Isithelo Esincane Esinoboya SaseNew Zealand
Ngumlobeli wePhaphama! eNew Zealand
ABANTU baseNtshonalanga babesibiza ngokuthi igooseberry yaseChina. Kodwa lapho siqala ukulinywa eNew Zealand, abagqugquzeli basebenzisa ukufana lesithelo esinoboya esasinakho nenyoni edumile yaseNew Zealand ikiwi. Ngaleyondlela, sase saziwa emhlabeni wonke ngokuthi isithelo ikiwi.
Amashumi eminyaka ukuphila okungokomnotho kwalelizwe eliseNingizimu Pacific kwakuncike kuphela kuvolo walo, inyama, nemikhiqizo yobisi. Kodwa manje isithelo ikiwi siye savela njengomthombo wemali njengoba siyisitshalo esiyinhloko saseNew Zealand. Lokhu kuye kwenza ukuba isithelo ikiwi siconsise amathe ezigidi zabantu. Ukusebenziseka kwaso ngezindlela eziningi, okulinganiselwa kuphela ukucabanga komuntu, kuye kwaphumela ekudleni okuhlukahlukene kakhulu okujabulisayo.
Kodwa siyini ngempela lesithelo esinoboya esincane? Isithelo ikiwi (Actinidia chinensis) ngempela siyiberry emila emvinini. Njengoba sichuma esimweni sezulu esiphakathi, ekuqaleni isithelo ikiwi sasitshalwa eYangtze Valley eningizimu yeChina. Nokho, ngo-1934 ukutshalwa kwaso ukuze sidayiswe kwaqala eNew Zealand eTe Puke, idolobha elinabantu abangu-5 500 ogwini olusempumalanga lweNorth Island. Ngokushesha kwaqaliswa ukutshalwa kwesithelo ikiwi nakwezinye izingxenye zezwe. Kodwa iTe Puke, nezimo zayo zezulu ezifanelekile, eye yabizwa ngokuthi “inhloko-dolobha yomhlaba yekiwi.”
Ukulima isithelo ikiwi kuwumsebenzi omkhulu. Kuthatha iminyaka esukela kwemithathu kuya kwemihlanu ngomvini osanda kutshalwa ukuba uthele izithelo. Ngaphezu kwalokho, kudingeka ukuba umvini uthenwe njalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi isithelo sithola ukukhanya okwanele. Izinto zokusekela umvini ezihlala njalo—izigxobo eziphanjanisiwe noma izingongolo zokuthandela izihlahla—kumelwe zakhiwe. Futhi lapho kuqalisa inkathi yokuvuna, kudingeka amakhulu amaningi ezisebenzi ezinekhono ukuba zicoshe izigidi zezithelo ezingangolamula noma ezingangewolintshi elincane. Kudingeka amakiwi amane amakhulu ukwenza ingxenye yekhilogremu, futhi kuvunwa amashumi ezinkulungwane zamathani alesithelo unyaka ngamunye.
Konke lokhu kungase kwenze kubonakale sengathi kuyinkathazo enkulu ukulima isithelo iphephandaba iWall Street Journal elake lasichaza njengesibukeka sihlaba umxhwele “njengebhola lethenisi elidala.” Kodwa ungakhohliswa ukubukeka kwayo okungathakazelisi. “Sisike isithelo ikiwi,” kuqhubeka iJournal, “sibe sesiyaphila. Ngokushesha konke kuba luhlaza ngokugqamile futhi kube nephunga elimnandi, phakathi nendawo kunengxenye ephuzi efana nelanga lizungezwe imisebe.” Futhi sinambithe ngokusikha ngesipuni! Amanzi aso anobumnandi obunoshukela nobesithelo. Ngaphezu kwalokho, lesithelo esincane sinomsoco omkhulu. Ngaphandle kokuba nezilinganiso eziphawulekayo zamavitamin C noE, isilinganiso sokumahhadlahhadla kwesithelo ikiwi esikhulu sicishe sibe sikhulu ngokuphindwe izikhathi ezine kunaleso senkomishi yecelery eqotshiwe. Isithelo esisodwa sinepotassium eyengeziwe kunobhanana futhi singase sinikeze amaphesenti asukela ku-20 kuya ku-70 echromium edingwa umzimba nsuku zonke.
Isithelo ikiwi sisebenziseka ngezindlela eziningi ngempela ekhishini futhi siyakwazi ukuvunyelaniswa nezinhlobo eziningi zokudla. Uma sitholakala endaweni yakini, ungase ufune ukuzama lerecipe. Nawe futhi ungase ube umthandi wesithelo esincane esinoboya saseNew Zealand!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]
New Zealand Kiwifruit Marketing Board
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]
I-“ice Salad” Ye“kiwi”:
1 ithini lama“litchi” (amagremu angu-500 noma iphawondi elilodwa) noma esinye isithelo
4 izithelo ze“kiwi” ezicwecwiwe
1 inkomishi kashukela
1 ithini lezingcezu zewolintshi le“mandarin” (amagremu angu-250 noma ingxenye yephawondi)
1 isipuni se“orange liqueur”
1 isipuni samanzi kalamula
2 izinkomishi zamanzi
1. Thela amanzi noshukela epanini. Beka emlilweni ovutha kancane bese uyagoqoza kuze kuncibilike ushukela. Kubilise imizuzu emithathu. Kubeke ukuba kuphole.
2. Phehla izithelo zekiwi ezimbili ngomshini wokuphehla.
3. Thela kushukela isithelo sekiwi esiphehliwe, amanzi emandarin, amanzi kalamula, neliqueur. Goqoza kuze kuhlangane kahle. Faka inhlanganisela esitsheni esingajulile bese ufaka esiqandisini kuze kube yiqhwa. Phala ngemfoloko ukuze uveze amakhekheba eqhwa.
4. Bandisa isithelo ikiwi esisele, usiqobe sibe izingcezu.
5. Faka amalitchi nezincezu zemandarin, kanye nekiwi eyizingcezu, ukufake ezingilazini zebrandy eziphakathi nendawo ngobukhulu noma ezitsheni zokudlela izibiliboco.
6. Faka noma yimaphi amanzi asele amalitchi nemandarin phezu kwezithelo.
7. Vuvuzela amakhekheba eqhwa aselungisiwe phezu kwezithelo lapho sekulungele ukudliwa.
Kungadliwa abantu abane kuya kwabayisithupha.