Izimangaliso Nezithunzi—Isizathu Sokuba Zingadingeki
LAPHO esemhlabeni, uJesu wenza izimangaliso eziningi. Wenza amanzi aba iwayini, wapha izixuku zabantu ukudla, waphulukisa abagulayo, futhi wakhipha amademoni. Imfundiso kaJesu kanye neqiniso lokuthi wagcwalisa iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene noMesiya kwaqinisekisa abaningi ababephila esikhathini sakhe. Abanye bacabanga ngalendlela: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona [uJesu] na?”—Johane 7:31.
Injongo Yezimangaliso
Yayiyini injongo yezimangaliso ezenziwa uJesu? IBhayibheli lichaza ukuthi uJesu wayezoba ‘ngumprofethi onjengoMose.’ (Duteronomi 18:15, 18) UJehova uNkulunkulu wanikeza uMose amandla okwenza izimangaliso ezithile ukuze abonise ukuthi wayewumholi okhethelwe ukuba akhulule amaIsrayeli ekuthunjweni kwaseGibithe. (Eksodusi 4:1-9, 30, 31) ‘NjengoMose,’ uJesu wenza izimangaliso ukuze azibonakalise njengoMesiya, njengoMkhululi wamaJuda othenjisiwe.—IzEnzo 3:22.
Kodwa izimangaliso zikaJesu zaqinisekisa futhi ukuthi wayamukele amandla akhethekile kuNkulunkulu. Lapho uMbuso kaNkulunkulu ubusa umhlaba ngokungaphikiswa, uJesu uyowasebenzisa ngokugcwele amandla awabonisa ngezinga elincane lapho esemhlabeni. Ukuze sifanekise, ake sithathe isimangaliso sezinkwa nezinhlanzi. (Luka 9:12-17) Ezweni likaNkulunkulu elisha, uJesu uyoqikelela ukuthi sonke isintu sinokudla okwanele. (IHubo 72:16) Futhi uyophulukisa konke ukugula nezifo, kanjalo enza ukuba abantu abalalelayo bakwazi ukuphila phakade. (IsAmbulo 21:4) Ngokuvusa kwakhe abantu abathathu okulotshiwe, wabonisa ikhono lakhe lokuvusa izigidi kwabafileyo.—Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 5:28, 29; 11:11-44.
Indlela Yokuzibonakalisa
Esinye isizathu sokuba uJehova enze izimangaliso ngenxa kaIsrayeli kwakuwukubonisa ngaphandle kwanoma yikuphi ukungabaza ukuthi babengabantu bakhe abakhethiwe. (Duteronomi 4:32-34) Kwakuzuza bonke abantu, hhayi abantu abambalwa ababekhethekile.
Ngokufanayo, izimangaliso zekhulu lokuqala leminyaka zazingesinye seziqinisekiso zokuthi uJehova wayedlulisele umusa wakhe usuka kuIsrayeli ongokwenyama uya ebandleni lamaKristu lakuqala. (Mathewu 21:43; 27:51; Roma 9:6; 11:7) Izimangaliso eziningi ezenziwa abaphostoli zaziwubufakazi bokuvunyelwa kwebandla uNkulunkulu ngaphansi kokuhola kweNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu.—IzEnzo 2:22, 43; 4:29, 30; Heberu 2:3, 4.
Ngaphezu kwalokho, ngalezozinsuku, abantu babebeka abagulayo ezindaweni lapho isithunzi sikaPetru sasingabasithibeza khona, futhi iBhayibheli liphawula ukuthi labo abalethwa kuye “baphulukiswa bonke.” (IzEnzo 5:15, 16) Khona-ke, kungani bengaphulukiswa bonke labo namuhla abaya ezindaweni zokukhulekela benokholo?
Izithunzi Azidingeki
Isizathu esiyinhloko siwukuthi izibonakaliso nezimangaliso azisadingeki ukuze kuboniswe ukuthi uNkulunkulu uye wadlulisela umusa wakhe usuka kuIsrayeli ongokwenyama uya ebandleni lamaKristu leqiniso. Encwadini eyayiya kwababekanye naye abangamaKristu, umphostoli uPawulu wachaza ngokucacile ukuthi izipho eziyizimangaliso zaziyophela ngokuhamba kwesikhathi. Kwakuyofika isikhathi lapho zazingasayikuba yindlela yokubonakalisa amaKristu eqiniso.—1 Korinte 13:8-13.
Ngisho nokubiza egameni likaJesu kwakungeke kubonise ukuthi umuntu wayengumKristu weqiniso. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabikezela ukuthi wayeyokwenqaba abathile abathi: “Nkosi, Nkosi, asizange yini . . . senze izimangaliso eziningi egameni lakho?” Kungasiphi isizathu uJesu ayezokwenqaba labenzi bezimangaliso? Uyaphendula: “Angizange nginazi; dedani kimi, ninabantu ababi!” Ngokusobala, abanye babeyokwenza izimangaliso egameni likaKristu, kodwa eqinisweni babeyobe bengabakhohlisi.—Mathewu 7:22, 23, The Jerusalem Bible.
Indinganiso Yangempela
Ngokwalokho osekuphawuliwe, kungenzeka kanjani ukubona amaKristu eqiniso namuhla? UJesu wanikeza indinganiso lapho ememezela: “Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi . . . Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.” Ngosuku olwandulela olokufa kwakhe, uJesu wakhumbuza abaphostoli bakhe: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” Kusho ukuthi ukwenza izimangaliso kwakungeke kube indinganiso kuze kube phakade. Kodwa bonke kwakuyofuneka bazibonakalise bengabafundi bakaKristu ngothando lwabo lweqiniso.—Mathewu 7:18-20; Johane 13:34, 35.
Ngakho, ingabe ukholo lwakho kufanele lusekelwe, ngisho nangokwengxenye, ‘ezimangalisweni’ ezenziwa egameni likaKristu namuhla? Noma ingabe kumelwe lusekelwe ngokuphelele eqinisweni elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli? Kubalulekile ukuhlola ngokukhanyiselwa yiZwi likaNkulunkulu ukuziphatha kwalabo abazisholo ukuthi bayizinceku zikaNkulunkulu.
Emhlabeni wonke namuhla, ngobani abenza iZwi likaNkulunkulu laziwe futhi abazama ukuphila ngokuvumelana nalo? Ngobani abaziwa ezweni lonke ngobunye babo? Ngobani abangenamingcele yobuzwe, yezombangazwe, yezinhlanga noma yezenkolo phakathi kwabo? Ngobani abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko? Uma njengomuntu oqotho unemibuzo eyengeziwe, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukunikeza amaqiniso owadingayo ukuze uzinqumele ngokwakho. Siza uzizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi owakhelene nabo noma eHholo labo LoMbuso lasendaweni yakini. Bayokusiza ukuba uthembele kuJehova nakuJesu Kristu, iNdodana yakhe, ngokuba “ayikho insindiso ngomunye.”—IzEnzo 4:12.
[Isithombe ekhasini 10]
Izimangaliso zokuphulukisa azisadingeki ukuze zibonakalise ibandla lamaKristu leqiniso