Ukuphila—Isipho Okufanele Saziswe
LAPHO uJehova uNkulunkulu enikeza umkhaya wesintu ilungelo lokuzala abantwana, yeka ukuthi kwakuyisipho esimangalisa kanjani! Umntwana omuhle wayezofikela ezandleni ezilindile zombhangqwana ojabulayo othandanayo nokulungele ukwazisa nokunakekela lomkhiqizo omncane wobunye bawo bomshado. Lomkhaya wawuyolindela injabulo kuphela njengoba ukuphila komntwana kwembuleka.
Kodwa isono sika-Adamu no-Eva saletha imiphumela eyinhlekelele kubantwana abazalelwa ohlangeni lwesintu. Ngenxa yesono, umama wethu wokuqala waqalekiswa ngokucindezeleka nobuhlungu obungokomzimba lapho ezala abantwana. Futhi isimo esinesono inzalo yabo eyafikela kuso senza ukuzala abantwana kwaba yinselele enkulu. Ngakho, ezweni lanamuhla eliyinkimbinkimbi, akumangalisi ukuthi ukukhulelwa ngokuvamile akujatshulelwa. Nokho, uyini umbono woMdali ngabangakazalwa? Ingabe uye waguquka ngenxa yezikhathi ezishintshayo zokuziphatha? Ngokuqinisekile akunjalo. Umbono nokukhathalela kwakhe abantwana abangakazalwa basemhlabeni awukaguquki.
ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi phakathi kukamama kwakheka umuntu oyingqayizivele. Ukuphila kuqala lapho umuntu ekhulelwa. Ukuzalelwa ezweni kumane kwembulela umuntu ingane uNkulunkulu aseyibonile kakade. UHezekeli ukhuluma ngakho “konke okuvula izizalo.” (Hezekeli 20:26) UJobe uchaza “izivalo zesizalo sikamame,” futhi ubiza ukuphuphuma kwesisu ngokuthi ‘izingane ezingazange zibone ukukhanya.’—Jobe 3:10, 16.
Phawula ukukhathalela komusa kukaJehova uNkulunkulu ngokuphila okuntekenteke njengoba kukhula esizalweni. Wathi kuJeremiya: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa.” (Jeremiya 1:5) UDavide wathi: “Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule.” (IHubo 139:15, 16) UJobe ubiza uNkulunkulu ngokuthi “owangenza esiswini,” “owasibumba esizalweni.”—Jobe 31:15.
Kodwa kuthiwani ngokukhathalela kukaNkulunkulu umama okhulelwe ophelelwa yithemba ongamfuni umntwana? Phakathi kwabo bonke abantu, uMdali uyayiqaphela imithwalo yemfanelo engathi sína yokuba umzali. Uma umama okhulelwe, nakuba esezimweni ezinzima, ekhetha ukugcina umntwana wakhe ngenxa yokuhlonipha izimfuneko zokwesaba uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu ubengeke asibusise yini isinqumo sakhe? Ngokufanelekile umzali angaluthandazela futhi kufanele aluthandazele usizo lwakhe ekukhuliseni umntwana ojabulayo. Emakhasini eZwi lakhe, uNkulunkulu usesinikezile kakade iseluleko esihle kakhulu esitholakalayo sokukhulisa abantwana. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni komkhaya kuyoveza imiphumela ebusisekile. Izinjabulo nemivuzo yokukhulisa abantwana abesaba uNkulunkulu kudlula noma yikuphi ukuzidela okwenziwayo phakathi nalesosikhathi, njengoba noma yimuphi umzali onokuzigqaja engakufakazela lokho.
Ingabe uJehova ubheka izindaba ngendlela ehlukile uma ingane yavela ngenxa yokudlwengulwa noma ubuhlobo bobulili phakathi kwezihlobo? Nakuba lesenzo sasingesobugebengu kumama, umntwana akufanele asolwe. Ukuqeda ukuphila kwakhe kungamane kuphindisele isenzo sobudlova ngesinye. Ngokuqinisekile uJehova uyakuqaphela ukushaqeka okungokomzwelo izisulu ezinjalo ezibhekana nakho futhi angasiza umama nomntwana ukuba babhekane nomphumela ngendlela elinganiselwe.
Kuthiwani uma udokotela etshela owesifazane okhulelwe ukuthi ukuthwala umntwana wakhe sonke isikhathi sokukhulelwa kungase kufake ukuphila kwakhe engozini? UDkt. Alan Guttmacher wathi: “Namuhla kungenzeka cishe nganoma yisiphi isiguli ukuba senziwe sisiqede isikhathi sokukhulelwa siphila, ngaphandle kwalapho siphethwe isifo esibulalayo njengomdlavuza noma i-leukemia, futhi uma kunjalo, ukukhipha isisu ngeke kwandise, ngisho nangaphezu kwalokho, kusindise ukuphila.” I-Encyclopedia Americana ithi: “Njengoba abesifazane abaningi bengase benziwe ukuba basiqede ngokulondekile isikhathi sokukhulelwa ngisho nakuba benezinkinga ezingathi sína zokwelashwa, kumbalwa ukukhishwa kwezisu okumelwe kwenziwe ukuze kuvikelwe impilo kamama. Ukukhishwa kwezisu okuningi kuyafunwa ukuze kugwenywe ukuba nomntwana.” Ngakho izimo ezinjalo azivamile ngempela. Nokho, uma kwenzeka ngesikhathi sokubeletha, khona-ke abazali kumelwe bakhethe phakathi kokuphila kukamama nalokho komntwana. Kuyisinqumo sabo.
Ingabe kuyamangalisa ukuthi uMdali wokuphila ubeke iziqondiso ezicacile ngokusetshenziswa kwamandla ethu okuzala? Emehlweni akhe, ukuveza komuntu ukuphila angazimisele ukukunakekela kuyisono, njengoba nje nokubulala kuyisono.
Ngokuqinisekile, lempikiswano izoqhubeka kuze kufike ukuphela kwalesimiso sezinto. Kodwa kuMdali wokuphila, uJehova uNkulunkulu, nakulabo abayazisayo imithetho yakhe, akukho mpikiswano nakancane. Ukuphila kuyigugu—isipho okufanele sinakekelwe futhi saziswe kusukela khona kanye ekuqaleni kwaso.