Ingabe Ukugembula Kuyisono?
Impendulo yeBhayibheli
Nakuba iBhayibheli lingenabi mayelana nokugembula, imithetho yeBhayibheli isenza siqonde ukuthi uNkulunkulu ukubheka njengesono ukugembula.—Efesu 5:17.a
Ukugembula kuwumphumela wokuhaha, okuyinto uNkulunkulu ayizondayo. (1 Korinte 6:9, 10; Efesu 5:3, 5) Abagembuli basuke benethemba lokuzuza imali yalabo abasuke sebedliwe, kodwa iBhayibheli liyakulahla ukufisa izinto zabanye abantu.—Eksodusi 20:17; Roma 7:7; 13:9, 10.
Ukugembula, ngisho nangemali encane, kungavusa uthando olulimazayo lwemali.—1 Thimothewu 6:9, 10.
Abagembuli ngokuvamile bathembela kuyizinkolelo-ze noma enhlanhleni. Nokho, uNkulunkulu ubheka izinkolelo ezinjalo njengohlobo lokukhonza izithombe, okungahambisani nokumkhonza.—Isaya 65:11.
Kunokugqugquzela isifiso sokuthola okuthile mahhala, iBhayibheli likhuthaza ukusebenza kanzima. (UmShumayeli 2:24; Efesu 4:28) Labo abalandela umyalo weBhayibheli bangakwazi ukuba “badle ukudla abazizuzela kona.”—2 Thesalonika 3:10, 12.
Ukugembula kungavusa umoya wokuncintisana ongemuhle, iBhayibheli eliwulahlayo.—Galathiya 5:26.
a Ukugembula kukhulunywa ngakho eBhayibhelini kuphela lapho amasosha amaRoma enza inkatho, noma “egembula,” ngezingubo zikaJesu.—Mathewu 27:35; Johane 19:23, 24; Contemporary English Version; Good News Translation.