwakungafanele ngibe neBhayibheli ngoba ngangingaliqondi. Ngenqaba ukumnika lona. Kamuva, lapho ubaba eshona, umpristi weza kimi ngisemgwaqweni edinwe ukuthi ngangingamkhokhele ubaba iMisa. Ngathi kuye, ‘Ngingawakhokhela aze abe yikhulu noma inkulungwane lawo maMisa uma ezomsiza ubaba.’
“‘Lizomsiza, lizomsiza!’ kusho umpristi.
Ngathi: ‘Uma esezulwini, akalidingi iMisa lakho, uma esesihogweni, ngeke alidinge.’
“‘Kodwa uma esesihlanzweni?’ kubuza umpristi.
Ngathi: ‘Baba mfundisi, wazi kahle ukuthi nginezindawo eziningi. Ngingaya manje ehhovisi lommeli ngizibhalise ngawe zonke uma ungangibonisa eBhayibhelini ukuthi umuntu unomphefumulo ongafi oqhubeka uphila ngemva kokufa, ukuthi isihogo nesihlanzo sikhona nokuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu.’
“Wanginyonkoloza, wokhela ugwayi, wahamba.”
AMAPHAYONA AYA ENSIMINI
Ngawo-1930, amadoda nabesifazane abashisekayo bavula indlela yokuba ukukhanya kweqiniso kukhanye eYugoslavia. Ngokwesibonelo, eMaribor, eSlovenia, uGrete Staudinger, uKatarina Konečnik, kamuva noKarolina Stropnik, bangenela inkonzo ebizwa ngokuthi inkonzo yamaphayona yesikhathi sokuphumula. Ezansi eMostar, idolobha elikhulu laseHerzegovina, umbhidisi ogama lakhe lingu-Alfred Tuček walibona iqiniso wayeseqala ukuphayona. UDušan Mikić oneminyaka engu-23 waseZagreb, eCroatia, wathola incwajana ethi Where Are the Dead? Naye washeshe wathuthuka, wabhapathizwa futhi waqala ukuphayona. Inani lamaphayona lalizokwanda ngokushesha lapho kufika abazalwane nodade abashisekayo baseJalimane.
Njengoba iqiniso lalimila izimpande eYugoslavia, eJalimane lalivinjelwa. Ihhovisi legatsha laseSwitzerland lahlela ukuba kuthunyelwe eYugoslavia amaphayona angaba ngu-20 angomakadebona, njengoMartin Poetzinger, u-Alfred Schmidt, uVinko noJosephine Platajs, uWilli no-Elisabeth Wilke. Nakuba ayengasikhulumi isiSlovenia nesiSerbo-Croatia, la maphayona anomoya wokuzidela ayesebenzisa amakhadi obufakazi ukuze ashumayele ngesibindi, okwavula amathuba entuthuko.
IZINSELELE ZOKUPHAYONA
Intshiseko ngoJehova nothando ngabantu kwasiza la maphayona anqoba izinkinga zolimi nezemali. Ukuhamba eshumayela nakho kwakuyinselele. Ayeye ahambe ngezinyawo amakhilomitha angu-40 emahhelekehleni ngaphansi kwesimo sezulu esingesihle. Udade oyiphayona ukhumbula ukuthi ukuze izicathulo zakhe zingasheshe ziguge, wayezikhumula ashaye ngoCetshwayo. UMartin Poetzinger, kamuva owaba ilungu leNdikimba Ebusayo, usikhumbula kahle isikhathi asichitha ehamba emaphandleni nojosaka ogcwele izincwadi, eshumayeza bonke ababelalela.
Inkinga yokuhamba yaba ngcono ngokufika kwamabhayisikili ayethengwe umzalwane waseSwitzerland ayesenikwa la maphayona athembekile. Kwaphela amashumi eminyaka kushunyayelwa ngawo.
Yize abantu baseYugoslavia babaziwa ngokwamukela izihambi, kwakunokuphikisa okuvela enkolweni futhi amaphayona eshushiswa kanzima. Abapristi babekhonya, ikakhulukazi emadolobheni amancane. Ngezinye izikhathi babebhebhezela izingane zesikole ukuba zilandele amaphayona ziwajikijele ngamatshe. Abefundisi babeshoshozela neziphathimandla ukuba zihlukumeze amaphayona, ziwaphuce izincwadi futhi ziwabophe.
Ngelinye ilanga lapho uWilli Wilke eshumayela kwelinye idolobha elikude eCroatia, wezwa ubuwelewele. Yena nomkakhe nelinye iphayona uGrete Staudinger babehambisa incwajana ethi Righteous Ruler, eyayinesithombe sikaJesu Kristu ngaphandle. Uyakhumbula: “Ngethuka ngoma lapho ngibona iviyo labantu abangaba ngu-20 bethukuthele bephethe amasikela, bengunge umkami. Laphaya buqamama kwakunelinye iviyo lishisa izincwajana zethu.”
Amaphayona ayengazi ukuthi kungani lezi zakhamuzi ezithobekile zithukuthele kangaka, kanti noDade Wilke akakwazanga ukuzibuza ngoba wayengalwazi kahle ulimi lwazo. Kepha uGrete wayesikhuluma kahle isiJalimane nezilimi zalapha. Waya kuzo wazibuza, “Bakwethu, kwenzenjani?”
“Asiyifuni iNkosi uPeter!” kusho izakhamuzi ngazwi linye.
“Nathi asiyifuni,” kuphendula uGrete.
Zimangele, lezi zakhamuzi zakhomba isithombe esisencwajaneni, zabuza, “Pho kungani nisifundisa ngaye?”
UGrete wayeseqonda ukuthi kwakwenzenjani. Onyakeni owandulele, ngo-1934, iNkosi u-Alexander I yaseYugoslavia yayibulewe futhi indodana yayo uPeter yayizothatha ubukhosi. Nokho, izakhamuzi zazithanda ukuzibusa kunokubuswa inkosi yaseSerbia. Zazicabanga ukuthi isithombe sikaJesu Kristu eseNkosi uPeter!
Le nkinga yaxazululeka, futhi kwanikezwa ubufakazi obuphelele ngeNkosi, uJesu Kristu. Abanye abase bezishisile izincwajana zabo base befuna ezintsha manje. Amaphayona ahamba ejabulile, enomuzwa wokuthi uJehova wayewavikele.
Kwakudingeka amaphayona aqaphele namasiko endawo. Lapho eshumayela eBosnia ezindaweni ezigcwele amaSulumane, kwakudingeka aqaphe angabacasuli abantu bendawo. Ngokwesibonelo, ukubuka owesifazane oshadile oyiSulumane kungamcasula umyeni wakhe.
Ngaleso sikhathi, ayembalwa kakhulu amabandla namaqembu kuleli zwe. Ngakho ngemva kokushumayela usuku lonke emadolobheni akude, ngezinye izikhathi kwakuba nzima ukuthola indawo yokulala. Amaphayona ayengakwazi ukungenisa endlini yezivakashi ngoba ayengenamali. UJosephine Platajs uyakhumbula: “Kwelinye idolobha akukho muntu owayefuna ukusingenisa ngoba babesaba umpristi wamaKatolika. Kwase kuhlwile njengoba sase sizohamba. Sisendleleni, sabona umuthi omkhulu namahlamvu omile phansi—sazilalela lapho! Sacamela ezikhwameni, umyeni wami wabophela ibhayisikili eqakaleni ngentambo. Savuka ngakusasa sabona ukuthi besilele eduze komfula, sageza khona. UJehova akagcinanga ngokusivikela kodwa futhi wasinikeza nezidingo zethu ezingokwenyama.”
La maphayona abona indlela uJehova ayewanakekela ngayo ngisho nasezintweni ezincane. Ayekhathalela ukuqhubekisela phambili izindaba ezinhle hhayi ukuphila ntofontofo.
UKUWELELA EMACEDONIA
U-Alfred noFrida Tuček, bobabili ababengamaphayona, basebenzisa ithuba basakaza isigijimi soMbuso ngesikhathi besendleleni besuka eSlovenia beya eBulgaria. Edolobheni laseStrumica, eMacedonia, bashumayeza umnini-sitolo, uDimitar Jovanovič, bamboleka nezincwadi. Ngemva kwenyanga, lapho sebebuya eBulgaria, baphinde bamvakashela. Lapho bezwa ukuthi wayengazifundanga izincwadi, bathi akazibuyise ukuze zinikezwe umuntu ozozifunda. Lokhu kwamenza wafuna ukuzifunda. Wacela ukuba bamnikeze elinye ithuba ukuze azifunde. Esezifundile, wabona ukuthi wayethole iqiniso futhi waba umuntu wokuqala owabhapathizwa njengoFakazi KaJehova eMacedonia.
UDimitar walixoxela abafowabo ababili iqiniso, u-Aleksa noKosta Arsov. Ngokushesha kwase kunoFakazi abathathu eMacedonia. Baqala ukushumayela behlome ngomagazini, igilamafomu, namarekhodi ezintshumayelo. Omunye womagazini watholwa umfundisi waseWeseli, yena wawunika insizwa ekhaliphile yasesontweni lakhe, uTušo Carčev. UTušo wakuthanda ayekufunda futhi wacela umfundisi ukuba amnike abanye omagazini. Wafunda ukuthi kwakungalungile ukukhokhelwa ukuze ushumayele izindaba ezinhle. Ejabulile, waxoxela umfundisi wakhe, owavele wayeka ukumnikeza omagazini. UTušo wathola ikheli lehhovisi legatsha laseMaribor komagazini, wayesebhala ecela abengeziwe. Ihhovisi lathinta uDimitar, u-Aleksa noKosta libacela ukuba bamvakashele. Ngokushesha kwamiswa iqembu.
Ngo-1935 abafowethu bathutha ihhovisi legatsha eMaribor, eSlovenia, baliyisa enhloko-dolobha yaseBelgrade, iSerbia, eYugoslavia. Laqondiswa uFranz Brand noRudolf Kalle.
UMSEBENZI UVINJELWE
Ubufakazi bomsebenzi wentshiseko wabafowethu ngalezo zinsuku ubonakala encwajaneni eyashicilelwa iSonto LamaKatolika ngo-1933. Yayichaza kabanzi ngomsebenzi wokushumayela woFakazi futhi isonto labikezela nokuthi umsebenzi wethu wawuzophela. Babeshaye phansi kwashunq’ uthuli!
Enyakatho yeYugoslavia abefundisi bacasulwa ukusebenza ngenkuthalo kweqembu elincane lamaphayona. Bathukuthela nakakhulu lapho izinkantolo zibhuntshisa imizamo yokuwubekela imingcele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Nokho, ekugcineni, umpristi waseSlovenia ongumJesuit waba ungqongqoshe wezangaphakathi. Phakathi kwemithetho yokuqala ayishaya wavala i-Lighthouse Society; kwathi ngo-August 1936, umsebenzi wavalwa ngokusemthethweni. Iziphathimandla zawavala ngcí amaHholo OMbuso zashaqa nezincwadi. Ngenhlanhla amabandla ayelunywe indlebe, ngakho iziphathimandla azitholanga lutho olutheni. Ukuze umsebenzi uqhubeke, kwavulwa isakhiwo esincane sokunyathelisa eBelgrade, sabizwa ngokuthi iKula stražara (INqabayokulinda) futhi imihlangano yaqhutshelwa emizini yabazalwane.
Njengoba umsebenzi wawusuvinjwe ngokomthetho, uhulumeni waqinisa imizamo yokuwumisa. Abantu abathinteka kakhulu yilabo ababesenkonzweni yesikhathi esigcwele, okwenza kwaba nzima ngabafowethu baseJalimane. Ukuvinjelwa komsebenzi kwamanye amazwe aseYurophu yikona okwakulethe la maphayona eYugoslavia, manje nalapha wawusuvinjelwe umsebenzi wokushumayela. Nakuba abanjwa agqunywa ejele, intshiseko yawo ayinciphanga. “Ngezinye izikhathi kwakunzima ukuthola izivakashi usejele, kodwa uJehova akazange asishiye,” kusho omunye udade. “Ngelinye ilanga lapho sivakashelwe umfowethu kodwa enqatshelwa ukusibona, wakhulumela phezulu nonogada wasejele kangangokuthi samuzwa. Ukuzwa nje izwi lakhe kwaba isikhuthazo esikhulu kithi.”
Phakathi nalesi sikhathi sezinxushunxushu, kwakudinga isibindi esikhulu ukuhumusha nokusakaza incwajana ethi Judge Rutherford Uncovers Fifth Column, eyayidalula indima yamasonto obuKatolika ekusekeleni imibono yezombusazwe kahulumeni wamaNazi. Yahunyushelwa olimini lwesiSerbia, isiCroatia nesiSlovenia, futhi kwanyatheliswa amakhophi angu-20 000 olimi ngalunye. Yavalwa zisuka nje futhi yabangela ukuba amaphayona akwamanye amazwe axoshwe futhi ummeli kahulumeni wamangalela abanyathelisi bale ncwajana, efuna baboshwe iminyaka engu-10 kuya kwengu-15 ngenxa yokuyinyathelisa. Nakuba kwakuyingozi, abamemezeli abambalwa eYugoslavia bawasakaza ngokushesha la makhophi angu-60- 000.
“Abantu ngaleso sikhathi babelilambele iqiniso futhi bekujabulela ukufunda,” kuchaza uLina Babić, owathola iqiniso ngasekupheleni kweMpi Yezwe II futhi owayesondelene nabafowethu nodade abathembekile. Uyalandisa: “Ngenxa yokuthi kwakumelwe siqaphe njalo, ngakhetha ukuzikopishela ngesandla izincwadi. Uma kwenzeka ngiseshwa kwakuzoba sengathi ngizibhalela izinto zami.”
UKUKHETHA PHAKATHI KUKATOLSTOY NOJEHOVA
Njengoba impi yayisizotholana phezulu, kwaba noqhekeko kwelinye lamabandla amakhulu eYugoslavia. Abanye base beqale ukukholelwa imibono yomlobi ongumRashiya noyisazi sefilosofi yenkolo uLeo Tolstoy. Wake wasonta eSontweni Lobu-Orthodox LaseRussia futhi wakholelwa ukuthi wonke amasonto obuKristu akhohlakele nokuthi ayebumelele kabi ubuKristu. Abanye babafowethu ababange besathemba lutho oluthi nhlangano yenkolo futhi baqala ukunganeliseki nangenhlangano kaJehova. Esebenzisa kabi amalungelo awaphathisiwe, umzalwane owayehola eBandleni LaseZagreb waphumelela ukuthonya iningi labamemezeli ukuba lamukele imibono kaTolstoy. Ithonya lakhe lalinamandla kangangokuba iningi, abantu abangaphezu kuka-60, lathatha isinqumo sokushiya inhlangano kaJehova.
Lapho uRudolf Kalle ekuzwa lokhu, wasuka ngokushesha eBelgrade waya eZagreb ukuze ayohlangana nalo lonke ibandla. Waxoxa nabo ngamaqiniso ayisisekelo eBhayibheli uJehova ayebambulele wona ngesigaba senceku ethembekile neqondayo. (Math. 24:45-47) Wabe esebabuza: “Ubani onifundise la maqiniso? UTolstoy noma inhlangano kaJehova?” Ecaphuna uJoshuwa 24:15, uRudolf wathi labo abafuna ukuqhubeka nenhlangano kaJehova mabaphakamise izandla. Kwaphakamisa ababili kuphela.
“Anginawo amazwi okuchaza ubuhlungu engabuzwa,” kusho uRudolf.
Kwaba sengathi konke okuhle esasikufezile ebandleni kwase kuzoshabalala.
URudolf wacela laba ababili abathembekile ukuba baye phambili, wayesethi: “Sekusele thina sobathathu. Yithina esesimelele abantu bakaJehova kuleli dolobha. Ngicela bonke abanye basishiye baye lapho bethanda khona. Ngicela nisishiye ngokuthula! Thina sifuna ukukhonza uNkulunkulu wethu, uJehova, nina ningahamba niyokhonza uTolstoy wenu. Asisafuni ukukhonza nani.”
Kwake kwathula kwathi cwaka. Ngemva kwalokho, baphakamisa izandla ngokulandelana, bathi: “Nami ngifuna ukukhonza uJehova.” Ekugcineni, kwaphuma inceku yebandla eyisihlubuki nedlanzana labalandeli bayo. Lolu vivinyo lobuqotho lwaqinisa izikhonzi zikaJehova ezithembekile ukuba zikwazi ukubhekana nezilingo ezinkulu ezaziseza.
UBUNZIMA BEMPI
Ngo-April 6, 1941, ibutho laseJalimane lahlasela iYugoslavia. Ihhovisi legatsha labhidlizwa amabhomu ezindiza ezinkulu ezacekela phansi iBelgrade. IYugoslavia yahlukaniswa amabutho aseJalimane. Impi yenza ukuba abazalwane baseBethel eSerbia bangakwazi ukuxhumana nabazalwane baseSlovenia, eCroatia, nabaseMacedonia. Kwakunzima nakakhulu ngabafowethu ababelé kude eningizimu yeMacedonia, abakwazanga ukuphinde baxhumane nabo kwaze kwaba ngemva kwempi.
Ngokushesha, abafowethu babhekana nezimo ezintsha neziyinselele. Impi yezwe yaba isikhathi sovivinyo nokuhlungwa kwabafowethu nodade. Ukholo lwabo kuJehova nothando lwabo ngaye nenhlangano yakhe lwaluzovivinywa.
Ihhovisi laseBelgrade lavalwa, futhi umsebenzi wokuthumelela abafowethu ukudla okungokomoya wahlelwa eZagreb, eCroatia. Njengoba abazalwane base bethunyelwa emakamu okuhlushwa futhi begwetshelwe ukufa esikhundleni sokuhlawuliswa nokuboshwa, ukuqapha nokugcina izinto ziyimfihlo kwaba semqoka kakhulu.
Lapho amabutho aseJalimane ehlasela futhi ehlukanisa iYugoslavia, kwakhiwa amakamu okuhlushwa. ECroatia, la makamu ayesetshenziselwa ukwehlukanisa nokubulala abantu bezizwe ezihlukahlukene nabangewona amaKatolika nanoma iziphi izinkolo eziphikisana nohulumeni. ESerbia, amaNazi akha amakamu okufukuzwa kuwo nawokuhlushwa. Ngenxa yokungathathi hlangothi, abafowethu baseHungary abangaphezu kuka-150 baboshelwa ekamu laseBor, eSerbia. NaseYugoslavia, umbuso wamaNazi waba noFakazi BakaJehova shaqa. Ngenxa yalokho, kwakushunyayelwa ikakhulukazi ngokwethukela. Abamemezeli bayalwa ukuba baphathe amaBhayibheli nencwadi eyodwa kuphela futhi batshelwa okufanele bakusho uma beboshwa. Babehlangana ngamaqembu amancane futhi bengazazi ezinye izindawo okwakuqhutshelwa kuzo imihlangano.
Ngenxa yokuthi izincwadi zazingenakungeniswa ngokuphepha kuleli zwe, zanyatheliswa ngomshoshaphansi. Abafowethu babefukuza ubusuku bonke ezindaweni ezihlukahlukene benyathelisa futhi bepakisha omagazini nezincwajana. Bazikhandla futhi ukuze bathole imali yokusekela umsebenzi wokunyathelisa. Ngokuthinta abantu ababaziyo abanamabhizinisi, abafowethu babekwazi ukuthola izinto ababezidingela ukunyathelisa. Nakuba kwakubhidlange ukucwasana ngokobuzwe nangokwenkolo eYugoslavia, abafowethu babemunye futhi bahlanganisa izimali zabo ukuze bathole ukudla okungokomoya okusindisa ukuphila. Babezokuyisa kanjani kubamemezeli abangabodwa ensimini yabo?
UStevan Stanković, isisebenzi sakwaloliwe esidabuka eSerbia, wayekulungele ukusiza abafowabo kungakhathaliseki isizinda sabo. Nakuba kwakuyingozi, uStevan washushumbisa izincwadi zisuka eCroatia ziya eSerbia eyayigadwe amasosha. Ngelinye ilanga amaphoyisa athola izincwadi esikhwameni ayesiphethe. Afuna ukwazi ukuthi zazivelaphi. Engafuni ukukhaphela abafowabo, wenqaba ukuwatshela. Amaphoyisa amyisa ejele eyomphonsa imibuzo ayesemthumela ekamu lokuhlushwa eliseduze, eJasenovac. Ngenxa yempatho yakhona enonya, lo mfowethu othembekile wafa.
UMihovil Balković, umzalwane oqaphile nohlakaniphile, wayenza umsebenzi wokufaka amapayipi amanzi eCroatia ngalezo zikhathi ezinzima. Ngaphezu komsebenzi ayewenza, wayevakashela abafowethu ukuze abakhuthaze futhi abahambisele izincwadi. Umzukulu wakhe uyalandisa: “Ngelinye ilanga wathola ukuthi isitimela ayehamba ngaso sasizoseshwa edolobheni elilandelayo. Ngakho wehla esiteshini esinganeno. Yize ingxenye enkulu yedolobha yayibiyelwe ngocingo oluhlabayo, wachusha entubeni eyayiphumela esivinini. Wayephethe izincwadi ngojosaka, kwathi ngaphezulu wafaka amabhodlela e-rakija (ugavini) nokunye ukudla. Lapho ethi uyacathama, wazithela emgodini wokucasha amasosha, elinye lase limemeza: ‘Yima lapho! Ungubani?’ Lapho esondela, elinye lathi, ‘Uphetheni?’
“‘Ngiphethe ufulawa, ubhontshisi namazambane,’ ephendula.
“Lapho ebuzwa ukuthi kunani emabhodleleni, wathi, ‘Hogela, unambithe.’
“Lapho isosha selinambithile, uMihovil wathi, ‘Elakho leli ndodana, leli elinye elami.’
“Egculisekile ngempendulo yakhe nange-rakija, amasosha athi, ‘Ungahamba baba!’
“Ngakho,” kuphetha umzukulu kaMihovil, “izincwadi zafika ngokuphepha.”
Wayenesibindi ngempela uMihovil. Wayehamba ezindaweni ezazigadwe amasosha. Ngezinye izikhathi, wayehlangana namasosha eCommunist Partisan; ngezinye ahlangane namasosha eFascist Ustašea noma eČetnik. Kunokuba esabe, wayesebenzisa lawo mathuba ukuze afakaze futhi achaze nethemba lekusasa eliseBhayibhelini. Lokhu kwakudinga isibindi esikhulu ngoba ukuphila kukaFakazi kwakusengozini ngaso sonke isikhathi. Waboshwa kaningi, wahlonywa imibuzo futhi wavalelwa.
Ngasekupheleni kwempi, ngo-November 9, 1944 ebusuku, abashokobezi basesha umuzi kaMihovil, bashaqa izincwadi base bemthatha bahamba naye. Ngeshwa, akaphindanga wabuya. Kamuva kwezwakala ukuthi wanqunywa.
UJosip Sabo wayesengumfana lapho ehambisa izincwadi ngebhayisikili esifundeni saseSlavonia eCroatia. Endaweni yokubeka izimpahla, wenza ibhokisi lokufaka izincwadi ayezimboza ngamagonandoda. Ngaleso sikhathi, zonke izindawo zokungena zazivaliwe futhi zigadiwe.
“Kunani ebhokisini?” amasosha ayebuza uJosip lapho ayedlula khona.
“Kunamagonandoda kamalume,” ephendula, bese amasosha ethatha elilodwa noma amabili. Njengoba ayesondela lapho eya khona, ayesuke esembalwa amagonandoda amboze izincwadi. Ngakho uJosip wayehamba ngendlela okungasahanjwa kuyo ukuze bangawathathi amagonandoda akhe nezincwadi eziyigugu ezazifihlwe ngaphansi kwawo.
BATHEMBEKA KWAZE KWABA SEKUFENI
ULestan Fabijan, umeselande waseZagreb, wafundela u-Ivan Sever, uFranjo Dreven noFilip Huzek-Gumbazir. Bonke babhapathizwa zingakapheli izinyanga eziyisithupha futhi baqala ukuya ensimini nokuqhuba imihlangano. Ebusuku ngo-January 15, 1943, kwafika amasosha emzini ka-Ivan Sever ambopha benoFranjo Dreven nomunye umzalwane, uFilip Ilić. Apequlula umuzi, athatha zonke izincwadi ayesehamba nabazalwane.
ULestan wezwa ngalokhu, ngakho yena noFilip Huzek-Gumbazir bahamba bayoduduza unina kaFranjo nodadewabo. Nokho, lapho abashokobezi bekuzwa lokho, bababopha bobabili uLestan noFilip. Laba bazalwane abahlanu bachaza ngeBhayibheli ukuthi bakhonza uJehova kuphela futhi babonisa ukuthi bangamasosha kaKristu. Ngenxa yokuthi bonke benqaba ukuthatha izikhali baye empini, bathola isigwebo sokufa. Babe sebegqunywa ejele.
Ngobunye ubusuku, laba bazalwane bavuswa, bakhunyuliswa izingubo, bayiswa ehlathini. Njengoba behamba, banikezwa ithuba lokushintsha umqondo. Amasosha azama ukubashintshisa umqondo ngokusebenzisa uthando abanalo ngemikhaya yabo. Akhuluma ngomkaFilip Huzek-Gumbazir owayekhulelwe futhi enezingane ezine. UFilip wathi wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uzobanakekela. UFranjo Dreven wayeyimpohlo futhi engenazingane, ngakho ambuza ukuthi ngubani owayezonakekela unina nodadewabo.
Lapho befika endaweni ababeya kuyo, amasosha amisa abafowethu emakhazeni ashubis’ umnkantsha. Aqala ukubabulala. Aqala ngoFilip Huzek-Gumbazir. Ngemva kwalokho, ema ayesebuza abanye ukuthi bayafuna yini ukushintsha umqondo. Kodwa abafowethu babengafuni. Ngakho amasosha adubula uFranjo, kwalandela u-Ivan kwase kuba uLestan. Ekugcineni, uFilip Ilić okunguye yedwa owayesele, wavuma ukuba isosha. Kodwa ngemva kwezinyanga ezintathu, waphindela ekhaya ngoba egula, wayesexoxa okwakwenzekile. Ukuphila ayezame ukukusindisa ngokuvuma ukuba yisosha kwasheshe kwamlahlekela ngokugula.
Abafowethu nodade abaningi eSlovenia bashushiswa. Ngokwesibonelo, uFranc Drozg, umkhandi wensimbi oneminyaka engu-38, wenqaba ukuya empini. Ngenxa yalokhu, amasosha amaNazi ambulala eMaribor ngo-June 8, 1942. Abanye ababelapho bathi wayegaxe uphawu oluthi “Angiyena owaleli zwe” ngaphambi kokuba adutshulwe. (Joh. 17:14) Ukholo lwakhe oluqinile lubonakala encwadini ayibhala ngaphambi nje kokuba abulawe: “Mngane Othandekayo! Rupert, namuhla ngigwetshelwe ukufa. Ungangikhaleli. Ngiyakhonza kuwe nakubo bonke ekhaya. Siyobonana eMbusweni kaNkulunkulu.”
Iziphathimandla aziyiyekanga imizamo yokumisa umsebenzi wokushumayela, kepha uJehova wazibonakalisa enguNkulunkulu wensindiso. Ngokwesibonelo, amaphoyisa ayevame ukusesha izakhamuzi futhi aziklelise ukuze ahlole omazisi bazo. Bonke ababesolisa babeyiswa ejele. Amanye amaphoyisa ayesesha izindlu namafulethi. Abafowethu babesibona isandla sikaJehova esivikelayo lapho amaphoyisa ezeqa izindlu zabo, ngokungangabazeki ecabanga ukuthi seziseshiwe kakade. Okungenani kabili kwatholakala izincwadi eziningi nemishini yokunyathelisa emizini yabafowethu. Ezikhathini eziningi labo ababeshumayela ngalezo zikhathi eziyingozi babona ukuba yiqiniso kwesiqinisekiso esingokomBhalo esithi “uJehova unothando futhi unobubele.”—Jak. 5:11, umbhalo waphansi we-New World Translation With References.
BAGWETSHELWA UKUFA
Ngo-1945 iMpi Yezwe II yaphela, kwaphela nenkathi embi kakhulu yokuphalala kwegazi emlandweni wesintu. Lapho kunqotshwa uHitler namasosha akhe, abafowethu baba nethemba lokuthi ukuvinjelwa kuzophela bese bebuyiselwa inkululeko yokushumayela. Sasikhona isizathu sethemba: Uhulumeni wamaKhomanisi owawusanda kumiswa wawuthembise inkululeko yabezindaba, yokukhuluma neyokukhulekela.
Kodwa ngo-September 1946, kwaboshwa abazalwane abangu-15 nodade abathathu. Phakathi kwabo kwakunoRudolf Kalle, uDušan Mikić no-Edmund Stropnik. Uphenyo lwathatha izinyanga ezinhlanu. Iziphathimandla zamangalela oFakazi ngokuthi bavukela abantu noMbuso nangokuthi babeka iYugoslavia engozini. Zathi umsebenzi wethu uqondiswa e-United States futhi sishaya sengathi simemezela uMbuso kaNkulunkulu kanti sifuna ukuqeda isimiso sokusebenzela uhulumeni simise esokuhweba ngokukhululekile. Umpristi wamaKatolika wayengubhongoza ekumangaleleni abafowethu ngokuthi bayizinhloli zaseMelika ezicashe ngenkolo.
Abazalwane ababemangalelwe baziphendulela ngesibindi enkantolo futhi banikeza ubufakazi obuhle ngoJehova nangoMbuso wakhe. UVjekoslav Kos, umzalwane osemusha, wathi: “Bahlonishwa, ngayithola kumama le nkolo, imfundiso yeBhayibheli, ngabe sengikhulekela uNkulunkulu. Ngesikhathi sihlaselwa amaJalimane, umama waboshwa. Odadewethu ababili nomfowethu nabo babekule nkolo kamama. Bayiswa eDachau, badutshulwa ngoba kuthiwa bangamakhomanisi ngenxa yokuthi babekhonza uNkulunkulu ngendlela ababemkhonza ngayo. Ngenxa yayo le nkolo, nami ngizithola ngiphambi kwenkantolo kuthiwa ngingumFascist.” Inkantolo yamdedela.
Inkantolo ayibanga namusa kwabanye. Abathathu badutshulwa, abangadutshulwanga bagwetshwa izigwebo ezisukela onyakeni owodwa kuya kwengu-15. Lokhu kungabi nabulungisa kwakhalisa abafowethu emhlabeni wonke. OFakazi base-United States, eCanada, eBritish Isles naseYurophu babhala izinkulungwane zezincwadi bekhalaza kuhulumeni waseYugoslavia. Bathumela namakhulu ezincwadi zocingo. Ngisho nezikhulu ezithile zikahulumeni zabhala izincwadi zikhulumela abafowethu. Umphumela walezi zikhalazo ezingaka waba ukushintshwa kwezigwebo zokufa zaba iminyaka engu-20 ejele.
Nokho, ukuphikiswa akuphelanga. Ngemva kweminyaka emibili, iziphathimandla zaseSlovenia zabopha uJanez Robas nomkakhe, uMarija, kanye nabanye oFakazi, uJože Marolt noFrančiška Verbec ngenxa yokushumayela. Phakathi kokunye, icala lalithi: “‘Ihlelo labalandeli bakaJehova’ . . . lifuna amalungu amasha elizowafaka umoya wokumelana nesimiso sezwe lakithi [futhi] angavumi nokuqeqeshelwa ezempi.” Iziphathimandla zathi abafowethu bazama ukwenza ezokuvikela zingabi namandla, zakhipha nezigwebo zeminyaka esukela kwemithathu kuya kweyisithupha begqunywe ejele futhi befukuziswa.
Ngo-1952, ngenxa yokushintsha kwenqubo yezombusazwe, zonke iziboshwa zakhululwa; isigijimi soMbuso saqhubeka sishunyayelwa. Isithembiso sikaJehova sagcwaliseka: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyokuvukela ekwahluleleni uyolulahla.”—Isaya 54:17.
Noma kunjalo, uhulumeni waqhubeka uzama ukudikibalisa abafowethu. Abezindaba bathi “bayizinhlanya” futhi “bashiseka ngokweqile, sekusele kancane basangane.” Imibiko emibi engapheli yabezindaba nokwesaba kwaqala ukuphazamisa abafowethu. Lapho oFakazi abathembekile bekhululwa ejele, abanye emabandleni bababheka njengezimpimpi. Noma kunjalo, uJehova waqhubeka eqinisa amabandla ngabafowethu abaqotho nabavuthiwe.
Lapho uJosip Broz Tito eqala ukubusa ekupheleni kweMpi Yezwe II, kwacaca ukuthi ezempi zaziyoba nendima ebalulekile eYugoslavia. Labo ababenqaba ukuqeqeshelwa ezempi, kungakhathaliseki ukuthi ngasiphi isizathu, babebhekwa njengabalwa nohulumeni.
UVIVINYO LOBUQOTHO
Ngempi Yezwe II, uLadislav Foro waseCroatia oneminyaka engu-9, wayesembuthanweni wonke umuntu okwakufanele aye kuwo lapho kwakushumayela khona umpristi wamaKatolika. Ngemva kwentshumayelo, uLadislav wabukisisa ngemva kwekhethini lesiteji, wabona umpristi ekhumula isivatho sakhe. Ngaphansi wayegqoke izembatho zamasosha e-Ustaša, okhalweni kunebhande elilenga ibhomu lesandla. Umpristi wathatha insabula, waphumela ngaphandle wagibela ihhashi, wayesememeza: “Bafowethu, asihambeni siyokwenza amaKristu! Uma kukhona owenqabayo, niyakwazi okumelwe nikwenze!”
ULadislav wayazi ukuthi umuntu kaNkulunkulu akufanele enze le nto. Ngokushesha ngemva kwalokho, waqala ukuya emihlanganweni yomshoshaphansi yoFakazi nobab’ omncane wakhe. Nakuba kwabathukuthelisa abazali bakhe lokhu, waqhubeka eya kule mihlangano futhi wathuthuka ngokomoya.
Lapho uLadislav ebuthelwa empini ngo-1952, wakwenza kwacaca ukungathathi hlangothi kwakhe kobuKristu. Iziphathimandla zazilokhu zimphenya ngemibuzo ukuze zimphoqe ukuba enze isifungo sokuba isosha. Ngelinye ilanga zamyisa emabhalekisini lapho kwakunabantu abangu-12 000 ababezokwenza izifungo. Amasosha ammisa phambi kwabo bonke ayesemgaxa isibhamu ehlombe. Wasilahla phansi. Esebenzisa imibhobho ukuze kuzwe bonke, amasosha athi uma engaphinde enze kanjalo, uzodutshulwa. Lapho ephinde esilahla phansi, amthatha amsunduzela emgodini ojulile. Kwathiwa akadutshulwe, isosha ladubula kabili emgodini, abantu base bebuyela emabhalekisini. Nokho, izinhlamvu zamgeja!
Ngalobo busuku izikhulu zamkhipha emgodini zamyisa ejele laseSarajevo. Zamnika incwadi eyayiveza ukuthi kunezinto ozakwabo ababevuma ukuzenza njengoba nje yena ayebhadle ejele. Zazilokhu zimcindezela ngezingxoxo eziwundendende ezazikhuluma ngento efanayo. ULadislav wacabanga: ‘Ingabe ngikhonza uJehova ngenxa yomuntu? Phinde! Ngifuna ukujabulisa abantu? Lutho! Ingabe ukuphila kwami kuxhomeke kulokho abantu abangase bakusho, bakucabange noma bakwenze? Cha!’
Le ndlela yakhe yokucabanga evuthiwe yamsiza ukuba ahlale ethembekile ejele waze wakhululwa ngemva kweminyaka emine nengxenye. Ngokuhamba kwesikhathi wakhonza njengombonisi wesifunda esekelwa umkakhe oqotho u-Anica.
UKUQASHELWA NGOKUSEMTHETHWENI OKULINGANISELWE
Ngemva kokuhlukana neSoviet Union ngo-1948, uTito wahlela kabusha uhulumeni wayesenikeza abantu inkululeko eyengeziwe kancane kancane. Nakuba uhulumeni wawusenesimiso sokuba abantu basebenzele wona, inkolo yayibekezelelwa kakhulu.
Uhulumeni wabiza abameleli boFakazi BakaJehova futhi wasikisela ukuba kubhalwe umthetho-sisekelo omusha, owawuzokwenza ukuba umsebenzi wabo uqashelwe ngokomthetho. Abazalwane bawubhala futhi ngo-September 9, 1953, oFakazi BakaJehova baphinde babhaliswa ngokomthetho eYugoslavia.
Ngenkathi amanye amazwe obuKhomanisi edingisa abafowethu, oFakazi eYugoslavia babenenkululeko yokuhlangana emahholo. Lokhu kwavula nethuba lokuba abafowethu eMacedonia bathole izincwadi futhi baxhumane nehhovisi laseZagreb. Nakuba oFakazi BakaJehova base bebhaliswe ngokomthetho njengeqembu lenkolo ngo-1953, kwakusazodlula iminyaka engu-38 ngaphambi kokuba inkonzo yendlu ngendlu iqashelwe ngokomthetho.
Izinkinga zaqhubeka. Ngenxa yokungathathi hlangothi kwabafowethu, iziphathimandla zazibheka umsebenzi wabo wokushumayela njengowukusakaza inkolelo-ze. Amaphoyisa nezimpimpi ezazithé chithi saka zenza umsebenzi wokushumayela waba nzima kakhulu. Abafowethu ababetholakala beshumayela babengase baboshwe futhi bahlawuliswe. Omunye umbiko wathi: “Abantu bayaqhubeka beboshwa futhi bemangalelwa. Yilokho okwenzeka eSlovenia, lapho ithonya lamaKatolika linamandla khona nalapho abaningi babantu bakaJehova beqashwe amaphoyisa nezinhloli zawo ukuze zibelamele besafunda iZwi likaNkulunkulu. Kodwa abafowethu baye bazimisela ukubhuntshisa injongo yokushushiswa, belalela uNkulunkulu kunomuntu.”
‘BAQAPHE NJENGEZINYOKA’
Lapho beshumayela emaqaqasini aseSlovenia, abafowethu babeqala ngokubuza abaninikhaya ukuthi bayawathengisa yini amaqanda. Uma ebiza kahle, babewathenga ukuze kungasolisi. Uma esanele, babebuza umninikhaya olandelayo ukuthi unazo yini izinkuni. Uma isimo sivuma, njengoba bethenga babeyishintsha ingxoxo iye eBhayibhelini.—Math. 10:16.
Endaweni yaseZagreb, eCroatia, abafowethu babesebenza insimu ngendlela ehlelekile ukuze bangabanjwa. Enye indlela ababeyisebenzisa kwakuwukungena endlini yeshumi. Ngokwesibonelo, uma babelwe ukungena endlini yokuqala, kusho ukuthi abamemezeli babezongena kuyo bese bengena kweka-11, 21, 31, njalonjalo. Le mizamo yenza abaningi bafunda ngoJehova. Kepha ngenxa yezinselele zenkonzo yendlu ngendlu, abaningi babevame ukushumayela ngokwethukela.
ESerbia, abafowethu babehlangana emizini yabazalwane. UDamir Porobić ulandisa indlela imihlangano eyayiqhutshwa ngayo kwagogo wakhe ngemva kweMpi Yezwe II. Uthi: “Kwakuba khona abantu abahlanu kuya kwabayishumi. Indlu kagogo yayifaneleka ngoba yayiphakathi kwemigwaqo emibili. Lokhu kwakwenza kube lula ngabo bonke ukuba baphume bangene ngaphandle kokuba kube khona osolayo.”
UVeronika Babić wazalelwa eCroatia futhi umkhaya wakubo waqala ukufundelwa maphakathi nawo-1950. Ngemva kokubhapathizwa ngo-1957, yena nomyeni wakhe bathuthela eSarajevo, eBosnia. UMilica Radišić wasesifundeni saseSlavonia eCroatia, wabhapathizwa ngo-1950. Abakubo nabo bathuthela eBosnia. Yomibili le mikhaya yaqala ukusakaza iqiniso loMbuso eBosnia. Njengakwezinye izindawo zaseYugoslavia, nabo kwadingeka bashumayele ngokuqapha. UVeronika uyalandisa: “Sacetshwa emaphoyiseni saphucwa nezincwadi zethu. Saboshwa, sahlonywa imibuzo, sesatshiswa ngejele futhi sahlawuliswa. Kodwa konke lokhu akuzange kusidikibalise noma kusethuse. Kunalokho, kwaqinisa ukholo lwethu kuJehova.”
UMilica uyakhumbula: “Ngelinye ilanga kwafika indoda eyayinesithakazelo eHholo LoMbuso. Yamukelwa ngezandla ezifudumele futhi yathi ukuhlalahlala emizini yabafowethu. Yayiphendula ngentshiseko nasezifundweni. Kodwa indodakazi yethu yayibona emsebenzini wayo isemhlanganweni wamaphoyisa omshoshaphansi. Kwabe sekucaca ukuthi yayithunywe amaphoyisa ukuba izohlola ukuthi senzani. Njengoba le ndoda yayisidalulekile, ayibange iseza.”
AMAHHOLO OMBUSO AKUQALA
Ngaphambi kokuba babhaliswe uhulumeni, oFakazi BakaJehova babengavunyelwe ukuhlangana emizini yabazalwane, uma behlangana, babezifaka engozini yokuboshwa. Nokho, ngisho nalapho sebevunyelwe ukuhlangana ngokukhululekile, kwakuyinselele ukuthola indawo ababezohlangana kuyo kwazise abantu abaningi babengabathandi oFakazi BakaJehova futhi benqaba ukubaqashisela izindawo zabo. Ngakho banquma ukuthenga izakhiwo ababezohlanganela kuzo.
Ngokushesha abafowethu bathola ishabhu maphakathi neZagreb, eCroatia. Balishintsha balenza iHholo LoMbuso elihle elalithatha abantu abangaba ngu-160, banezela nehhovisi elincane lokunyathelisa izincwadi. Leli Hholo LoMbuso laliphinde lisetshenziselwe imihlangano yesifunda neyesigodi futhi lasetshenziswa ngo-1957 ngesikhathi oFakazi bakulo lonke elaseYugoslavia beba nomhlangano wesigodi wokuqala. Ngemva kweminyakana, abafowethu bathenga umuzi maphakathi neZagreb kuKamaufova Street, owasetshenziswa umkhaya waseBethel kwaze kwaba ngu-1998.
Ngo-1957 abafowethu bathenga isakhiwo eBelgrade, eSerbia, basisebenzisa njengeHholo LoMbuso nanjengehhovisi lomsebenzi waseBethel. Ngemva kwalokhu, bathola isitebele eLjubljana, eSlovenia, basenza iHholo LoMbuso. Ngo-1963 bashintsha igalaji eSarajevo laba ihholo, lasetshenziswa ibandla lokuqala eBosnia naseHerzegovina. Ezinye zalezi zakhiwo zazidinga umsebenzi omkhulu; kodwa abazalwane abazange bazigodle bona nezimali zabo futhi uJehova wayibusisa imizamo yabo.
UKUHLELA KAHLE KUBANGELA INTUTHUKO ENGOKOMOYA
Ngo-1960, ababonisi abajikelezayo babelwa ukusiza nokukhuthaza amabandla. Abanye abazalwane bacelwa ukuba bakhonze njengababonisi bezifunda “bangezimpelasonto.” Laba bafowethu basebenzisa izinsuku zabo zokuphumula ukuze bahambe bayokhuthaza abazalwane futhi bagqugquzele nobunye ngalezo zinsuku zokuqala.
“Ngakhonza nomkami isikhathi esingangonyaka njengombonisi wesifunda wangezimpelasonto, ngokuhamba kwesikhathi ngakhonza njengombonisi ojikelezayo wesikhathi esigcwele,” kukhumbula uHenrik Kovačić, oyilungu leKomiti Yegatsha eCroatia. “Abafowethu babempofu kakhulu futhi sasivame ukuhlala ezindaweni ezingenawo amanzi asempompini noma izindlu zangasese ezishaywayo. Kodwa babekwazisa kakhulu ukufika kwethu futhi basibonisa uthando nomoya wokupha omkhulu. Babeye basilalise emibhedeni yabo basiphe nokudla, nakuba kwabona babedla imbuya ngothi. Kwamanye amabandla sasingalali emzini owodwa ukuze singabi umthwalo.”
U-Andor Palfi, osekhonza eKomitini Yezwe YaseSerbia uthi: “Ukukhonza njengombonisi wangezimpelasonto kwakumnandi kakhulu, yize kwakunzima. Abafowethu babesilindela ngamehlo abomvu. Babehlupheka kodwa benza okusemandleni abo ukuze basinikeze okungcono kakhulu. Ukuhanjelwa umbonisi wesifunda kwakuyinto ekhetheke kakhulu kubo.”
Lapho ekhonza njengombonisi wesifunda, uMiloš Knežević wayeqondisa nomsebenzi wehhovisi legatsha eYugoslavia. Phakathi namashumi eminyaka okubusa kwamaKhomanisi, uMfoweth’ uKnežević waba usizo ekuxazululeni amacala uhulumeni owawuwethwese abafowethu.
INTUTHUKO EJABULISAYO EMACEDONIA
Ngo-1968, insizwa yaseKočani, eMacedonia, yayisekolishi eZagreb lapho ithola iqiniso. Ngenkathi iphindela ekhaya, yaxoxela izihlobo nabangane izindaba ezinhle.
“Leyo nsizwa yayingumzala wami,” kukhumbula uStojan Bogatinov, ongowokuqala ukubhapathizwa eKočani. “Nganginguweta futhi ngezinye izikhathi mina nozakwethu sasixoxa ngenkolo. Ngemva kwenye yezingxoxo zethu, kwafika ilungu leSonto Lobu-Orthodox lizokudla. Njengoba ngilitenda, ngalibuza ukuthi lingangitholela yini iBhayibheli esontweni lalo ngoba ngangifuna ngempela ukufunda ngoNkulunkulu. Lathi lizongizamela. Ngokushesha ngase nginekhophi yami ‘yeTestamente Elisha.’ Ngajabula ngafa kangangokuthi ngagijimela ekhaya ngiyolifunda.
“Ngisendleleni, ngamangala lapho ngibona umzala owayesebuyile eZagreb. Wangimemela kwakhe, kodwa ngathi ngeke ngiphumelele ngoba ngangijahe ukuya ekhaya ngiyofunda iBhayibheli. ‘Nginento ezokujabulisa,’ kuphendula umzala. ‘Ekhaya nginezincwadi ezizokusiza ukuba uqonde iBhayibheli.’ Saya kwakhe futhi ngajabula ukubona ukuthi wayeneBhayibheli eliphelele, izincwajana nomagazini be-Nqabayokulinda ngesiCroatia. Wanginika lezi zincwadi futhi ngaqala ngaso leso sikhathi ukuzifunda. Ngokushesha ngabona ukuthi ngangifunda okuthile okukhethekile. Ngangingabazi oFakazi BakaJehova kodwa ngase ngifuna ukubazi.
“Lapho umzala ephindela eZagreb, ngahamba naye. Lapho, uFakazi onomusa u-Ivica Pavlaković wangimemela kwakhe, ngafike ngahlala izinsuku ezintathu. Ngambuza imibuzo eminingi futhi wayiphendula ngeBhayibheli, okwangihlaba umxhwele kakhulu. Ngaya emhlanganweni webandla futhi imfudumalo yabazalwane yangikhuthaza.
“U-Ivica wangiyisa eBethel eZagreb futhi ngagoduka ngijabulile ngiphethe nezincwadi eziningi. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa ezimnandi, ngaphindela eKočani ngithole umcebo ongokomoya. Kwakungekho Fakazi ohlala eduze, ngakho ngaqala ukubhalela u-Ivica njalo. Izincwadi zami zazinemibuzo eminingi futhi wayeyiphendula. Njengoba ngangifunda okwengeziwe, ngatshela abanye ngakho, nomkami nezingane baqala ukubonisa isithakazelo. Ngokushesha saba umkhaya omunye eqinisweni, safunda okuningi ngeBhayibheli. Sasijabule futhi saqala ukukhuluma ngentshiseko nezihlobo zethu nabangane ngezindaba ezinhle; abaningi balalela. Kodwa kwaba khona noshushiso.”
BAHLANGANA NGOBUNYE EJALIMANE
Nakuba abafowethu eYugoslavia babengavalelekile njengalabo ababesemazweni obuKhomanisi, babembalwa futhi befisa ukuzwa uthando lobuzalwane bomhlaba wonke. Ngakho, lapho bezwa ukuthi ngo-1969 kuhlelwe uMhlangano Wezizwe ‘Wokuthula Emhlabeni,’ bacela imvume yokuya kuwo kuhulumeni. Cabanga ngenjabulo ababa nayo lapho bevunyelwa!
Lo mhlangano wawusenkundleni yemidlalo enkulu eNuremberg, eJalimane, lapho uHitler, owayesongele oFakazi BakaJehova ngokuthi uzobaqeda, ayemashe khona namabutho akhe emashumini eminyaka ambalwa ngaphambili. Isimiso sethulwa ngezilimi eziningi futhi izihambeli zaseYugoslavia zethaba lapho zizwa ukuthi isimiso sasizokwethulwa ngezilimi zazo endaweni ebiyelwe ngamapulangwe eduze kwenkundla. Kwakunesiteji esikhulu esasihlukanisa inkundla kabili ukuze ingxenye yezihambeli engapha ilalele isimiso ngesiSerbo-Croatia, bese enye ingxenye ilalela ngesiSlovenia. Yeka ukuthi leso simiso sezinsuku ezingu-8 salujulisa kangakanani ulwazi nokholo lwabafowethu!
Kwakuqashwe izitimela namabhasi kulo lonke elaseYugoslavia ukuze ziyise abazalwane eJalimane. Umzalwane owayesuka eCroatia wathi: “Kwasijabulisa ukuhlangana nabafowethu nodade futhi sasiphakamise izingqwembe ezazimemezela umhlangano silunguze ngamafasitela esitimeleni.”
Abafowethu bakujabulela ukubona nokulalela uNathan Knorr noFrederick Franz ababephuma endlunkulu yomhlaba wonke. Omunye owayekhona uyakhumbula: “Asikwazanga ukuzibamba lapho beza ngalapho sasihlezi khona bezobingelela.” Izibusiso ezatholwa abafowethu baseYugoslavia zakudlula kude le ukuzidela okuningi ababekwenzile ukuze babe khona. UMilosija Simić owayevela eSerbia uthi: “Ukuya emhlanganweni kwabiza iholo lezinyanga ezimbili futhi kungelula ukuphutha izinsuku eziyishumi emsebenzini. Ngangingaqiniseki ukuthi ngizobuya umsebenzi usekhona yini, kodwa ngangizimisele ukuya. Kwakumangalisa! Ngisho nanamuhla, ngemva kweminyaka engaba ngu-40, ngisahlengezela izinyembezi zenjabulo uma ngikhumbula lowo mhlangano.” Sebendawonye nabanye oFakazi bakulo lonke elaseYugoslavia ukuze bajabulele ubunye bobuzalwane bomhlaba wonke, abafowethu bagoduka benamandla okubhekana nezinselele ezazisengaphambili.
AMAPHAYONA ENDAWO AHLANGABEZANA NESIDINGO
Amaphayona aseJalimane ayefike ekuqaleni kwawo-1930 ayenze lukhulu ekusakazeni izindaba ezinhle. Njengoba inani labamemezeli lalanda, baningi abaseYugoslavia ababengenela inkonzo yamaphayona. Ngokwesibonelo, iSlovenia yathumela amaphayona avuthiwe ezindaweni ezikude zaseYugoslavia lapho kwakunendingeko enkulu khona. La maphayona abhekana ngesibindi nenselele yokufunda izilimi namasiko amasha.
UJolanda Kocjančič uyakhumbula: “Ngafika ePriština, idolobha elikhulu kunawo wonke eKosovo, lapho kukhulunywa khona isi-Albania nesiSerbia. Nakuba mina noMinka Karlovšek sasingazazi lezi zilimi, saqala ukushumayela, sazifunda kanjalo. Endlini yokuqala sathola indodana endala yomfelokazi owayengumCzech. Intshumayelo sayethula ngesiSlovenia esixutshwe namagama esiSerbia, sathi, ‘Singathanda ukuxoxa nani ngezindaba ezinhle zeBhayibheli.’
Yathi: “‘Ngenani, umama ubenilindele.’
“Lapho singena, unina, uRužica, weza eshesha ezosibingelela. Wasichazela ukuthi emasontweni amabili ngaphambili wayekade ethandaze kuJehova ecela ukuba amthumelele umuntu ozomfundisa ngaye. Udadewabo onguFakazi KaJehova endaweni manje ebizwa ngokuthi iCzech Republic, wayemkhuthaze kaningi ukuba athandazele usizo kuJehova. URužica wayegculisekile ukuthi ukufika kwethu kwakuyimpendulo yomthandazo wakhe. Njengoba ayesifundisa isiSerbia, thina sasimfundisa iqiniso leBhayibheli. Emzini wakhe kwakuqashe izingane zesikole nazo ezahlanganyela esifundweni seBhayibheli. Enye yazo yasinika isichazamazwi sesi-Albania esasisiza sasifunda.”
UZoran Lalović waseMontenegro wayesengumfanyana lapho ethola iBhayibheli ephayoneni laseZagreb, eCroatia. Ngemva kweminyaka emihlanu ngo-1980, kwafika iphayona elikhethekile laseSerbia lamfundela. UZoran uthi: “Kwakunzima ukuhlukana nobhululu bami base-disco, kodwa lapho ekugcineni ngigqashula kubo, ngathuthuka ngokushesha futhi ezinyangeni ezimbalwa kamuva ngabhapathizwa eBelgrade, eSerbia. Ngemva nje kwalokho, ngabelwa ukuba nginikeze inkulumo yeningi ngoba babembalwa abazalwane. Saqala nokuqhuba yonke imihlangano edolobheni lasePodgorica.”
UBHAPATHIZO EMASIMINI ELAYISI
UStojan Bogatinov waseMacedonia wathi: “Lapho abantu sebekufanelekela ukubhapathizwa, ngangibabhapathiza. Sasingenawo ubhavu kanti nomfula wawungajulile neze. Nokho, ayekhona amasimu amaningi elayisi anemisele yamanzi. Eminye yayishona futhi ihlanzekile, singabhapathizela kuyo. Ngikhumbula ubhapathizo lokuqala ensimini yelayisi. Njengoba sasinqamula ensimini siya emseleni, othile wangimemeza, ‘Stojan, usuthole izisebenzi ezintsha!’
“‘Yebo,’ ngiphendula, ‘umsebenzi mningi.’ Babengazi ukuthi siyizisebenzi zokuvuna okungokomoya okwakwenziwa eMacedonia.”
Abafowethu baseMacedonia babengakwazi ukuxhumana kahle nehhovisi legatsha futhi kwakusekuningi okwakufanele bakufunde ngokuphathelene nenqubo engokwasezulwini. UStojan Stojmilov waqala ukuya esifundweni eJalimane futhi lapho ebuyela eMacedonia, wajabula lapho ethola oFakazi eKočani. Uthi: “Lapho ngifika futhi ngitshela abafowethu ukuthi imihlangano iqhutshwa kanjani eJalimane, bavele bangicela ukuba ngiqhube iSifundo Se-Nqabayokulinda nenkulumo yeningi. Ngabachazela ukuthi angikabhapathizwa kodwa baphikelela bethi yimina engikufanelekelayo. Ngakho ngavuma. Ngokuhamba kwesikhathi mina nomkami sathuthuka futhi sabhapathizwa emasimini elayisi.”
UVeselin Iliev osengumdala eKočani, uyachaza: “Kuncane esasikwazi ngokuhleleka okungokwasezulwini kodwa sasilithanda kakhulu iqiniso.” Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova waqiniseka ukuthi izinto ziyalungiswa. Phakathi kokunye, ukutholakala kwezincwadi ezengeziwe ngolimi lwaseMacedonia kwasiza kakhulu ekwandiseni iqiniso loMbuso nasekuqiniseni amabandla.
UKUYISEBENZISA NGOKUHLAKANIPHA INKULULEKO EYENGEZIWE
Njengoba iYugoslavia yayingabuswa iRussia, abantu babenenkululeko eyayingatholakali emazweni obushiqela. Ngasekupheleni kwawo-1960, iYugoslavia yaba izwe lokuqala lobuKhomanisi elaqeda ukusebenza kwama-visa laxegisa nemithetho elawula ukungena nokuphuma ezweni. Njengoba base benenkululeko ethé xaxa yokuhamba, abafowethu enyakatho Yugoslavia bayisa izincwadi emazweni akhelene neSoviet Union, lapho umsebenzi wokushumayela wawusavinjelwe khona.
Okokuqala, bayisa izincwadi eYugoslavia zisuka eJalimane ngamaloli amancane. UÐuro Landić, okhonza eKomitini Yegatsha eCroatia, ukhumbula ukuthi umuzi wabo wawuyidepho yezincwadi kwaze kwaba yilapho kuwa iSoviet Union. Uthi: “Sasifihla izinto phansi ezimotweni nakuma-dashboard. Sasazi ukuthi uma sibanjwa, sasingaphucwa izimoto futhi siboshwe kodwa injabulo yabafowethu lapho bethola izincwadi yakwenza kwawufanela umzamo.”
Udade Milosija Simić, owayethatha izincwadi eSerbia aziyise eBulgaria, uyalandisa: “Ngangingazi ukuthi ngiziyisa kubani izincwadi—engangikwazi nje ikheli kuphela. Ngelinye ilanga ngehla ebhasini ngawuthola umuzi, kodwa kwakungekho muntu. Ngathi ukuzulazula kule ndawo, ngabuya sengiqhamuka ngenye indlela ngayobheka futhi. Kwakusakhala ibhungane. Ngenza lokhu izikhathi ezingaba ishumi usuku lonke, ngikwenza ngokuqapha ukuze ngingazidonseli amanzi ngomsele. Kodwa angitholanga muntu. Kwaba isibusiso sangempela lokhu ngoba kamuva ngathola ukuthi kwakungewona umuzi engangiwufuna.
“Ngenxa yokuthi ngangisebenze kanzima ngikopisha futhi ngibhala izincwadi ngomshini, ngangixakekile. Ngangingeke ngivele ngizilahle. Ngakho nganquma ukuphindela nazo eSerbia lapho zazizosetshenziswa kahle khona. Nakuba ngangithenge ithikithi lokuya nokubuya, ngangisadinga ithikithi elalizongiyisa esiteshini. Ngokuvamile lapho ngidiliva izincwadi, abafowethu ezaziya kubo yibo ababenginikeza imali yethikithi. Isizathu salokhu kwakuwukuthi kwakunomthetho obekiwe wesamba semali engangingasiphatha uma ngiza kuleli zwe. Ngaya efasiteleni okuthengwa kulo ithikithi, ngathandazela ukuba ngifike kusebenza umuntu wesifazane. Ngathi ngifika, indoda eyayisefasiteleni yahamba kwangena owesifazane. Ngamtshela ukuthi uma enginika ithikithi, mina ngizomnika izingubo esasikade sisonge ngazo izincwadi. Wavuma, wanginika ithikithi.”
Ekuqaleni kwawo-1980, abafowethu bahumusha izincwadi ngesi-Albania nangesiMacedonia babe sebethumela amakhophi abhalwe ngesandla ehhovisi elincane eBelgrade. Lapho, uMilosija wasebenzisa umshini wokubhala ne-carbon paper ukuze anyathelise amakhophi angu-8 ngesikhathi. Kwakuyisabelo esinzima ngoba izincwadi zazibhalwe ngesandla futhi engalujwayele ulimi.
ABAFOWETHU ABASEBASHA BAMA BEQINILE
Nakuba sasinenkululeko engokwenkolo, uhulumeni wabheka ukungathathi hlangothi kwethu njengosongo ebunyeni beYugoslavia. Ngenxa yalokhu, abafowethu baphikiswa. Phakathi neMpi Yezwe II, abaningi bahlala bethembekile kwaze kwaba sekufeni ngenxa yokungathathi hlangothi kwabo. Kodwa phakathi neminyaka engu-30 eyalandela, akubona bonke ababonisa ukholo oluqinile olufanayo. Abanye babeba khona ezifundweni futhi bewusekela umsebenzi woMbuso; nokho lapho bebizelwa ukuyoqeqeshelwa ezempi, bathola izaba zokuya.
Abafowethu abasebasha abangavumanga ukuyoqeqeshelwa impi babengagwetshwa iminyaka engaze ibe yishumi. Ngaphezu kwalokho, babengagwetshwa kaningana bengakayihlanganisi neminyaka engu-30. Abanye ababhekana ngokuphumelelayo nalolu vivinyo lobuqotho babesanda kuhlanganyela. Abaningi babo manje sebengabazalwane abanokwethenjelwa abaholayo emabandleni.
UMHLANGANO WEZIZWE OTHINTA INHLIZIYO
OFakazi BakaJehova eYugoslavia babengakaze bayizwe injabulo yokuba nomhlangano wezizwe. Cabanga intokozo ababa nayo lapho iNdikimba Ebusayo ngo-1991 imemezela ukuthi omunye wemihlangano yezizwe ethi “Abathandi Benkululeko” wawuzoba seZagreb, eCroatia!
Kepha kwakunezinkinga. Kusukela iCroatia yaphuma ngaphansi kweYugoslavia, kwakulokhu kuvunguza umoya wempi. Ingabe kwakuzoba ukuhlakanipha ukuba nomhlangano? Ukuphepha kwezihambeli zakwamanye amazwe nezalapha yikona okwakusemqoka. Ngemva kokuthandaza nokuhlanganisa amakhanda, abafowethu banquma ukuqhubeka namalungiselelo omhlangano.
UTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, waya eCroatia kusasele amasonto ambalwa ngaphambi komhlangano eyolekelela ekuhlelweni kwawo. Ngenxa yokuthi yonke imibuthano yomphakathi eZagreb yayihoxisiwe, wonke amehlo ayebheke okwakuzokwenzeka eDinamo Stadium. Njengoba umhlangano usondela, isimo sasiya siba manzonzo. Zonke izinsuku abafowethu babecabanga izingozi ezingase zibe khona, bezibuza umbuzo ofanayo njalo—Aqhubeke amalungiselelo noma umhlangano uhoxiswe? Abafowethu bathandaza bethandazile kuJehova becela isiqondiso sakhe. Ngokumangalisayo, isimo sezwe sazola futhi bakwazi ukuba nomhlangano wesigodi ngo-August 16-18, 1991.
Yeka umehluko owawukhona! Njengoba amazwe angomakhelwane ayeviva, oFakazi BakaJehova eCroatia babamukela izinkulungwane zezivakashi ezazize emhlanganweni wezizwe othi “Abathandi Benkululeko KaNkulunkulu.”b Nakuba abantu abaningi bendawo babebaleka, abafowethu nodade basemazweni angu-15 babehlangene ndawonye ngothando nangenkululeko. Abaningi bafika ngezindiza bevela e-United States, eCanada nakwamanye amazwe aseNtshonalanga. Ngenxa yempi, isikhumulo sezindiza saseZagreb savalwa futhi izindiza kwadingeka zifikele eLjubljana, eSlovenia. Izihambeli zazisuka lapho ziye eZagreb ngebhasi. Isibindi sabazalwane ababevakashile saba ubufakazi obuhle kubantu futhi ukuba khona kwabo kwaba isikhuthazo esikhulu kubazalwane bendawo. Iqembu elikhulu kunawo wonke—elinezihambeli ezingaba ngu-3 000—lalivela e-Italy. Kwaba sengathi uthando lwabo olufudumele nenjabulo kwenza umhlangano wavutha bhé.—1 Thes. 5:19.
Okwakuqinisa ukholo nakakhulu ukuba khona kwamalungu amahlanu eNdikimba Ebusayo. Kuze kube namuhla abaningi basazikhumbula izinkulumo ezanikezwa uCarey Barber, uLloyd Barry, uMilton Henschel, uTheodore Jaracz noLyman Swingle. Laba bafowethu, nokuhlangenwe nakho kwabo kweminyaka eminingi, abazange badikibaliswe izinxushunxushu kodwa bangena ngesibindi kuleli zwe ukuze baqinise abazalwane ngezinkulumo ezakhayo.
Ngenxa yodlame lwezombusazwe, iziphathimandla zazesaba ukuthi kungase kusuke esinamathambo phakathi kwabazalwane abavela ezindaweni ezihlukahlukene zaseYugoslavia. Kwathi gidi lapho zibabona behlangene ndawonye ngokuthula futhi bebonisana uthando olufudumele lobuzalwane. Inani lamaphoyisa agadile lalincipha usuku nosuku.
Lo mhlangano ongasoze walitshalwa wabonisa ukuthi oFakazi BakaJehova bangumkhaya wangempela womhlaba wonke. Ukucabanga ngalokhu kwakuzosiza abafowethu balondoloze ubunye phakathi nezikhathi ezinzima ezazisabalindele. Amabhasi ezihambeli zaseSerbia naseMacedonia ayephakathi kwezimoto zokugcina ezavunyelwa ukuphuma emngceleni ophakathi kweCroatia neSerbia. Lapho abafowethu sebedlule ngokuphepha emngceleni, wavalwa. Abaningi bathi impi yaqala ngaleso sikhathi.
Ezinyangeni naseminyakeni eyalandela, izindawo ezazingaphansi kweYugoslavia zaba amazwe azimele anohulumeni bawo. Izimpi zombango ezaba umphumela zabulala amashumi ezinkulungwane zabantu zadala nokuhlupheka okungachazeki. Kwakuzobahambela kanjani abafowethu kulesi sikhathi seziyaluyalu? UJehova uwubusise kanjani umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kula mazwe asezimele? Asibone.
Umlando Wanamuhla WeBosnia NeHerzegovina
“Ngo-May 16, 1992, sasingu-13 siqoqene ndawonye endlini njengoba amabhomu evithiza iSarajevo. Amabili ashaya isakhiwo esasicashe kuso. Nakuba sasingamaCroatia, amaSerbia namaBosnia—zona kanye izizwe ezintathu ezazibulalana ngaphandle—sasimunye ekukhulekeleni okumsulwa. Entathakusa, njengoba kwakusaqathaka amabhomu ambalwa, sabaleka sayofuna indawo ephephile. Njengoba sasenzile ebusuku bangayizolo, sakhala kuJehova ngomthandazo futhi wasizwa.”—UHalim Curi.
ISarajevo, eyayinabantu abangaphezu kuka-400 000, yavinjezelwa isikhathi eside kunanoma yisiphi emlandweni wanamuhla futhi isimo sasishubile. Abafowethu nodade babezobhekana kanjani nazo zonke lezi zingxabano zobuzwe nezenkolo ezazihlukanisa izwe? Ngaphambi kokuba silandise ngabo, ake sithi qaphu qaphu ngeBosnia neHerzegovina.
Le ndawo ebizwa ngokuthi iBosnia neHerzegovina isenkabeni yezwe elalaziwa ngokuthi iYugoslavia futhi izungezwe iCroatia, iSerbia neMontenegro. Amasiko nezibopho zomkhaya kugxilile futhi ukungenisa izihambi kugcizelelwa kakhulu. Kuyinto evamile ukuya kwamakhelwane uyophuza ikhofi nokuzilibazisa e-kafići (ethilomu). Nakuba izakhamuzi zaseBosnia zifana, zihlanganisa amaBosnia, amaSerbia namaCroatia. Abaningi bathi abanandaba kangako nenkolo; kodwa yiyo kanye ebangele ukwehlukana kubantu. Iningi lamaBosnia lingamaSulumane, amaSerbia wona asonta eSontweni Lobu-Orthodox BaseSerbia kanti amaCroatia angamaKatolika.
Ukwanda okwethusayo kokungabekezelelani okungokwenkolo nenzondo yobuhlanga ekuqaleni kwawo-1990 kwaphumela esimweni esidabukisayo sokuqothulwa kohlanga. Amasosha ayehlasela axosha izakhamuzi—emadolobheni amancane namakhulu—ukuze kube khona izindawo ezingaxube zinhlanga ezazizoba ezenkolo yawo. Lokhu kwavivinya ukungathathi hlangothi kwabafowethu nodade. EBosnia, njengakwezinye izindawo ezazingaphansi kweYugoslavia, iningi lisenkolweni yabazali balo futhi isibongo singakutshela ukuthi umkhaya usontaphi. Lapho abanhliziyo ziqotho beba izinceku zikaJehova, bangase babhekwe njengamambuka. Yize kunjalo, abafowethu baye bafunda ukuthi ukuba qotho kuJehova kuyisivikelo.
IDOLOBHA ELIVINJEZELWE
Njengoba sibonile, uthando nobunye okwaboniswa emhlanganweni ‘Wabathandi Benkululeko KaNkulunkulu’ owawuseZagreb, eCroatia ngo-1991, kwabathinta ngokujulile abafowethu baseYugoslavia. Lo mhlangano ongasoze walibaleka wabaqinisa ukuze bakwazi ukubhekana novivinyo olwaluseza. AmaBosnia, amaSerbia namaCroatia ayehlala ndawonye ngokuthula eSarajevo. Gwiqiqi, leli dolobha lase livinjezelwe amasosha futhi kungasekho okwazi ukuphuma—kuhlanganise nabafowethu. Nakuba isimo sezombusazwe sasimanzonzo, akekho owayazi ukuthi lo mbango uyoqhubeka isikhathi esingakanani.
UHalim Curi, umdala waseSarajevo wathi: “Abantu babulawa indlala. Inyanga ngayinye bathola amakhilogremu ambalwa kafulawa, amagremu ayikhulu kashukela nephayinti lamafutha. Balima imifino kunoma iyiphi indawo abayitholayo. Bagawula izihlahla ukuze bathole izinkuni zokubasa. Kuthi kungaphela izihlahla bese bexebula amapulangwe aphansi ezindlini zabo ukuze bapheke futhi bafudumale. Babasa noma yini engokheleka, ngisho nezicathulo ezindala.”
Lapho iSarajevo ihlaselwa, uLjiljana Ninković nomyeni wakhe uNenad bazithola bevalelekile futhi bengasakwazi ukubonana namadodakazi abo amabili. ULjiljana uthi: “Sasingumkhaya ovamile onezingane ezimbili, umuzi nemoto. Kodwa konke kwashintsha ngokuphazima kweso.”
Kodwa uJehova wabavikela kaningi. ULjiljana uyaqhubeka: “Kwaze kwaba kabili umuzi wethu uqhunyiswa ngebhomu siqeda kuphuma nje. Naphezu kobunzima, sathola injabulo ezintweni ezincane. Ngokwesibonelo, sasikujabulela ukuya epaki siyonquntula amacembe e-dandelion ukuze senze isaladi esasizosheba ngayo ilayisi. Safunda ukwaneliswa yilokho esasinakho nokungathathi izinto kalula.”
BATHOLA UKUDLA OKUNGOKOMOYA NOKUNGOKWENYAMA
Enye yezinkinga ezinkulu kwakuwukuthola amanzi. Kwakuqabukela uthole amanzi empompini. Abantu kwakudingeka bahambe amakhilomitha amahlanu beyokukha amanzi, banqamule ezindaweni ezinabadubuli. Endaweni okwakutholakala kuyo amanzi, kwakufanele baklele emgqeni amahora amaningi belinde ukugcwalisa izigubhu zabo, bese bezihudula bephindela emakhaya besindwa amanzi.
“Kwaphakama uvivinyo ngesikhathi sizwa ukuthi kuzoba namanzi ezindlini okwesikhashana,” kubika uHalim. “Wonk’ umuntu kwakuzofanele ageze, awashe izingubo, bese egcwalisa izigubhu eziningi ngangokunokwenzeka. Kodwa kuthiwani uma lesi sikhathi okwase kukudala sisilindile sasizoqondana ngqo nesikhathi semihlangano yebandla? Kwakuzofanele sikhethe phakathi kokuya esifundweni noma ukuhlala silindele ukukha amanzi.”
Nakuba izidingo ezingokwenyama zazibalulekile, abafowethu babekuqaphela nokubaluleka kwamalungiselelo angokomoya. Esifundweni babengatholi nje kuphela ukudla okungokomoya kodwa babephinde batshelwe ukuthi ubani oboshiwe, olimele nokuthi ubani obulewe. UMilutin Pajić, ongumdala webandla uyalandisa: “Sasinjengomkhaya. Lapho sisesifundweni sasingafuni ukwehlukana. Ngemva kwemihlangano, sasiye sihlale sixoxe ngeqiniso isikhathi eside.”
Ukuphila kwakunzima, abafowethu babehlala besabela ukuphila kwabo. Noma kunjalo, izinto ezingokomoya zaziza kuqala kubo. Ngesikhathi impi ibhuqabhuqa izwe, abantu bakaJehova basondelana ngokwengeziwe futhi basondela nakuYise osezulwini. Izingane zabuqaphela ubuqotho babazali bazo futhi nazo zahlakulela obazo ubuqotho obungantengi kuJehova.
IBihać, idolobha eliseduze komngcele waseCroatia, yayivinjezelwe iminyaka ecishe ibe mine. Abantu babengakwazi ukuphuma futhi bengakwazi ukuthola izimpahla zosizo ezivela ngaphandle. U-Osman Šaćirbegović, okuwukuphela komzalwane kuleli dolobha uthi: “Kwakunzima kakhulu ekuqaleni kwempi, hhayi nje ngenxa yempi kodwa ikakhulu ngenxa yokuthi sasikuqabuka lokhu okwakwenzeka. Lapho amabhomu eqala ukuqhunyiswa, amaphaphu athi ukwehla ngoba sasheshe sabona ukuthi akuwona wonke amabhomu abulalayo. Amanye awaqhumi kwakuqhuma.”
Ngenxa yokuthi akekho owayazi ukuthi impi izophela nini, iBethel yaseZagreb, eCroatia neyaseVienna, e-Austria, enza ilungiselelo lokubeka izimpahla zosizo emaHholo OMbuso nasemizini yoFakazi eSarajevo, eZenica, eTuzla, eMostar, eTravnik naseBihać. Njengoba yayibambene ngezihluthu, amadolobha avinjezelwa. Imizila yokuthumela usizo yanqamuka kungalindelekile futhi ababenakho kwakuzophela masinyane. Ngisho noma amadolobha amaningana aseBosnia ayengasaxhumani nezwe, ubunye bobuzalwane boFakazi BakaJehova bahlala buqinile. Babuhluke kakhulu emalangabini enzondo yobuzwe neyenkolo ayebhebhetheka kulo lonke izwe.
BAYASHISEKA, NOKHO BAQAPHILE
Ngaphandle kwezinselele zokuthola izidingo zansuku zonke, kwakunengozi yabadubuli ababezungeze iSarajevo bedubula noma ubani odlulayo. Izindiza zazilokhu ziwadedele njalo amabhomu abulalayo. Ngezinye izikhathi kwakuyingozi ukuhamba kula madolobha avinjezelwe. Abantu babehlalel’ ovalweni. Kodwa ngokuhlakanipha nangesibindi, abafowethu abazange bayeke ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nabantu ababeyidinga ngempela induduzo.
Umdala othile uyalandisa: “Kokunye ukuhlasela okukhulu eSarajevo, kwaqhuma amabhomu ayizinkulungwane ngosuku nje olulodwa. Ngalowo Mgqibelo ekuseni, abazalwane bashayela abadala ucingo bebuza, ‘Uzoba kuphi umhlangano wenkonzo yasensimini?’”
Omunye udade uthi: “Ngabona ukuthi abantu babelomele ngempela iqiniso. Yilokho kanye okwangisiza ukuba ngikhuthazele futhi ngijabule ngaphansi kwezimo ezinzima.”
Izakhamuzi eziningi zaqaphela ukuthi zidinga ithemba leBhayibheli. Omunye umzalwane wathi: “Abantu yibona abasicingayo ukuze bathole usizo olungokomoya kunokuba kube yithi esibacingayo. Sibabona sebefika qathatha eHholo LoMbuso bezocela ukuba sibafundele.”
Impumelelo enkulu yomsebenzi wokushumayela ngesikhathi sempi yabangelwa ubunye bobuKristu obaba sobala kubantu. UNada Bešker, udade osekhonze njengephayona elikhethekile iminyaka eminingi uyalandisa: “Kwakuwubufakazi obukhulu. Abantu babebona abafowethu abangamaBosnia namaSerbia besebenza ndawonye ensimini. Lapho bebona udade ongumCroatia nomunye owayekade engumSulumane befundela umSerbia, kwavele kwabacacela ukuthi sihlukile.”
Imiphumela yentshiseko yabafowethu isabonakala ngoba abaningi abakhonza uJehova namuhla bathola iqiniso ngesikhathi sempi. Ngokwesibonelo, ibandla laseBanja Luka laphindeka kabili, nakuba abamemezeli abayikhulu babethuthele kwamanye amabandla.
UMKHAYA OTHEMBEKILE
Abafowethu babehlala beqaphile. Yize kunjalo, abanye baba izisulu ‘zesikhathi nesenzakalo esingalindelekile’ ngokuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. (UmShu. 9:11) UBožo Ðorem ongowokudabuka eSerbia, wabhapathizwa emhlanganweni wezizwe eZagreb ngo-1991. Ngemva kokubuyela eSarajevo, waboshwa kaningi, wafike wahlukunyezwa ejele ngenxa yokungathathi hlangothi. Ngo-1994 wagwetshwa izinyanga ezingu-14 ejele. Ubunzima obukhulu ayebhekene nabo ukuthi wayengakwazi ukuba nomkakhe, uHena, nendodakazi yabo eneminyaka emihlanu, uMagdalena.
Ngokushesha nje ngemva kokudedelwa kukaBožo ejele, kwagadla inhlekelele. Ngenye intambama bahamba bobathathu bayoqhuba isifundo seBhayibheli budebuduze nomuzi wabo. Njengoba besendleleni, kwezwakala umsindo wokuqhuma kwebhomu. UHena noMagdalena bafa ujuqu, uBožo wafela esibhedlela.
UKUNGATHATHI HLANGOTHI KOBUKRISTU
Ngenxa yegagasi elikhulu lobandlululo, yayingangenwa eyokungathathi hlangothi. Ebandleni laseBanja Luka kwakunabazalwane abaningi abasebasha ababefuneka ukuze bayokulwa empini. Ngenxa yokungathathi hlangothi, bashaywa.
U-Osman Šaćirbegović uyakhumbula: “Amaphoyisa ayevame ukusihloma imibuzo futhi asibize ngamagwala ngokungafuni ukuvikela imikhaya yakithi.”
U-Osman wayebonisana nawo athi: “Lesi sibhamu sakho esincane siyakuvikela, akunjalo?”
“Kunjalo,” kuphendula iphoyisa.
“Ungasiyeka yini uthathe esikhulu kunaso ukuze uzivikele ngokwengeziwe?”
“Yebo.”
“Sona ungasiyeka yini uma unikezwa inqola yempi engusondonzima?”
“Impela nje.”
U-Osman wayebe esethi, “Konke lokhu ubungakwenza ukuze uthole isivikelo esingcono. Isivikelo sami sivela kuJehova, uNkulunkulu uMninimandla onke, uMdali wendawo yonke. Yisiphi nje isivikelo esingcono kunaleso?” Iphuzu laliba sobala, futhi amaphoyisa ayebe esemyeka.
KUFIKA ZIMPAHLA ZOSIZO
Nakuba abazalwane emazweni angomakhelwane babazi ukuthi oFakazi baseBosnia bayahlupheka, okwesikhathi esithile kwakunzima ukuthumela izimpahla zosizo kubafowethu abaswele. Kwathi ngo-October 1993, iziphathimandla zavuma ukuba zithunyelwe. Yize kwakuyingozi, abafowethu banquma ukulisebenzisa leli thuba. Ngo-October 26, amaloli amahlanu asuka eVienna, e-Austria, abhekisa amabombo eBosnia, ethwele amathani angu-16 okudla nezinkuni. Ayezodlula kanjani ezindaweni eziningi impi eyayisabambene phezulu kuzo?c
Kunezikhathi abafowethu ababehamba ngazo ethunzini lokufa. Omunye wabashayeli uyakhumbula: “Ngaselwa ngalolo suku, ngazithola sengisemuva kunamanye amaloli. Njengoba ngangisondela kwenye yezindawo okuseshwa kuzo, wonke amaloli ayemiswa, izikhulu zihlole amaphepha. Ngingalindele, ngezwa kuqhuma isibhamu futhi sabona ukuthi kudutshulwe umshayeli ongeyena uFakazi.”
Ngabashayeli bamaloli kuphela ababevunyelwe ukungena eSarajevo, ngakho abazalwane ababebaphelezela kwadingeka babalinde ngaphandle kwedolobha. Bezimisele ukukhuthaza abazalwane bendawo, bashayela abamemezeli baseSarajevo ucingo futhi babanikeza inkulumo yeningi ekhuthazayo. Kaningana phakathi nempi, ababonisi abajikelezayo, izikhonzi zaseBethel namalungu eKomiti Yezwe bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze basize abafowabo ngokwenyama nangokomoya.
Kwadlula cishe iminyaka emine izimpahla zingafiki kubazalwane baseBihać. Nakuba ukudla okungokwenyama kwakungavunyelwe ukungena edolobheni elalivinjezelwe, abafowethu bakwazi ukuthola ukudla okungokomoya. Kanjani? Bathola ucingo kanye nomshini we-fax, okwenza bakwazi ukuthola INkonzo Yethu YoMbuso namakhophi e-Nqabayokulinda ngezikhathi ezithile. Babephinde bazibhale ngomshini izincwadi bese benikeza umkhaya ngamunye ikhophi eyodwa. Ngesikhathi kuqala impi, kwakuneqembu elincane labamemezeli abathathu ababhapathiziwe. Kwakunabamemezeli abangu-12 abangabhapathiziwe okwase kuyiminyaka emibili besilinde ngabomvu isikhathi esifanelekayo sokubonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa.
Ukuvaleleka iminyaka eminingi kwakuyinselele. U-Osman uyalandisa: “Abantu engangibafundela babengakaze baye emihlanganweni noma bahanjelwe umbonisi wesifunda. Sasihlale sixoxa ngesikhathi esasiyokwazi ngaso ukuhlangana nabanye abazalwane.”
Cabanga ngenjabulo abafowethu ababa nayo ngo-August 11, 1995, lapho izimoto ezimbili zingena eBihać zibhalwe ngokugqamile ukuthi “Izimpahla Zosizo ZoFakazi BakaJehova.” Lezi kwakuyizimoto zokuqala ezaletha usizo kusukela idolobha lavinjezelwa! Zafika ngaso kanye isikhathi abafowethu ababezizwa ngaso sengathi ngeke besakwazi ukubhekana nesimo—emizimbeni nasezingqondweni.
Omakhelwane eBihać baphawula indlela abafowethu ababenakekelana ngayo, njengokufakelana amafasitela. “Lokhu kwabahlaba umxhwele omakhelwane bami ngoba babazi ukuthi sihlwempu. Kwakuwubufakazi obunamandla obusengundabuzekwayo namanje,” kusho u-Osman. Manje eBihać kunebandla elishisekayo elinabamemezeli abangu-34 namaphayona angu-5.
UHAMBO OLUNGASOZE LWALIBALEKA!
Abafowethu badela ukuphila kwabo kaningi ukuze bayise ukudla nezincwadi emadolobheni aseBosnia ayebhuqwe impi. Kodwa uhambo lwango-June 7, 1994 lwaluzokwehluka. Ekuseni ngalolo suku, kwaphuma amaloli amathathu esuka eZagreb, eCroatia, egibelise amalungu eKomiti Yezwe nezisebenzi ezengeziwe. Umgomo wabo kwakuwukuhambisa izimpahla zosizo nokuqhuba isimiso somhlangano okhethekile esifushanisiwe, esaba ngesokuqala ngemva kweminyaka emithathu!
Enye indawo okwaqhutshelwa kuyo lesi simiso kwakusedolobheni laseTuzla. Ngesikhathi kuqala impi, kwakunabamemezeli abangaba ngu-20 nje kuphela ababhapathiziwe kuleli bandla. Yeka indlela okwamangaza ngayo ukubona abangaphezu kuka-200 bezolalela isimiso somhlangano! Kwabhapathizwa abangu-30. Namuhla, eTuzla kunamabandla amathathu anabamemezeli abangaphezu kuka-300.
EZenica abafowethu bathola indawo ekahle yokuhlangana nakuba kwaba nzima ukuthola ichibi elifanelekayo lokubhapathizela. Ngemva kokuzikhandla belifuna bagcina bethole ubhavu ababengawusebenzisa. Inkinga nje ukuthi wawunuka phu—kwakuke kwagcinwa izinhlanzi kuwo! Nokho, lokhu akuzange kubavimbe labo ababezobhapathizwa, abase besamukele isimemo sikaJesu sokuba “abadobi babantu.” (Math. 4:19) UHerbert Frenzel, manje oyilungu leKomiti Yegatsha eCroatia, wanikeza inkulumo yobhapathizo. Uyabika: “Kwase kuyisikhathi eside laba bafowethu belindele ukubhapathizwa kangangokuthi akukho okwakungabavimba! Ngemva kokubhapathizwa bazizwa benqobile!” Namuhla eZenica kunebandla elinabamemezeli abangu-68 abakhuthele.
ESarajevo, okuwukuphela kwendawo isimiso esasingaba kuyo kwakuseduze nempambana-ndlela okwakudutshulwana kuyo. Lapho abafowethu befika bephephile emhlanganweni, abazange babhekane nje kuphela nenkinga yokuthola indawo yokubhapathizela kodwa nokuthi babezowonga kanjani amanzi. Ukuze baqiniseke ukuthi amanzi ayabenela bonke abazobhapathizwa, bakleliswa ngobukhulu bemizimba yabo, kusukela komncane kuya komkhulu kunabo bonke!
Yeka isikhathi esimnandi abafowethu nodade ababa naso ngalolo suku! Abazange bazivumele izenzakalo ezimbi ezazibazungezile ukuba zibancishe injabulo yokukhulekela ndawonye. Namuhla iSarajevo inamabandla amathathu achumayo.
NGEMVA KWEMPI
Njengoba imizila yokuthumela izimpahla yase iphinde yavuleka, ngokwezinga elithile izimo zaba ngcono kubafowethu nodade. Nokho, abantu babelokhu besuswa ngempoqo ezindaweni zabo. U-Ivica Arabadžić, umdala waseCroatia, ukhumbula bekhishwa ngoshova emzini wabo eBanja Luka. “Kwafika indoda nesibhamu yathi asiphume siphele, lo muzi sekungowayo. Kwayona yayikhishwe ngendluzula emzini wayo oseŠibenik, eCroatia, ngoba yayingumSerbia. Manje yayisixosha thina. Isikhulu samaphoyisa engake ngasifundela sasilamulela. Yize sehluleka ukuwugcina umuzi wethu kodwa sakwazi ukushintshana ngawo—yathatha owethu thina sathatha owayo. Kwakunzima ukushiya umuzi nebandla lakithi elalisisizile safunda iqiniso, kodwa kwakungekho esasingakwenza. Sathatha izinto ezimbalwa sahamba sayofuna umuzi wethu ‘omusha’ eCroatia. Nokho, lapho sifika eŠibenik, kwase kuhlala omunye umuntu kulo muzi. Sasizokwenzenjani? Ngokushesha abazalwane basamukela ngezandla ezifudumele, umdala othile wasihlalisa kwakhe unyaka wonke kwaze kwaba yilapho inkinga yomuzi wethu ixazululeka.”
Nanamuhla, kuseneziyaluyalu kwezombusazwe, kodwa iqiniso liyanda eBosnia naseHerzegovina, lapho abantu abacishe babe ngamaphesenti angu-40 bengamaSulumane. Kusukela kwaphela impi, abafowethu baye bakha amaHholo OMbuso amasha. Elinye ngokukhethekile, eliseBanja Luka, lingaphezu nje kwendawo yokuhlangana eyayidingeka ngempela. Liwuphawu lokunqoba ngokomthetho. Kwaphela iminyaka abafowethu bezama ukuthola imvume yokwakha iHholo LoMbuso kule ndawo, lapho ithonya leSonto Lobu-Orthodox BaseSerbia linamandla khona. Ngemva kwempi, nakuba abafowethu base beqashelwa ngokomthetho eBosnia, benqatshelwa ukwakha iHholo LoMbuso eBanja Luka. Ekugcineni, ngemva kwemithandazo eminingi nemizamo yokuzikhandla, bayithola imvume. Lokhu kunqoba kwaba umhlahlandlela ngokuqondene namaHholo OMbuso ayesazokwakhiwa eBosnia naseHerzegovina.
Inkululeko yokukhulekela iye yasiza amaphayona akhethekile angu-32, iningi lawo elivela kwamanye amazwe, ukuba akwazi ukuya ezindaweni ezinendingeko enkulu. Intshiseko yawo ngenkonzo nokulalela ngobuqotho izimiso zaphezulu kube yisibusiso sangempela.
ESarajevo, lapho abafowethu babevame ukudutshulwa khona eminyakeni eyishumi edlule, manje sekuyindawo enokuthula eba nemihlangano enezihambeli ezivela kuzo zonke izindawo ezazingaphansi kweYugoslavia. Nakuba izimpi zangekhulu leminyaka edlule zalicekela phansi leli zwe elihle elinezintaba, abantu bakaJehova baye basondelana nakakhulu esibophweni ‘sothando lobuzalwane lokungazenzisi.’ (1 Pet. 1:22) Namuhla, amabandla angu-16 anabamemezeli abangu-1 163 eBosnia naseHerzegovina, adumisa uNkulunkulu weqiniso uJehova ngobunye.
Umlando Wanamuhla WeCroatia
Ngemva komhlangano wezizwe eZagreb ngo-1991, umngcele ophakathi kweCroatia neSerbia wavalwa kungalindelekile. Imigwaqo emikhulu namabhuloho kwabhidlika noma kwavinjwa amasosha futhi abantu abaningi ababevela endaweni esempumalanga yeCroatia abakwazanga ukubuyela emakhaya. OFakazi abaningi bakwezinye izingxenye zezwe babonisa uthando olukhulu lobuzalwane ngokungenisa labo bafowethu, nakuba kwabona babezihluphekela.
Izinhlabamkhosi zazikhala imini nobusuku eZagreb zixwayisa ngokuhlaselwa ngamabhomu. Abantu babebaleka befuna indawo yokukhosela, abanye bahlale lapho amasonto noma izinyanga. Ngenxa yokuphepha kwendawo engaphansi kwesakhiwo saseBethel, iziphathimandla zedolobha zayigunyaza njengendawo yokukhosela. Lokhu kwavula amathuba amahle kakhulu okushumayela, futhi abantu bathola okungaphezu kwendawo yokukhosela ababeyifuna. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga kwakhala izinhlabamkhosi, futhi njengenjwayelo abantu baphuma begijima ebhasini beya kule ndawo yokukhosela eseBethel. Njengoba amaphaphu ayephezulu kubo bonke, umdala okhonza eBethel wababuza ukuthi bangathanda yini ukubukela ama-slide omhlangano wezizwe owawuseZagreb ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili. Bavumela phezulu futhi kwathi sebeqedile babonga banconcoza.
Ngenxa yempi, ukuya ezifundweni kwakuyinselele yangempela, futhi ngeshwa, amanye amaHholo OMbuso ayevithizwe izinhlamvu noma amabhomu. Noma kunjalo, abafowethu abathandekayo babekwazisa kakhulu ukudla okungokomoya, futhi ‘abakuyekanga ukuhlangana ndawonye.’ (Heb. 10:25) Ngokwesibonelo, indawo yaseŠibenik yahlaselwa ngamabhomu izinyanga eziyisithupha, okwenza abafowethu bangakwazi ukuhlangana eHholo LoMbuso. Omunye wabadala uyachaza: “Thina sasihlala ngaphandle kwedolobha, ngakho sasisiqhubela kwami isifundo sencwadi nese-Nqabayokulinda. Naphezu kwalezi zimo, asizange siyekethise emsebenzini wokushumayela. Sasishumayela endaweni yakithi nakwezinye izindawo. Bonke abantu babesibona ukuthi singoFakazi BakaJehova. Babazi ukuthi sihlukile.”
UTHANDO LOBUZALWANE NGESIKHATHI SEMPI
Abafowethu abaningi abalahlekelwa imizi bahlala nabanye, futhi amabandla asukumela phezulu enza noma yini eyayidingeka ukuze asize. Ngokwesibonelo, eHholo labo LoMbuso e-Osijek, eCroatia, abafowethu bawubingelela ngemfudumalo umkhaya omusha owawusanda kuphunyuka ngaphansi kwezimo ezibucayi eTuzla, eBosnia. Ibandla lajabula lapho lizwa ukuthi inkosikazi ingudade.
Iziphathimandla zavumela lo mkhaya ukuba uhlale endlini ethile, kodwa yayisindala futhi iwohlokile. Lapho abafowethu bebona ukuthi ayikho esimweni esihle, basiza. Omunye waletha isitofu, omunye waletha ifasitela, abanye baletha isicabha nombhede. Abanye baletha izinto zokwakha, abanye baletha ukudla nezinkuni. Ngakusasa lase likhona ikamelo okungahlaleka kulo. Noma kunjalo, le ndlu yayingakakulungeli ukukhoselisa lo mkhaya ebusika. Ngakho ibandla lenza uhlu lwezinto ezazisadingeka futhi abamemezeli baletha lokho ababenakho. Yize kwabona babehlupheka, baletha konke okwakudingeka—kusukela esipunwini kuya ezintweni zokwakha uphahla.
Njengoba impi yayiqhubeka, ukudla kwakusheshe kuphele futhi igatsha lasebenza kanzima linakekela izidingo ezingokwenyama nezingokomoya zabafowethu. Lisebenzisana neNdikimba Ebusayo, igatsha lahlela ukuba kuqoqwe ukudla, izingubo, izicathulo nemithi. Ekuqaleni usizo lwaluvela ikakhulu kubazalwane bendawo, kepha nokwabo ukuhlupheka kwabenza bangakwazi kwenza lutho olungako. Phakathi naleso sikhathi, abafowethu base-Austria, e-Italy, eJalimane naseSwitzerland bavula izandla banikela ngezingubo nemithi kanye nokudla okungokomoya. Amaloli ayetheleka ubusuku nemini, eshayelwa izisebenzi zokuzithandela ezazibeka izidingo zabafowabo baseCroatia ngaphambi kokuphepha kwazo. Izimpahla zazithunyelwa emabandleni antulayo zisuka endaweni ezazigcinwe kuyo eZagreb.
Abafowethu eCroatia base belutholile usizo, kodwa manje babezobasiza kanjani abafowabo eBosnia? Amaloli alayishwe ukudla nezinkuni ezingamathani angu-16 alibangisa emngceleni waseBosnia. Kwakuyingozi lokhu ngoba yayiminingi imibiko yezindlavini. Ukunqwamana nazo kwakungasho ukulahlekelwa izimpahla zosizo kanye nokufa kwalabo ababezihambisa.
Omunye umzalwane uyabika: “Sasihamba emahlathini sidlule ezindaweni okuseshwa kuzo futhi ngezinye izikhathi sidlule lapho impi ishisa khona. Nakuba kwakuyingozi, safika siphephile eTravnik, eBosnia. Isosha elezwa ukuthi sesifikile lagijimela endlini abafowethu ababekuyo. Lamemeza: ‘Abantu bakini sebefikile ngamaloli.’ Abeve bajabula! Sangenisa ukudla endlini, sathi ukuxoxaxoxa kwase kudingeka sihambe ngokushesha. Kwakusenezinye izindawo okwakumelwe siye kuzo.”
Abafowethu abaningi babhalela eBethel yaseZagreb bebonga usizo ababelutholile. Elinye ibandla labhala: “Siyabonga kakhulu ngokuzikhandla kwenu ukuze sithole ukudla okungokomoya njalo. Siyabonga nangezimpahla esizitholile; abafowethu bazidinga ngempela. Sibonga asiqedi ngemizamo yenu nangokukhathalela kwenu kothando.”
Enye incwadi ithi: “Baningi abafowethu abangababaleki nabanye abangasebenzi. Lapho bethola izimpahla zosizo futhi bebona ubuningi bazo, izinyembezi zagcwala amehlo. Ukukhathalela kothando, ukupha nokungabi nabugovu kwabafowabo kwabathinta kakhulu futhi kwabakhuthaza.”
Phakathi nalezo zikhathi ezinzima, kwenziwa imizamo ekhethekile yokunikeza abafowethu ukudla okungokomoya okuqinisa ukholo. Kwakusobala nokuthi umoya kaJehova uyabasiza ngempela ukuba bangagcini nje kuphela ngokukhuthazelela lobu bunzima obuhlukumezayo kodwa futhi baqine ngokomoya.—Jak. 1:2-4.
ISIGIJIMI SETHEMBA ESIPHILISAYO
Njengoba izinhlangano zosizo zazinikela ngezinto ezibonakalayo, oFakazi BakaJehova kuphela abanikeza usizo oluhlala njalo. Kunokuba bahlale bagoqe izandla balinde impi ize iphele, abafowethu benza konke ababengakwenza ukuze bahlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso nabanye.
EVukovar, eduze komngcele waseSerbia, lapho kwakunomonakalo omubi kakhulu khona, iningi labantu, kuhlanganise nabafowethu, kwadingeka libaleke kuleli dolobha. Nokho, kunodade oyedwa owasala, uMarija. Kwadlula iminyaka emine abafowethu eCroatia bengakwazi ukuxhumana naye, kodwa waqhubeka ngentshiseko eshumayeza abantu abambalwa ababesele edolobheni. Yeka indlela intshiseko yakhe eyavuzwa ngayo! Cabanga ukumangala kwabafowethu baseCroatia lapho bebona iqembu labantu abangu-20 baseVukovar emhlanganweni wesigodi ka-1996!
Isigijimi sethu sethemba sinanamandla okuguqula ukuphila. Ekuqaleni kwempi, insizwa eyisosha yathola izimendlela ngokushesha esigabeni esiphezulu sebutho lempi laseCroatia. Ngo-1994, ngesikhathi ilinde isitimela, yanikezwa ipheshana elithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? Njengoba yayilifunda ngokuzimisela leli pheshana, yathola ukuthi nguSathane oyimbangela yobudlova obenziwa kumuntu, akuyena uJehova uNkulunkulu. La maqiniso ayithinta kakhulu. Esinye sezizathu ezayenza yaba yisosha kwakuwukuphindiselela ukubulawa kukadadewabo oneminyaka engu-19 kanye namanye amalungu omkhaya amabili abulawa empini. Nakuba yayihlele ukuya lapho ababulali babehlala khona, leli pheshana layenza yacabanga. Yaqala ukufunda iBhayibheli, kwathi ngemva kweminyaka eminingana iguqula ukuphila kwayo, yabhapathizwa ngo-1997. Yagcina iyile lapho kwakuhlala khona ababulali. Kodwa esikhundleni sokuyophindisela, yajabulela ukuyisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubantu okwakudingeka bafunde ngesihe sakhe.
Ukushisekela kwabamemezeli inkonzo, ngisho naphakathi kwezinxushunxushu ezibuhlungu, kwaphumela ekwandeni okuvusa amadlingozi eCroatia. Kusukela impi yaqala ngo-1991 yaze yaphela ngo-1995, inani lamaphayona liye landa ngamaphesenti angu-132. Izifundo zeBhayibheli ziye zanda ngamaphesenti angu-63, inani labamemezeli lakhula ngamaphesenti angu-35. Yebo, abafowethu balapha balimemezela ngesibindi iZwi likaNkulunkulu futhi uJehova uyibusise ngokucebile imizamo yabo.
IZISEBENZI EZIZIDELAYO
Sekusele isikhashana nje kube nomhlangano wezizwe ngo-1991, kwafika izithunywa zevangeli zokuqala ezaziqeqeshwe eGileyadi, uDaniel noHelen Nizan baseCanada. Ngaphandle kwabo, kwamenywa neminye imibhangqwana yaseYurophu eyayifunde ulimi lwalapha eCroatia ukuba izokhonza khona.
Omunye wale mibhangqwana, uHeinz no-Elke Polach base-Austria, wawukade ungamaphayona akhethekile ensimini yesiYugoslav eDenmark ngenkathi umenyelwa eCroatia ngo-1991. Impi yasuka lapho beqala nje ukujikeleza. Isifunda sabo sokuqala sasihlanganisa ugu lwaseDalmatia nezingxenye zeBosnia, zonke ezathinteka ngempi. “Kwakuyinselele ukuhambela eBosnia ngesikhathi sempi,” kusho uHeinz. “Ngenxa yezingozi, sasingakwazi ukusebenzisa imoto yethu, ngakho kwakudingeka sisebenzise amabhasi angasigcini isikhathi. Sasingakwazi ukuphatha izinto eziningi—kwakuba amapotimende ambalwa nomshini wokubhala.
“Kwadingeka sibe namasu. Kwake kwathi ngelinye ilanga siphakathi kweTuzla neZenica, amasosha amisa ibhasi lethu. Athi kuyingozi kakhulu ukuqhubeka nohambo. Kwadingeka sonke sehle ebhasini. Kodwa sasazi ukuthi abafowethu eZenica babesilindele, ngakho saqala ukucela ezinye izimoto ukuba zisigibelise. Ekugcineni, amaloli egesi ayenamaphepha afanele avuma ukusigibelisa. Njengoba sisendleleni, sasishumayeza umshayeli, owalalelisisa impela.
“Saphinde saphoqeleka ukuba sime ngenxa yempi, kwadingeka sithubeleze ngemigwaqo emincane. Le migwaqo yayisesimweni esibi kanti neqhwa lenza isimo saba sibi nakakhulu. Sasilokhu sima sisize amanye amaloli ayebhajiwe. Ngesinye isikhathi sahlaselwa, kwadingeka sibaleke. Sabaleka saze safika eVareš, kwathi sekusele amakhilomitha angu-50 sifike lapho sasiya khona, kwadingeka sime silale khona.
“Umshayeli walala esihlalweni, mina no-Elke sazishwathika ngemva kwesihlalo somshayeli ukuze sifudumale. Angikaze ngimpintsheke kanje! Lapho sigcina sifikile eZenica ngakusasa, abafowethu bakuthokozela kakhulu ukusibona! Kwakuwufanele umzamo! Nakuba babengenawo amanzi kampompi noma ugesi, benza konke ababengakwenza ukuze sizizwe sisekhaya. Nakuba babempofu, babecebile ngokomoya futhi belithanda ngempela iqiniso.”
Selokhu kwaqala impi, cishe angu-50 amaphayona akhethekile aye abelwa eCroatia evela e-Austria, eJalimane, e-Italy nakwamanye amazwe. Ngemva kwesikhathi, inhlangano kaJehova yanikeza olunye usizo oluqinisayo nolukhuthazayo ngokuthumela izithunywa zevangeli ezengeziwe. Lezi zinceku zesikhathi esigcwele ezishisekayo zibe usizo olukhulu, kokubili ensimini nasemabandleni.
“ANGIKHOLWA UKUTHI NGIPHILE NGAZE NGALUBONA LOLU SUKU!”
Kwaze kwaba ngasekupheleni kwawo-1980 abazalwane abangahlali eBethel behumusha INqabayokulinda ephuma kanye ngenyanga beyisusela olimini lwesiJalimane beyiyisa kolwaseCroatia. Kusukela ngo-1991 kuqhubeke, kwase kuhumusha iqembu elaliseBethel. Ngokuhamba kwesikhathi, iNdikimba Ebusayo yavuma ukuba kuqalwe ukuhunyushwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Kuze kube yileso sikhathi kwakusetshenziswa iBhayibheli elase lineminyaka engu-150 likhona elalinamagama angasasebenzi namaningi angaziwa. Iqembu labahumushi baseCroatia lalihola, lisebenzelana eduze nawaseSerbia naseMacedonia. Iqembu ngalinye lazuza kwelinye.
ULwesihlanu lwango-July 23, 1999 luwusuku abayolukhumbula njalo oFakazi BakaJehova eCroatia, eBosnia naseHerzegovina, eMontenegro, eSerbia naseMacedonia. Kuyo yomine iMihlangano Yesigodi ethi “Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho,” kwakhululwa ngasikhathi sinye INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiCroatia nesiSerbia, futhi izilaleli zaziswa ukuthi eyesiMacedonia isendleleni. Ihlombe eladuma lapho lenza izikhulumi zathi ukuthula imizuzu embalwa. Kwakuyintokozo yodwa, futhi abaningi behluleka ukubamba izinyembezi zenjabulo. “Angikholwa ukuthi ngiphile ngaze ngalubona lolu suku!” kusho umdala osemnkantsh’ ubomvu. IBhayibheli eliphelele lakhululwa ngazo zontathu lezi zilimi ngo-2006.
Ngaphambi kuka-1996, umsebenzi woFakazi BakaJehova eCroatia naseBosnia naseHerzegovina wawunakekelwa iKomiti Yezwe eqondiswa ihhovisi legatsha e-Austria. Ngo-1996, kwamiswa iKomiti Yegatsha enamalungu amane ukuze yengamele umsebenzi wokushumayela kulawo masimu futhi siyabonakala isibusiso sikaJehova kulelo lungiselelo.
IZAKHIWO ZEGATSHA EZINTSHA NAMAHHOLO OMBUSO
Njengakwezinye izindawo, umkhaya waseBethel eZagreb, eCroatia, wathinteka ngenxa yokwanda kwabamemezeli. Umkhaya wanda usuka kubantu abayishumi waya kwabangu-50. Kodwa njengoba iKhaya LaseBethel lalingathatha imibhangqwana emine noma emihlanu, kwadingeka kuqashwe amanye amakamelo eduzane.
Ngemva nje kokumiswa kweKomiti Yegatsha, iNdikimba Ebusayo yakhipha isiqondiso sokuba ithenge indawo yokwakha iKhaya LaseBethel elisha eZagreb. Izisebenzi zokuzithandela zendawo nezamazwe ngamazwe zakha izakhiwo ezinhle ezazizosiza ekuqhubekiseleni phambili izithakazelo zoMbuso iminyaka eminingi ezayo. Izakhiwo ezintsha zegatsha, iHholo LoMbuso kanye namanye amaHholo OMbuso amabili amaphakathi neZagreb kwanikezelwa ngoMgqibelo, ngo-October 23, 1999. Kwakukhona abantu abavela emazweni angu-15, kuhlanganise noMfoweth’ uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo owethula inkulumo yokunikezela. Ngakusasa kwaba khona abangu-4 886 esimisweni esimnandi esingokomoya ehholo elikhulu lemidlalo. Yeka usuku abangasoze balukhohlwa abantu bakaJehova eCroatia—abanye babo abase beneminyaka engu-50 noma ngaphezulu bekhonza uJehova ngokwethembeka phakathi nezikhathi ezibuhlungu kakhulu emlandweni wanamuhla!
Isimiso esikhulu sokwakha amaHholo OMbuso amasha naso siyaqhubeka. Ngaphambi kuka-1990, amabandla amaningi ayehlanganyela emagunjini angaphansi kwezakhiwo noma ezindlini zabazalwane. Ngokwesibonelo, kwaphela iminyaka engu-20 ibandla laseSplit lihlanganyela ekamelweni elincane emzini womzalwane. Nakuba lalinezihlalo ezingu-50 kuphela, ngezinye izikhathi kwakuba khona abantu abangaphezu kwekhulu, abaningi baphoqeleke ukuba bame ngaphandle. Imihlangano emincane nemikhulu yayiqhutshelwa kuyo le ndawo, kube khona abangu-150 noma ngaphezulu. Namuhla, eSplit kunamabandla amane asebenzisa amaHholo OMbuso amahle amabili. Ngenxa yokwanda kwabamemezeli, imihlangano emikhulu iqhutshelwa ehholo lehhotela. UMnyango Wokwakha AmaHholo OMbuso, uqondiswa yiHhovisi Lesifunda Lokudweba Amapulani eSelters, eJalimane, uyaqhubeka uhlela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso afanelekayo namahle.
Abasha nabadala abaye bazenza batholakalela ukwakha amaHholo OMbuso benze umsebenzi omkhulu kakhulu. Sikhuluma nje sekwakhiwe amaHholo OMbuso amasha angu-25, amanye angu-7 alungiswa. Lokhu kube nomthelela ekwandeni komsebenzi woMbuso, kwaba udumo kuJehova.
UMSEBENZI WOMBUSO UQHUBEKELA PHAMBILI NGOMFUTHO
Lapho iCroatia ithola uzibuse ngo-1991, yaqhubeka isebenzisa imithetho emidala ephathelene nenkolo kwaze kwaba yilapho kushaywa imithetho emisha. UMbuso owawusanda kumiswa wawakhiwa amaKatolika angaba amaphesenti angu-90. Ngakho abefundisi babenezwi elikhulu kuhulumeni. Noma kunjalo, ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova babeqashelwa ngokomthetho ngaphambili nangenxa yedumela labafowethu elimsulwa, ngo-October 13, 2003 uMnyango Wezobulungisa wamemezela ukuthi oFakazi BakaJehova base bebhaliswe njengenkolo yomphakathi eCroatia. Ngemva kwayo yonke le minyaka yokuhlupheka, yeka intokozo ezazinayo izinceku zikaJehova ngenxa yokuqashelwa ngokomthetho eCroatia!
Ekuqaleni kwawo-1990, wonke amazwe ayengaphansi kweYugoslavia ayeneSikole Samaphayona esisodwa; manje iCroatia yodwa iba namakilasi amaningana ngonyaka. Ngo-September 2008, iCroatia yaba nabamemezeli abangu-5 451 abakha amabandla angu-69. Kwakuvusa amadlingozi ukuba khona kwabangu-9 728 eSikhumbuzweni! Konke lokhu kubonisa ukuthi kukhulu ukwanda okusalindelekile.
Nakuba ukungabekezelelwa kwenkolo kusakazekile nezingcindezi zokuphila zanda, zonke izinceku zikaJehova kule ndawo zizimisele kunanini ngaphambili ukuqhubeka zishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi intukuthelo imenzisani uSathane. (IsAm. 12:12) Umshikashika wokuziphilisa usuyiyona nto esemqoka ekuphileni kweningi labantu. Phakathi kwalabo bantu, kunalabo ababubulayo ngenxa yezinengiso ezisemhlabeni futhi abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya. (Hez. 9:3, 4; Math. 5:6) Laba bantu bayatholakala futhi basizwe ukuba bakhulekele owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, futhi bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”—Isaya 2:3.
Umlando Wanamuhla WeMakedoniya
“Welela eMakedoniya usisize,” kusho indoda eyabonakala embonweni kaPawulu ekhulwini lokuqala. (IzE. 16:8-10) Ephetha ngokuthi uNkulunkulu wayebaqondisa ukuba bayomemezela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe kule nsimu eyayingasetshenzwa, uPawulu nalabo ayeshumayela nabo basamukela ngokuzithandela lesi simemo futhi ngokushesha ubuKristu bachuma lapho. Kungayiphi indlela iMakedoniya yanamuhla, isifundazwe esincane esingasenyakatho yeMakedoniya yasendulo, iye yaba nokwanda okufanayo ekukhulekeleni kweqiniso?
Ngemva kwempi yezwe yesibili, iMakedoniya yaba umbuso oseningizimu yeYugoslavia. Yathola inkululeko ngo-1991. Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1993, oFakazi BakaJehova bajabula ngokubhaliswa ngokomthetho kulo mbuso omusha. Ngenxa yalokho, kwasungulwa ihhovisi eMakedoniya elalingaphansi kokuqondisa kweKomiti Yegatsha Yase-Austria. Yingakho ngo-1993, kwathengwa umuzi e-Alžirska Street, eSkopje futhi iqembu labahumushi baseMakedoniya lasuka eZagreb, eCroatia laya kule Bethel entsha.
Kwafika uMichael noDina Schieben bevela eJalimane bezojikeleza, kwathi uDaniel noHelen Nizan baseCanada, ababekhonza eSerbia, bathunyelwa eMakedoniya. Kwamiswa iKomiti Yezwe futhi iBethel yaqala ukusebenza.
UKUVINJELWA KWEZINCWADI
Nakuba oFakazi BakaJehova babebhaliswe ngokomthetho, kwakunzima ukuba bathole izincwadi ezivela ngaphandle. Kusukela ngo-1994 kuya ku-1998, uhulumeni wanciphisa inani lomagazini abangeniswayo, ummemezeli ngamunye wathola owodwa. Ngakho abafowethu kwadingeka benzele abafundelwayo amakhophi ezihloko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda. Babekwazi nokuthola omagazini ababevela kwamanye amazwe futhi izivakashi zaseMakedoniya zazivunyelwe ukungena nomagazini abambalwa. Ekugcineni, ngemva kweminyaka begqigqa ezinkantolo, inkantolo ephakeme yathola oFakazi bengenacala futhi bavunyelwa ukuba bathunyelelwe izincwadi eziningi ngendlela ababefuna ngayo.
Ngo-August 2000 inani labamemezeli lafinyelela ku-1 024—okwakungokokuqala ukuba kubike abangaphezu kwenkulungwane! Ngenxa yokwanda kwezincwadi ezazikhululwa ngesiMakedoniya nokwanda kwabamemezeli, umuzi owawusukhona kakade e-Alžirska Street waba mncane kakhulu ukuba uhlalise umkhaya waseBethel owawukhula. Ngonyaka olandelayo kwathengwa izindlu ezintathu ezincane futhi zabhidlizwa ukuze kwakhiwe izakhiwo ezimbili ezintsha. Namuhla umkhaya waseBethel yaseMakedoniya onamalungu angu-34 usebenza futhi uhlale kulezi zakhiwo ezintathu ezinakho konke okudingekayo. Wakujabulela ukuhanjelwa uGuy Pierce weNdikimba Ebusayo lapho lezi zakhiwo zinikezelwa ngo-May 17, 2003.
UKWAKHIWA KWAMAHHOLO OMBUSO
Abafowethu nodade kulo lonke elaseMakedoniya balijabulela kakhulu ilungiselelo lokusiza ekwakheni amaHholo OMbuso emazweni antulayo. Iqembu labakhi labazalwane abahlanu labelwa ukuba lisize amabandla endawo ekwakheni amaHholo OMbuso; futhi phakathi kuka-2001 no-2007, kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-9. Leli qembu labakhi elixube izizwe lanikeza ubufakazi obuhle ngokusebenza ngokuthula nangobunye ngaphandle kokucwasana. Omunye umthengisi owavakashela iHholo LoMbuso eseliphelile, wahlatshwa umxhwele ubuciko bomsebenzi, wathi: “Lesi sakhiwo sakhiwe ngothando ngempela.”
Lapho iqembu labakhi lakha iHholo LoMbuso elisha edolobheni laseŠtip, omunye umakhelwane wayengathembi ukuthi lo msebenzi uzophumelela ngoba leli qembu lalibonakala lingabantu abasebancane abangawazi umsebenzi. Nokho, lapho ihholo seliphelile, waletha amapulani endlu yakhe, wancenga laba bazalwane abasebasha ukuba bamakhele. Izinga eliphakeme lomsebenzi wabo lamhlaba umxhwele kangangokuba waze wathembisa ukubakhokhela imali enkulu. Wamangala nalapho bemtshela ukuthi iHholo LoMbuso babengalakhelanga ukuthola imali kodwa babelakhe ngenxa yothando lwabo ngoNkulunkulu nomakhelwane.
INGUQULO YEZWE ELISHA
Phakathi naleso sikhathi, elinye iqembu lamadoda nabesifazane lalimatasa ngomsebenzi ohlukile—ukuhumusha INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiMakedoniya. UJehova wawubusisa umsebenzi walo wokuzikhandla; futhi eminyakeni nje emihlanu lase liyihumushe yonke INguqulo Yezwe Elisha. Yeka injabulo izihambeli ezaba nayo eSkopje, eMhlanganweni Wesigodi ka-2006, owawunesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” ngesikhathi ilungu leNdikimba Ebusayo uGerrit Lösch limemezela ukukhululwa kwale nguqulo entsha yeBhayibheli. Kwaduma ihlombe isikhathi eside futhi abaningi bahluleka ukubamba izinyembezi. Abanye abayithola ngesikhathi sekhefu abapholisanga maseko, bahlala phansi bayifunda le nguqulo eyingqayizivele yeZwi likaNkulunkulu ngolimi lwabo.
Iningi labantu baseMakedoniya linenhlonipho ejulile ngeBhayibheli. Ngokwesibonelo, u-Orhan waqala ukufundelwa eminyakeni eyisithupha edlule. Yize engafundile, umzalwane owayemfundela wamfundisa ukufunda nokubhala. Kusukela abhapathizwa eminyakeni emithathu edlule, uselifunde izikhathi eziyisithupha iBhayibheli!
U-Orhan wake waba ukuphela kukaFakazi edolobheni laseResen. Nokho, abaningi babekhuluma kahle ngale ndoda eyayingafundile futhi abanye abazali bacela abafowethu ukuba bafundele izingane zabo, nazo ezazifuna ukufana no-Orhan. Abaningi balamukela iqiniso futhi ngokuhamba kwesikhathi kwaqalwa iSifundo Sencwadi Sebandla kuleli dolobha. Omunye othakazelayo waba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi u-Orhan usekhonza njengephayona elivamile nenceku ekhonzayo.
BAWELELA EMAKEDONIYA
Ngo-July 2004, umbhangqwana ongamaphayona akhethekile ovela e-Albania weza uzosiza ensimini yabakhuluma isi-Albania abangamaphesenti angu-25 ezakhamuzi zaseMakedoniya. Ngokushesha kwaba sobala ukuthi lo mbhangqwana wawudinga usizo ngenxa yokuthi wawuwukuphela kwabamemezeli kubantu abangaphezu kwengxenye yesigidi abakhuluma isi-Albania. Ngakho-ke, ngemva konyaka kwathunyelwa omunye umbhangqwana ovela e-Albania ukuba uzosiza, womane la maphayona akhethekile aqala ukukhuthaza iqembu elincane labantu abangu-7 abathakazelayo edolobheni laseKičevo, elisendaweni yabantu abakhuluma isi-Albania eMakedoniya. Entwasahlobo elandelayo, leli qembu elincane lajabulela ukuba nabangu-61 enkulumweni yeSikhumbuzo eyabekwa ngesi-Albania nangesiMakedoniya. Kusukela lapho, leli qembu selikhule laba nabamemezeli abashisekayo abangu-17 futhi kuye kube khona abangu-30 nangaphezulu emihlanganweni.
Ukuze kuhlanganiswe yonke insimu yaseMakedoniya, iNdikimba Ebusayo yavuma ukuba kube nomkhankaso okhethekile ngo-April kuya ku-July 2007. Umgomo wawungukushumayela ezindaweni ezingakaze zifinyelelwe nokusakaza izindaba ezinhle kubantu abakhuluma isi-Albania.
Abafowethu nodade abangu-337 ababevela emazweni angu-7 basukumela phezulu beyosiza. Yaba yini imiphumela? Izindaba ezinhle zashunyayelwa ezindaweni ezingaphezu kuka-200 kulo lonke elaseMakedoniya—ezinezakhamuzi ezingaba ngu-400 000, eziningi zazo ezazingakaze zisizwe lesi sigijimi. Kwahanjiswa izincwadi nezincwajana ezingaphezu kuka-25 000 nomagazini abangaphezu kuka-40 000 phakathi nomkhankaso wezinyanga ezine. Kwachithwa amahora angu-25 000 futhi kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-200.
Omunye umzalwane wathi: “Abanye babegcwala izinyembezi uma bezwa ukuthi sivelaphi futhi kungani sibavakashele. Kanti abanye babekhaliswa yilokho ababekufunda eZwini likaNkulunkulu.”
Ayemaningi amazwi okwazisa asuka enhliziyweni avela kulabo abahlanganyela kulo mkhankaso. Omunye udade wabhala: “Uthisha othile wathi kithi: ‘Kwangathi uNkulunkulu anganibusisa. Lokhu enikwenzayo kuhle kakhulu. Izinto enizishoyo ziyangiqabula ngempela!’”
Omunye ummemezeli wathi: “Kwakunzima ukushiya le nsimu efana neyezithunywa zevangeli. Sasiyibona indlela abantu ababelidinga ngayo iqiniso futhi kwasizwisa ubuhlungu ukuvalelisa abantu esasibafundela.”
Umbhangqwana othile wathi: “Siyazisola ngokuthi asithathanga izinsuku ezengeziwe zeholide ngoba manje siyabona ukuthi indingeko inkulu kangakanani.”
Lapho efingqa indlela abaningi abazizwa ngayo, omunye ummemezeli wathi: “Asikaze sijabule kangaka njengomkhaya.”
Ezintabeni eziseduze nedolobha laseTetovo, iqembu labamemezeli lashumayela endaweni okwakungakaze kushunyayelwe kuyo. Ababili baqala ukushumayela ngakwesobunxele, ababili ngakwesokudla somgwaqo. Kwathi besashumayele imizi emithathu nje kuphela, wonke umgwaqo wase wazi ukuthi kunoFakazi BakaJehova. Ngokushesha, izindaba zokuvakasha kwabo zase zigcwele yonke indawo futhi abesifazane abaningi abathakazelayo base bengunge odade. Laphaya ezansi nomgwaqo, amadoda angu-16 ayesebalindele ngokulangazela okukhulu abazalwane. Abaninikhaya bakhipha izihlalo ezine masinyane futhi enye indoda yabenzela ikhofi. Abafowethu banikeza wonke umuntu izincwadi futhi bahlanganyela iqiniso nesixuku besebenzisa iBhayibheli.
Abaningi babuza imibuzo futhi bonke babelalelisisile. Kwathi sebehamba, izakhamuzi eziningi zafuna ukuziyela zona mathupha ziyozivalelisela kubafowethu. Bamangala lapho isalukazi esithile sisondela siphakamise udondolo. “Ngizonishaya ngalo!” simemeza sibakhombe ngalo. Base besicasule ngani? Sathi: “Ninikeze wonke umuntu incwadi ngaphandle kwami! Ngifuna le enkulu ephuzi,” sikhomba INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli eyayitholwe umakhelwane waso. Ngaphandle kokunanaza, abafowethu basinika eyokugcina eyayisele.
UKUSHUMAYEZA AMAROM
EMakedoniya abantu abaningi abangamaRom bakhuluma ulimi lwaseMakedoniya kodwa okuyilona lulimi lwabo lokuzalwa isiRomany, oluyingxube yezilimi eziningi eziyimixhantela. Kubikwa ukuthi inhloko-dolobha iSkopje, indawo enamaRom amaningi kunazo zonke eYurophu, inezakhamuzi ezingaba ngu-30 000. Amabandla amathathu esiRom ahlanganyela emaHholo OMbuso amabili aseŠuto Orizari. Abamemezeli abangu-200 bajabulela insimu ethelayo enesilinganiso sommemezeli oyedwa kubantu abangu-150—okungesinye sezilinganiso ezinhle kakhulu kuleli zwe. Ukusabela okuhle kwamaRom kwabonakala ngokuba khona kwabangu-708 eSikhumbuzweni ngo-2008!
Yini eyenziwayo ukuze kusizwe amaRom athobekile nalambele iqiniso ukuba afunde ngenjongo kaNkulunkulu ngolimi lwawo? Inkulumo ekhethekile ka-2007 yahunyushelwa olimini lwesiRomany, umdala ongumRom wayethulela izilaleli ezinokwazisa ezingu-506. Abamemezeli bazo zonke izizwe—amaRom, abaseMakedoniya nabase-Albania—bajabula kakhulu lapho kukhululwa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ngolimi lwesiRomany emhlanganweni wesigodi ngo-2007. Kuze kube yileso sikhathi, abamemezeli babeqhuba izifundo zeBhayibheli ngolimi lwabo besebenzisa izincwadi zolimi lwaseMakedoniya. Manje baphumelela kakhulu ekufinyeleleni izinhliziyo zamaRom aqotho besebenzisa incwajana yesiRomany ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?
Namuhla abamemezeli abangu-1 277 emabandleni angu-21 eMakedoniya bayazikhandla ukuze balandele isibonelo sekhulu lokuqala somphostoli uPawulu. Ukusabela ngokwazisa kwezindimbane zabantu abafuna iqiniso eMakedoniya kwenza ufaneleke umkhankaso wanamuhla ‘wokuwelela eMakedoniya.’
Umlando Wanamuhla WeSerbia
ISerbia, esenkabeni yenhlonhlo yaseBalkan, inamasiko ahlukahlukene futhi inabantu bezizwe eziningi. Kwakusedolobheni lalapha, iBelgrade, lapho kwavulwa khona ihhovisi legatsha ngo-1935 ukuze linakekele amasimu ayengaphansi kweYugoslavia, okwaphumela ekwandeni okujabulisayo. Muva nje abafowethu baseSerbia bawasize kanjani amazwe asanda kwakheka kulesi sifundazwe?
Njengoba imingcele yamazwe yayivalwa nenzondo engokwenkolo neyobuzwe yanda, abazalwane bezizwe ezihlukahlukane babesebenza ndawonye ngokuthula ehhovisi laseZagreb, eCroatia. Ekugcineni, ngenxa yobandlululo lobuhlanga nolobuzwe olwalubhidlange ngaphandle kwaseBethel, abafowethu abangamaSerbia baphoqeleka ukuba bahambe. Ngo-1992, izincwadi zaphinde zaqala ukuhunyushwa ngesiSerbia eBelgrade, eSerbia, njengoba kwakunjalo eminyakeni engu-50 ngaphambili. Lokhu kwaba ukuhlakanipha futhi kwenzeka ngesikhathi.
Kwakunesidingo esikhulu sosizo eBosnia, lapho yayibambene khona ngezihluthu. Ihhovisi legatsha e-Austria labonisa uthando lahlela ukuba kuthunyelwe izinto zosizo, futhi abafowethu eSerbia babesesimweni esihle kakhulu sokuziyisa ezindaweni zaseBosnia ezazilawulwa amaSerbia.
Nakuba iSerbia ingathintwanga yimpi, yawuzwa umphumela wayo. Imithetho yokuhwebelana namanye amazwe yenza kwaba lukhuni ukuthola izincwadi ezivela eJalimane lapho zazinyatheliswa khona. Lapho amabandla engabatholi omagazini bakamuva, abafowethu babefunda izihloko ezindala kuze kufike omagazini abasha. Noma kunjalo, babegcina bebathole bonke omagazini.
“USIZO OLUQINISAYO”
UDaniel Nizan, oneziqu zaseGileyadi wathi: “Lapho sifika eSerbia ngo-1991, kwakunezinxushunxushu eziningi zezombusazwe. Sahlatshwa umxhwele intshiseko abafowethu abayibonisa naphezu kwesimo esinzima ababekuso. Ngikhumbula indlela okwasimangaza ngayo ukubona abangaba ngu-50 bebhapathizwa emhlanganweni okhethekile wokuqala esaya kuwo nomkami. Lokho kwasikhuthaza kakhulu.”
AbakwaNizan basiza kakhulu ekuhleleni ihhovisi elisha elalisanda kuvulwa eBelgrade. Ihhovisi lokuqala elaliseMilorada Mitrovića Street lalilingene abantu abayishumi. KwakuneHholo LoMbuso kulesi sakhiwo. Njengoba iqembu labahumushi likhula kwadingeka indawo enkudlwana. Ngokuhamba kwesikhathi bathola indawo futhi baqala ukwakha. Ngasekupheleni kuka-1995, umkhaya waseBethel wathuthela ezakhiweni ezintsha.
Njengoba izikhathi zaziya ziba nzima nakakhulu, baba baningi abantu ababesabela eqinisweni futhi njengoba inani labamemezeli landa, saba sikhulu nesidingo sababonisi abanothando. Lesi sidingo ngokwengxenye safezwa amaphayona akhethekile avela e-Italy—izikhonzi zesikhathi esigcwele ezinomfutho nezizidelayo ezazinikela ngokuzithandela. Nakuba kwakungelula ukufunda ulimi olusha nokuzivumelanisa nendlela ehlukile yokuphila ngesikhathi sempi, lawo maphayona aba “usizo oluqinisayo” kubafowethu eSerbia.—Kol. 4:11.
Amaphayona avela kwamanye amazwe asiza ngezindlela eziningi, kodwa okubaluleke nakakhulu, “ayenokuhlangenwe nakho okungokomoya,” kusho uRainer Scholz, umxhumanisi weKomiti Yezwe eSerbia. Namuhla amabandla angu-55 eSerbia ajabulela usizo lwamaphayona akhethekile angu-70.
IMIPHUMELA EBUHLUNGU YOKWEHLA KWAMANDLA EMALI
ISerbia yabhekana nemiphumela ebuhlungu yempi, ukuwa kwezomnotho okungalawuleki. “Phakathi nezinsuku ezingu-116 kusukela ngo-October 1993 kuya ku-January 24, 1994, amandla emali ayesehle ngamaphesenti ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-500,” kubika omunye umthombo. UMira Blagojević owaqala ukukhonza eBethel ngo-1982, ukhumbula ukuthi kwadingeka aphathe isikhwama esigcwele imali ukuze ayothenga imifino engatheni emakethe.
Omunye udade, uGordana Siriški, ulandisa ukuthi lapho unina eyolanda imali yakhe yempesheni, yayilingana nemali yokuthenga iphepha nje elilodwa lasendlini encane. Wathi: “Kunzima ukuqonda ukuthi abantu babephila kanjani lapho yonk’ into ababenayo iphenduka ubala ngomzuzu. Sibonga abafowethu emhlabeni wonke ngoba sakwazi ukuthola izimpahla zosizo zivela kwamanye amazwe. Njengoba abantu bephelelwa ithemba emabhange nakuhulumeni, abaningi baba nokholo kuNkulunkulu futhi abafowethu basondelana nakakhulu.”
UKUHUMUSHA IBHAYIBHELI
Kwaphela iminyaka amaqembu abahumushi eYugoslavia esebenza endaweni eyodwa eZagreb, eCroatia. Ngemva kwempi amaqembu abahumushi abuyela emazweni awo, kodwa ayesaxhumana neqembu labahumushi baseZagreb. Lokhu kwaba usizo ikakhulukazi eqenjini labahumushi baseSerbia lapho liqala ukuhumusha INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Umgomo kwakuwukuba ikhululwe emhlanganweni woFakazi BakaJehova ngo-1999.
Nokho, ngenkathi abahumushi beqedela ukuhumusha iBhayibheli, izwe lalilungiselela ukuya empini. Ukuhlasela kwamabhomu kwaphazamisa umzila wokuxhumana ngezingcingo, kwenza kwaba nzima ngabahumushi eBelgrade ukuba bathumele umsebenzi ehhovisi lokunyathelisa laseJalimane. NgoLwesibili, ngo-March 23, njengoba izindiza zase zizohlasela, abafowethu basebenza ubusuku bonke futhi bakwazi ukuthumela umsebenzi ohunyushiwe eJalimane ngakusasa ekuseni. Ngemva kwamahora ambalwa, ukuqhuma kwamabhomu kwaqala, iqembu labahumushi labalekela endaweni ephephile lithokoza! Lajabula nakakhulu lapho iBhayibheli elinyathelisiwe likhululwa ezinyangeni ezine kamuva emhlanganweni waseBelgrade. Phakathi nesikhathi sokuqhuma kwamabhomu nokungabi nagesi, abafowethu babeqhubeka behumusha ezinye izincwadi. Ngokuvamile kwakudingeka bawumise umsebenzi bese bebalekela endaweni ephephile. Lesi kwakuyisikhathi esicindezela ngempela kodwa bonke bakujabulela ukuba nengxenye ekukhiqizeni ukudla okungokomoya okwakudingeka kakhulu.
Ngokuzikhandla nangesibusiso sikaJehova, ngo-July 1999 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yakhululwa ngesiSerbia. Ababekhona babechichima injabulo nokwazisa ngokuba nale nguqulo ngolimi lwabo. Kamuva, emihlanganweni ka-2006, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha ephelele yesiSerbia ngezinhlamvu zesiCyrillic nesiLatini.
UKUPHIKISA KWENKOLO KUYASHUBA
Ngenxa yokuthi iSonto Lobu-Orthodox LaseSerbia liyinkolo enkulu kunazo zonke kuleli zwe, abantu abaningi bathi uma ungumSerbia ungumOrthodox. Banomuzwa wokuthi uma umuntu engasonti eSontweni Lobu-Orthodox akayena umSerbia. Noma kunjalo, ngawo-1990 abaningi basamukela isigijimi sethemba esivela eBhayibhelini. Ekupheleni kwempi ngo-1999, inani labamemezeli lase licishe liphindeke kabili, lifinyelela ku-4 026.
Lokhu kuchuma okungokomoya kwenza ukuba iSonto Lobu-Orthodox libathukuthelele abantu bakaJehova. Ngokubhebhezela amalangabi okushisekela ubuzwe, lazama ukumisa umsebenzi wethu wobuKristu wokushumayela. Ngezenzo zobudlova nangokuphendukezela umthetho, abaphikisi bazama ukubadikibalisa abafowethu. Ngokwesibonelo, kwakusenabazalwane abangu-21 ababoshelwe ukungathathi hlangothi kwezombusazwe. Abaningi badedelwa ngemva nje kwempi, bethokoza ngokuthi uJehova uye waluqinisa ukholo lwabo lapho bevivinywa.
Ngokushesha ngo-April 9, 2001, uMnyango Kahulumeni Wezangaphakathi wenqabela ukungeniswa kwezincwadi zethu. Ngasizathu sini? Wathi izincwadi zethu zizoba nethonya elibi entsheni yakuleli zwe. Ohlwini lwezincwadi ezazenqatshelwe kwabalwa neBhayibheli!
Ngenxa yemibiko emibi ngomsebenzi wethu eyayivela kuthelevishini nasemaphephandabeni, ngezinye izikhathi abanye abaninikhaya babeba nobudlova. Elinye iphayona elikhethekile lathi: “Babesishaya ngezibhakela noma ngezimpama lapho sishumayela endlini ngendlu futhi ngezinye izikhathi babesijikijela ngamatshe.” Ngaphezu kwalokho, amanye amaHholo OMbuso acekelwa phansi. Namuhla, abafowethu eSerbia banelungelo lokuhlangana ngokomthetho, nakuba kudingeka baqaphe.
Abafowethu bayaqhubeka beshumayela ngentshiseko. Babonisa ukuthi abantu bakaJehova abanalo ubandlululo nokuthi banothando olunjengolukaKristu ngempela. Eminyakeni embalwa edlule kuye kwahlelwa imikhankaso yokushumayela eyimpumelelo lapho abafowethu bakwamanye amazwe aseYurophu besebenzisa izinsuku zabo zokuphumula ukuze basize ekushumayeleni emasimini angabelwe eSerbia naseMontenegro. Nokho, kusenomsebenzi omkhulu okusafanele wenziwe ukuze kufinyelelwe abantu abacishe babe yizigidi ezintathu abahlala kulezi zindawo.
Namuhla iBethel yaseBelgrade iyindawo enezakhiwo ezintathu ezizungezwe izingadi ezinhle. Amalungu amathathu eKomiti Yezwe aqondisa umsebenzi wethu eSerbia naseMontenegro. Ngenxa yesibusiso sikaJehova kubantu bakhe kule ndawo eyake yabhuqwa izimpi, igama elithi Serbia manje lisenza sicabange ngentshiseko nokuzimisela koFakazi BakaJehova.
Umlando Wanamuhla WeKosovo
Ukungahoshelani kahle phakathi kwabantu baseSerbia nabase-Albania eKosovo ngawo-1980 kwaphumela empini eyabangela ukuhlupheka nosizi ngawo-1990. Lesi simo sanikeza abafowethu nodade ithuba lokubonisa “uthando lobuzalwane lokungazenzisi” emakholweni akanye nabo azo zonke izinhlanga. (1 Pet. 1:22) Ngaphezu kwalokho, baye balalela umyalo kaKristu wokuba ‘bathande izitha zabo, bathandazele nalabo ababashushisayo.’ (Math. 5:43-48) Kodwa ngezinye izikhathi kuye kwaba inselele ukwenza kanjalo.
USaliu Abazi, owayengumSulumane okhuluma isi-Albania, uyachaza: “AmaSulumane awabamukeli kahle abafowethu ababengamaSulumane ngaphambili futhi imindeni yethu iphetha ngokuyiphutha ngokuthi siyilahlile ngoba sesikhethe inkolo entsha. Okunye futhi ukuthi ngenxa yokungezwani ngokohlanga phakathi kwama-Albania namaSerbia, akulula ngaso sonke isikhathi ngabazalwane ababengamaSulumane ukuba bashumayeze amaSerbia.”
Nokho, iqembu elixube izinhlanga labantu abangu-30 lalihlangana emzini kaSaliu. “Ngaleyo minyaka,” kukhumbula uSaliu, “imihlangano yayiqhutshwa ngesiSerbia futhi izincwadi zethu sasizithola eBelgrade. Ngolunye usuku kwatheleka amaphoyisa emzini wami. Ngaleso sikhathi, kwakusanda kufika abafowethu baseBelgrade belethe izincwadi ngakho sasibungazana. Lapho ngiwatshela ukuthi bangabafowethu, awaqondanga ukuthi amaSerbia nama-Albania angaba kanjani awandawonye.” Ngo-1998, leli qembu labamemezeli lakwazi ukuqasha indawo elalizoyisebenzisa njengeHholo LoMbuso edolobheni lasePriština okungelikhulu kunawo wonke eKosovo.
Entwasahlobo ka-1999, ukucwasana ngokohlanga nobuzwe kwaba kubi kakhulu. USaliu uyachaza: “Umakhelwane wasisongela ngokuthi uma mina nendodana yami singayi empini, bazowushisa umuzi wethu. Isimo sezombusazwe sabalimaza kakhulu abantu. Ngenxa yokuthi uhulumeni owawungowamaSerbia wawungasaqashelwa, imithetho yayingasashaywa mkhuba futhi nabantu baba nobudlova, bazenzela umathanda.”
Njengoba isimo sezombusazwe sasiwohloka, izimo zaya ngokuya ziba nzima ngamaSerbia ahlala eKosovo. Phakathi nezinxushunxushu zango-1999, izinkulungwane zamaSerbia nama-Albania zaphoqeleka ukuba zibalekele emazweni angomakhelwane. Nakuleso simo esibi kakhulu sezinxushunxushu zobuzwe, uSaliu wafaka ukuphila kwakhe engozini ngokuvumela abafowabo abangamaSerbia ukuba bacashe kwakhe.
BALOLONGWA UKUCABANGA KUKAJEHOVA
Omunye udade wathi: “Inzondo phakathi kwamaSerbia nama-Albania yayinkulu. Sakhula ngayo. Ngisho nangemva kokufunda iqiniso, leyo mizwa akulula ukuyisusa. Abaningi bethu kwadingeka benze izinguquko ezinkulu ukuze bamukele indlela kaJehova yokucabanga. Ngenxa yale nzondo, ngisho nalapho ngifunda ukuthi uJehova uluthando, ngangithambekele ekugwemeni udade othile ngoba nje engumSerbia. Nokho, njengoba ngiqhubeka ngifunda, ngabona ukuthi nakuba izimfundiso zezinye izinkolo zazibangela ukwehlukana, iqiniso leZwi likaJehova lenza abantu babe nobunye.” Ingabe amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu aye amsiza lo dade ukuba agqoke ubuntu obusha bobuKristu? Uyabika: “Namuhla, ngiyakujabulela ukukhonza ebandleni elilodwa nabafowethu nodade abangamaSerbia.”—Kol. 3:7-11; Heb. 4:12.
Ubunye bamaKristu eqiniso buyaphawuleka kuleli zwe elihlukene ngokwenkolo. Ngenkathi ubuzwe benza abantu bashise imizi bajikijele namabhomu, abafowethu babeziyela emihlanganweni eBelgrade, eSerbia, ngo-July 1998. Ama-Albania, amaCroatia, abaseMacedonia namaRom ayegibele ndawonye ngokuthula ebhasini. UDashurie Gashi, owayezobhapathizwa kulowo mhlangano, uyalandisa: “Lapho amasosha emisa ibhasi, sabona ukuthi amangele. Phakathi nakho konke ukungezwani kobuzwe kula mazwe, thina sasimunye njengabantu bakaJehova.”
Owesifazane othile ongumRom wathola iqiniso eseyingane komalumekazi bakhe ababehlala kwelinye izwe. Inkinga yokuqala okwadingeka ayinqobe ukuthi wayengafundile. Eshukunyiswa uthando ngoJehova, wafunda ukufunda nokubhala phakathi neminyaka emithathu efundelwa. Inkinga yesibili kwakungumkhulu wakhe ayehlala naye. Uthi: “Ngangiphuma nginyonyoba endlini ngiye emihlanganweni.” Kodwa lapho ebuya, umkhulu wakhe wayemshaya. Uyalandisa: “Ngaphathwa kabi ngenxa yeqiniso kodwa angiyekanga. Ngazindla ngendlela uJobe othembekile ahlupheka ngayo. Uthando lwami ngoJehova lwaluqinile futhi ngangizimisele ukuqhubeka ngifunda.” Manje uyiphayona futhi ufundela amantombazane amabili angafundile. Nakuba engazange aye esikoleni, uyajabula ngendlela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esimqeqeshele ngayo ukufundisa abanye.
U-Adem Grajçevci wayengumSulumane ngaphambi kokuthola iqiniso eJalimane ngo-1993. Kwathi ngo-1999, wabuyela kwelakubo eKosovo futhi njengabanye oFakazi abasebasha naye wabhekana nokucwaswa nokuphikiswa umkhaya wakubo. Uyakhumbula: “Ukufundelwa kwangisiza kakhulu ukuba ngazi ukuthi uSathane ungumbusi waleli zwe nokuthi uyena obangela bonke ububi obukhona.” Ubaba ka-Adem wayengajabule ngenkolo entsha yobuKristu yendodana yakhe futhi wathi mayikhethe phakathi kukaJehova nomkhaya wakubo. U-Adem wakhetha uJehova, waqhubeka ethuthuka ngokomoya futhi namuhla ungumdala ongumKristu. Ngokujabulisayo, njengoba isikhathi siqhubeka uyise uye wathamba futhi manje uyasihlonipha isinqumo sika-Adem.
Indodana ka-Adem, u-Adnan, yayingayifuni nhlobo inkolo lapho isencane. Yayizithandela ubuciko bokulwa yaze yanikezwa igama elithi Killer yilabo eyayilwa nabo. Yakushiya phansi konke lokho lapho ekugcineni iqiniso liyithinta inhliziyo. Yathuthuka futhi yabhapathizwa. Yathi: “Kungakabiphi ngibhapathiziwe, kwadingeka ngenze isinqumo. Ngangisebenza kahle futhi ngiyisigwili. Kodwa ngangiphola ngokomoya futhi ngingenaso isikhathi senkonzo. Nganquma ukuthi kwase kuyisikhathi sokushintsha, ngabe sengiyeka ukusebenza.” Yaqala ukuphayona, yamiswa njengenceku ekhonzayo futhi kamuva yamenyelwa ekilasini lokuqala leSikole Sokuqeqeshela Inkonzo e-Albania. Manje isingumdala futhi yona nomkayo uHedije bakhonza njengamaphayona akhethekile. Izizwa kanjani ngesinqumo eyasenza? Ithi: “Anginayo injabulo edlula le. Angizisoli ngokukhetha inkonzo yesikhathi esigcwele.”
UKUKHULEKELA NOKUFUNDISWA NGOBUNYE
Namuhla wonke amabandla ayisithupha aseKosovo asebenzisa izakhiwo eziqashiswayo njengamaHholo OMbuso. Amanye amabandla mancane, njengaleli elisedolobheni lasePeć elinabamemezeli abangu-28. Njengoba bembalwa kakhulu abazalwane abafanelekayo, amanye amabandla awabi nenkulumo yeningi isonto ngalinye. Noma kunjalo, njengabafowethu nodade basePeć, nabo bahlangana ngokwethembeka masonto onke babe neSifundo Se-Nqabayokulinda neminye imihlangano yebandla.
Kwaphela iminyaka eminingi iKomiti Yezwe YaseSerbia ibelusa ngothando abafowethu baseKosovo phakathi nezikhathi ezinzima. Ukuze kwaneliswe izidingo zabafowethu, ngonyaka ka-2000 iNdikimba Ebusayo yabela igatsha lase-Albania ukuba linakekele umsebenzi wokushumayela eKosovo.
Kuze kube muva nje, iningi loFakazi BakaJehova eKosovo belingamaSerbia, ngakho imihlangano ibiqhutshwa ngesiSerbia futhi abazalwane bekuthokozela ukusiza abantu abakhuluma isi-Albania ukuba bezwe isimiso. Manje isimo sishintshile. Abazalwane abaningi eKosovo bangama-Albania. Ngaphandle kwebandla elilodwa lesiSerbia, imihlangano iqhutshwa ngesi-Albania futhi abafowethu bayakujabulela ukuhumusha izinkulumo ukuze abafowethu abangamaSerbia bezwe. Imihlangano emincane nemikhulu iqhutshwa ngazo zombili lezi zilimi. Ngokwesibonelo, sonke isimiso somhlangano wesigodi ngo-2008 sasingesi-Albania sahunyushwa ngesiSerbia, izinkulumo eziyisihluthulelo zabekwa abadala baseKosovo ngesiSerbia. Omunye umfowethu uyachaza: “Naphezu kwenzondo ekhona ngaphandle, ngaphakathi ehholo singumkhaya owodwa.”
Nakuba izakhamuzi eziningi zaseKosovo zingamaSulumane, ziyalihlonipha iBhayibheli futhi eziningi ziyakuthanda ukuxoxa ngenkolo. Abafowethu eKosovo bajabula kakhulu ngokuba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-164 ngo-2008. Bethembele ngokugcwele kuJehova, bazimisele ukuqhubeka bezikhandla ukuze bahlanganise insimu yabo, bayise izindaba ezinhle kubantu bazo zonke izizwe.
Umlando Wanamuhla WeMontenegro
Leli zwe elincane elihle elisoGwini Lwase-Adriatic, linjengepharele elifihlekile laseMedithera. Njengoba izungezwe i-Albania, iKosovo, iSerbia, iBosnia neHerzegovina, iMontenegro inobuhle obungachazeki nobuhlukahlukene. Leli zwe linogu oluhle kakhulu lwase-Adriatic olungamakhilomitha angu-293. ITara River Canyon ingesinye sezihosha ezijule futhi ezinde kunazo zonke eYurophu. IChibi iScutari likhulu kunawo wonke kumaBalkan futhi linendawo enkulu kunazo zonke yokugcina izinyoni eYurophu. Konke lokhu kusendaweni engaba ingxenye yesithathu yeSwitzerland!
Nokho, umlando waleli zwe ungowezimpi, imibango nokuhlupheka. Ukushikashikeka kwabantu baseMontenegro kube nethonya elikhulu emasikweni abo, endleleni abacabanga ngayo nesiko-mpilo labo. Isici esiyinhloko sesiko-mpilo labo ukwazisa izimfanelo ezinjengesibindi, ubuqotho, isithunzi, ukuthobeka, ukuzidela nokuhlonipha abanye. Abaningi kule ndawo abaye bakwazi ukubhekana nokuhlupheka baye bamukela izindaba ezinhle zoMbuso futhi balimelela ngokwethembeka iqiniso leBhayibheli.
UKUKHULA OKUNGOKOMOYA
Ukhona yini kulabo ababekhona emhlanganweni oyingqophamlando ka-1991 eZagreb, eCroatia, ongalibala ubunye nothando lwabazalwane abavela kuzo zonke izindawo ezazingaphansi kweYugoslavia? “Njengoba kwakuvunguza umoya wempi, kwakuyingozi ukusuka eMontenegro uya eCroatia,” kukhumbula uSavo Čeprnjić, owayesanda kuqala ukufundelwa. “Kwangimangaza ukubona amabhasi amaningi kangaka efika emhlanganweni ngaphandle kwenkinga. Okwangihlaba umxhwele nakakhulu kwakuwukuthula nobunye boFakazi. Ngosuku lokuqala kwakunamaphoyisa amaningi, kodwa ngemva kokubona ukuthi sinokuthula, ngakusasa kwafika ambalwa.”
Ngaphambi kokuba kuqale impi, kunombhangqwana owawuvame ukuya eMontenegro usuka eCroatia uyofundela uSavo. Njengoba imingcele yayisivaliwe, wayezoqhubeka kanjani nesifundo sakhe?
“Abantu abase benesikhathi eside befundelwa kwadingeka bafundise abanye,” kusho uSavo. “Umzalwane obhapathiziwe wayengifundela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Kodwa lapho engasakwazi, ngafundelwa umuntu ongabhapathiziwe. Ngo-1992, iqembu elalihlanganela iSifundo Sencwadi Sebandla nese-Nqabayokulinda edolobheni laseHerceg Novi lase lande laba ngu-15.” USavo, umkakhe kanye nendodakazi baqhubeka bethuthuka futhi babhapathizwa ngo-1993. Namuhla kuneHholo LoMbuso elinabamemezeli abangu-25 kuleli dolobha elihle elisogwini.
Ekuqaleni kwawo-1990, kuneqembu labamemezeli elalihlangana enhloko-dolobha yasePodgorica. Leli qembu laqhubeka landa, kwathi ngo-1997 kwenziwa izinhlelo zokuba kuthengwe indawo yokwakha iHholo LoMbuso. Indawo eyathengwa abafowethu yayinodonga abanquma ukungaludilizi. Kodwa iphoyisa elalihlala ekamelweni elalingaphansi kwesakhiwo esingumakhelwane lacela ukuba balubhidlize ukuze kungene ukukhanya endlini yalo emnyama. Ukuze kube nokuthula, abafowethu bavuma ukulubhidliza base bebiyela ngocingo. Yeka isibusiso owaba yiso umusa wabo!
Lapho abanye abaqashi behlupha abafowethu, leli phoyisa labaxwayisa ngokuthi uma nje beke bahlasela iHholo LoMbuso, bayoyikhotha imbenge yomile. Manje baneHholo LoMbuso elihle, indlu yamaphayona akhethekile nebala elikhulu lokupaka izimoto okungaqhutshelwa kulo nemihlangano emikhulu.
Kepha izinto azibahambelanga kahle kanjalo abazalwane basedolobheni laseNikšić. Bathenga indawo ngo-1996, kodwa umphakathi wawungafuni nakulibona iHholo LoMbuso lapho. Babegada esakhiweni ubusuku nemini, besaba ukuthi omakhelwane bangasicekela phansi. Ngelinye ilanga umpristi wendawo waqoqa iviyo labantu abangu-200, bahlasela le ndawo ngezibhamu nangezinduku. Badubula emoyeni futhi kancane kancane badiliza izitini zeHholo LoMbuso. Amaphoyisa ama asonga izandla.
Lapho isimo singaxazululeki ngokuthula, abafowethu bacinga enye indawo. Ngemva kweminyaka emine, bathola isakhiwo, basilungisa basenza iHholo LoMbuso. Ekuqaleni, kwabonakala sengathi umphakathi awunankinga, kodwa ezinyangeni ezimbalwa kamuva, iHholo LoMbuso lasha ngendlela engaqondakali. Noma kunjalo, abafowethu abazimisele abadikibalanga. Baqala phansi balakha kabusha. Kusukela lapho abaphindanga baba nezinkinga.
Amabandla amane eMontenegro aqondiswa iKomiti Yezwe YaseSerbia. Njengoba kunesilinganiso sommemezeli oyedwa kubantu abangu-2 967, abamemezeli abangu-201 bayalwazisa usizo lwamaphayona akhethekile ayisithupha. Ngokuvamile abantu baseMontenegro bakholelwa ukuthi inkolo ihlobene kakhulu nesiko kunokuhlobana nokufunda iBhayibheli. Kodwa abafowethu nodade baseMontenegro bakhuthazela ngokwethembeka ekushumayeleni izindaba ezinhle ngesibindi.
Umlando Wanamuhla WeSlovenia
Ngaphambi kokuba iSlovenia ithole inkululeko ngo-1991, yayiyingxenye esenyakatho-ntshonalanga yeYugoslavia. Ngemva kokuba isithole inkululeko, umnotho wayo wasimama futhi ngo-2004 yaba ilungu le-European Union. Nakuba incane, icebe ngobuhle bendalo obunhlobonhlobo. Isho ngezintaba eziphakeme, amachibi asezintabeni, amahlathi aluhlaza, imigede emikhulu yamatshe nezindawo ezinhle zokungcebeleka ezingasogwini lolwandle. Ngesikhathi esingaphezudlwana kwehora, ungasuka phezulu ezintabeni ezipholile wehlele emasimini amahle omnqumo nasezivinini zoGu Lwe-Adriatic. Ngaphandle kwalokho, ungazivakashela uze udele izindawo zamasiko nezomlando zaseSlovenia. Nokho, ubuhle baleli zwe elincane abugcini ezindaweni zokulondoloza imvelo nasemadolobheni akudala. ISlovenia inomlando ocebile ngokomoya.
AMAHHOLO OMBUSO NAMAPHAYONA
Cishe uyakhumbula ukuthi iMaribor iyidolobha “abagundi bezinwele abakholelwa eBhayibhelini” abashumayela kulo ngokholo lwabo olusha. Ithilomu elabizwa kufanele kamuva ngokuthi iNovi Svet (iZwe Elisha), laliyindawo ekahle elalingahlanganela kulo iqembu elincane elikhulayo. Namuhla, oFakazi baseSlovenia babonga uJehova ngamaHholo OMbuso amahle abakhulekela futhi bafundiswe kuwo. Ngenxa yokwanda kwabamemezeli nezimo eziye zaba ngcono ngawo-1990, kwamiswa iKomiti Yesifunda Yokwakha. Ngosizo lwamavolontiya angaphezu kwekhulu nezimali ezivela kwamanye amazwe, amabandla aye akha noma alungisa amaHholo OMbuso angu-14 kusukela ngo-1995.
Njengoba inani labamemezeli lalanda, landa nelamaphayona avamile—kusukela kwayishumi ngo-1990 kuya kwangu-107 ngo-2000. Phakathi kwalawo maphayona ashisekayo kwakuno-Anica Kristan, owayengene shí kwezombusazwe ngaphambi kokuba athole iqiniso.
Abafowethu nodade abasuka kwamanye amazwe bezokhonza eSlovenia baye bafaka umfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela. Ngo-1992, kwafika izithunywa zevangeli zokuqala, uFranco noDebbie Dagostini. Lapho bethunyelwa e-Afrika, kwalethwa izithunywa zevangeli ezivela e-Austria, uDaniel noKarin Friedl. Muva nje, kufike ezivela eGileyadi, uGeoffrey noTonia Powell noJochen noMichaela Fischer. Zona namanye amaphayona akhethekile ase-Austria, e-Italy nasePoland zifike zinothando olujulile ngoJehova nesifiso esinamandla sokusiza abantu.
AMAKOMITI OKUBONISANA NEZIBHEDLELA
Ngo-1994 kwamiswa uMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela eBethel, kwamiswa namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela amabili. Abanye babafowethu abakulawo makomiti bahlangana nongqongqoshe wezempilo, yena owabe esehlela ukuba kube nomhlangano nabaqondisi bazo zonke izibhedlela eSlovenia. Abafowethu bachaza umsebenzi wala makomiti, bacacisa nokuthi kungani oFakazi BakaJehova benqaba igazi. Lokhu kuye kwaholela ekubambisaneni okuhle phakathi kodokotela neziguli ezenqaba ukumpontshelwa igazi, kwaphumela ekubhalweni kwezihloko ezichaza ukwelapha ngaphandle kwegazi emaphephabhukwini ezokwelapha.
Ngo-1995, odokotela eSlovenia bahlinza inhliziyo okokuqala ngaphandle kwegazi. Abezindaba babika ngempumelelo yako futhi udokotela ohlinzayo nodokotela obulala izinzwa ababenengxenye babhala isihloko esihle kakhulu ngakho. Ngakho, kuye kwavuleka umnyango wokwelapha ngaphandle kwegazi futhi odokotela abaningi bazimisele ukuhlonipha isinqumo soFakazi BakaJehova sokwelashwa kanjalo.
UKUHLANGABEZANA NEZIDINGO ZENSIMU EYANDAYO
Ngemva kwezinguquko zezombusazwe ngo-1991, iNdikimba Ebusayo yanquma ukuba kuvulwe ihhovisi elalizonakekela kahle imisebenzi yoMbuso eSlovenia. Kwathengwa isakhiwo esiyisitezi maphakathi nenhloko-dolobha yaseSlovenia, iLjubljana. Lesi sakhiwo salungiswa, kwathi ngo-July 1, 1993, sabe sesikulungele ukuba izikhonzi zaseBethel zithuthele kuso. Ekuqaleni, umkhaya waseBethel wawunamalungu ayishumi, kodwa ngemva kweminyaka eyishumi inani lase lingu-35. Ngenxa yalokho, kwaqashwa isakhiwo esiseduze esasizoba ikhishi, indawo yokudlela nelondolo. Ngaleso sikhathi, izikhonzi zaseBethel zathuthela ezindlini eziseduze ukuze kuvuleke indawo. Ngo-1997, ihhovisi laseSlovenia laqala ukusebenza njengehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova.
Lapho iNdikimba Ebusayo ivuma ukuba kwakhiwe ihhovisi legatsha elisha eSlovenia, abafowethu baqala ukucinga indawo ekahle. Ngemva kokubheka izindawo ezingu-40, bakhetha indawo eseduze kwedolobha laseKamnik, eliqhele ngamakhilomitha angu-20 enhloko-dolobha, ezansi kwezintaba ezinhle. Ngokushesha kwatholakala imvume yokudabula indawo, kwatholakala itayitela, yathengwa indawo, kwasayinwa izivumelwano nenkampane yokwakha kwabizwa nezisebenzi zomhlaba wonke ukuba zizosebenza esakhiweni. Konke kwase kumi ngomumo.
Nokho, lapho kuzwakala ukuthi kuzokwakhiwa, omakhelwane abapholisanga maseko, babhikisha. Ngosuku okwakuzoqalwa ngalo ukwakha, ababhikishi bavala indlela yokungena esizeni. Baphakamisa izingqwembe ezaziphikisana nalo msebenzi. Ngemva kwezinsuku eziyisithupha, cishe emini, kwafika amaphoyisa angaba ngu-30 ezovikela izisebenzi zasedolobheni ezazizosusa izinto ababhikishi ababevimbe ngazo indlela; laba babhikishi bathuka amaphoyisa. Kodwa ngaleso sikhathi umsebenzi wawusamisiwe, ngakho abafowethu nezisebenzi zenkampane babengekho ngalolo suku. Njengoba ukwakha kwakusamisiwe, ushushiso lwaqala ukudamba futhi abafowethu bafuna isixazululo esinokuthula.
Ababhikishi babeluwise kwaze kwaba kathathu ucingo olubiyele isiza kodwa ekugcineni umsebenzi waqhubeka ngemva kwenyanga ngaphandle kwezihibe. Empeleni, lokho okwaqala njengokuhlaselwa kwabantu bakaJehova kwaphumela esibusisweni ngoba le ndaba yabakhanga kakhulu abezindaba. Kwakhishwa izihloko ezingaphezu kuka-150 kumathelevishini, emsakazweni nasemaphephandabeni. Ukwakha kwaphothulwa ngemva kwezinyanga ezingu-11, kwathi ngo-August 2005, umkhaya waseBethel wathuthela kulesi sakhiwo esisha.
Kusukela ngaleso sikhathi, isimo phakathi kwabazalwane nomakhelwane siye sashintsha ngokuphelele. Omakhelwane abaningi baye bavakashela ezakhiweni zegatsha. Omunye owayengumphikisi kamuva wafuna ukwazi ngesakhiwo. Wabuza ukuthi singobani nokuthi kuzokwenziwani kulesi sakhiwo. Lapho ebukiswa isakhiwo kwamjabulisa ukwamukelwa ngomusa nokuhlanzeka kwendawo. Watshela abafowethu: “Omakhelwane bangibuza ukuthi sengisonta nani yini, ngiphendule ngithi, ‘Njengoba ngangingabafuni, manje sengiyabathanda ngoba bangabantu abahle.’”
Ngo-August 12, 2006 kwaba usuku olujabulisayo lapho uTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo ebeka inkulumo yokunikezela izakhiwo phambi kwezilaleli ezingu-144 zasemazweni angaba ngu-20. Emhlanganweni okhethekile owawuseLjubljana, wanikeza inkulumo kubantu abangu-3 097 ababesuka kulo lonke elaseSlovenia, eCroatia, eBosnia naseHerzegovina.
IKUSASA ELIQHAKAZILE
OFakazi BakaJehova eSlovenia babheka ikusasa bethembele ngokuphelele esiqondisweni nasesibusisweni sikaYise osezulwini. Emhlanganweni wesigodi ka-2004, bajabula ngokukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiSlovenia. Manje, njengoba sebenegatsha elisha elinakho konke futhi abaningi babo bengamaphayona azikhandlayo, bazimisele ukulalela umyalo wokushumayela nokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20.
ESlovenia, lapho abantu abaningi bengamaRoma Katolika khona, inkathi yobuKhomanisi yakhiqiza abantu abaningi abangakholelwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abaningi baxinwe izinkathazo zokuphila noma bayengwa ugibe lwezinto ezibonakalayo. Abanye bangene shí kwezemidlalo noma kwezokuzijabulisa. Noma kunjalo, basekhona abanhliziyo ziqotho abanesithakazelo ezithembisweni zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini.
Umsebenzi uyaqhubeka uthuthuka. Ngo-August 2008 kwaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-1 935 futhi ingxenye yesine yabamemezeli yayisemkhakheni othile wenkonzo yamaphayona. Amasimu ezilimi zakwamanye amazwe manje asehlanganisa isi-Albania, isiCroatia, uLimi Lwezandla LwaseSlovenia, isiNgisi, isiSerbia nesiShayina. Ngokungafani nesiqalo esincane somsebenzi eSlovenia, ngesikhathi kunabagundi bezinwele ababili nje kuphela ababeshumayela izindaba ezinhle, isixuku esikhulu sezizwe ngezizwe sabashumayeli abashisekayo manje sifuna abafanelekayo abafuna ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Math. 10:11.
Izindawo zaseBalkan ezazaziwa ngokuthi iYugoslavia ziye zaba nezinxushunxushu eziningi, ubuhlungu nokuhlupheka. Naphezu kokungamukelwa kwenkolo nenzondo yobuhlanga, uthando phakathi kwabantu bakaJehova luye lwabaphawula njengabafundi beqiniso bakaKristu futhi luye lwaphakamisa ukukhulekelwa kweqiniso kukaJehova ngaphezu kwanoma yini enganikezwa yileli zwe. Lolu thando olunjengolukaNkulunkulu luye lwaheha inani elandayo labantu ukuba lamukele ukukhulekela okumsulwa futhi lusiza abafowethu ukuba bahlale begxilile, bezimisele ukukhonza uJehova ngobunye kuze kube phakade.—Isaya 2:2-4; Joh. 13:35.
[Imibhalo yaphansi]
a I-Ustaše yayiyinhlangano yezinguquko eyayilwela inkululeko yeCroatia, isekelwa iSonto LamaKatolika. Yayaziwa ngokuba nonya.
b Ngenxa yesimo sezombusazwe, kwanezelwa igama elithi “KaNkulunkulu” ukuze kucace ukuthi hlobo luni lwenkululeko abafowethu ababeyifuna.
c Bheka isihloko esithi “Ukusiza Umkhaya Wesikholwa Kanye Nabo EBosnia,” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 1994, amakhasi 23-27.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 165]
Nakuba kwakubhidlange ukucwasana ngokobuzwe nangokwenkolo eYugoslavia, abafowethu bona babemunye
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 173]
‘Ingabe ngikhonza uJehova ngenxa yomuntu? Phinde! Ingabe ukuphila kwami kuncike kulokho abanye abangase bakusho, bakucabange noma bakwenze? Lutho!’
[Ibhokisi ekhasini 144]
Ukwehlukana Ezweni ElaliyiYugoslavia
Uma ubuza iqembu labantu ngokwehlukana okukhona ezweni elaliyiYugoslavia, ungase uthole izimpendulo eziningi ezingafani. Okuwukuphela kwento abangavumelana ngayo ukuthi kwakunamaqembu ezizwe angu-7 ahlukene, ayenezinkolo ezingafani, ehlukene ngisho nangolimi alukhulumayo nezinhlamvu zolimi. Ngokuyinhloko amaqembu abantu ahlukaniswa ngenkolo. Eminyakeni engaphezu kweyinkulungwane edlule, eLobukholwa lalihlukene phakathi, kukhona abangamaRoma Katolika nalabo ababethi bangabenkolo yobuKatolika Bobu-Orthodox. Lo mhosha ohlukanisa la maqembu amabili wawusuka khona kanye enkabeni yezwe elaliyiYugoslavia. Iningi labantu abahlala eCroatia naseSlovenia bangamaRoma Katolika, kuyilapho iningi eSerbia naseMacedonia lingama-Orthodox. EBosnia kunengxubevange yezinkolo, abanye bangamaSulumane, amaKatolika nama-Orthodox.
Njengoba inkolo iye yahlukanisa abantu, kube into efanayo nangolimi. Iningi labantu ababengaphansi kweYugoslavia, ngaphandle kweKosovo, likhuluma ulimi lwamaSlav aseNingizimu. Nakuba izwe ngalinye linolimi lwalo, ukusetshenziswa kwamagama amaningi afanayo kwenza ukukhulumisana phakathi kwabaseSerbia, abaseCroatia, abaseBosnia, nabaseMontenegro kungabi yinkinga. Kodwa akunjalo eKosovo, eMacedonia naseSlovenia. Nakuba ekupheleni kwekhulu le-19 kwenziwa imizamo yokuhlanganisa lezi zilimi ezithi azifane, ukuhlukana kweYugoslavia ngo-1991 kwayiqeda nya leyo mizamo. Eminyakeni eyishumi edlule, wonke amazwe aye azama ukwenza ulimi lwawo luhluke ngokusebenzisa amagama angafani nawabanye.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 148]
Umkhandi Wamawashi Usakaza Iqiniso ESlavonia
Ngawo-1930 u-Antun Abramović wayehambela amadolobhana aseCroatia ekhanda amawashi. Esehhotela, wathola enye yezincwajana zethu. Ngemva kokuyifunda, kwasheshe kwamkhanyela ukuthi yiqiniso leli, futhi inhliziyo yakhe yathinteka. Lokhu kwamshukumisela ukuba abhalele igatsha acele izincwadi ezengeziwe. Kungakabiphi, waba inceku kaJehova ezinikezele. Ngemva kwalokho, wayengasalungisi nje kuphela amawashi uma ehambela amadolobhana, kodwa wayebanikeza nobufakazi. Kwakubalulekile ukuba acashe ngalo msebenzi ngoba ukushumayela kwakusavinjelwe. Kwenye indawana eyayibizwa ngokuthi iPrivlaka, wahlangana nabantu abalamukela ngenhliziyo yonke iqiniso. Ngokuhamba kwesikhathi, kwamiswa ibandla elincane. Kusukela lapho iqiniso lasakazekela eVinkovci nasezindaweni ezingomakhelwane.
Phakathi neMpi Yezwe II, uMfoweth’ u-Abramović wasiza ekunyatheliseni izincwadi ngomshoshaphansi ezasakazwa kulo lonke elaseYugoslavia. Ngenxa yomsebenzi wakhe wentshiseko, waba phakathi kwabafowethu abangu-14 abagwetshwa izigwebo ezinde ngo-1947. Ngemva kokudedelwa ejele, wakhonza njengombonisi ojikelezayo. Intshiseko yakhe enkonzweni kaJehova yaqhubeka ivutha kukho konke ukuphila kwakhe.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 151]
Umbhidisi Uba Yiphayona
Eminyakeni eminingi edlule, endaweni eyaziwa ngokuthi iBosnia neHerzegovina namuhla, umbhidisi weRoyal Guards Orchestra, u-Alfred Tuček, wathola izincwadi zeBhayibheli kuFritz Gröger ayesebenza naye. Cishe ngasekupheleni kwawo-1920, u-Alfred waxhumana ne-Lighthouse Society, eMaribor, eyazisa ukuthi ufuna ukuba yiphayona elivamile. Ngokuhamba kwesikhathi, waba ngomunye wabokuqala abaphayona eYugoslavia. Naphezu komsebenzi wakhe oholela kahle wokuba umbhidisi weqembu lebutho lezempi, uthando lwakhe ngoJehova lwamshukumisela ukuba awushiye phansi lowo msebenzi ‘angabe esabheka izinto ezingemuva.’ (Luka 9:62) Ekuqaleni kwawo-1930, wahamba nabazalwane baseJalimane abangamaphayona bebukisa i-“Photo-Drama of Creation.” Waphinde wasiza ekwenzeni amakhadi ensimu ukuze ahlele umsebenzi wokushumayela eYugoslavia. Ngo-1934, washada nephayona laseJalimane, uFrida. Isabelo sabo sokuqala saba seSarajevo, eBosnia. Kamuva umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle wabayisa ezindaweni zaseMacedonia, eMontenegro, eCroatia naseSerbia. Ekuqaleni, ingxenye enkulu yohambo babeyihamba ngebhayisikili, kwathi kamuva basebenzisa isithuthuthu. Nakuba-ke izindaba ezinhle ngaleso sikhathi zingemukelwanga kangako, kwazise nomsebenzi wokushumayela wawuvinjelwe, bakuqaphela ukubaluleka kokufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 155, 156]
Ebuhleni Nasebubini
UMartin Poetzinger wakhonza emazweni amaningi aseNkabeni yeYurophu ngaphambi kokuba abelwe ukuba ayokwengamela iqembu lamaphayona eYugoslavia. Kwakuphakathi nalesi sikhathi lapho ahlangana khona noGertrud Mende, udade waseJalimane oyiphayona elishisekayo ashada naye kamuva. Amaphayona kwakufanele athembele ngokugcwele kuJehova uma kuziwa endabeni yokunakekela impilo. Nakuba ayengenawo umshwalense, njalo nje ayeluthola usizo aludingayo. Ngezinye izikhathi, ezimweni ezibucayi uJehova wayesebenzisa abantu abathakazelayo ukuba basize. Ngokwesibonelo, lapho uMfoweth’ uPoetzinger esegula ebangwa nezibi eZagreb, uDade Mende wamsiza.
UGertrud uyakhumbula: “Maphakathi ngo-1930, mina noMartin sabelwa ukuba siyokhonza eSarajevo. Kodwa izinto azihambanga ngendlela esasiyilindele. Ngenye intambama uMartin wazizwa engemnandi, kwathi ebusuku wahlaselwa imfiva eyayicishe ifike ku-40°C. Ngakusasa ekuseni lapho ngiya endaweni ayehlala kuyo ngiyomhlola ukuthi unjani, ngathola ukuthi inkosikazi ayeqashe kwayo yayikhathazekile ngesimo sakhe. Sazama ukumelapha ngamakhambi endawo, iwayini elibilisiwe lafakwa ushukela omningi. Kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngashayela ucingo odokotela abaningi ngisebenzisa izinombolo engangizithole encwadini yezinombolo zocingo, kodwa akekho noyedwa kubo owayezimisele ukufika ngokushesha. Bonke babebik’ imbiba babik’ ibuzi.
“Le nkosikazi yasikisela ukuba ngishayele ucingo esibhedlela, ngakho ngakhuluma nomphathi wesibhedlela ngamchazela ukuthi uMartin wayelele phansi ngenxa yemfiva eyayisingu-40°C. Le ndoda yayingeve inobungane futhi yathumela imoto yeziguli. Ngesikhathi uMartin esegitshezwa kuyo, inkosikazi yalo muzi yathi kimi, ‘Ngeke uphinde umbone.’
“Kwakusekuncane lokho, okubi nakakhulu kwakuyinkinga yemali. Okuwukuphela kwemali esasinayo njengamaphayona kwakuyiminikelo esasiyithole ngesikhathi sihambisa izincwadi, kwayona eyayingatheni. Sasingasazi ukuthi kufanele sithatheni sihlanganise nani, futhi sasingazi nokuthi ukwelashwa kwakuyobiza malini. UDokotela Thaler wamhlola futhi wakuhlonza ukugula: ‘UMartin unamanzi emaphashini futhi kufanele ahlinzwe. Uzokwephuza ukululama.’
“Kumelwe ukuba uDokotela Thaler wayesiqonda isimo sethu esinzima esingokwezimali ngoba wathi, ‘Ngifuna ukubasekela abantu abanokholo olufana nolwenu,’ futhi akazange afune nesenti leli ngokuhlinza uMartin. Ngosizo lukaJehova sakwazi ukubhekana nalesi simo esinzima. Ngenxa yokugula kukaMartin, asibange sisaya eSarajevo kodwa kwadingeka siphindele eJalimane.”
[Isithombe]
UMartin Poetzinger eJalimane ngo-1931
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 161, 162]
Ngangenza Umsebenzi Wokuziphilisa Emini, Nginyathelisa Ebusuku
ULINA BABIĆ
UNYAKA AZALWA NGAWO 1925
ABHAPATHIZWA NGAWO 1946
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Lo dade ubelokhu ekhonza eBethel kusukela ngo-1953, ngenkathi umsebenzi uqashelwa ngokomthetho. Wasiza ekunyatheliseni nasekuthumeleni omagazini nezincwadi. Namuhla ukhonza ngokwethembeka eBethel yaseZagreb.
NGEMVA kokudedelwa kwabafowethu ejele, ngokushesha kwenziwa amalungiselelo okuba kukhiqizwe omagazini. Kodwa babembalwa abazalwane, futhi kunenqwaba yomsebenzi okwakufanele wenziwe. Lapho ngizwa ngaleso simo, nganquma ukuzenza ngitholakale, nakuba nganginomsebenzi wokuziphilisa engiwenzayo. Ngangilokhu ngifuna ukusiza. Ngakho ngangisebenza usuku lonke emsebenzini wami wokuziphilisa bese kuthi ebusuku nginyathelise izincwadi.
Ngaleso sikhathi igatsha lalingakabi nayo indawo yalo edolobheni. Ngakho umbhangqwana osukhulile uPetar noJelena Jelić bavula ikamelo labo ukuba lisetshenziselwe ukwenza amakhophi ezincwadi. Ikamelo lalithi alibe ngamamitha angu-4,5 ubude nobubanzi. Kwakwendlalwa amapulangwe phezu kombhede, ambozwe ngendwangu bese kubekwa amakhasi asenyathelisiwe. Eceleni kombhede kwakunetafula elalinomshini wesandla wokwenza amakhophi. Sasikhiqiza amakhasi angaba ngu-800 ngehora. Lokhu akulutho uma kuqhathaniswa nemishini yesimanje yokunyathelisa, kodwa saseneliseka ngokuthi ngokubekezela kanye nokuzikhandla sasikwazi ukukhiqiza zonke izincwadi ezazidingeka.
Kwakuthinta inhliziyo ukubona abakwaJelić besibekezelela kuze kube yilapho siyeka ukusebenza, bese siqhelisa umqingo wamakhasi asenyathelisiwe ukuze balale. Babengakaze bakhononde. Kunalokho, babejabula, bemamatheka ngenxa yokusekela kwabo umsebenzi woMbuso ngaleyo ndlela. Ekanye nabanye odade asebekhulile, uJelena wayesiza uma ekwazi ngokuthatha amakhasi asenyathelisiwe, awahlanganise futhi awagoqe. Lwalubalulekile lolo sizo.
Ngo-1958 sathola umshini wokwenza amakhophi osebenza ngogesi, ngakho kwaba lula ukunyathelisa. Omagazini abangu-20 esasibanyathelisa ngo-1931 ngesikhathi siqala, baba amakhophi angu-2 400 ngezilimi ezintathu—isiCroatia, isiSerbia (Cyrillic) nesiSlovenia—ekuqaleni kwawo-1960. Nakuba sasingakwazi ukunyathelisa izincwadi, sanyathelisa izincwajana eziningi. Ngo-1966 sanyathelisa ezingaphezu kwesasike sazinyathelisa. Incwadi ethi Izinto UNkulunkulu Angeqambe Amanga Ngazo yanyatheliswa umnyathelisi wendawo yaba izincwajana ezingu-12. Iqoqo ngalinye lalezi zincwajana ezingu-12 lakha incwadi ephelele. Ukukhiqizela lezi zilimi ezintathu kwakusho ukunyathelisa izincwajana ezingu-600 000 ukuze kuphume ezilingana nezincwadi ezingu-50 000.
Namuhla ngikhonza eBethel yaseZagreb. Ngiyajabula ngokubheka emuva eminyakeni yami yenkonzo futhi ngibone indlela uJehova awubusise ngayo umsebenzi kuwo wonke amazwe ayengaphansi kweYugoslavia.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 176, 177]
“Kusasa Zonke Izinto Zingase Zishintshe”
U-IVICA ZEMLJAN
UNYAKA AZALWA NGAWO 1948
ABHAPATHIZWA NGAWO 1961
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Waboshwa izikhathi ezinhlanu ngenxa yokungathathi hlangothi. Kamuva wakhonza njengombonisi wesifunda wangezimpelasonto, namuhla ukhonza njengomdala ebandleni laseZagreb.
ABAZALI bami babeseqinisweni futhi sakhuliswa ngalo ekhaya. Lapho ngibuthelwa kwezempi, ngaya ngafike ngacela ukuzikhulumela. Ngemva kokuchaza ukungathathi hlangothi kwami, ngaquliswa icala ngabe sengigwetshwa izinyanga ezingu-9 ejele. Lapho ngidedelwa, ngathola ukuthi sengiphinde ngabizwa futhi kwezempi. Ngaphinde ngaquliswa icala, ngagwetshwa futhi kulokhu ngangizodonsa unyaka ejele. Lapho ngidedelwa, ngathola ukuthi sengiphinde ngabizwa okwesithathu, ngaphinda futhi ngaquliswa icala. Kulokhu isigwebo saba izinyanga ezingu-15 ejele. Okwesine, ngagwetshwa izinyanga ezingu-20; okwesihlanu, kwaba iminyaka emibili—sekukonke kwaba iminyaka engaphezu kweyisithupha ngisejele. Konke lokhu kwenzeka phakathi kuka-1966 no-1980.
Ngathunyelwa kabili eGoli Otok e-Adriatic Sea. Sonke lesi siqhingi sasiyijele leziboshwa zezombusazwe. Ngaphathwa njengazo. Umsebenzi wethu “kwakuwukugqiba ulwandle.” Sasiqukula amatshe ngebhokisi lamapulangwe siwasusa kolunye uhlangothi lwesiqhingi siwayise kolunye bese siwaphonsa olwandle. Ibhokisi ngalinye lamatshe lalingamakhilogremu ayikhulu. Uma sesiwathululile, sasiphindela emuva siyolanda amanye, kwakuze kushone ilanga silokhu sehla senyuka.
Ngesikhathi ngithunyelwa okwesibili eGoli Otok, kwase kunenqubo yokuba isiboshwa esifikayo sivalelwe sodwa inyanga. Kwakubuhlungu ukuvalelwa futhi ushiywe wedwa qhwaba. Phakathi naleso sikhathi ngathandaza kaningi kunanoma yinini ngaphambili. Ngangingenalo iBhayibheli noma izincwadi. Ukuvalelwa ngedwa kwakunzima kakhulu kimi. Okuwukuphela kwesikhuthazo engasithola kwakuyincwadi eyayivela kubazali bami. Kwakungaleso sikhathi lapho ngawezwa khona amandla ashiwo umphostoli uPawulu emazwini akhe: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Kor. 12:10) Yeka indlela engangijabule futhi ngiqine ngayo lapho ngikhululwa futhi ngithola umsebenzi.
Kwelinye ijele kwadingeka ngiyobonana nesazi sengqondo esasinokhahlo nenhlamba. Sangikhakhabisa, phakathi kwezinto esazisho sathi angiphilile kahle. Asinginikanga nelincane ithuba lokuba ngiziphendulele. Ngakusasa, sona leso sazi sengqondo saphinde sangibiza sakhuluma ngezwi elihluke ngokuphelele sathi: “Bengicabanga ngawe futhi leli jele alikufanele. Ngizokutholela umsebenzi ngaphandle kwasejele.” Nangempela sangitholela. Angazi ukuthi yini eyashintsha ukucabanga kwaso, kodwa kwangibonisa ukuthi akufanele nanini sesabe noma sicabange ukuthi alikho ikhambi. Kusasa zonke izinto zingase zishintshe. Ngiyambonga uJehova ngakho konke okuhlangenwe nakho okuye kwangisondeza kuye.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 179]
‘Ingabe Abantu Bavunyelwe Ukukhuluma Ngebhola?’
UHENRIK KOVAČIĆ
UNYAKA AZALWA NGAWO 1944
ABHAPATHIZWA NGAWO 1962
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wakhonza njengombonisi ojikelezayo wangezimpelasonto ngo-1973, kwathi ngo-1974 kuya ku-1976 wabelwa njengombonisi ojikelezayo wesikhathi esigcwele. Manje uyilungu leKomiti Yegatsha eCroatia.
SASINGAZI ukuthi siyophindela yini emakhaya ngemva kwensimu. Amaphoyisa ayevame ukusibopha bese esihloma imibuzo. Kwakwande imibono eyiphutha ngathi.
Ngesinye isikhathi ngisesiteshini samaphoyisa, ngatshelwa ukuthi asivumelekile ukukhuluma ngoNkulunkulu emigwaqweni noma endlini ngendlu, kodwa kufanele sikhulume ngaye kuphela ezindaweni ezibhaliselwe leyo njongo. NjengoNehemiya, ngenza umthandazo omfushane ngicela uJehova ukuba angisize ngithole amazwi afanele. Ngabe sengibuza lo mseshi, “Ingabe abantu lapha bavunyelwe ukukhuluma ngebhola kuphela uma besenkundleni yezemidlalo noma nakwezinye izindawo?” Waphendula ngokuthi abantu bangakhuluma ngebhola nomaphi. Ngathi: “Uma kunjalo, kush’ ukuthi ungakhuluma nangoNkulunkulu nomaphi, hhayi nje kuphela esontweni noma endaweni yokukhulekela.” Nakuba saphenywa amahora amahlanu, mina nomngane wami sakhululwa.
Uma ngibheka emuva eminyakeni engu-40 yenkonzo nginomkami u-Ana, ngingasho ukuthi akukho esingakulinganisa nakho ezweni. Sobabili sibe nelungelo lokusiza abantu abangaba ngu-70 ukuba bafunde iqiniso. Noma yisiphi isabelo uJehova asigcinele sona siyocebisa ukuphila kwethu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 195, 196]
Sathembisa Ukuthi Sizobuya
UHALIM CURI
UNYAKA AZALWA NGAWO 1968
ABHAPATHIZWA NGAWO 1988
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wasiza ekuhleleni nasekuhambiseni izimpahla zosizo eSarajevo. Manje ukhonza njengomdala, ilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela nanjengommeleli wezomthetho woFakazi BakaJehova eBosnia naseHerzegovina.
Ngo-1992 idolobha laseSarajevo lavinjezelwa. Ngesikhathi singakwazi ukuthola izincwadi sasifunda omagazini abadala. Abazalwane babebhala amakhophi abanawo ezihloko ezifundwayo ngomshini wokubhala omdala. Nakuba kwakunabamemezeli abangu-52 nje kuphela, kwakuba khona abantu abangaphezu kuka-200 esifundweni futhi sasiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-240.
Ngo-November 1993, ngesikhathi impi isabambene ngezihluthu, kwazalwa indodakazi yethu, u-Arijana. Kwakuyisikhathi esinzima sokuletha ingane emhlabeni. Ngesinye isikhathi kwaphela amasonto singenamanzi noma ugesi. Sasibasa ifenisha futhi uma siya esifundweni sasinqamula ezindaweni eziyingozi. Abadubuli babedubula noma ubani, ngakho kwakudingeka sigijime lapho siwela imigwaqo nemigoqo okwakuvinjwe ngayo.
Ngolunye usuku olucwathile, mina nomkami, ingane yethu noMfoweth’ uDražen Radišić, sasiya ekhaya siphuma esifundweni lapho sizwa kuqhuma inganono. Salala phansi emgwaqweni kodwa ngashaywa inhlamvu esiswini. Ngezwa ubuhlungu obukhulu. Abantu abaningi bakubona lokhu belunguze ngamafasitela, ezinye izinsizwa ezinesibindi zaphuma endlini ziqhasha zafike zasisiza. Ngaphuthunyiswa esibhedlela, bafike bafuna ukuba ngimpontshelwe igazi ngokushesha. Ngachazela udokotela ukuthi unembeza wami awungivumeli ukuba ngifake igazi. Bangiphoqa ukuba ngivume; kodwa ngangizimisele futhi ngikulungele ukubhekana nemiphumela. Ngahlinzwa amahora amabili nesigamu futhi ngalulama ngaphandle kokumpontshelwa igazi.
Ngemva kokuhlinzwa, kwakudingeka ngiphumule kodwa ngangingeke ngikwazi ngenxa yempi. Sanquma ukuvakashela umkhaya wakithi e-Austria. Kodwa okuwukuphela kwendlela yokuphuma eSarajevo kwakuwukuthubeleza emhubheni ongaphansi kwesikhumulo sezindiza. Wawungamamitha angu-900 ubude futhi uphakeme ngamasentimitha angu-120. Umkami wateta umntwana mina ngazama ukuphatha isikhwama sezimpahla. Kodwa ngenxa yokuthi ngangisanda kuhlinzwa kwadingeka angisize.
Asikwazi ukuchaza injabulo esaba nayo ngokuvakashela e-Austria. Ngesikhathi sihamba eSarajevo, sasithembise abafowethu noMdali wethu ukuthi sizobuya. Kwakunzima ukwehlukana nabasekhaya e-Austria, ikakhulu umama. Sabachazela ukuthi sithembise uNkulunkulu ukuthi sizobuyela eSarajevo uma esisiza siphume sithi ukuthola ukuphumula kancane. Sasingasho kanjani-ke manje kuNkulunkulu sithi: “Siyabonga ngokusisiza size lapha. Kumnandi ngempela ukuba lapha futhi manje sesifuna ukuhlala”? Nabafowethu eSarajevo babesidinga. Kukho konke lokhu, umkami u-Amra wangisekela kakhulu.
Ngakho ngo-December 1994, safika emhubheni eSarajevo. Manje, sasingena eSarajevo siphuma ngaphandle. Abantu abasibona sibuya singena emhubheni basibuza: “Nenzani? Wonk’ umuntu ufuna ukuphuma kodwa nina niphindela kuleli dolobha elivinjezelwe?” Angikwazi ukuchaza intokozo esaba nayo lapho siphinde sihlangana nabafowethu eHholo LoMbuso LaseSarajevo. Asikaze sizisole ngokuthi sabuya.
[Ibhokisi ekhasini 210]
Iziqhingi ZaseCroatia
Ugu lwaseCroatia olungamakhilomitha angu-1 778 luneziqhingi ezingaphezu kwenkulungwane kanti ezingaba ngu-50 zihlala abantu. Isilinganiso sobukhulu beziqhingi siqala ngaphansi kwekhilomitha-skwele elilodwa siyosho kumakhilomitha-skwele angu-400.
Abantu abahlala kulezi ziqhingi ikakhulu bayadoba, batshale izihlahla zomnqumo, banakekele izivini futhi balime. IKornati National Park, iqoqo leziqhingi nezixhobo ezingu-140, iyindawo enhle yokutshuza. Izakhamuzi zaseKrapanj nezaseZlarin ziyatshuza ziyocinga amatshe ayigugu nezipanji. Isiqhingi saseHvar sikhiqiza i-lavender, uju namafutha e-rosemary. Izakhamuzi zasesiqhingini esiwugwadule sasePag zenza ushizi omnandi ngobisi lwezimvu ezidla izitshalo notshani obunosawoti.
OFakazi BakaJehova benza umzamo okhethekile wokufinyelela zonke izakhamuzi. Abanye kudingeka bawele ibhuloho nje kuphela ukuze bafike kwesinye isiqhingi, kanti abanye kumelwe bagibele isikebhe. Amaqembu oFakazi athanda ukuhlela imikhankaso ekhethekile, achithe izinsuku ezimbalwa eshumayela esiqhingini. Noma kunjalo, ukukhuluma nezakhamuzi zaseziqhingini kungaba inselele ngoba ziye zasungula ulimi oluhlukile okunzima ukuba abanye abantu baluqonde.
Okujabulisayo ukuthi abantu abahlala eziqhingini bayazamukela izindaba ezinhle futhi isiqhingi saseKorčula sinebandla labamemezeli abangu-52. Ukuqhela kwalesi siqhingi kuyinkinga ezikhulumini ezizobeka inkulumo yeningi. Kodwa imizamo yazo iyalisiza leli bandla eliqhelile lihlale limunye nobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke.—1 Pet. 5:9.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 224]
“Ngaya Ejele Kusasele Izinsuku Ezingu-11”
UPAVLINA BOGOEVSKA
UNYAKA AZALWA NGAWO 1938
ABHAPATHIZWA NGAWO 1972
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Waqala ukuphayona ngo-1975, kwathi ngo-1977 waba iphayona elikhethekile lokuqala eMakedoniya. Usize abantu abangu-80 ukuba bafunde iqiniso.
EZIKHATHINI eziningi lapho ngishumayela, abantu babengiceba emaphoyiseni, bese amaphoyisa engithatha angiyise esiteshini sawo angihlome imibuzo—ngezinye izikhathi kuphele amahora amaningi ngiphenywa. Ngahlawuliswa kaningi. Enkantolo ngamangalelwa ngamanga kuthiwa ngimelene noMbuso nokuthi ngisakaza inkolelo-ze yaseNtshonalanga. Ngesinye isikhathi ngagwetshwa izinsuku ezingu-20 ejele kanti ngesinye ezingu-30.
Ngaso kanye isikhathi okwakumelwe siye ngaso emhlanganweni wesigodi, kwakumelwe ngiqale isigwebo sezinsuku ezingu-20 ejele. Ngacela inkantolo ukuba isihlehlise; kodwa yenqaba, ngakho ngaya ejele kusasele izinsuku ezingu-11. Izikhulu zasejele zamangala lapho zingibona. Zazingakholwa ukuthi kukhona umuntu ongafuna ukusheshe aye ejele. Ngaba nethuba lokufakaza kuzo futhi zangithembisa ukuthi zizokwenza konke okusemandleni azo ukuba zinginakekele. Ngemva kwezinsuku ezingu-11, kwafika isikhulu samaphoyisa ejele sizohlola ukuthi sengikhona yini. Cabanga indlela esamangala ngayo lapho izikhulu zasejele zisitshela ukuthi ngase nginezinsuku ezingu-11 ngikhona! Ngakwazi ukuya emhlanganweni, njengoba ngangifuna.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 232]
‘Banikela Ngokungcono Kunakho Konke Ababenakho’
UŠANDOR PALFI
UNYAKA AZALWA NGAWO 1933
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1964
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Abazali bakhe bathola iqiniso ekamu elalivulwe abashokobezi ngemva nje kweMpi Yezwe II. Wakhonza njengombonisi ojikelezayo wangezimpelasonto futhi manje uyilungu leKomiti Yezwe YaseSerbia.
NGENXA yokuthi umkhaya wakithi ungowozalo lwamaHungary, sathunyelwa isikhashana ekamu elalisungulwe abashokobezi. Lokhu kwaba isibusiso ngoba yilapho lapho abazali bami bathola khona iqiniso. Ngisemusha, ngangingenasithakazelo eqinisweni. Kodwa uMfoweth’ uFranz Brand, owahlala ekhaya iminyaka embalwa, waba nethonya elikhulu kimi. Ngangicabanga ukuthi ngiyasiza lapho ngivuma isicelo sakhe sokuhumusha incwadi yesiHungary ngiyihumushele olimini lwesiSerbia. Kamuva ngathola ukuthi sasingekho isidingo sokuyihumusha; wayefuna nje ukuqiniseka ukuthi ngiyayifunda. Iqhinga lakhe lasebenza futhi ngokuhamba kwesikhathi, ngo-1964, ngabhapathizwa.
Enye yezinto ezangijabulisa kakhulu kwakuwukukhonza njengombonisi ojikelezayo. Kwakungelula ngezinye izikhathi ngoba abafowethu babengenazo izinto eziningi ezibonakalayo. Ezikhathini eziningi mina nomkhaya engangifikele kuwo sasilala ekamelweni elilodwa. Konke ukuzidela kwakuwufanele umzamo. Kwakukuhle ukubona injabulo yabafowethu ababekubheke ngabomvu ukuhanjelwa. Babengenza konke ukuze banikele ngokungcono kunakho konke ababenakho. Ngingakukhohlwa kanjani lokho?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 236, 237]
“Ngingabatholaphi Laba Bantu?”
U-AGRON BASHOTA
UNYAKA AZALWA NGAWO 1973
ABHAPATHIZWA NGAWO 2002
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyisosha leKosovo Liberation Army futhi manje ukhonza njengephayona elivamile nenceku ekhonzayo.
LAPHO ngibona izinto ezinyantisayo ezazenzeka empini, kuhlanganise nokubulawa kwezingane ezincane, ngaphetha ngokuthi uNkulunkulu akekho. ‘Uma ekhona,’ ngicabanga, ‘kungani engenzi okuthile ngokuhlupheka okungaka?’ Ukholo lwami lwancipha nakakhulu lapho ngibona indlela abaholi benkolo abangamaSulumane ababeyisekela ngayo impi lapho kulwiwa namaSerbia. Ngaphambi kwempi, ngangingumSulumane; kodwa yathi iphela ngase ngingasakholelwa kuNkulunkulu futhi sengijoyine iKosovo Liberation Army. Nakuba ngangikule nhlangano isikhashana, ngahlonishwa kakhulu futhi ngathola nezimendlela eziningi. Lokhu kwangenza ngaba undlovukayiphikiswa futhi ngaqhosha ngoba kwakukhala esami isicathulo.
Ngeshwa, nomkami ngamphatha kanjalo. Ngangicabanga ukuthi kwakufanele enze engikushoyo. Umkami uMerita, wayeke waxoxa noFakazi ngesikhathi sempi futhi enezinye zezincwadi zabo. Ngobunye ubusuku ngaphambi kokuyolala, wathi: “Thatha lezi zincwadi uzifunde. Zikhuluma ngoNkulunkulu.” Ngathukuthela ngagana unwabu ngoba wayecabanga ukuthi angangifundisa ngoNkulunkulu. Ukuze singaxabani, uMerita wahamba wayolala.
Ngisele ngedwa nezincwadi, nganquma ukufunda incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngabe sengifunda incwajana ethi The Time for True Submission to God. NjengomSulumane, kwangimangaza ukuthi icaphuna iKoran. Ngemva kwalokho, ngafunda INqabayokulinda ne-Phaphama! Kamuva ngalobo busuku, ngaya ekamelweni ngavusa umkami. Ngambuza: “Uzithole kubani? Ngingabatholaphi laba bantu?”
Kwangithinta kakhulu lokhu engangikufunda, kodwa umkami wayengabaza futhi esaba engangingase ngikwenze. Noma kunjalo, ngabo lobo busuku sashayela uFakazi ucingo sabuza ukuthi bahlangana nini futhi kuphi. Ngakusasa saya esifundweni. Ngahlatshwa umxhwele indlela abafowethu ababenomusa nabasamukela ngayo! Ngangingazi ukuthi kunabantu abanje emhlabeni. Ngangibona ukuthi bahlukile. Phakathi nomhlangano ngaba nombuzo futhi ngangifuna impendulo ngaso leso sikhathi, ngaze ngaphakamisa isandla. Abadala babenexhala bengazi ukuthi kungani ngifuna ukukhuluma. Yeka indlela abakhululeka ngayo lapho bethola ukuthi ngimane ngifuna ukwazi ukuthi yini okudingeka ngiyenze ukuze ngibe uFakazi KaJehova!
Ngaqala ukufunda iBhayibheli ngalo lelo langa. Izinguquko eziningi engangifuna ukuzenza ebuntwini bami zazingelula. Ngangifuna ukuyeka ukubhema futhi ngaba nomuzwa wokuthi kufanele ngiyeke ukuzihlanganisa nabangane enganginabo. Ngosizo lomthandazo nangokuba khona njalo emihlanganweni, ngaphenduka ekuphileni kwami kwangaphambili futhi ngagqoka ubuntu obusha. Yeka umehluko iqiniso eliwenzile ekuphileni kwami nokomkhaya wami! Manje mina nomkami sikhonza njengamaphayona avamile futhi ngo-2006 ngamiswa njengenceku ekhonzayo. Manje sengingasiza abanye baqonde ukuthi kungani sihlupheka, baqonde nendlela uJehova azozixazulula ngayo maduze zonke izinkinga zethu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 249, 250]
“Kwakuba Sengathi UJehova Ubavale Amehlo”
UJANEZ NOVAK
UNYAKA AZALWA NGAWO 1964
ABHAPATHIZWA NGAWO 1983
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wachitha iminyaka emithathu ejele ngenxa yokholo lwakhe futhi manje uyilungu leKomiti Yegatsha LaseSlovenia.
NGO-DECEMBER 1984 izikhulu zempi zazilokhu zingibizela kwezempi. Lapho zinamathisela incwadi engibizayo emnyango futhi zingisongela ngokuthi amaphoyisa azoza azongilanda, nganquma ukuya khona ngiyochaza isimo sami. Kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba babezimisele ukwenza konke okusemandleni abo ukuze ngibe isosha. Bangiphuca ekhanda, bathatha izingubo zami banginika ezamasosha. Lapho ngizenqaba, bangigqokisa zona ngenkani, base bengibambisa ipeni bangiphoqelela ukuba ngisayinele ukujoyina impi. Ngenqaba.
Ngenqaba nokuhlanganyela ezintweni ezinjengokuzivocavoca ekuseni nokushayela ifulege indesheni. Lapho amasosha amane engiyisa egcekeni futhi ethi angizivocavoce, ngangingaziphakamisi izandla. Ayezama ukuzibamba aziphakamise kuze kube yilapho ebona ukuthi adlala ngesikhathi. Angikhomba ngesibhamu athi azongibulala. Ngezinye izikhathi ayezama ukungifumbathisa ngokungipha ikhofi namakhekhe.
Ukuzimisela kwami kwenza amanye awo akhala. Amanye acasuka lapho ngenqaba ukuphimisela isithombe sikaMarshal Tito ayesisondeze ebusweni bami. Ngemva kwezinsukwana, azama ukungiphathisa izikhali, nakho engenqaba ukukwenza. Lokhu kwakuyicala, ngakho ngavalelwa emabhalekisini inyanga yonke. Ngemva kwalokho ngahlala amasonto esitokisini eZagreb, eCroatia, ngilinde isigwebo. Kwakuhlale kukhanya ubusuku bonke esitokisini futhi ngangivunyelwa ukuya endlini yangasese kuphela uma unogada eneme.
Ekugcineni, ngagwetshwa iminyaka emithathu ejele lasesiqhingini sase-Adriatic elibizwa ngokuthi iGoli Otok, lapho babethumela khona imigulukudu engasalungiseki. Bangiyisa kuleli jele, elaziwa ngeziboshwa ezinobudlova, ngiboshwe izandla ngamaketanga ngoba ngingafuni ukulwa. Ngafica oFakazi abane ababeboshelwe ukungathathi hlangothi.
Sasingavunyelwe ukungenisa iBhayibheli noma ezinye izincwadi. Noma kunjalo, likhona iBhayibheli elase lingaphakathi. Izihlobo zami zangithumelela INqabayokulinda ziyifihle esinqeni sebhokisi. Onogada abazange bazibambe izincwadi zethu futhi abazange bathole nokuthi siba nemihlangano yobuKristu. Ngezinye izikhathi lapho bengena, izincwadi zazisuke zisobala, kodwa kwakuba sengathi uJehova ubavale amehlo ngoba babengaziboni.
Ngemva konyaka ngashintshelwa eSlovenia ngiyoqedela isigwebo sami. Ngisesejele, ngashada noRahela. Lapho ngidedelwa, saqala ukuphayona nomkami futhi siye sakhonza eBethel eSlovenia kusukela ngo-1993.
[Ishadi/Igrafu ekhasini 244, 245]
ISHADI LEZENZAKALO EZIPHAWULEKAYO—Izindawo ZaseYugoslavia Yangaphambili
Ngawo-1920 Iqembu elincane liyahlangana lixoxe ngeBhayibheli eMaribor, eSlovenia.
1930 Amaphayona akhuluma isiJalimane athunyelwa eYugoslavia.
1935 Kusungulwa ihhovisi legatsha elizoqondisa umsebenzi eBelgrade, eSerbia.
1940
1941 Ibutho laseJalimane liyahlasela, kulandele ushushiso olunonya.
1950
1953 OFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho; nokho, ukushumayela endlini ngendlu kuyavinjelwa.
1960
1969 Umhlangano wezizwe uqhutshelwa kule nkundla eNuremberg, eJalimane.
1970
1990
1991 Umhlangano wezizwe wokuqala uqhutshelwa eZagreb, eCroatia. Kufika izithunywa zevangeli zokuqala eziphuma eGileyadi. Kuvulwa ihhovisi eSlovenia ngaphansi kokuqondisa kwegatsha lase-Austria. Impi iyaqala.
1993 OFakazi BakaJehova babhaliswa ngokomthetho eMakedoniya.
1994 Kusungulwa iKomiti Yokubonisana Nezibhedlela eSlovenia.
2000
2003 OFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho eCroatia. Kunikezelwa iBethel entsha eMakedoniya.
2004 Kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiSlovenia.
2006 Kunikezelwa igatsha elisha eSlovenia. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ikhululwa ngesiCroatia, isiSerbia nangesiMakedoniya. Kumiswa iqembu lesiShayina eBelgrade, eSerbia.
2007 Kubekwa inkulumo yokuqala ekhethekile ngesiRomany eMakedoniya. Kukhululwa incwadi yokuqala ngesiRomany.
2010
[Igrafu]
(Bheka encwadini)
Ingqikithi Yabamemezeli
Ingqikithi Yamaphayona
14 000
10 500
7 000
3 500
1940 1950 1960 1970 1990 2000 2010
[Amabalazwe ekhasini 147]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
CZECH REPUBLIC
AUSTRIA
VIENNA
SLOVAKIA
BRATISLAVA
HUNGARY
BUDAPEST
ROMANIA
BULGARIA
GREECE
ALBANIA
TIRANË
IONIAN SEA
ITALY
ADRIATIC SEA
IZINDAWO ZASEYUGOSLAVIA YANGAPHAMBILI
SLOVENIA
LJUBLJANA
Maribor
Kamnik
CROATIA
ZAGREB
SLAVONIA
Osijek
Vukovar
Vinkovci
Privlaka
Jasenovac
Šibenik
Split
DALMATIAN COAST
Goli Otok
Pag
Kornat
Zlarin
Krapanj
Hvar
Korčula
BOSNIA AND HERZEGOVINA
SARAJEVO
Bihać
Banja Luka
Tuzla
Travnik
Zenica
Vareš
Mostar
SERBIA
BELGRADE
VOJVODINA
Bor
MONTENEGRO
PODGORICA
Nikšić
Herceg Novi
Tara
Lake Scutari
KOSOVO
Peć
Priština
MACEDONIA
SKOPJE
Tetovo
Kočani
Štip
Kičevo
Strumica
Resen
Phawula: IZizwe Ezihlangene zabika ukuthi “iKosovo yamemezela ngo-February [2008] ukuthi ayisabuswa iSerbia.” Uzama ukuxazulula umbango ophathelene nesikhundla seKosovo kwezombusazwe, uMkhandlu-jikelele WeZizwe Ezihlangene ufuna “umbono we-International Court of Justice.”
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 142]
[Isithombe ekhasini 145]
UFranz Brand
[Isithombe ekhasini 146]
URudolf Kalle nomunye wemishini yakhe yokubhala
[Isithombe ekhasini 149]
Baqasha iloli ukuze bashumayele eSlovenia
[Isithombe ekhasini 154]
Amaphayona akuqala ayebhekana nezingqinamba eziningi
[Isithombe ekhasini 157]
U-Alfred noFrida Tuček namabhayisikili abo
[Isithombe ekhasini 158]
URudolf Kalle phambi kweBethel yaseBelgrade, eSerbia
[Isithombe ekhasini 168]
UFranc Drozg nekhophi yencwadi ayibhala
[Isithombe ekhasini 180]
Kwesokudla: Isitebele esenziwa iHholo LoMbuso eLjubljana, eSlovenia
[Isithombe ekhasini 180]
Ngezansi: Elinye lamaHholo OMbuso okuqala eZagreb, eCroatia
[Isithombe ekhasini 182]
UStojan Bogatinov
[Izithombe ekhasini 184, 185]
Ngemuva: UMhlangano Wezizwe Wango-1969 othi “Ukuthula Emhlabeni” eNuremberg, eJalimane; kwesobunxele: isitimela saseYugoslavia esasiya emhlanganweni; kwesokudla: UNathan Knorr
[Isithombe ekhasini 188]
UÐuro Landić
[Isithombe ekhasini 192]
UMilton Henschel enikeza inkulumo nobhapathizo eMhlanganweni Wezizwe Wango-1991 ‘Wabathandi Benkululeko KaNkulunkulu’ eZagreb, eCroatia
[Isithombe ekhasini 197]
ULjiljana namadodakazi akhe
[Isithombe ekhasini 199]
Izimpahla zosizo zalethwa ngamaloli zivela e-Austria
[Isithombe ekhasini 200]
Umkhaya wakwaÐorem ngo-1991
[Isithombe ekhasini 204]
Babhapathizelwa kubhavu wezinhlanzi eZenica, ngo-1994
[Isithombe ekhasini 209]
Izimpahla zosizo zazigcinwa eZagreb, eCroatia
[Isithombe ekhasini 215]
U-Elke noHeinz Polach
[Isithombe ekhasini 216]
IKomiti Yegatsha YaseCroatia nehhovisi legatsha
[Isithombe ekhasini 228]
Kuhanjiswa izimpahla zosizo eBosnia
[Isithombe ekhasini 233]
IKomiti Yezwe YaseSerbia nezakhiwo zaseBethel yaseBelgrade
[Isithombe ekhasini 235]
USaliu Abazi
[Isithombe ekhasini 243]
Bashumayela ePodgorica; iHholo LoMbuso LasePodgorica
[Isithombe ekhasini 247]
Idolobha elidala iPiran, eSlovenia
[Isithombe ekhasini 251]
Ihhovisi legatsha elidala eLjubljana, eSlovenia, ngo-2002
[Isithombe ekhasini 253]
Ihhovisi legatsha eKamnik, eSlovenia, ngo-2006
[Isithombe ekhasini 254]
IKomiti Yegatsha LaseSlovenia