INgxenye 2
Ubani Ongasitshela?
1, 2. Iyiphi indlela engcono kakhulu yokuthola injongo yento ethile eklanywayo?
1 Ubani ongasitshela ukuthi iyini ngempela injongo yokuphila? Nokho, uma ubungavakashela umklami wemishini futhi umbone esebenza ngomshini othile oyinkimbinkimbi ongawazi, ubungakuthola kanjani ukuthi owani lowomshini? Indlela engcono kakhulu iwukuba ubuze umklami.
2 Kuthiwani-ke ngalomklamo obabazekayo esiwubona usizungezile emhlabeni, njengalowo esiwubona kuzo zonke izinto eziphilayo, kuze kube sengqamuzaneni elincane kakhulu eliphilayo? Ngisho nama-molecule nama-athomu amancane kakhulu angaphakathi kwengqamuzana aklanywe ngokumangalisayo futhi ahlelekile. Futhi, kuthiwani ngengqondo yomuntu eklanywe ngokumangalisayo? Futhi kuthiwani ngesimiso sethu sonozungezilanga, nomthala wethu i-Milky Way, nendawo yonke? Ingabe yonke lemiklamo esabekayo ayizange idinge uMklami? Ngokuqinisekile angasitshela ukuthi kungani eye waklama lezizinto.
Ingabe Ukuphila Kwaqala Ngenhlanhla?
3, 4. Yiliphi ithuba elikhona lokuthi ukuphila kwavela ngenhlanhla?
3 I-Encyclopedia Americana yaphawula “izinga elingavamile lokuba inkimbinkimbi nelokuhleleka ezidalweni eziphilayo” futhi yathi: “Ukuhlolisisa izimbali, izinambuzane, noma izilwane ezincelisayo kubonisa ukuhleleka kwezingxenye okunembe cishe ngendlela engakholekiyo.” Usonkanyezi waseBrithani uSir Bernard Lovell, ebhekisela enhlanganiseleni yamakhemikhali ezinto eziphilayo, wabhala: “Ithuba lokuba . . . isenzakalo esiqondiswa inhlanhla siholele ekwakhekeni kwelinye lama-molecule ephrotheni elincane kunawo wonke lincane ngokungenakucatshangelwa. . . . Eqinisweni alikho nhlobo.”
4 Ngokufanayo, usonkanyezi uFred Hoyle wathi: “Lonke uhlaka lwesayensi yezinto eziphilayo eyamukelekayo lusabambelele ekutheni ukuphila kwamane kwazivelela. Nokho njengoba izazi zamakhemikhali asezintweni eziphilayo zithola okwengeziwe kakhulu ngokuba inkimbinkimbi ngokwesabekayo kokuphila, kusobala ukuthi amathuba okuba kuvele ngengozi mancane kakhulu kangangokuba angase abhekwe njengangekho. Akunakwenzeka ukuba ukuphila kuye kwavela ngenhlanhla.”
5-7. Isayensi yama-molecule ezinto eziphilayo ikuqinisekisa kanjani ukuthi izinto eziphilayo azinakuvela ngenhlanhla?
5 Isayensi yama-molecule ezinto eziphilayo, engomunye wemikhakha yesayensi yamuva impela, iwukufunda ngezinto eziphilayo ezingeni lezakhi zofuzo, lama-molecule, nelama-athomu. Isazi sesayensi yama-molecule ezinto eziphilayo uMichael Denton uphawula ngalokho okuye kwatholakala: “Ukuba inkimbinkimbi kohlobo lwamangqamuzana olulula olwaziwayo kukhulu kangangokuba kungokungenakwenzeka ukwamukela ukuthi into enjalo yayingahlanganiswa ndawonye ngokungazelele uhlobo oluthile lwesenzakalo esiyinqaba, esingenakwenzeka impela.” “Kodwa akukhona nje kuphela ukuba inkimbinkimbi kwezinto eziphilayo okuletha inselele kakhulu kangaka, kodwa futhi kunokuhlakanipha okungakholeki okubonakala ngokuvamile ekuklanyweni kwazo.” “Kusezingeni lama-molecule lapho . . . ubuhlakani bomklamo wezinto eziphilayo nokuphelela kwemigomo efinyelelwayo bubonakala kakhulu khona.”
6 UDenton uqhubeka ethi: “Nomaphi lapho sibheka khona, kungakhathaliseki ukuthi sibheka ekujuleni okungakanani, sithola ubuhle nokuhlakanipha okusezingeni eliphakeme ukuwadlula wonke ngokuphelele, okuwenza ube buthakathaka kakhulu umbono wenhlanhla. Ingabe ngempela kuyakholeka ukuthi izinqubo ezamane zazenzekalela zazingakha into engokoqobo, esakhi sayo esincane kakhulu—iphrotheni eliphilayo noma isakhi sofuzo—siyinkimbinkimbi engalé kwamakhono ethu okusungula, into engokoqobo ephambene nokwenzeka ngenhlanhla, edlula kude ngawo wonke umqondo noma yini eye yakhiqizwa ngokukhalipha komuntu?” Uthi futhi: “Phakathi kwengqamuzana eliphilayo nesimiso esihleleke kakhulu sezinto ezingaphili, njengekristalu noma iqhwa, kunegebe elikhulu futhi elingenamkhawulo ongalicabanga.” Futhi uprofesa wesayensi yemithetho yemvelo, uChet Raymo, uthi: “Ngihlabeke umxhwele ngempela . . . Wonke ama-molecule abonakala eklanyelwe umsebenzi wawo ngokuyisimangaliso.”
7 Isazi sesayensi yama-molecule ezinto eziphilayo uDenton uphetha ngokuthi “labo abasakusekela ngokungaguquki ukuthi yonke lento engokoqobo entsha iwumphumela wenhlanhla nje” bakholelwa enganekwaneni. Eqinisweni, ubiza inkolelo kaDarwin emayelana nokuvela kwezinto eziphilayo ngenhlanhla ngokuthi “inganekwane enkulu yemvelaphi yendawo yonke yekhulu lamashumi amabili.”
Umklamo Udinga Umklami
8, 9. Nikeza umfanekiso obonisa ukuthi yonke into eklanyiwe kumelwe ukuba inomklami.
8 Ukuthi kungenzeka ukuba into engaphili iphile ngenhlanhla, ngengozi ethile ethuke yenzeka, kuyinto engenakwenzeka. Cha, zonke izinto eziphilayo eziklanywe kahle kangaka emhlabeni zazingenakuba khona ngengozi, njengoba yonke into eklanyiwe kumelwe ibe nomklami. Ingabe zikhona ozaziyo wena ezingaba khona ngaphandle komklami? Azikho. Futhi lapho umklamo uba inkimbinkimbi ngokwengeziwe yilapho kudingeka khona ukuba umklami abe onekhono ngokwengeziwe.
9 Singase futhi sifanekise lendaba ngalendlela: Lapho sibona umdwebo othile, siwamukela njengobufakazi bokuthi kukhona umdwebi. Lapho sifunda incwadi, siyavuma ukuthi ukhona umlobi. Lapho sibona indlu, siyavuma ukuthi kukhona umakhi. Lapho sibona irobhothi, siyazi ukuthi kukhona indikimba eshaya imithetho. Zonke lezozinto zenziwa ngenjongo yilabo abazenzayo. Futhi nakuba singase singaqondi konke ngabantu abaziklama, asingabazi ukuthi labantu bakhona.
10. Ibuphi ubufakazi obubonakalayo bokuthi ukhona uMklami Ophakeme?
10 Ngokufanayo, ubufakazi bobukhona boMklami Ophakeme bungabonakala emklamweni, ekuhlelekeni, nasekubeni inkimbinkimbi kwezinto eziphilayo emhlabeni. Zonke zibonisa ukuKhalipha Okuphakeme. Lokhu kunjalo futhi nangomklamo, ukuhleleka, nokuba inkimbinkimbi kwendawo yonke nayo yonke imithala yayo eyizinkulungwane zezigidi, ngamunye uqukethe izinkulungwane zezigidi zezinkanyezi. Futhi zonke izindikimba zasezulwini zilawulwa imithetho engageji, enjengeyokunyakaza, ukushisa, ukukhanya, umsindo, ukuhlobana kukazibuthe nogesi, nowamandla adonsela phansi. Ingaba khona yini imithetho kungekho menzi-mthetho? Isazi semikhumbi-mkhathi uDkt. Wernher von Braun sathi: “Imithetho yemvelo yendawo yonke inembe kangangokuba akukho bunzima ekwakheni umkhumbi-mkhathi ukuba undize uye enyangeni futhi sikwazi ukubala isikhathi sokundiza kwawo ngokunembe ngisho nangoqhezu lomzuzwana. Lemithetho kumelwe ukuba ibekwe othile.”
11. Kungani kungafanele sibuphike ubukhona boMklami Ophakeme ngenxa nje yokuthi asikwazi ukumbona?
11 Yiqiniso, asikwazi ukumbona uMklami Ophakeme noMnikimthetho ngamehlo ethu enyama. Kodwa ingabe siyakuphika yini ukuba khona kwezinto ezinjengamandla adonsela phansi, uzibuthe, ugesi, noma amaza omsakazo ngenxa nje yokuthi asikwazi ukuzibona? Cha, asikuphiki, ngoba siyakwazi ukubona imiphumela yazo. Khona-ke kungani kufanele siphike ubukhona boMklami Ophakeme noMnikimthetho ngenxa nje yokuthi asikwazi ukumbona, kuyilapho sikwazi ukubona imiphumela yomsebenzi wezandla zakhe omangalisayo?
12, 13. Ubufakazi buthini ngobukhona boMdali?
12 UPaul Davies, uprofesa wesayensi yemithetho yemvelo, uphetha ngokuthi ukuba khona komuntu akuwona nje umphumela wenhlanhla. Uthi: “Ngempela senzelwe ukuba sibe lapha.” Futhi ngokuphathelene nendawo yonke uthi: “Ngomsebenzi wami ongokwesayensi, ngiye ngakholelwa ngokunamandla kakhulu ukuthi indawo yonke ebonakalayo ihlanganiswe ngobungoti obumangalisa kakhulu kangangokuba angikwazi ukukwamukela njengeqiniso elingabonisi ukukhalipha. Ngokubona kwami, kumelwe ukuba kube khona incazelo yezinga elijulile.”
13 Ngakho, ubufakazi busitshela ukuthi indawo yonke, umhlaba, nezinto eziphilayo emhlabeni akunakwenzeka ukuthi kwaba khona ngenhlanhla. Konke kufakazela buthule uMdali okhaliphe kakhulu, nonamandla.
Lokho IBhayibheli Elikushoyo
14. IBhayibheli liphetha ngokuthini ngokuphathelene noMdali?
14 IBhayibheli, incwadi yesintu endala kunazo zonke izincwadi, iveza isiphetho esifanayo. Ngokwesibonelo, encwadini yeBhayibheli yamaHeberu, eyalotshwa umphostoli uPawulu, siyatshelwa: “Ngokuba yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Incwadi yokugcina yeBhayibheli, eyalotshwa umphostoli uJohane, nayo ithi: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla‚ ngokuba nguwena owadala izinto zonke‚ nangenxa yentando yakho zaba-khona‚ zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.
15. Singazibona kanjani ezinye zezimfanelo zikaNkulunkulu?
15 IBhayibheli libonisa ukuthi nakuba uNkulunkulu engenakubonwa, ukuthi uwuhlobo olunjani lukaNkulunkulu kungabonakala kulokho akwenzile. Lithi: “Izimfanelo [zoMdali] ezingabonakali, okungukuthi amandla akhe aphakade nobunkulunkulu, bekulokhu kubonakala, kusukela izwe laqala, esweni lengqondo, ezintweni azenzile.”—Roma 1:20, The New English Bible.
16. Kungani kufanele sijabule ngokuthi abantu abakwazi ukumbona uNkulunkulu?
16 Ngakho iBhayibheli lisisusa emphumeleni lisiyise embangeleni. Umphumela—izinto ezesabekayo ezenziwe—uwubufakazi beMbangela ekhaliphile, nenamandla: uNkulunkulu. Futhi, singabonga ngokuthi akabonakali, ngoba njengoba nje enguMdali wendawo yonke, ngokungangabazeki unamandla kangangokuba abantu benyama negazi abanakulindela ukuba bambone futhi basinde. Futhi yilokho kanye iBhayibheli elikushoyo: “Akukho-muntu [ongabona uNkulunkulu], aphile.”—Eksodusi 33:20.
17, 18. Kungani umqondo woMdali kufanele ube obalulekile kithi?
17 Umqondo woMklami Omkhulu, uMuntu Ophakeme—uNkulunkulu—kufanele ube obaluleke kakhulu kithi. Uma senziwa uMdali, khona-ke ngokuqinisekile kumelwe ukuba wayenesizathu, injongo, lapho esidala. Uma sadalelwa ukuba sibe nenjongo ekuphileni, khona-ke kunesizathu sokwethemba ukuthi izimo zethu ziyoba ngcono esikhathini esizayo. Uma kungenjalo, simane siphile futhi sife singenathemba. Ngakho kubaluleke kakhulu ukuba sithole ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngathi. Khona-ke singakhetha ukuthi siyafuna yini ukuphila ngokuvumelana nayo noma cha.
18 Futhi, iBhayibheli lithi uMdali uwuNkulunkulu onothando osikhathalela kakhulu. Umphostoli uPetru wathi: “Uyanikhathalela.” (1 Petru 5:7; bheka noJohane 3:16 neyoku-1 Johane 4:8, 16.) Enye indlela esingabona ngayo ukuthi uNkulunkulu usikhathalela kangakanani iwukucabangela indlela asenze ngokumangalisayo ngayo, ngokwengqondo nangokomzimba.
‘Senziwe Ngokumangalisayo’
19. Iliphi iqiniso umhubi uDavide aliletha ekunakekeleni kwethu?
19 EBhayibhelini umhubi uDavide wavuma: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” (IHubo 139:14) Ngokuqinisekile lokho kuyiqiniso, ngoba ubuchopho bomuntu nomzimba kuklanywe ngokumangalisa kakhulu uMklami Ophakeme.
20. I-encyclopedia ethile ibuchaza kanjani ubuchopho bomuntu?
20 Ngokwesibonelo, ubuchopho bakho buyinkimbinkimbi kakhulu ukwedlula noma iyiphi i-computer. I-New Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Ukudluliselwa kokwaziswa ngaphakathi kwesimiso sezinzwa kuyinkimbinkimbi kakhulu ukwedlula iziteshi ezinkulu kakhulu zokudlulisa izingcingo; ukuxazulula izinkinga kobuchopho bomuntu kulidlula kude ikhono lama-computer anamandla kakhulu.”
21. Lapho sibona lokho okwenziwa ubuchopho, kufanele siphethe ngokuthini?
21 Amakhulu ezigidi amaphuzu nemifanekiso esengqondweni kugcinwa ebuchosheni bakho, kodwa abuyona nje inqolobane yokugcina amaphuzu. Ngobuchopho ungafunda ukushaya ikhwela, ukubhaka isinkwa, ukukhuluma ezinye izilimi, ukusebenzisa i-computer, noma ukushayela indiza. Ungakwazi ukucabangela ukuthi iholide liyoba njani noma indlela isithelo esithile esiyonambitheka ngayo. Ungakwazi ukuhlaziya futhi wenze izinto. Futhi, ungakwazi ukuhlela, ube nokwazisa, uthande, futhi uhlobanise imicabango yakho nesikhathi esidlule, esamanje, nesizayo. Njengoba thina bantu singenakukwazi ukuklama into enjengobuchopho bomuntu obesabekayo, khona-ke Lowo obuklamile ngokusobala unokuhlakanipha nekhono elikhulu kakhulu kunelanoma imuphi omunye umuntu.
22. Yini izazi zesayensi eziyivumayo ngobuchopho bomuntu?
22 Ngokuphathelene nobuchopho, izazi zesayensi ziyavuma: “Ukuthi lemisebenzi yenziwa kanjani yilomshini owakhiwe ngokubabazekayo, ohlelekile noyinkimbinkimbi ngokumangalisayo kusithekile impela. . . . Abantu bangase bangakwazi neze ukuxazulula zonke lezinkinga ngazinye ezihlukile eziphakanyiswa ubuchopho.” (Scientific American) Futhi uprofesa wesayensi yemithetho yemvelo uRaymo uthi: “Uma kukhulunywa iqiniso, namanje asikakwazi okuningi ngendlela ubuchopho bomuntu obulondoloza ngayo ukwaziswa, noma ukuthi bukwazi kanjani ukubuyisa inkumbulo lapho umuntu eyidinga. . . . Kunamangqamuzana ezinzwa ayizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu ebuchosheni bomuntu. Ingqamuzana ngalinye lixhumana namanye amangqamuzana ayizinkulungwane ngohide lwama-synapse anjengesihlahla. Amathuba okuxhumana okunjalo ayinkimbinkimbi ngendlela ediyazelisayo.”
23, 24. Yisho ezinye zezitho zomzimba eziklanywe ngokumangalisayo, futhi yikuphi ukukhulumela omunye unjiniyela akwenza?
23 Amehlo akho anembe futhi avumelana nezimo kakhulu kunanoma imuphi umshini wokuthwebula izithombe; eqinisweni, ayimishini yokuthwebula izithombe ezishintsha ngokugcwele, eziqondisayo, nethwebula izithombe ezinyakazayo ezinemibala. Izindlebe zakho zingakwazi ukuzwa imisindo ehlukahlukene futhi zikunikeze uhlangothi umsindo ovela kulo futhi zikusiza ukuba uhambe uqonde. Inhliziyo yakho iyiphampu enamandla onjiniyela abaphambili abangakwazanga ukwakha efana nayo. Okumangalisayo futhi ezinye izitho zomzimba: ikhala lakho, ulimi, nezandla kanye nesimiso sokujikeleza kwegazi nesokugaya ukudla, uma nje sibala ezimbalwa.
24 Ngakho, unjiniyela owaqashwa ukuba aklame futhi akhe i-computer enkulu waphetha: “Uma i-computer yami yadinga umklami, kakhulu kangakanani-ke lowomshini oyinkimbinkimbi kangaka ophilayo owakhiwe inyama namakhemikhali ongumzimba wami—nawo oyingxenye nje encane kakhulu yendawo yonke eseduze impela futhi engenamkhawulo?”
25, 26. Yini uMklami Omkhulu okufanele akwazi ukusitshela yona?
25 Njengoba nje abantu besuke benenjongo lapho benza izindiza, ama-computer, amabhayisikili, nezinye izinto, kanjalo noMklami wobuchopho nemizimba yabantu kumelwe ukuba wayenenjongo lapho esiklama. Futhi loMklami kumelwe ukuba unokuhlakanipha okuphakeme kunokwabantu, njengoba engekho noyedwa kithi ongayiphinda imiklamo yakhe. Khona-ke, kunengqondo ukuthi nguYe ongasitshela ukuthi kungani asiklama, ukuthi kungani asibeka emhlabeni, nokuthi siyaphi.
26 Lapho sifunda lezozinto, khona-ke ubuchopho obumangalisayo nomzimba uNkulunkulu asinikeze khona kungasetshenziselwa ukugcwalisa injongo yethu ekuphileni. Kodwa ikuphi lapho singafunda khona ngezinjongo zakhe? Ikuphi lapho asinikeza khona lokho kwaziswa?
[Isithombe ekhasini 7]
Indlela engcono kakhulu yokuthola ukuthi kungani into ethile yaklanywa iwukubuza umklami
[Isithombe ekhasini 8]
Ukuba inkimbinkimbi kwezinto eziphilayo nomklamo wazo kungabonwa kuyi-“molecule” ye-DNA
[Isithombe ekhasini 9]
“Ukuxazulula izinkinga kobuchopho bomuntu kulidlula kude ikhono lama-‘computer’ anamandla kakhulu”