Ukuvala Igebe Phakathi Kodokotela Neziguli EzingoFakazi
ODOKOTELA emhlabeni jikelele ngokuyisisekelo bazi into eyodwa ngoFakazi BakaJehova: Bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. Nokho, odokotela abaningi abazi lutho olunye ngoFakazi. Ngakho lapho befuna ukumpompela igazi esigulini esinguFakazi, ukwenqaba kungase kubashaqise njengokungenangqondo ngokuphelele. Ngakho, igebe losizi lingase lihlukanise udokotela nesiguli.
Odokotela abambalwa kakhulu bayaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova abamelene nokwelashwa nokuthi ukuma kwabo ngegazi akuyona indaba yokubonisana futhi kusekelwe ngokugxilile emthethweni ongokomBhalo. Ngesikhathi esifanayo, ukuba nengqondo kwalokhu kuma okungokomBhalo kuye kwafakazelwa ngokugxilile ithala lezinto ezingokwesayensi eziye zatholwa kokubili ngezingozi zokumpontshelwa igazi lomunye umuntu kanye nokuphepha kokusetshenziswa kwezinye izinto esikhundleni sokumpontshelwa igazi. Kodwa oFakazi BakaJehova bangakudlulisela kanjani lokhu kwaziswa emphakathini wezokwelapha?
Amakomiti Okuxhumana Nezibhedlela
Ngenxa yalokho, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yaqondisa ukumiswa kwamakomiti okuxhumana nezibhedlela emadolobheni amakhulu anezinhlangano ezinkulu zezokwelapha. EUnited States, amakomiti ayikhulu, ngalinye linesilinganiso sezinceku ezinhlanu, aseyalakha kakade ibhuloho phakathi kwabezokwelapha noFakazi. Ekuqaleni kwalonyaka lelilungiselelo ladluliselwa nakwamanye amazwe. Kusukela ngoFebruary 19, kuya kuMarch 27, amalungu amathathu eNkonzo Yasesibhedlela Yezokwaziswa eBrooklyn avakashela amahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova ayisishiyagalombili endaweni yasePacific.
Injongo yayikathathu: ukuqhuba izikole ukuze izikhonzi ezingoFakazi ezikhethwe kusengaphambili ziqeqeshelwe umsebenzi wamakomiti okuxhumana nezibhedlela, ukuqeqesha izisebenzi zegatsha ukuze zikwazi ukuqondisa umnyango Wenkonzo Yasesibhedlela Yezokwaziswa egatsheni ngalinye, nokuvakashela izibhedlela nodokotela ukuze zikhuthaze ukwelashwa okuqhubekayo nokuthuthukisiwe koFakazi BakaJehova ngaphandle kokusebenzisa igazi. Kwaqhutshwa izikole ezine: esinye eSydney siqhutshelwa iAustralia neNew Zealand; esinye eManila siqhutshelwa iPhilippines, iHong Kong, neTaiwan; esinye eDolobheni lase-Ebina siqhutshelwa iJapane neKorea; futhi esokugcina eHonolulu siqhutshelwa iHawaii.
Lesimiso sasebenzisa kokubili amaslide nevideo ukuze kuchazwe umsebenzi nokuqukethwe igazi kanye nohlu olukhulayo lwezinye izinto ezingasetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi lomunye umuntu. Lezingxoxo zahlanganisa izindlela zokusiza oFakazi BakaJehova lapho bebhekene nezinkinga ezihilela igazi. Lesikole sagcizelela futhi ukubaluleka kokubambisana nodokotela nezibhedlela, ngaleyondlela kwenziwa kube lula ngabo ukuhlonipha ukuma koFakazi. Elinye ilungu lekomiti laseJapane lathi: “Lesimiso ngempela sasihlomisela ukuba siqalise umsebenzi wokuhlakulela ukuqonda.” OFakazi abangaphezu kuka-350 abavela kuzo zonke izizinda zokuphila baqeqeshwa kulezozikole ezine.
Ngaphambi kwalokhu kuvakashela, amahhovisi egatsha athintana nodokotela abahlinzayo abavelele namalungu ezisebenzi aphambili ezibhedlela ezinkulu ukuze axoxe ngokwelashwa ngaphandle kwegazi koFakazi BakaJehova. Amaqembu amathathu egatsheni ngalinye abelwa ukwenza lokhu kuvakashela, ngalinye liqondiswa omunye wabameleli abathathu abavela eBrooklyn. Lokhu akuzange nje kuphela kunikeze ukuqeqeshelwa kwalabo ababelwe ukuba amalungu ekomiti yasesibhedlela kodwa futhi kwabenza bazizwa bekhululekile lapho bekhuluma nodokotela nawochwepheshe bezokunakekelwa kwempilo. Kwenziwa ukuvakashela okunjalo okungaphezu kuka-55 kulenkathi yamasonto ayisithupha.
Izindlela Zokubambisana
Imiphumela yayanelisa. EAustralia elinye iqembu elivakashile lahlangana nomsizi kangqongqoshe wezempilo osebenzela umbuso waseNew South Wales. Laxoxa naye ngokuhlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi okwenziwa ezikhungweni eziningi zokunakekelwa kwempilo, lisikisela ukuthi iAustralia yayingaba isikhungo sokuhlinzwa okunjalo koFakazi BakaJehova eNingizimu Pacific. Akasibonanga isizathu sokuba kungamiswa amaqembu odokotela ukuze enze ukuhlinza okunjalo. Kwenziwa ukuvakashela okungamashumi amabili nambili eAustralia. Omunye umqondisi wesibhedlela wathi: “Nazi okuningi ngendaba yegazi nokwelapha okungasetshenziswa esikhundleni salo kunokuba sazi.” Umqondisi oyiphini weqembu lezibhedlela eziyisikhombisa wanikeza isiqinisekiso sokuthi wayezokhetha uprofesa wokuhlinza ukuze aphishekele umqondo wokumisa iqembu labahlinzi kwesinye sezibhedlela sabo ukuze kunikezwe oFakazi BakaJehova ukwelashwa ngaphandle kwegazi.
Esikhungweni sokuhlinzwa kwenhliziyo saseManila—esibhekwa abanye njengesingcono kunazo zonke eMpumalanga—kwavezwa kumqondisi wezokwelapha ukuthi cishe oFakazi BakaJehova abayikhulu abalindele ukuhlinzwa inhliziyo babeshenxiselwa ekugcineni kohlu ngenxa yokuthi babengenakulifaka igazi. Wathi wayezowuqeda lowomkhuba. Umqondisi wezokwelapha wesibhedlela esihlonishwa kakhulu sasePhilippines, iSt. Luke’s, waboniswa lokho incwadi yezokwelapha ekushoyo manje ngokuhlinza ngaphandle kwegazi, futhi wavuma ukuthi kuphephe kakhudlwana. Wavuma: “Kuyinto ezayo. Kuwukuphela kwendlela esingagwema ngayo ingculaza nesifo sokusha kwesibindi.” Wabonisa ukuthi wayezimisele ukunikeza oFakazi ithuba lokuthola ukwelashwa ngaphandle kokusetshenziswa kwegazi esibhedlela sakhe; futhi ungumongameli wendawo yokugcinwa kwegazi yesibhedlela.
Esikoleni esathatha izinsuku ezintathu saseJapane, iKorea nayo yamelelwa, njengoba yayinezihambeli ezingu-44 ezingoFakazi BakaJehova, abahlanu bazo kwakungodokotela. Kwafika izikhonzi ezingu-255 ezingoFakazi ezazivela eJapane, kuhlanganise nodokotela abangu-41, phakathi kwabo okwakukhona nawodokotela abahlinza imizwa nezazi zokusebenza kwayo, kuhlanganise nabameli ababili. Kwamiswa amakomiti angamashumi amabili eJapane, nayisikhombisa eKorea.
Ngemva kwalesikole, ababefundisa bahamba namalungu ekomiti yendawo asesibhedlela beyovakashela odokotela nezibhedlela endaweni yaseTokyo ukuze bakhuthaze ubuhlobo bokubambisana. “Savakashela uprofesa oyisekela kwezokubelethisa esibhedlela saseyunivesithi,” kubika esinye isikhonzi saseJapane. “Wayesebelethise okungenani abesifazane abayishumi abangoFakazi BakaJehova. Omunye wabo wayelahlekelwe igazi elingamacubic sentimitha angu-2 800 egazi, futhi isilinganiso sehemoglobin yakhe sehla ngamagremu angu-3,5/ngedeciliter. (Isilinganiso sabesifazane singamagremu angu-14/ngedeciliter.) Kodwa lodokotela wakwazi ukubelethisa ngaphandle kwegazi. Nakuba engumBuddha, isimiso sakhe siwukuhlonipha izinkolelo zesiguli sakhe. Wavuma ukuqhubeka nokwelapha iziguli ezingoFakazi BakaJehova.”
Umqondisi wezokwelapha eYokohama wavuma ukuba isibhedlela sakhe sifakwe phakathi kohlu lwalezo ezizimisele ukubambisana futhi wathi bangakujabulela ukwamukela iziguli ezingoFakazi ezenqatshwe ezinye izibhedlela. Lodokotela wathi: “Ukwelapha oFakazi BakaJehova ngaphandle kwegazi kuyinselele yangempela, kodwa ngiyabazisa oFakazi ngoba baye banginikeza amathuba okuthuthukisa ikhono lami njengodokotela.” KwakuseYokohama futhi lapho esinye isazi sokwelapha izifo zabesifazane sathi: “Ngangiyowalwela amalungelo esiguli enkantolo uma ngimangalelwe ngokuhlonipha intando yesiguli futhi ngingampompeli igazi.”
Amakomiti amiselwa iKorea abika impumelelo enhle. NgoMay 26 kwavakashelwa isiBhedlela saseYunivesithi yaseYonsei. Saziwa kakhulu kuyo yonke iKorea futhi sinamagatsha amathathu. Wonke amalungu avela kuzo zonke lezikhungo aba khona, okwenza ingqikithi yabangu-62. Uprofesa oyisazi sokwelashwa kwemizwa wakhuluma ngesithi “Ukwelashwa Kwemizwa Kweziguli EzingoFakazi BakaJehova.” Ukwaziswa akunikeza kuyolotshwa ephephabhukwini eliphathelene nokwelashwa kwemizwa eKorea. Njengoba singesinye sezibhedlela ezivelele eKorea, lokhu kufanele kube nethonya elihle kwezinye izibhedlela nakodokotela. Awukho umbuzo owaphakanyiswa ongazange uhlanganiswe kahle kulesikole eJapane.
Amakomiti amahlanu okuxhumana nezibhedlela amiswa eHawaii, futhi wonke eza eHonolulu ukuze abe kulesikole. Iningi labo lavakashiswa ezibhedlela. Esikhungweni Sezokunakekela Impilo saseHawaii, umqondisi wathi wayezobhala isihloko ngathi ephephabhukwini labo ukuze sithunyelwe kuzo zonke izibhedlela eHawaii.
Esikhungweni esikhulu ukuzedlula zonke saseQueen’s eHonolulu, lekomiti yaveza ukuthi ifomu lesivumelwano elalisetshenziswa yilesikhungo laliqukethe amaphutha emazwini ayemelela kabi oFakazi BakaJehova. Lalithi oFakazi bangamane bakhethe ukufa kunokuba bampontshelwe igazi “elisindisa ukuphila.” Kwacaciswa ukuthi lokhu kwakungekhona neze ukuma kwethu, ukuthi size esibhedlela ukuze sivikele impilo nokuphila kwethu. Indlela abayibeka ngayo yenza kwabonakala sengathi igazi lalifanelekile ngempela nokuthi alikho igazi elingabangela ukufa. Indlela lamazwi abawabeka ngayo yehluleka ukuvuma ukuba nokwenzeka kokufa ngenxa yokumpontshelwa igazi, ngaleyondlela inganikezi isiguli ukuzikhethela okunokwaziswa maqondana nezingozi esasizimisele ukubhekana nazo. Ummeli wasesibhedlela wathi: “Awuthi ngikubone lokho!” Njengoba ayekufunda, wathi: “Angizange ngikubhale lokhu!” Njengoba ummeli nomqondisi behamba, umqondisi wathi kummeli: ‘Ngicabanga ukuthi kuzodingeka ukuba siyifunde yonke lencwadi ndawonye.’
Ikomiti Entsha Ifeza Injongo Yayo
Phakathi nezinsuku ezimbalwa ngemva kwesimiso sokuqeqeshwa eHawaii, uFakazi waphuthunyiswa esibhedlela encishelwe igazi kakhulu, isilinganiso segazi lakhe siphansi ngendlela eyingozi. Kwakungatholakali kopha; kwakudingeka ukuhlinza kokwenza ukuhlola. Udokotela wayengenakuhlinza ngaphandle kwegazi. Wadluliselwa kwesinye isibhedlela lapho futhi omunye udokotela enqaba khona ukuhlinza. Ikomiti yokuxhumana nezibhedlela esanda kumiswa yavela, yakhuluma nomqondisi wezokwelapha nodokotela owayezokwelapha futhi yachaza ukuthi empeleni lesiguli sasenqatshwa. Lodokotela waqhubeka enqaba ukuhlinza futhi wakhishwa kuleyondaba. Kwalethwa abanye odokotela ababili abahlinzayo. Bakwenza ukuhlinza, bawuthola umthombo wokopha, futhi bayilungisa lenkinga. Udadewethu wasinda. Ngaphandle kokungenela kwekomiti yezokuxhumana, wayengase afe, futhi abezindaba babezokuchaza njengenye indaba kaFakazi ‘ofa ngaphandle kwegazi elidingekayo.’ Eqinisweni, ezindabeni ezinjalo oFakazi baye bafa ngaphandle kokuhlinzwa okudingekile lapho odokotela bokuhlinza abanekhono bebengabasindisa.
Khona-ke, ngokwesilinganiso somhlaba wonke, amakomiti okuxhumana nezibhedlela asebenza ukuze avale igebe phakathi komphakathi wezokwelapha noFakazi BakaJehova ngokuxhumana okunengqondo nokuqondana omunye nomunye. Imiphumela iye yaba ngeyanelisayo. Odokotela abaningi ngokwengeziwe bayeza bezobona ukuthi ukuziqeqesha kwabo okuhle kwezokwelapha kanye nokuhlinza okunekhono kungakwazi yini ukuvumela izinkolelo zoFakazi BakaJehova. EUnited States, odokotela abangaphezu kuka-6 500 bazimisele ukwenza kanjalo.
Ngasohlangothini lwabo, oFakazi kumelwe baqhubeke nokwenza yonke imizamo yokuba babe iziguli ezibambisanayo nezicabangelayo. Ngaleyondlela, abanye odokotela baze ngisho babahloniphe oFakazi ngokunamathela kwabo ezindinganisweni eziphakeme. Njengoba uprofesa oyisekela emkhakheni wokwelashwa kwesimiso sokuhamba komchamo ekholeji lokufundela ukwelapha eTokyo athi: “Ngiyazihlonipha iziguli ezingoFakazi BakaJehova. Zinezindinganiso eziqondile ezweni okungekho muntu omunye onazo.”
Uwonke umgomo walezikole nokuvakashela kwakuwukuthuthukisa ukubambisana okuhlonipheke ngokwengeziwe futhi ngaleyondlela kugwenywe ukuphikisana. Bonke labo ababehileleke kulomzamo baba nomuzwa wokuthi lomgomo wawufinyelelwa ngempumelelo eyanelisayo. Sethemba ukuthi uJehova uyoqhubeka nokubusisa lemizamo futhi asekele labo abalalela isiqondiso sikaJehova sokuyeka igazi, njengoba iZwi lakhe libayala ukuba benze kanjalo.
[Ibhokisi ekhasini 24]
“Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba-ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube-njengemifino eluhlaza. Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.”
“Yilowo nalowomuntu wendlu yakwaIsrayeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowomuntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo. Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”
“Ngokuba kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle. Salani kahle.”
[Isithombe ekhasini 23]
Hospital Committee Seminar—March 12, 1990