Izimangaliso ZikaJesu—Yini Ongayifunda Kuzo?
KUNGASE kukumangaze ukwazi ukuthi ukulandisa kweBhayibheli ngokuphila kukaJesu emhlabeni akulisebenzisi nhlobo igama lesiGreki elisho “isimangaliso.” Igama lesiGreki (dyʹna·mis) ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “isimangaliso” ngokwezwi nezwi lisho “amandla.” (Luka 8:46) Lingahunyushwa nangokuthi ‘imisebenzi yamandla.’ (Mathewu 11:20; 25:15) Ngokwesinye isazi, leli gama lesiGreki “ligcizelela imisebenzi yamandla eyenziwe, futhi, ngokukhethekile, amandla eyenziwe ngawo. Isenzakalo sichazwa njengesiveza ukusebenza kwamandla kaNkulunkulu.”
Kukhona nelinye igama lesiGreki (teʹras) elivame ukuhunyushwa ngokuthi “isimangaliso.” (Johane 4:48; IzEnzo 2:19) Leli gama liqokomisa umphumela ezibukelini. Kaningana, isixuku nabafundi babemangala futhi bekhexa ngenxa yemisebenzi kaJesu yamandla.—Marku 2:12; 4:41; 6:51; Luka 9:43.
Igama lesithathu lesiGreki (se·meiʹon) elibhekisela ezimangalisweni zikaJesu lisho “isibonakaliso.” Isazi uRobert Deffinbaugh sithi: “Ligxila encazelweni ejulile yesimangaliso.” Siyanezela: “Isibonakaliso siyisimangaliso esidlulisela iqiniso ngeNkosi yethu uJesu.”
Ukukhohlisa Noma Amandla Avela KuNkulunkulu?
IBhayibheli alizichazi izimangaliso zikaJesu njengamacebo noma ukukhohlisa okuklanyelwe ukukitaza abantu. Zaziwukubonakaliswa ‘kwamandla amakhulu kaNkulunkulu,’ njengasendabeni yomfana owakhishwa uJesu idemoni. (Luka 9:37-43) Ingabe imisebenzi yamandla enjalo yayingaba yinto engenakwenzeka kuNkulunkulu uMninimandla onke—Lowo ochazwa ‘njengonamandla amaningi ashukumisayo’? (Isaya 40:26) Lutho neze!
AmaVangeli abhekisela ezimangalisweni zikaJesu ezingaba ngu-35. Kodwa inani eliphelele lezimangaliso zakhe alembulwanga. Ngokwesibonelo, uMathewu 14:14 uthi: “[UJesu] wabona isixuku esikhulu; wafikelwa isihawu ngaso, welapha abagulayo kuso.” Asitshelwa ukuthi bangaki abantu abagulayo abaphulukisa ngaleso sikhathi.
Leyo misebenzi yamandla yayiyisici esibalulekile ekuzibizeni kukaJesu ngeNdodana kaNkulunkulu, uMesiya owayethenjisiwe. Ngempela, imiBhalo yakubonisa ukuthi amandla avela kuNkulunkulu yiwo abangela ukuba uJesu akwazi ukwenza izimangaliso. Umphostoli uPetru wabhekisela kuJesu ngokuthi “umuntu uNkulunkulu ambonisa obala kini ngemisebenzi yamandla nezimangaliso nezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengoba nje nani ngokwenu nazi.” (IzEnzo 2:22) Ngesinye isikhathi, uPetru waveza ukuthi ‘uNkulunkulu wamgcoba uJesu ngomoya ongcwele nangamandla, futhi wadabula izwe enza okuhle, ephulukisa bonke abacindezelwe uDeveli; ngoba uNkulunkulu wayenaye.’—IzEnzo 10:37, 38.
Izimangaliso zikaJesu zazingahlukani nesigijimi sakhe. UMarku 1:21-27 wembula indlela isixuku esasabela ngayo ekufundiseni kukaJesu nakwesinye sezimangaliso zakhe. UMarku 1:22 uthi izixuku ‘zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa,’ futhi ivesi 27 liveza ukuthi abantu “bamangala” lapho exosha idemoni. Kokubili imisebenzi kaJesu yamandla nesigijimi sakhe kwanikeza ubufakazi bokuthi wayenguMesiya owayethenjisiwe.
UJesu akagcinanga nje ngokuthi athi unguMesiya; amandla avela kuNkulunkulu abonakaliswa ezimangalisweni zakhe kuhlanganise namazwi nezinye izenzo zakhe, kwanikeza ubufakazi bokuthi unguMesiya. Lapho kuphakama imibuzo mayelana nendima yakhe nokuthunywa kwakhe, ngesibindi uJesu waphendula: “Mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane [uMbhapathizi], ngoba yona kanye imisebenzi uBaba angabele ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi ngithunywe nguBaba.”—Johane 5:36.
Ubufakazi Bokuba Iqiniso Kwazo
Kungani singaqiniseka ukuthi izimangaliso zikaJesu zenzeka ngempela, ukuthi zaziyiqiniso? Cabanga ngobunye bobufakazi bokuba iqiniso kwazo.
Lapho enza imisebenzi yakhe yamandla, uJesu akazange nhlobo afune ukuba kugxilwe kuye. Wayeqiniseka ukuthi umphumela wanoma isiphi isimangaliso wawuba ukuthi nguNkulunkulu othola ukubongwa nodumo. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuphulukisa umuntu owayeyimpumputhe, uJesu wakugcizelela ukuthi lokho kuphulukisa kwakuzokwenzeka “ukuze imisebenzi kaNkulunkulu ibonakaliswe ngaye.”—Johane 9:1-3; 11:1-4.
Ngokungafani nabakhohlisi, abenzi bemilingo, nabathandazeli, uJesu akazange asebenzise ukulutha ingqondo, ukukhohlisa, imibukiso eyisimangaliso, imilingo, noma imikhuba evusa usinga. Akazange asebenzise inkolelo-ze noma izinto okuthiwa zingcwele. Phawula indlela enesizotha uJesu aphulukisa ngayo izimpumputhe ezimbili. Ukulandisa kuthi: “Ezihawukela, uJesu wathinta amehlo azo, zabona masinyane, zamlandela.” (Mathewu 20:29-34) Kwakungekho micikilisho, kungekho mkhosi onemidanti, noma umbukiso. UJesu wayeyenza obala imisebenzi yakhe emangalisayo, kaningana phambi kofakazi abaningi. Akazange asebenzise izibani ezikhethekile, isiteji noma izinto zasesiteji. Ngokuphambene, lokho okuthiwa izimangaliso zanamuhla ngokuvamile akunakuqinisekiswa.—Marku 5:24-29; Luka 7:11-15.
Ngezinye izikhathi uJesu wayeluqaphela ukholo lwalabo ababezuzile ezimangalisweni zakhe. Kodwa ukuntula komuntu ukholo kwakungamvimbi uJesu ekwenzeni isimangaliso. Ngesikhathi eseKapernawume eGalile, “abantu bamlethela abantu abaningi abakhwelwe ngamademoni; wayixosha le mimoya ngezwi, welapha bonke ababengaphathekile kahle.”—Mathewu 8:16.
Izimangaliso zikaJesu zazenzelwa ukwanelisa izidingo zabantu zangempela ezingokwenyama, hhayi ukwanelisa abantu abathanda izindaba. (Marku 10:46-52; Luka 23:8) Futhi uJesu akazange enze izimangaliso ukuze azizuzise yena nanganoma iyiphi indlela.—Mathewu 4:2-4; 10:8.
Kuthiwani Ngokulandisa KwamaVangeli?
Amaqiniso aphathelene nezimangaliso zikaJesu aye adluliselwa kithi ngokulandisa kwamaVangeli amane. Ingabe zikhona izizathu zokukwethemba lokho kulandisa njengoba sihlola ukuba iqiniso kwezimangaliso ezenziwa uJesu? Yebo, zikhona.
Njengoba sekushiwo kakade, izimangaliso zikaJesu zazenziwa obala, phambi kofakazi abaningi. Abaningi balabo fakazi babesaphila ngesikhathi kulotshwa amaVangeli okuqala. Mayelana nokuba qotho kwabalobi bamaVangeli, incwadi ethi Miracles and the Resurrection iyaphawula: “Ukugxeka abalobi bamaVangeli ngokuthi bafihla ngamabomu amaqiniso omlando enqwabeni yalokho okuthiwa izimangaliso ukuze kwaneliswe izithakazelo zenkulumo-ze yenkolo, bekungeke nhlobo kube ubulungisa. . . . Bona babehlose ukuba abalobi abaqotho.”
Abaphikisi bobuKristu abangamaJuda abazange bayingabaze imisebenzi yamandla echazwe emaVangelini. Into nje abayingabaza kwakungamandla eyayenziwa ngawo leyo misebenzi. (Marku 3:22-26) Ngisho nabagxeki abavela kamuva abazange baphumelele ekuphikiseni izimangaliso zikaJesu. Kunalokho, phakathi nekhulu lokuqala nelesibili C.E., kwabhekiselwa emisebenzini emangalisayo eyenziwa uJesu. Ngokusobala, sinazo zonke izizathu zokubheka ukulandisa kwamaVangeli ngezimangaliso zakhe njengokuyiqiniso.
Ukubhekisisa Umuntu Owenza Izimangaliso
Ukuhlola izimangaliso zikaJesu bekungeke kuphelele uma kugcinwa ngamaphuzu anengqondo abonisa ukuba iqiniso kwazo. Ekuchazeni imisebenzi kaJesu yamandla, amaVangeli embula umuntu onemizwa ejulile nesihawu esingenakuqhathaniswa, umuntu onesithakazelo esijulile enhlalakahleni yabanye abantu.
Cabanga ngendaba yendoda eyayinochoko eyaya kuJesu isiphelelwe ithemba, imnxusa: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” UJesu “waba nesihawu,” welula isandla sakhe wayithinta, ethi: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” Ngaso leso sikhathi leyo ndoda yaphulukiswa. (Marku 1:40-42) Ngaleyo ndlela uJesu wabonisa ububele obabumshukumisela ukuba asebenzise amandla akhe ayewanikwe uNkulunkulu ukuba enze izimangaliso.
Kwenzekani lapho uJesu ehlangana nodwendwe lomngcwabo olwaluvela emzini waseNayini? Insizwa eyayishonile yayiwukuphela kwendodana yomfelokazi. ‘Emhawukela’ lona wesifazane, uJesu waya kuye, wathi: “Yeka ukukhala.” Wabe esevusa indodana yakhe wayibuyisela ekuphileni.—Luka 7:11-15.
Isifundo esiduduzayo esingatholakala ezimangalisweni zikaJesu siwukuthi ‘wayeshukunyiswa isihawu’ abese enzela abantu izinto ukuze abasize. Kodwa izimangaliso ezinjalo aziwona umlando nje. EyamaHebheru 13:8 ithi: “UJesu Kristu uyefana izolo nanamuhla, kuze kube phakade.” Manje ubusa njengeNkosi yasezulwini, ukulungele futhi uyakwazi ukusebenzisa amandla akhe ayisimangaliso awanikwe uNkulunkulu ngendlela enkulu kakhulu kunaleyo awasebenzisa ngayo ngesikhathi engumuntu emhlabeni. Maduze, uJesu uzowasebenzisela ukuphulukisa isintu esilalelayo. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ufunde okwengeziwe ngaleli themba eliqhakazile lekusasa.
[Izithombe ekhasini 4, 5]
Izimangaliso zikaJesu zaziwukubonakaliswa ‘kwamandla amakhulu kaNkulunkulu’
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu wayengumuntu onemizwa ejulile