Ukunakekela Asebegugile—Inkinga Ekhulayo
KUNENDABA exoxwayo yentombazanyana eyabuza unina: “Kungani uGogo edlela esitsheni sokhuni kodwa thina sonke sidlela ezitsheni zethu ezinhle?” Unina wachaza: “Izandla zikaMama zinedumbe, futhi angase awise izitsha zethu ezinhle futhi azephule, ngakho esikhundleni sazo usebenzisa isitsha sokhuni.” Ngemva kokucabanga ngalokhu isikhashana, lentombazanyana yabuza: “Pho ungangibekela sona lesitsha sokhuni ukuze ngikunikeze sona uma sengikhulile?” Lombono wangaphambili wezenzakalo ezizayo kungenzeka ukuthi wammangaza lomama, wamethusa ngisho nokumethusa kancane. Kodwa lapho ecabangisisa, kungenzeka ukuthi wamqinisekisa futhi—intombazanyana yakhe yayihlela ukumnakekela!
Ithemba labaningi asebekhulile lingase lingagqami kangako. Baye baba ingxenye ekhula ngokushesha ukwedlula zonke yenani labantu ezingxenyeni eziningi zomhlaba. IWorld Press Review ka-August 1987 yabika ukuthi abantu abangaba izigidi ezingu-600, amaphesenti angu-12 enani labantu ababekuleplanethi ngalesosikhathi, base bedlulile eminyakeni engu-60 yobudala.
EUnited States, asebekhulile badlula inani labevé eshumini elinambili ngokokuqala ngqá selokhu kwathi nhló. Umhleli wezesayensi wephephandaba laseDolobheni laseNew York wabika: “AmaMelika ayizigidi ezingamashumi amathathu manje aneminyaka engu-65 noma ngaphezulu—oyedwa kwabayisishiyagalombili bethu, ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili, futhi: Inani lasebekhulile likhula ngokuphindwe kabili kunalo lonke inani labantu. . . . Ubude bokuphila obuvamile bamaMelika babuyiminyaka engu-35 ngo-1786. Ngomntwana ongumMelika owazalwa ngo-1989, buyiminyaka engu-75.”
ECanada isibalo sasebekhule kakhulu, abaneminyaka engu-85 ubudala kuya phezulu, kulindeleke ukuba siphindeke izikhathi ezingaphezu kwezintathu ngasekupheleni kwalelikhulu leminyaka.
EYurophu eminyakeni eyikhulu edlule, asebekhulile babakha iphesenti elilodwa kuphela lengqikithi yenani labantu. Namuhla izibalo zabo ziye zadlondlobala zafika emaphesentini angu-17.
Umbiko Womnyango Wezokubalwa Kwabantu waseU.S. owawukhuluma ngokuthi “Ukuguga eMazweni Asathuthuka” wathi: “Izingxenye ezine kwezinhlanu zokwanda kwabantu asebekhulile kwenzeka eMazweni Asathuthuka.”
Emashumini amane eminyaka adlule ubude bokuphila kwabantu baseChina babuyiminyaka ecishe ibe ngu-35. Ngo-1982 isibalo sase sinyukele eminyakeni engu-68. Namuhla abantu baseChina abangaphezu kwezigidi ezingu-90 babalwa njengasebekhulile, futhi kulinganiselwa ekutheni ngasekupheleni kwalelikhulu leminyaka, lesibalo siyonyukela ezigidini ezingu-130, noma amaphesenti angu-11 enani labantu.
Umzamo Okhethekile Wokunakekela Abakini
Njengoba isibalo sasebekhule kakhulu sidlondlobala emhlabeni wonke, umbuzo okhungathekisayo wokuthi bayonakekelwa kanjani uba bucayi ngokwengeziwe. Ezikhathini zeBhayibheli lenkinga yayingenzima kangaka. Babenomkhaya omkhulu, lapho izingane, abazali, nogogo nomkhulu babehlala ndawonye. Abazali nogogo nomkhulu babesebenzelana ngokunenzuzo omunye nomunye, futhi abazali babenza amalungiselelo adingekile angokwenyama futhi baqikelele ukuthi noma yikuphi ukunakekela okukhethekile okudingwa asebekhulile ekhaya kwakwenziwa kutholakale. Imikhaya emikhulu enjalo enakekela asebekhulile isekhona namanje kwamanye amazwe. (Ukuze uthole izibonelo, siza ubheke ibhokisi ekhasini 8.) Kodwa akunjalo ezizweni ezicebile lapho umkhaya ulinganiselwe kubazali nabantwana. Lapho abantwana bekhula futhi beshada futhi beba nabantwana babo siqu, ngokuvamile babhekana nenkinga yokunakekela abazali babo asebegugile, ababuthaka, futhi ngokuvamile abagula njalo.
Kulesimiso sezinto samanje, ukwenza lokhu kungaba inkinga enkulu ngempela! Njengoba kungafiseleki, ngaphansi kwezimo zamanje zezomnotho, kungase kube okudingekile ngabo bobabili abazali ukuba basebenze. Ukudla kuyabiza, izintela ziphakeme, izincwadi zezikweletu ziyangena. Ngisho nemiholo emibili inganyamalala ngokushesha. Uma inkosikazi yekhaya ingasebenzi ngaphandle, ingase ibe matasa ngezingane, ukuyothenga, ukuhlanza—okuwumsebenzi wesikhathi esigcwele ngokwawo. Lokhu akusho ukuthi umzali osekhulile, noma abazali, akufanele banakekelwe ekhaya. Okushoyo kuwukuthi kungaba isabelo esinzima kakhulu. Asebekhulile banezinhlungu neminjunju yabo, futhi ngokuqondakalayo ngezinye izikhathi bangase babe abakhononayo futhi babe nesimo esiguquguqukayo, bangabi nesimo esisodwa nesokujabula. Akukho kulokhu okusho ukuthi akufanele kwenziwe umzamo oqotho wokunakekela umzali osekhulile ekhaya.
Ngokuvamile, umthwalo wemfanelo uwela emahlombe amadodakazi asaphila. Ukuhlola okuningi kuye kwembula ukuthi nakuba abesilisa bengase banikeze usizo olungokwezimali, ngabesifazane ngokuyinhloko abanikeza ukunakekela komuntu siqu. Baphekela asebekhulile ukudla—ngokuvamile ezikhathini eziningi bebafunza—bayabageza futhi babagqokise, bayabashintsha, babayise kodokotela nasezibhedlela ngezimoto, bayaqikelela ukuthi imithi yabo bayithola njalo. Ngokuvamile bangamehlo, izindlebe, nomqondo wabazali babo asebekhulile. Umsebenzi wabo uyamangalisa, futhi ukuzimisela kwabo ukuwenza naphezu kobunzima bawo ngokuqinisekile kuyabongeka futhi kuyathokozisa kuJehova uNkulunkulu.
Inkolelo yokuthi iningi labantwana asebebadala liyabahambisa abazali balo asebekhulile ukuze bachithe iminyaka yabo yokuguga ekhaya lasebegugile ayilona nhlobo iqiniso, ngokukaCarl Eisdorfer, M.D., Ph.D., umqondisi weSikhungo Sokuthuthukiswa Kwabantu Abadala Nokuguga eYunivesithi yaseMiami, eFlorida, eU.S.A. uthi: “Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi ukunakekelwa okuningi kwabantu asebebadala kunikezwa imikhaya yabo siqu.”
Izibalo ziyawasekela amazwi akhe. Ngokwesibonelo, eUnited States amaphesenti angu-75 alabo okwaxoxwa nabo bathi babengathanda ukuba abazali babo, uma bengasakwazi ukuhlala bodwa, bahlale nabo. “Lokhu kufakazela ukuthi imikhaya iyafuna ukunakekela abayo,” kusho uDkt. Eisdorfer. Futhi umbiko kumagazini iMs. wathi: “Amaphesenti angu-5 kuphela alabo asebeve eminyakeni engu-65 asemakhaya asebegugile nganoma yisiphi isikhathi ngenxa yokuthi kokubili asebekhulile neningi lezihlobo zabo zikhetha ikhaya kunokunakekela kwezindawo ezakhelwe lokho.”
Isibonelo esilandelayo sibonisa umzamo abanye abawenzayo ukuze banakekele umzali osekhulile. Lombiko uvela kummeleli ojikelezayo woFakazi BakaJehova ohambela amabandla kulo lonke elaseUnited States. Uchaza indlela yena nomkakhe ababezimisele ngayo ukugcina unina womkakhe oneminyaka engu-83 ubudala ehlezi nabo kunokuba bamhambise ekhaya lasebegugile. Waphawula, “Ngakhumbula isisho esithi umama oyedwa angabanakekela abantwana abangu-11, kodwa abantwana abangu-11 ngeke bakwazi ukunakekela umama oyedwa. Nokho, thina sobabili sasizimisele ukunakekela umama oyedwa osekhulile. Nakuba ayeseqala ukungenwa isifo sika-Alzheimer, wayehamba nathi egibele enqoleni engemuva.
“Ekuqaleni wayehamba nathi lapho sishumayela isigijimi soMbuso endlini ngendlu. Kamuva kwadingeka ukuba simhambise ngesihlalo esinamasondo. Abanini-khaya babebonakala beyijabulela indlela esasimnakekela ngayo. Ngezinye izikhathi wayesho izinto ezingaqondile, kodwa asikaze simdumaze ngokumlungisa. Nokho, wayesenaso isimo sakhe sokuba namahlaya. Ngangiye ngimxwayise ngithi, ‘Watch your step, Mother [Qaphela lapho unyathela khona, Mama],’ yena wayephendula athi, ‘I don’t have a stepmother [Anginaye umama wokutholwa].’ Samnakekela kwaze kwaba yilapho eshona, eneminyaka engu-90 ubudala.”
Lapho Amakhaya Asebegugile Edingeka
Cishe asebekhulile abayizigidi ezimbili bahlala emakhaya asebegugile eUnited States. Nokho, ezimweni eziningi akuyona indaba “yokugcinwa okungenaluzwela kwasebekhulile ezindlini zezimpahla,” njengoba abanye beye bakubiza kanjalo ukuyiswa kwabo emakhaya asebekhulile. Kunalokho, ngokuvamile kuwukuphela kwento okungaphendukelwa kuyo ngalabo abangakwazi ukuzinakekela. Ezikhathini eziningi, abantwana basebekhulile abekho esimweni sokunakekela abazali babo asebekhulile, iningi labo okungase ukuba bagula kakhulu ngenxa yesifo sika-Alzheimer noma balele phansi ngenxa yesifo esithile esixhwalisayo esidinga ukunakekelwa okukhethekile ubusuku nemini. Ezimweni ezinjalo amakhaya asebegugile angase abe ukuphela kwezindawo ezikwaziyo ukuhlangabezana nalezidingo ezikhethekile.
Isithunywa sevangeli seWatch Tower Society eSierra Leone, eAfrika, salandisa ngobuhlungu unina abuzwa lapho kudingeka ahambise ugogo waso ekhaya lasebegugile: “Muva nje umama wami oseFlorida wayisa umama wakhe, uHelen, ekhaya lasebegugile. Kwakuyisinqumo esinzima kakhulu ngaye. Wayeseneminyaka emine enakekela uHelen, kodwa manje uHelen wayesedinga ukunakekelwa kokuhlengwa kwesikhathi esigcwele. Abangane bakamama, umkhaya, nezisebenzi zezenhlala-kahle eziningana nodokotela bonke basisekela isinqumo sokuhambisa uHelen ekhaya lasebegugile, kodwa nalapho kwakuseyisinqumo okunzima kakhulu ukusenza. Umama waba nomuzwa wokuthi njengoba umama wakhe ayemnakekele ngesikhathi esewumntwana, manje kwase kuyisikhathi sakhe sokuba anakekele umama wakhe lapho esekhulile—inkokhelo, noma ‘ukubuyisela okufaneleyo,’ umphostoli uPawulu akhuluma ngakho. Nokho, njengoba kwaba kanjalo, uHelen wanakekelwa kangcono ekhaya lasebegugile kunokuba ayengase anakekelwe ekhaya likamama.”—1 Thimothewu 5:4.
Omunye uFakazi, osebenza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, walandisa ngokuhlaselwa kukayise umdlavuza. “Ubaba wayenguFakazi oshisekayo iminyaka engaphezu kuka-30. Eminyakeni eyisishiyagalolunye yokugcina yokuphila kwakhe, waba nomdlavuza. Mina nomkami sasichitha amaholide ethu sinaye futhi sasithatha izinsuku eziningi zokungabibikho emsebenzini ukuze sibe naye futhi simsize. Ezinye izihlobo zazisiza ngezindlela ezihlukahlukene. Kodwa esiningi salesosikhathi, wayenakekelwa umkakhe nendodakazi esishadile eyayihlala endlini engumakhelwane. Futhi wayevakashelwa amalungu ebandla loFakazi lapho ayekade ehlanganyela khona. Iminyaka emibili yokugcina, wayengena ephuma esibhedlela, futhi izinyanga ezinhlanu zokugcina, wazichitha esendaweni yokunakekelwa okwengeziwe lapho ayengathola khona ukunakekelwa okukhethekile ayekudinga.
“Isinqumo sokumthutha ekhaya ayiswe kuleyondawo sasingesomkhaya, naye ehlanganyela. Wanquma ukuthi ukunakekelwa kwakhe kwase kuba umshikashika kakhulu, kungasenzeki ngisho nokwenzeka, emkhayeni. ‘Kuzonibulala nonke!’ esho. ‘Sekuyisikhathi sokuya kulendawo yokunakekela okwengeziwe. Kungcono ngani; kungcono ngami.’
“Ngakho wahamba. Engxenyeni enkulu yeminyaka eyisishiyagalolunye, umkhaya wawumnakekele, futhi kwakunjengekhambi lokugcina lapho eya endaweni yokunakekela okwengeziwe ukuze athole ukunakekelwa okukhethekile, kobusuku nemini ayekudinga.”
Lapho, njengekhambi lokugcina, ikhaya lasebegugile liba elidingekile ukuze athole ukunakekelwa okwanele, umkhaya kufanele ufune elihlanzekile futhi elinezisebenzi ezinikeza ukunakekela komusa futhi ezinekhono. Uma kunokwenzeka, hlelani ukuba kube nesivakashi nsuku zonke—ilungu lomkhaya, othile ovela ebandleni, okungenani nishaye ucingo—ukuze osekhulile angazizwa eshiyiwe, elitshelwe, eyedwa ngokuphelele, futhi ecabanga ukuthi akukho muntu onendaba. Lapho abanye ekhaya lasebegugile benezivakashi, kodwa kungezi muntu ukuzobona othandekayo wenu—lokhu kungaba okudangalisa kakhulu. Ngakho zamani ukumbona njalo lomuntu. Vakashani naye. Mlaleleni. Thandazani naye. Lokhu kwamuva kubaluleke kakhulu. Ngisho noma ingqondo ibonakala ingasebenzi, thandazani noma kunjalo. Ngeke nazi ukuthi into uyizwa ngezinga elingakanani!
Lapho nenza izinqumo eziphathelene nabazali, zamani ukuzenza nabo kunokuba nibenzele. Benzeni babe nomuzwa wokuthi basakulawula ukuphila kwabo. Nikezani usizo oludingekile ngalo lonke uthando nokubekezela nokuqonda ngangokunokwenzeka. Khona-ke yileso isikhathi sokubuyisela, njengoba umphostoli uPawulu abhala, lokho esikukweleta abazali bethu nogogo nomkhulu.
“Kuyiso Sonke Isibopho Somuntu”
Kulokhu kuba matasa kwalelizwe lesimanje, kulula ngasebekhulile ukuba basunduzeleke emuva ekuphileni. Ikakhulu, abasebasha abasangena kulomjaho futhi abaphuthuma ukuba baqhubeke nokuphila kwabo bathambekele ekubeni nomuzwa wokuthi asebekhulile bamane bavimbe endleleni, ukuthi sekuphelile ukuba usizo kwabo. Mhlawumbe sonke kufanele sime bese sicabanga: Empeleni yini eyenza ukuphila kube okunosizo? Kulula ngabasha ukuba bakubukele phansi ukuphila kwasebebadala futhi benze okwabo siqu kubonakale kunokubaluleka okukhulu.
Nokho, akubona asebebadala nabaxhwalile kuphela abangase banikele kancane noma banganikeli nhlobo kulokho okubonakala kubalulekile. INkosi uSolomoni encwadini yomShumayeli kaningi yabhekisela emisebenzini yabantu evamile ngokuthi iyize. Wakhuluma ngabasha namandla abo esikhashana futhi wabonisa ukuthi ukudlula kweminyaka kungayiwohloza kanjani imizimba yabo njengoba nje kuye kwenza ngemizimba yezigidi zabanye. Bonke baphelela othulini futhi bathola lesisahlulelo: “Ize leze,” kusho uSolomoni. “Konke kuyize.”—UmShumayeli 12:8.
Kodwa wawadumisa amazwi abahlakaniphileyo futhi wafingqa lokho akubonile ekuphileni ngalamazwi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke [“kuyiso sonke isibopho somuntu,” NW].” (UmShumayeli 12:13) Yileyo indlela yokuphila okunenzuzo, hhayi ukuthi umusha noma umdala kangakanani noma ukuthi luhlobo luni lophawu olwenzayo kulelizwe elidala elidlulayo elithanda izinto ezibonakalayo.
Ukuze silawule ubuhlobo bethu bobuntu, uJesu wanikeza isimiso esiqondisayo esiye saziwa ngokuthi uMthetho Wegolide: “Ngaso sonke isikhathi phatha abanye ngendlela ongathanda bakuphathe ngayo.” (Mathewu 7:12, The New English Bible) Ukuze sisebenzise lowomthetho, kumelwe sikwazi ukuzibeka endaweni yomunye umuntu, ukubona ukuthi besingathanda ukuphathwa kanjani ukuba besisendaweni yakhe. Uma sesibadala futhi sixhwalile futhi sidinga usizo, besingathanda ukuba omunye wabantwana bethu asiphathe kanjani? Siyobakhokhela yini abazali bethu ngeminyaka engu-20 yokunakekela nokusekela abasinikeza khona lapho singabantwana abangenakuzisiza ngokubanakekela manje lapho bengasenakuzisiza ebudaleni babo?
Njengoba sibheka abazali bethu asebekhulile ekusweleni kwabo, mhlawumbe siyobukeza ubuntwana bethu futhi sikhumbule konke abasenzela khona lapho siyizinsana, izingane, sinakekelwa yibo ekuguleni kobuntwana, sondliwa futhi sigqokiswa yibo, besivakashisa ngenxa yenjabulo yethu yobuntwana. Khona-ke, ukhathalela inhlala-kahle yabo ngothando, cabangela lokho okungcono kakhulu ukuze uhlangabezane nezidingo zabo.
Lokho kungase kube ukwenza amalungiselelo adingekile ukuze ubagcine besekhaya uma kunokwenzeka. Ngakolunye uhlangothi, ilungiselelo elingcono kakhulu ngabo bonke abahilelekile, kuhlanganise nabazali asebekhulile, kungase kube indawo yokunakekelwa okwengeziwe noma ikhaya lasebekhulile. Noma isiphi isinqumo esenziwayo, kufanele sihlonishwe ngabanye. Kunjengoba sitshelwa: “Umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na?” Nokuthi futhi: “Ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?”—Roma 14:10; Jakobe 4:12.
Kungakhathaliseki okungase kube okuphumelelayo ngabazali asebekhulile, kungaba ukuhlala nabantwana babo noma ekhaya lasebegugile, uma isimo sengqondo yabo sisaphelele, basengaba nokuphila okunenjongo. Bangase bafunde ngenjongo kaJehova yokuba sonke isintu esilalelayo siphile phakade ngempilo enhle emhlabeni oyipharadesi. Bangase bathole umsebenzi omusha, ojabulisayo nowanelisayo wokukhonza uMdali wabo, uJehova uNkulunkulu. Khona-ke lokhu kuba isikhathi esinenjongo kakhulu futhi esijabulisayo sokuphila kwabo. Abanye eminyakeni yabo yokukhula, lapho abanye beye bakudikila ukuphila ngokwakho, baye bafinyelela ekwazini ngezithembiso zikaJehova zokuphila okuphakade emhlabeni omusha wokulunga okungenasiphelo futhi baye bathola injabulo entsha ekukhulumeni nabanye ngalelothemba.
Masiphethe ngesinye isibonelo. Omunye owesifazane waseCalifornia, eseneminyaka engu-100 ubudala, wezwa ngalezibusiso ezithenjisiwe ngomhlengikazi ekhaya lasebegugile, futhi lapho eseneminyaka engu-102 ubudala, wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Waqeda ukuphila kwakhe, hhayi ‘ezeni leze,’ kodwa ngokugcwalisa ‘sonke isibopho sokuphila’ sakhe, okungukuthi, ‘ukwesaba uNkulunkulu weqiniso nokugcina imiyalo yakhe.’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Kuye kwathiwa eminyakeni eminingi edlule umama oyedwa wayengabanakekela abantwana abangu-11; manje abantwana abangu-11 abasakwazi ukunakekela umama oyedwa
[Ibhokisi ekhasini 8]
Ukubonisa Inhlonipho Ngokunakekela Asebegugile—IMIBONa9yO Evela Kuwo Wonke Umhlaba
“EAfrika ambalwa noma awekho nhlobo amalungiselelo kahulumeni ngasebekhulile—awekho amakhaya asebegugile, azikho izinzuzo zokuNakekelwa Kwezokwelapha noma Ezokulondeka Komphakathi, azikho izimpesheni. Abantu asebebadala banakekelwa abantwana babo.
“Isizathu esiyinhloko sokuthi kungani ukuzala abantwana kubaluleke kangaka kubantu basemazweni asathuthuka siwukuthi abantwana babo bayobanakekela esikhathini esizayo. Ngisho nabantu abampofu bazala abantwana abaningi, bethi lapho beba nabengeziwe, kulapho engcono amathuba okuthi abanye bayophila bese bebanakekela.
“Nakuba izindinganiso zishintsha eAfrika, ngokwengxenye enkulu, imikhaya iwuthatha ngokungathi sína umthwalo wemfanelo wokunakekela asebekhulile bayo. Uma abantwana bengekho, amanye amalungu omkhaya ayobanakekela. Ngokuvamile labo abanikeza ukunakekela basesimweni esintengayo ngokwezimali, kodwa bahlanganyela lokho abanakho.
“Enye indlela abantwana abanakekela ngayo abazali babo iwukubaboleka abantwana babo siqu. Ngokuvamile abazukulu abenza umsebenzi endlini.
“Emazweni athuthukile, abantu baphila isikhathi eside ngokwengeziwe ngenxa yentuthuko yezokwelapha. Emazweni asathuthuka, akunjalo. Abantu abampofu bayafa ngenxa yokuthi abanawo amandla okuthola ngisho nosizo lwezokwelapha olulinganiselwe olutholakalayo. Isaga esikhulunywa eSierra Leone sithi: ‘Akekho umuntu ompofu ogulayo.’ Lokho kusho ukuthi, njengoba umuntu ompofu engenayo imali yokwelashwa, kuba ngukuthi uyaphila noma ufile.”—Robert Landis, isithunywa sevangeli eAfrika.
“EMexico abantu babahlonipha kakhulu abazali asebekhulile. Abazali bahlala bodwa emakhaya abo lapho amadodana abo eshada, kodwa lapho abazali beba badala ngokwengeziwe futhi beswela, abantwana bayabathatha babalethe ekhaya labo futhi babanakekele. Banomuzwa wokuthi lokhu kuyisibopho.
“Kungokuvamile ukubona ogogo nomkhulu behlala ekhaya elifanayo namadodana abo nabazukulu. Abazukulu bayabathanda futhi bayabahlonipha ogogo nomkhulu babo. Umkhaya usondelene kakhulu.
“EMexico amakhaya abantu asebekhulile awandile ngenxa yokuthi amadodana namadodakazi ayabanakekela asebekhulile. Uma kunamadodana amaningana, ngezinye izikhathi eyokugcina eshadayo isala ekhaya futhi ihlale nabazali.”—Isha Aleman, ovela eMexico.
“EKorea sifundiswa ekhaya nasesikoleni ukuba sazise abantu asebekhulile. Emkhayeni indodana endala kulindeleke ukuba inakekele abazali bayo asebebadala. Uma ingenakukwazi ukubasekela, enye indodana noma indodakazi iyokwenza kanjalo. Imibhangqwana eminingi ihlala nabo futhi ibanakekele abazali bayo asebebadala ngaphansi kophahla olulodwa. Abazali balindele ukuhlala nabantwana babo, futhi bayakuthanda ukufundisa nokunakekela abazukulu babo. Kubhekwa njengehlazo ngombhangqwana ukuba uthumele abazali bawo asebebadala ekhaya lasebegugile.
“Ubaba wayeyindodana eyizibulo, futhi sasihlala nomkhulu nogogo endlini eyodwa. Noma nini lapho sihamba ekhaya, sasibazisa ukuthi siyaphi nokuthi siyobuya nini. Lapho sibuya ekhaya, sasiqale sidlule ekamelweni labo futhi sibabingelele sikhothamise amakhanda ethu futhi sibazise ukuthi sesibuyile ngoba babeyikhathalela inhlala-kahle yawo wonke umkhaya.
“Uma sibanikeza okuthile, leyonto sasiyiphatha ngezandla zombili. Kuwukungahloniphi ukudlulisela noma yini ngesandla esisodwa kubantu abahlonishwayo, njengabazali, ogogo nomkhulu, othisha, noma izikhulu eziphakeme ezisemsebenzini womphakathi. Uma sinokudla okukhethekile, sasinika ogogo nomkhulu kuqala.
“Ukwazisa asebekhulile akulinganiselwe emalungwini omkhaya kuphela kodwa kudlulela kubo bonke asebekhulile. Kusukela esikoleni esiphansi kuze kuyofika esikoleni esiphakeme, kunezifundo eziphathelene nezimiso zokuziphatha okuhle. Phakathi nalesosifundo, sasifunda ngezinganekwane noma ngezifundo ukuthi asebekhulile singabahlonipha kanjani futhi sibazise.
“Uma umuntu omdala engena endlini, abantu abasebasha kulindeleke ukuba basukume. Uma osemusha ehlezi phansi ebhasini futhi indoda esindala noma owesifazane engenaso isihlalo, khona-ke kuyisiko ngosemusha ukuba asukume esihlalweni sakhe. Uma indoda esindala ithwele umthwalo obukeka usinda kakhulu, uyama ubuze ukuthi iyaludinga yini usizo noma cha. Uma ithi yebo, uyithwalela lowomthwalo uwuyise lapho iya khona.
“Njengoba iBhayibheli laprofetha, kulezinsuku zokugcina zesimiso sezinto, indinganiso yokuziphatha iwohloka usuku nosuku. IKorea ayikhululekile kulelithonya. Nokho, loluhlobo lwesimo sengqondo senhlonipho kubantu asebekhulile lusekhona ezinhliziyweni zabaseKorea abaningi.” (2 Thimothewu 3:1-5)—Kay Kim, waseKorea.
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuvakashela asebekhulile kuyisikhathi esisetshenziswe kahle