Imibuzo Evela Kubafundi
Likhona yini ithemba lovuko ngomntwana oshonela esibelethweni sikanina?
Uma ungakaze uzwe ubuhlungu bokushonelwa umntwana ngale ndlela, kungase kube nzima ukuqonda imizwa yalabo asebake babhekana nalokhu. Abanye abazali badabuka kakhulu lapho beshonelwe umntwana ngale ndlela. Omunye umama washonelwa abantwana abahlanu bengakazalwa, waphuphunyelwa isisu izikhathi ezine kanti omunye wazalwa eseshonile. Ngemva kwesikhathi, wakubheka njengesibusiso ukuba nabafana ababili abayimiqemane. Noma kunjalo, ukukhumbula kahle ukushona kwalaba abanye abantwana futhi akasoze akhohlwa ukuthi ngabe baneminyaka emingaki ukube abashonanga. Ingabe amaKristu ake abhekana nalesi simo anaso isisekelo sokuba nethemba lokuthi labo bantwana bayovuswa?
Impendulo elula yalowo mbuzo iwukuthi asazi. IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokuvuswa kwabantwana abazalwe beshonile noma kwalabo onina abaphuphunyelwa izisu. Noma kunjalo, iZwi likaNkulunkulu linezimiso ezihlobene nalo mbuzo nezingaba induduzo ngezinga elithile.
Ake sicabangele imibuzo emibili ehlobene. Owokuqala uthi: Ngokombono kaJehova, ukuphila komuntu kuqala nini—lapho owesifazane ebamba isisu noma lapho umntwana ezalwa? Owesibili uthi: UJehova ulubheka kanjani usana olungakazalwa—njengomuntu noma njengamangqamuzana nje ahlangene asesibelethweni sowesifazane? Izimiso zeBhayibheli ziyiphendula ngokucacile yomibili le mibuzo.
UMthetho KaMose wachaza ngokucacile ukuthi ukuphila akuqali lapho usana luzalwa, kodwa kuqala emuva impela. Kanjani? Wabonisa ukuthi umuntu obulala umntwana osesesiswini wayengase afanelwe ukufa. Phawula lo mthetho: “Kumelwe ukhokhe umphefumulo ngomphefumulo.”a (Eks. 21:22, 23) Ngakho, umntwana osesesibelethweni uyaphila futhi ungumphefumulo ophilayo. Ukuqonda leli qiniso elingaguquki kuye kwasiza izigidi zamaKristu ukuba angavumelani nokukhipha isisu, ngoba akubheka njengesono esingathí sina kuNkulunkulu.
Yebo, umntwana ongakazalwa ungumuntu ophilayo, kodwa uJehova ukubheka njengokubaluleke kangakanani ukuphila kwakhe? Umthetho oshiwo ngaphambili wawuthi umuntu obangele ukufa kwalo mntwana kwakufanele abulawe. Kusobala-ke ukuthi ukuphila komntwana ongakazalwa kubaluleke kakhulu kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kunemiBhalo eminingi eBhayibhelini eyembula ukuthi uJehova ubheka abantwana abangakazalwa njengabantu ngempela. Ngokwesibonelo, iNkosi uDavide yaphefumulelwa ukuba isho la mazwi ngoJehova: “Wangigcina ngihenqelwe esiswini sikamama. . . . Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho, ngokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo.”—IHu. 139:13-16; Jobe 31:14, 15.
UJehova ukwazi nokubona ubuntu bomntwana engakazalwa nokuthi uyoba yini lapho esekhulile. Ngesikhathi uRebheka, umka-Isaka, ekhulelwe amawele, uJehova washo isiprofetho esikhuluma ngokulwa kwalaba bafana ababili besesibelethweni, okubonisa ukuthi wayesezibonile izici zobuntu babo ezaziyoba nomphumela owawuyothinta abantu abaningi ngokuhamba kwesikhathi.—Gen. 25:22, 23; Roma 9:10-13.
Indaba kaJohane uMbhapathizi nayo ithakazelisa kakhulu. Ukulandisa kweVangeli kuthi: “Njengoba u-Elizabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, usana olwalusesibelethweni sakhe lwagxuma; u-Elizabethe wagcwala umoya ongcwele.” (Luka 1:41) Lapho echaza lesi senzakalo, udokotela uLuka wasebenzisa igama lesiGreki elingase lisho usana olungakazalwa noma oseluzelwe. Wasebenzisa lona lelo gama nalapho ekhuluma ngosana olunguJesu olwalulele emkhombeni.—Luka 2:12, 16; 18:15.
Njengoba sesicabangele wonke la maqiniso, ingabe iBhayibheli liyehlukanisa phakathi kosana olusesesibelethweni nolusanda kuzalwa? Akubonakali kanjalo. Lokhu kuvumelana nalokho okutholwe isayensi yanamuhla. Ngokwesibonelo, abacwaningi baye bathola ukuthi usana olusesesibelethweni luyakwazi ukuzwa nokusabela ezintweni ezenzeka ngaphandle. Ngakho, akumangazi ukuthi umama okhulelwe usondelana kakhulu nosana olusuke lukhula ngaphakathi kuye.
Ukuthi umntwana uzozalwa nini akunakushiwo ngokuthe ngqo. Cabanga ngalesi sibonelo: Ake sithi umama othile ubeletha usana lwakhe kungakabi isikhathi, ngemva kwezinsuku ezimbalwa lushone. Omunye akhulelwe izinyanga eziphelele, kodwa usana lwakhe lushone ngaphambi nje kokuba abelethe. Ingabe umama wokuqala nguyena onethemba lokuthi umntanakhe uyovuswa ngenxa yokuthi kwenzekile nje wazalwa kungakabi isikhathi, kodwa lona omunye akanalo lelo themba?
Ngamafuphi nje, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi ukuphila kuqala lapho owesifazane ebamba isisu nokuthi uJehova ubheka usana olungakazalwa njengomuntu futhi lubalulekile. Ngokwala maqiniso asemiBhalweni, abanye bangase bakubone kungqubuzana ukuba kuthiwe alikho ithemba lovuko ngomntwana oshona engakazalwa. Empeleni bangase babe nomuzwa wokuthi ukucabanga kanjalo kuphakamisa imibuzo ngenkolelo yethu engokomBhalo elahla ukukhipha isisu ngokuyinhloko esekelwe kuwo kanye lawo maqiniso.
Esikhathini esidlule, lo magazini waphakamisa imibuzo enengqondo ebonakala yenza uvuko lwezinsana ezashona zingakazalwa lungabazeke. Nasi isibonelo saleyo mibuzo: Ingabe ePharadesi uNkulunkulu uyofaka umntwana ongakaqedi ukukhula esibelethweni sowesifazane owashonelwa? Nokho, ukucwaninga kanzulu nokuzindla ngale ndaba kuye kwaholela iNdikimba Ebusayo ukuba iphethe ngokuthi imibuzo enjalo ayilithinti ngempela ithemba lovuko. UJesu wathi: “Zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:27) Lokho okwenzeka kuJesu ngokwakhe kwabonisa ukuba yiqiniso kwala mazwi; ukuphila kwakhe kwadluliselwa encasakazini kusuka ezulwini—okuyinto eyayingenakwenzeka nhlobo ngokombono womuntu.
Ingabe-ke konke lokhu kusho ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi abantwana abashona bengakazalwa bayovuswa? Kumelwe sikugcizelele ukuthi iBhayibheli aliyinikezi impendulo eqondile yalo mbuzo, ngakho abantu abanakugomela ngokuthi kuyoba njalo noma cha. Le ndaba ingaphakamisa indathane yemibuzo. Nokho, kubonakala kungcono kakhulu ukungaqageli. Nakhu esikwaziyo: Le ndaba isezandleni zikaJehova uNkulunkulu ochichima umusa wothando nesihe. (IHu. 86:15) Akungabazeki ukuthi kuyisifiso sakhe esikhulu ukuqeda imiphumela eyalethwa ukufa ngokuthi avuse abafileyo. (Jobe 14:14, 15) Singaqiniseka ukuthi wenza okulungile ngaso sonke isikhathi. Uzosibopha amanxeba amaningi esiwathole kulesi simiso sezinto esibi njengoba eqondisa iNdodana yakhe ukuba ‘ibhidlize imisebenzi kaDeveli.’—1 Joh. 3:8.
[Umbhalo waphansi]
a Ngezinye izikhathi, leli vesi lihunyushwa ngendlela eyenza kuzwakale sengathi ukufa kukamama yikho kuphela okufanelwe isigwebo sokufa. Kodwa umbhalo wesiHebheru wolimi lokuqala ubonisa ukuthi lo mthetho wawukhuluma ngengozi eyayingase iholele ekufeni kukamama noma komntanakhe ongakazalwa.
[Isithombe ekhasini 13]
UJehova uzosibopha wonke amanxeba abuhlungu esiwathole kulokhu kuphila