Liyini Izulu?
Impendulo yeBhayibheli
Igama elithi “izulu” eBhayibhelini libhekisela ngokuyisisekelo ezintweni ezintathu: (1) amazulu abonakalayo; (2) indawo yomoya kanye (3) nophawu lwesikhundla esiphakeme noma esiphakanyisiwe. Umongo wendaba yiwo osivezela indlela igama elisetshenziswe ngayo ukuze sithole umqondo ofanele.a
Amazulu abonakalayo. Kulo mqondo, “amazulu” abhekisela emkhathini, lapho kuvunguza khona umoya, kundize izinyoni, amafu akha khona imvula neqhwa nalapho kubaneka khona umbani. (IHubo 78:26; IzAga 30:19; Isaya 55:10; Luka 17:24) Angabuye abhekisele endaweni engaphandle, indawo ekutholakala kuyo “ilanga nenyanga nezinkanyezi.”—Duteronomi 4:19; Genesise 1:1.
Indawo yomoya. Elithi “amazulu” liphinde libhekisele emazulwini angokomoya, noma endaweni yomoya, indawo yokuphila engaphandle futhi ephakeme ukwedlula indawo yonke. (1 AmaKhosi 8:27; Johane 6:38) La mazulu angokomoya ahlala uJehova uNkulunkulu, ‘onguMoya,’ kanye nezidalwa zomoya eziyizingelosi ezadalwa nguye. (Johane 4:24; Mathewu 24:36) Ngezinye izikhathi “amazulu” enziwa samuntu ukuze amelele izingelosi ezithembekile, ‘ibandla labangcwele.’—IHubo 89:5-7.
IBhayibheli libuye lisebenzise “amazulu” ukubhekisela ngokuqondile engxenyeni yendawo yomoya lapho uJehova ehlala khona, ‘indawo yakhe yokuhlala.’ (1 AmaKhosi 8:43, 49; Hebheru 9:24; IsAmbulo 13:6) Ngokwesibonelo, iBhayibheli labikezela ukuthi uSathane namademoni babeyophonswa ngaphandle ezulwini, bengabe besavunyelwa ukungena endaweni enoNkulunkulu. Noma kunjalo babesazoqhubeka besendaweni yomoya.—IsAmbulo 12:7-9, 12.
Uphawu lwesikhundla esiphakeme noma esiphakanyisiwe. ImiBhalo isebenzisa “izulu” ukumelela isikhundla esiphakeme, ngokuvamile ngokuphathelene nengunya elibusayo. Isikhundla esinjalo singathathwa:
NguJehova uNkulunkulu uqobo njengoMbusi onguMninimandla onke.—2 IziKronike 32:20; Luka 15:21.
UMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni oyothathela ukubusa kwabantu indawo. IBhayibheli libhekisela kulowo Mbuso ngokuthi “amazulu amasha.”—Isaya 65:17; 66:22; 2 Petru 3:13b
AmaKristu asemhlabeni anethemba lokuya ezulwini.—Efesu 2:6.
Ohulumeni babantu abazimise baphakama ngaphezu kwezikhonzi zabo.—Isaya 14:12-14; Daniyeli 4:20-22; 2 Petru 3:7.
Imimoya emibi manje ebusa umhlaba.—Efesu 6:12; 1 Johane 5:19.
Linjani izulu?
Indawo yomoya iyindawo ematasa kakhulu. Ihlala amakhulu ezigidi ezidalwa zomoya ‘ezifeza izwi [likaJehova].’—IHubo 103:20, 21; Daniyeli 7:10.
IBhayibheli lichaza izulu njengelinokukhanya okukhulu. (1 Thimothewu 6:15, 16) Umprofethi uHezekeli wathola umbono wasezulwini owawuphawuleka ‘ngokukhanya okukhulu,’ kanti umbono wezulu owabonwa uDaniyeli wona wawuhlanganisa “umfudlana womlilo.” (Hezekeli 1:26-28; Daniyeli 7:9, 10) Izulu lingcwele, noma lihlanzekile futhi lihle.—IHubo 96:6; Isaya 63:15; IsAmbulo 4:2, 3.
Umbono ophelele iBhayibheli elisinikeza wona ngezulu uyakhexisa. (Hezekeli 43:2, 3) Nokho, akunakwenzeka ngabantu ukuliqonda ngokuphelele izulu, ngenxa yokuthi indawo yomoya ingaphezu kwalokho esingakwazi ukukuqonda.
a Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “izulu” lisuselwe egameni elisho ukuthi ‘phezulu’ noma ‘ukuphakama.’ (IzAga 25:3) Bheka ethi The New Brown, Driver, and Briggs Hebrew and English Lexicon of the Old Testament, ikhasi 1029.
b I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi amazulu amasha aku-Isaya 65:17 amelela “uhulumeni omusha, umbuso omusha.”—Umqulu IV, ikhasi 122.