Umsebenzi Kadokotela
EMINYAKENI engaba yisikhombisa edlule, uDai Suzuki, umfana oneminyaka eyishumi ubudala, walahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yengozi yomgwaqo. Abezindaba babeka abazali bakaDai icala lokunganaki ngoba, belalela izimiso zeBhayibheli, babenqabe ukuvuma ukuba indodana yabo impontshelwe igazi. Abazali bakaDai bangoFakazi BakaJehova. Ngemva kophenyo lwamaphoyisa, kwatholakala ukuthi kwakungekho ukunganaki kubazali.
OFakazi BakaJehova eJapane nakwezinye izindawo bayayazisa imizamo yodokotela yokusindisa ukuphila futhi bazimisele ukubambisana nezisebenzi zezokwelapha. Bayayisebenzisa indlela yokwelapha yesimanje futhi bayakwamukela ukwelapha kodokotela, ngaphandle kokumpompela igazi. Kodwa lapho isinqumo sezokwelapha singqubuzana nobuqotho babo ezimisweni zeBhayibheli, balalela uNkulunkulu. (IzEnzo 4:19) IBhayibheli linikeza umyalo ocacile: ‘Niyeke . . . igazi.’—IzEnzo 15:29.
Ngakho kunokuba badele ukukholelwa kwabo emiyalweni kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova bakhetha ukwelashwa okungahileli ukumpontshelwa igazi. Yiqiniso, isidingo sokwelapha okunjalo okwehlukile singase sibeke inselele kulabo abayizazi zezokwelapha. Kodwa odokotela abanda ngokwengeziwe nabaphathi bezibhedlela bayazithola izindlela zokubonelela lokho okukhethwa oFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, elinye iphephandaba laseJapane, iMainichi Shimbun, laphawula ukuthi muva nje “izibhedlela ezithile zenza konke okusemandleni ukuvimbela ukopha futhi zizimisele ukuhlinza ngaphandle kwegazi.”
Lesihloko saphawula ukuthi eSibhedlela saseAgeo Kosei, kwahlinzwa ngempumelelo oFakazi BakaJehova abangu-14 phakathi no-1989 noJanuary 1992 ngaphandle kokumpontshelwa kwegazi. Lesibhedlela sinamathela emvumeni isiguli esiyinikezayo. Isimiso saso siwukuxoxa neziguli ezingoFakazi ngesilinganiso segazi okulindeleke ukuba lilahleke nangezingozi ezihilelekile ekuhlinzeni ngaphandle kwegazi. Lapho sebamukele ifomu elibhaliwe elikhulula isibhedlela ekubeni necala ngesiguli, odokotela babe sebesihlinza ngaphandle kokusebenzisa ukumpontshelwa kwegazi.
Yini eyashukumisela lesibhedlela ukuba samukele iziguli ezingoFakazi futhi sihloniphe ukwelapha ezizikhethela khona, ngisho nakuba zazinqatshwa ezinye izibhedlela? NgokweMainichi Shimbun, uToshihiko Ogane, umqondisi walesibhedlela, uyachaza: “Umsebenzi kadokotela umbopha ukuba ahloniphe ilungelo lesiguli lokwenza isinqumo sokugcina nokuba enze konke okusemandleni akhe kuye ngokwekhono lakhe ekubambisaneni nokwelashwa kwesifo. Imvume enikezwa yisiguli ibaluleke kakhulu ngokwalowombono.”
Leliphephandaba liyanezela: “OFakazi BakaJehova ngasohlangothini lwabo, baye bamisa amakomiti okubonisana nezibhedlela emadolobheni angu-53 kulo lonke izwe ngenxa yezikhonzi ezikanye nabo. Injongo yalamakomiti iwukuxoxisana nezibhedlela ngokuhlinza ngaphandle kwegazi.” Ngenxa yalokho, inani elihle lezibhedlela zasemayunivesithi nezinhlangano zezokwelapha manje zizimisele ukunikeza oFakazi ukwelashwa abazikhethela khona.
Okwamanje, odokotela abangaphezu kuka-1 800 eJapane nabangaphezu kuka-24 000 emhlabeni wonke bazimisele ukubambisana noFakazi ngokubanikeza ukwelashwa okuhlukile ekumpontshelweni kwegazi. Amakomiti okubonisana nezibhedlela angaphezu kuka-800 aye axhumana nodokotela abakubheka ‘njengomsebenzi kadokotela’ ukuhlonipha ilungelo lesiguli lokukhetha.