Ukufuna Injongo
KUSUKELA esikhathini sikaCharles Darwin, kuye kwaba khona ukucindezela okukhulu okuvela ezazini zezinto eziphilayo kokuba kwamukelwe imfundiso yokuthi ukuphila, okwaba umphumela wokuziphendukela kwemvelo, ngokuyisisekelo akunanjongo. Nokho, abaningi ngomzwelo wemvelo bayakuphika lokhu. Umbhangqwana osemusha oshadile, lapho ubheka umntwana wawo omuhle osanda kuzalwa, ubungaba nobunzima ekukholelweni ukuthi lokhu kuphila okusha akunanjongo. Kuwo, kuyisimangaliso, isimangaliso esenza ukuphila kwawo kube okunenjongo nokwanelisa ngokwengeziwe.
Ngisho nezinye izazi zesayensi azivumi ukuthi ukuphila kuyinto engenanjongo eyazenzakalela ngengozi. Kungani? Kungenxa yalokho iEncyclopedia Americana ekubiza ngokuthi “izinga eliphakeme kakhulu lobunkimbinkimbi nokuhleleka kwezidalwa eziphilayo.” IAmericana iqhubeka ithi: “Ukuhlola ngokuseduze izimbali, izinambuzane, noma izilwane ezincelisayo kubonisa ukuhleleka kwezingxenye okushaya emhloleni ngendlela ecishe ingakholeki.”
Lapho sicabangela ubunkimbinkimbi obunjalo nokuhleleka okuhle—okubonakala ngisho nasezidalweni eziphilayo ezingeyona inkimbinkimbi kangako—isazi sesayensi saseNingizimu Afrika uDkt. Louw Alberts sacashunwa kuyiCape Times sithi: “Ngithola ukwaneliseka kwengqondo okwengeziwe ngokuvuma ukuthi ukhona uNkulunkulu kunokumane ngivume ukuthi [ukuphila] kwazivelela ngenhlanhla nje.” Ekhuluma ngamakhemikhali asezintweni eziphilayo, uSir Bernard Lovell oyisazi sezinkanyezi saseBrithani wabhala: “Ukuba nokwenzeka . . . kokuzenzakalela ngenhlanhla okuholela ekwakhekeni kwesinye sezilongoshane ezincane kakhulu zamaprotein kuncane ngendlela engenakucatshangwa. . . . Empeleni akunakwenzeka.”
Ngomqondo ofanayo, isazi sezinkanyezi uFred Hoyle sabhala: “Lonke uhlaka lwesayensi yezinto eziphilayo oludala lusathi ukuphila kwazivelela. Nokho njengoba izazi zesayensi yezinto eziphilayo zithola okwengeziwe ngobunkimbinkimbi obesabekayo bokuphila, kuba sobala ukuthi amathuba okuthi kwaqala ngengozi mancane kangangokuthi angase acishwe ngokuphelele. Akunakwenzeka ukuthi ukuphila kwazivelela ngenhlanhla.”
Kusho ukuthini lokhu? Uma ngempela ukuphila kungazivelelanga ngengozi, kumelwe ukuba kwaklanywa. Futhi uma kunjalo, kumelwe ukuba kwakunoMklami. Futhi yeka uMklami! Umhubi washo ngakhona ukuthi: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” (IHubo 139:14) Kodwa lokhu kusitshelani ngokuthi ukuphila kunenjongo yini noma akunayo?
Nokho, abantu nabo bayaklama futhi benze izinto. Benza izindiza ezinophephela. Benza izikhungo zokuhlunga uwoyela. Benza iziteshi zamandla kagesi. Futhi benza ezinye izinto ezingenakubalwa ezinobunkimbinkimbi kakhulu noma ngaphansana kwalokho. Kodwa abantu abaklami futhi bakhe izinto eziyinkimbinkimbi kanjalo ngaphandle kwesizathu. Konke kwenzelwa injongo ethile.
Njengoba kungekho lutho olwenziwe abantu olusondela ngisho nokusondela ekufaneni nobunkimbinkimbi obesabekayo bezinto eziphilayo, ngokuqinisekile uMklami wokuphila ubengeke adale ukuphila ngaphandle kokuba nenjongo ethile ngakho. Kuwukungacabangi okukhulu ukukholelwa ukuthi ‘senziwa ngokumangalisayo’ sase sishiywa singenasiqondiso futhi singenanjongo.
Ukufuna Injongo
Ukuthi uMdali wadala abantu ukuze bafeze injongo ethile kufakazelwa ngokuqinile nayiqiniso lokuthi thina bantu ngokwemvelo sifuna injongo ekuphileni kwethu. UGilbert Brim, oyisazi sokusebenza kwengqondo, wakhuluma ngesidingo somuntu esingokwemvelo senjongo lapho ethi: “Abantu abaningi balithola emsebenzini ithuba lokuzithuthukisa nelokubhekana nenselele. Kodwa labo abangalitholi bayofuna izinselele ezikhethekile nempumelelo kwenye indawo: ukwehlisa isisindo, ukubhekana nobunzima obufana nalobo umdlali wegalofu oyimfunda abhekana nabo lapho ezama ukushaya ibhola emi entabeni, ukwenza iomelet emnandi noma ukufuna okuhlangenwe nakho okujabulisayo—kungakhathaliseki ukuthi ukuntweza emoyeni noma ukuzama ukupheka ukudla okusha.” Isazi sezifo zengqondo uViktor Frankl saze sathi: “Ukuphishekela komuntu ukuthola injongo ekuphileni kwakhe ngokuyinhloko kungamandla ashukumisayo kumuntu.”
Ake sihlole eminye yemigomo abantu abazibekela yona ekuphileni.
Yini Eyenza Ukuphila Kube Nenjongo?
Omunye oweve eshumini elinambili, lapho ebuzwa ukuthi yayiyini injongo yakhe ekuphileni, wathi: “Isifiso sami siwukuba nendlu kanokusho, imoto enhle, nensizwa enhle engizohamba nayo ngemoto. Ngizokwanelisa izifiso zami. Nginesithakazelo kimina. Ngifuna okuzojabulisa mina, hhayi okuzojabulisa wonke umphakathi.” Uma ucabanga ukuthi lokho kuzwakala kuwubugovu, uqinisile. Kuwubugovu. Nokho, ngokudabukisayo, akusona isimo esingavamile.
Nokho, ingabe ukumane uphishekele izinto ezibonakalayo nezinjabulo kuyasanelisa isidingo somuntu sokuba nenjongo ekuphileni kwakhe? Cha. Lapho injabulo iwukuphela komgomo esinawo, injabulo iba engenelisi. Abantu abayenza umgomo wabo oyinhloko ekuphileni, ezinhliziyweni zabo bavame ukugcina sebenanela imizwa yenkosi yasendulo ecebile eyasebenzisela amandla ayo nengcebo ekuhloleni izici ezahlukahlukene zenjabulo ezazikhona ngalesosikhathi. Lalela isiphetho eyafinyelela kuso:
“Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi. . . . Bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya.”—UmShumayeli 2:8, 11.
Abaningi bathola ukwaneliseka emsebenzini wokuziphilisa noma ekusebenziseni amandla abo angokwengqondo noma angokomzimba ukuze bafinyelele lokho okubonakala kuyimigomo efanelekile. Nokho, ngemva kwesikhashana, umsebenzi wokuziphilisa awusanelisi ngokuphelele isidingo sokuba nenjongo ekuphileni. UPeter Lynch, ochazwe ‘njengengcweti yokuzalisa imali,’ washiya umsebenzi wakhe oholela kakhulu lapho eqaphela ukuthi kwakunokuthile okuntuleka ngokungathi sína ekuphileni kwakhe. Ini? Ubuhlobo bakhe nomkhaya wakhe. Wavuma: “Ngangikuthanda engangikwenza, kodwa ngafinyelela esiphethweni, nabanye bafinyelela kulesosiphetho: Kungani . . . senza lokhu? Akekho engimaziyo owayesesokhukhweni lokufa okwakuyisifiso sakhe ukuba akwabe wayechithe isikhathi esiningi esehhovisi.”
Ngakho-ke, intombazane eyeve eshumini elinambili yabonisa isilinganiso esithile sokulinganisela lapho icabangela imigomo yayo ekuphileni futhi yathi: “Esinye sezifiso zami siwukuba nomsebenzi wokuziphilisa engiwufundele. Kodwa ngicabanga ukuthi isifiso sami esiyinhloko siwukuba nomkhaya ojabulayo.” Yebo, umkhaya wethu ungasinika injongo ekuphileni. Intokazi esentsha eshadile yathi: “Ngesikhathi ngisemncane kakhulu ngangibheka ukuba umzali njengenye yezinto umuntu azalelwa ukuba abe yiyo, enye yezinjongo zokuphila, futhi angizange ngibe nokungabaza ngakho.”
Abanye bafuna injongo yokuphila kwezinye izinto eziphishekelwayo. Abanye—ngokunokwenzeka kuhlanganise nososayensi abathi ukuphila kuyinto engenanjongo eyenzeka ngengozi—bathola injongo ekuphishekeleni ulwazi. Isazi sokuziphendukela kwemvelo uMichael Ruse sabhala: “Somele ukwazi, futhi lokhu kusenza sibe ngaphezu kwezilwane. . . . Phakathi kwezidingo zethu ezinkulu kakhulu nezibopho esinazo kukhona leso sokudlulisela kubantwana bethu, ukuhlakanipha esikuqongelele esikhathini esidlule, kanye nentshiseko yethu nezinto esizifinyelele. . . . Ukufuna ulwazi, nempumelelo, kungolunye lwezimpawu ezinkulu zemvelo yomuntu.”
Abanye bathola ukuthi ukusekela inkolelo ethile noma imfundiso kunika ukuphila kwabo injongo. Basebenzela ukulondolozwa kwezinhlobo ezingavamile zezilwane. Noma balwa nokungcoliswa kanye nokonakaliswa kwendawo ezungezile. Abantu abakhathalelayo balwela amalungelo abantwana noma basebenzela abangenamakhaya noma abampofu. Noma basebenzele ukuvimbela ukwanda kokuluthwa izidakamizwa. Abantu abanjalo ngezinye izikhathi bafeza okukhulu okuhle, futhi lokho abakwenzayo kucebisa ukuphila kwabo ngenjongo.
Ukukhungatheka Nokudumazeka
Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi, abantu ngokuvamile bayakhungatheka ekuphishekeleni kwabo imigomo ngisho noma imigomo ingefanele. Abazali abafaka uthando olukhulu nomzamo ekukhuliseni izingane zabo ngezinye izikhathi balahlekelwa yibo ngenxa yezingozi, ubugebengu, ukugula, noma ukuluthwa izidakamizwa. Noma lapho abantwana bekhula, bangase bangenwe umoya wobugovu walelizwe futhi bahluleke ukubuyisela uthando lwabazali babo.
Labo abasebenzela ngokungabi nabugovu ukuthuthukisa indawo ebazungezile ngokuvamile bakhungathekiswa izithakazelo ezingokwezentengiselwano noma iqiniso lokuthi abanye bamane nje abanandaba. Labo abasebenzela ukwenza isimo sabampofu sibe ngcono bagajwa ubukhulu bomsebenzi. Umuntu othola umsebenzi wakhe wokuziphilisa wanelisa uyakhungatheka lapho ethola umhlalaphansi engakathandi. Umcwaningi othola ukuphishekela ulwazi kwanelisa ngokuphelele uyakhungatheka lapho ukuphila kwakhe kusondela ekupheleni kwakho kuyilapho kusenemibuzo eminingi engaphenduliwe. Umuntu oye wachitha ukuphila kwakhe eqongelela ingcebo uthola ukuthi, ekugcineni, kumelwe ayishiyele abanye.
Inkosi yasendulo ecashunwe ekuqaleni yachaza okunye kwalokhu kukhungatheka lapho ibhala: “Ngase ngizonda wonke umsebenzi wami nokukhandleka lapha phansi kwelanga, njengoba kumelwe ngishiye izithelo zawo kongilandelayo. Kazi uyoba luhlobo luni lomuntu lowo ongilandelayo, odla ifa lokutholwe abanye? Kwazi bani ukuthi uyoba indoda ehlakaniphile noma eyisiwula? Kepha uyoba inkosi yazo zonke izithelo zomsebenzi nekhono lami.”—UmShumayeli 2:18, 19, The New English Bible.
Khona-ke, ingabe ekugcineni ukuphila akubi nanjongo, njengoba lamazwi ayiqiniso ebonakala esho? Ingabe imigomo ehlukahlukene abantu abayiphishekelayo imane nje ibasize ukuba badlule eminyakeni yokuphila kwabo engu-70, 80, noma engu-90 abaningi abayiphiwayo? Ngaphandle kwalokho, ingabe lemigomo ngokuyisisekelo ayinanjongo? Cha. Eqinisweni, ibonisa okuthile okubaluleke kakhulu ngendlela esenziwe ngayo, futhi inikeza ubufakazi bokuthi, ngempela, ukuphila kunayo injongo enhle kakhulu. Kodwa singayithola kanjani lenjongo?
[Izithombe ekhasini 7]
Abanye bathola ukuthi ukuphishekela ulwazi kunika ukuphila kwabo injongo
Abantu abakhi izinto eziyinkimbinkimbi ngaphandle kokuba benenjongo ngazo
[Umthombo]
NASA photo