Ingabe IZwi LikaNkulunkulu Liyafundisa Ngokuphindukuzalwa?
NOMA ubani ohlola iBhayibheli ngethemba lokuthola okusekela imfundiso yokuphindukuzalwa ngokuqinisekile uzodumala. Akukho lapho uyothola khona ukuthi abantu baye baphila ngaphambili. Ngaphezu kwalokho, ngeke uwathole amazwi anjengokuthi “ukuphindukuzalwa” noma “ukudluliswa komphefumulo” noma “umphefumulo ongafi” eBhayibhelini.
Nokho, abathile abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa bazama ukuchaza lokhu kuntuleka kokusekela kweBhayibheli ngokuthi umbono wokuphindukuzalwa wawuvame kakhulu ezikhathini zasendulo kangangokuthi noma iyiphi incazelo yayingeqisa. Yiqiniso, imfundiso yokuphindukuzalwa indala kakhulu, kodwa kungakhathaliseki ukuthi indala kangakanani noma yayivame kangakanani noma akunjalo, umbuzo usasala, Ingabe iBhayibheli liyayifundisa?
Kweyesi-2 Thimothewu 3:16, 17, umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.” Yebo, iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, indlela akhuluma ngayo nomkhaya wesintu. Futhi njengoba uPawulu abhala, lenza umuntu oqotho ofuna ukwazi “aphelele, apheleliselwe” ukuphendula yonke imibuzo ebalulekile ngokuphila, kuhlanganise nemibuzo eqondene nesikhathi esidlule, esamanje, nesizayo.
UPawulu futhi wathi: “Lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.” (1 Thesalonika 2:13) Njengoba iBhayibheli liqukethe imicabango kaNkulunkulu, hhayi eyomuntu ongaphelele, akufanele kusimangaze ukuthi ngokuvamile liyahluka emicabangweni yomuntu ngisho noma iye yathandeka phakathi nayo yonke leminyaka. Kodwa ungase uthi, ‘Kwezinye izindawo, ingabe iBhayibheli alikusikiseli ngandlela-thile ukuphindukuzalwa?’
Imibhalo Eqondwa Ngokungeyikho
Abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa bathi iBhayibheli libhekisela ngamafuphi kulendaba kuMathewu 17:11-13, lapho uJesu ehlobanisa khona uJohane uMbhapathizi nomprofethi wasendulo u-Eliya. Lombhalo ufundeka kanje: “Nempela uEliya uyeza, uyakubuyisela konke. Kepha ngithi kini: UEliya sewafika . . . Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.”
Ngokusho lokhu, ingabe uJesu wayesho ukuthi uJohane uMbhapathizi wayengumprofethi u-Eliya ophinde wazalwa? UJohane ngokwakhe wayazi ukuthi kwakungenjalo. Ngesinye isikhathi lapho ebuzwa, “UnguEliya na?” uJohane waphendula ngokucacile: “Angisiye.” (Johane 1:21) Nokho, kwakubikezelwe ukuthi uJohane wayeyokwandulela uMesiya “emoyeni nasemandleni kaEliya.” (Luka 1:17; Malaki 4:5, 6) Ngamanye amazwi, uJohane uMbhapathizi ‘wayengu-Eliya’ ngomqondo wokuthi wenza umsebenzi owawufana noka-Eliya.
KuJohane 9:1, 2, siyafunda: “Wathi edlula [uJesu], wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” Abanye abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa basikisela ukuthi njengoba lendoda yayizelwe iyimpumputhe, kumelwe ukuba isono sayo yasenza ekuphileni kwangaphambili.
Kodwa kungakhathaliseki ukuthi yini eyaphakamisa umbuzo wabafundi, impendulo kaJesu kumelwe ibe isici esinqumayo. Wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe.” (Johane 9:3) Lokhu kuyaphikisana nokuphindukuzalwa, okubonisa ukuthi ukukhubazeka kuxhomeke ezonweni ezenziwa ekuphileni kwangaphambili. Iphuzu lokuthi akukho muntu ongona ngaphambi kokuba azalwe lavezwa futhi uPawulu lapho ebhala ngo-Esawu noJakobe ukuthi ‘bengakazalwa, babengakenzi okuhle nokubi.’—Roma 9:11.
Ukuvuka Kwabafileyo, Hhayi Ukuphindukuzalwa
Nakuba iBhayibheli lingayisekeli imfundiso yokuphindukuzalwa, akekho okufanele azizwe edumele. Isigijimi seBhayibheli sinikeza okuthile okududuza kakhulu kunombono wokuphindukuzalwa ezweni eligcwele ukugula, usizi, ubuhlungu, nokufa. Akukhona nje ukuthi lokho okunikezwa iBhayibheli kuyaduduza kodwa kuyiqiniso, iZwi likaNkulunkulu.
UPawulu waveza lemfundiso ekhuthazayo ngalendlela: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” Amazwi athi “ukuvuka kwabafileyo,” noma umqondo wawo, avela izikhathi ezingaphezu kuka-50 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, futhi uPawulu ukhuluma ngawo njengayimfundiso eyisisekelo yokholo lobuKristu.—IzEnzo 24:15; Heberu 6:1, 2.
Ngokusobala ukuvuka kwabafileyo kusho ukuthi ukufa kukhona. Akukho ndawo eBhayibhelini lapho uyothola khona nokusikisela okuncane kokuthi umuntu unomphefumulo ongafi. Ukuba umuntu ubenomphefumulo ongafi ohlukana nomzimba ekufeni uye endaweni yaphakade ezulwini noma esihogweni noma ophinde uzalwe, khona-ke besingeke sibe khona isidingo sokuvuka kwabafileyo. Ngakolunye uhlangothi, imibhalo yeBhayibheli engaba ikhulu ibonisa ukuthi umphefumulo womuntu awuwona ongafi, kodwa uyafa futhi ungabhubha. IBhayibheli likhuluma ngokungaguquguquki ngokufa njengokuphambene nokuphila, okungukuthi, ukungabibikho njengoba kuphambene nokuba khona.
Ukufa, noma ukungabibikho, kwakuyisijeziso sesono sika-Adamu no-Eva kuNkulunkulu. Kwakuyisijeziso, hhayi indlela yokudlulela ekuphileni kokungafi kwenye indawo. UNkulunkulu wakusho ngokucacile ukuthi babeyobuyela lapho babevele khona—othulini lomhlabathi: “Wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:19) Babengenawo umphefumulo ongafi ngaphambi kokuba badalwe uNkulunkulu futhi ababeke emhlabeni, ensimini yase-Edene, futhi babengenawo ngemva kokufa.
Ukuvuka ekufeni kufaniswa nokuphaphama ebuthongweni, noma ekuphumuleni. Ngokwesibonelo, uJesu wathi ngoLazaru ayezomvusa kwabafileyo: “ULazaru . . . ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” (Johane 11:11) Ngokuphathelene nomprofethi uDaniyeli, siyafunda: “Usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”—Daniyeli 12:13.
Ukuphila Okuphakade Emhlabeni
Uyoba yini umphumela kulabo abavuswa kwabafileyo? IBhayibheli likhuluma ngezinhlobo ezimbili zovuko—olwasezulwini nolwasemhlabeni. Uvuko lwasemhlabeni luyotholwa abaningi balabo abake baphila futhi bafa. Bambalwa kakhulu abayothola uvuko lwasezulwini, ukuze bayobusa noKristu eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 14:1-3; 20:4) Luyoqala nini uvuko lwasemhlabeni? Luyoqala ngemva kokuba uNkulunkulu esebhubhise isimiso samanje esibi futhi ‘umhlaba omusha,’ umphakathi omusha wabantu abalungile, usukhona.—2 Petru 3:13; IzAga 2:21, 22; Daniyeli 2:44.
‘Emhlabeni omusha,’ ngeke kube khona ukugula noma ukuhlupheka. Ngisho nokufa ngeke kusaba khona kodwa kuyothathelwa indawo ithemba lokuphila okuphakade. “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:4) Nomhubi wabikezela: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Ngokufanayo, uJesu wathi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5.
Qhathanisa lezozithembiso ezinhle zikaNkulunkulu nemfundiso yokuphindukuzalwa. Ngokwaleyomfundiso, kuthiwa ubuya ngokuphindaphindiwe uzophila kuso lesimiso sezinto esidala esonakele. Lokho bekuyosho ukuthi ubuyoqhubeka uzungezwe ububi, ukuhlupheka, ukugula, nokufa ngokunganqamuki. Yeka ukuthi lowo umbono ongenathemba kangakanani!
Ngakho, iBhayibheli liphendula lemibuzo, Wake waphila ngaphambili? nothi, Ingabe uyophinde uphile? ngalendlela: Cha, awukaze uphile okunye ukuphila ngaphandle kwalokhu kwamanje. Kodwa ungakwenza ukuphila kwakho kuhlale isikhathi eside, empeleni, phakade. Namuhla, ‘kulezinsuku zokugcina’ zalesimiso samanje, ungaba nethemba lokusinda ekupheleni kwalelizwe futhi ungene ezweni elisha likaNkulunkulu ngaphandle kokufa. (2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 7:9-15) Noma uma ufa ngaphambi kokuba kufike izwe elisha likaNkulunkulu, ungaba nethemba lokuvuselwa ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—Luka 23:43.
Uma ubonisa ukholo kuJesu, kungakhathaliseki ukuthi kungenzekani, amazwi kaJesu kuMarta lapho kufe umfowabo uLazaru ayasebenza nakuwe: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.”—Johane 11:25, 26.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
U-Adamu wayengenawo umphefumulo ongafi kodwa wabuyela othulini lapho efa
[Isithombe ekhasini 9]
IZwi likaNkulunkulu lifundisa ngokuvuka kwabafileyo, hhayi ukuphindukuzalwa