Ukuchazwa Kwezenzakalo Zokuphindukuzalwa
OKUNYE okungamukeleki ngemfundiso yokuphindukuzalwa ukuthi abantu abaningi emhlabeni abakhumbuli nakancane ukuthi bake baphila ngaphambili. Ngaphezu kwalokho, abacabangi ngisho nokuthi kungenzeka bake baphila ngaphambili.
Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi siba nomuzwa ongavamile wokufanisa othile esiqalayo ukuhlangana naye. Indlu ethile, idolobhana, noma indawo esiyibukayo ingase ibonakale ijwayelekile kithi, nakuba sazi ukuthi siyaqala ngqá ukuba lapho. Nokho, lezinto zingachazwa ngaphandle kokuphendukela emfundisweni yokuphindukuzalwa.
Ngokwesibonelo, izindawo ezithile eziqhelelene kakhulu zingase zifane ngandlela-thile, kangangokuba lapho sivakashela indawo entsha, singase sibe nomuzwa wokuthi sake safika lapho ngaphambili, nakuba singakaze. Izindlu eziningi, amahhovisi, izitolo, amadolobhana, nezindawo esizibukayo ezingxenyeni ezithile zomhlaba zifana nezinye kwezinye izindawo. Ukuthi zifana nokuthile esake sakubona ngaphambili akubona ubufakazi bokuthi sake safika kulezozindawo ekuphileni kwangaphambili. Zimane nje zifana nezindawo esizijwayele.
Lokhu kuyiqiniso nangabantu. Abanye bafana kakhulu, babe ngisho nalokho okubizwa ngokuthi umfuziselo. Umuntu angase abe nemikhuba esikhumbuza othile osaphila noma ngisho othile osefile. Kodwa labobantu sibaze ekuphileni kwamanje, hhayi kokunye ukuphila kwangaphambili. Ukufana kokubukeka noma kobuntu akusho ukuthi labantu sasibazi ekuphileni okudlule. Akungabazeki ukuthi sonke siye saphambanisa abantu ngezinye izikhathi. Kodwa bobabili labobantu baye baphila esikhathini esifanayo nesakho futhi hhayi ekuphileni kwangaphambili. Akuhlangene nakancane nokuphindukuzalwa.
Ithonya Lokuluthwa Ingqondo
Ngisho nokuhlangenwe nakho kwangaphansi kwethonya lokuluthwa ingqondo kungachazwa ngaphandle kokuphendukela emfundisweni yokuphindukuzalwa. Inkumbulo yethu iyinqolobane yokwaziswa ebanzi kunangendlela esingase sicabange ngayo. Ukwaziswa kufinyelela kulenqolobane ngezincwadi, omagazini, i-TV, umsakazo, nangokunye okuhlangenwe nakho nesikuqaphelayo.
Okuningi kwalokhu kwaziswa kugcinwa endawaneni ethile efihlekile ezinkumbulweni zethu ngoba asikusebenzisi ngokuqondile noma ngokushesha. Ngandlela-thile inkumbulo yethu injengomtapo wezincwadi ongadingeki manje futhi ngenxa yalokho osubekwe eshalofini eliseceleni.
Nokho, ngaphansi kokuluthwa ingqondo, ingqondo yomuntu iyashintshwa ukuze kubuye izinkumbulo ezilibalekile. Abanye bazichaza ngokuthi ezokuphila kwangaphambili, kodwa zimane nje zingokuhlangenwe nakho kokuphila kwamanje ebesikukhohliwe okwesikhashana.
Nokho, zikhona izimo ezimbalwa okungaba nzima kakhulu ukuzichaza ngendlela engokwemvelo. Isibonelo kulapho umuntu eseqala ukukhuluma olunye “ulimi” ngaphansi kwethonya lokuluthwa ingqondo. Ngezinye izikhathi lolulimi luyaqondakala, kodwa ngokuvamile aluqondakali. Abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa bangase bathi lolu ulimi umuntu ayelukhuluma ekuphileni okudlule.
Nokho, kwaziwa kahle ukuthi ukukhuluma ngalokho okuthiwa izilimi kuyenzeka futhi lapho abantu besesimweni sokulawulwa imimoya noma ukuvukwa umoya okungokwenkolo. Ababhekana nalokhu okuhlangenwe nakho bayaqiniseka ukuthi akuhlangene nakancane nokuphila kwangaphambili kodwa bathonywa amandla athile angabonakali kulokhu kuphila kwamanje.
Imibono iyahlukahluka ngokuthi lamandla ayini. Esimemezelweni esahlanganyelwa i-Fountain Trust ne-Church of England Evangelical Council, kwathiwa ngokuqondene nokukhuluma ngezilimi: “Siyaqaphela futhi ukuthi isenzakalo esifanayo singenzeka ngaphansi kwethonya lemimoya/lamademoni.” Ngakho ukucabanga ukuthi izenzakalo ezinjalo ziwubufakazi bokuthi sake saphila ngaphambili kungaba isiphetho esiyiphutha.
Okuhlangenwe Nakho Kwasethunzini Lokufa
Khona-ke, kuthiwani ngokuhlangenwe nakho kwasethunzini lokufa abantu abathi baye baba nakho? Abanye baye bakuchaza njengobufakazi bokuthi umuntu unomphefumulo oqhubeka uphila ngemva kokufa komzimba. Kodwa okuhlangenwe nakho okunjalo kuchazwa kangcono ngezindlela eziningana ezingokwemvelo.
Kumagazini wesayensi waseFrance ka-March 1991 i-Science & Vie, izigaba ezihlukene zokuhlangenwe nakho kwasethunzini lokufa zibizwa ngokuthi “isibonelo esivamile sokudungeka kwemizwa” osekuyisikhathi eside saziwa. Okuhlangenwe nakho okufanayo akulinganiselwe kulabo abasethunzini lokufa. Kungenzeka futhi kubangelwe “ukukhathala, umkhuhlane, ukuhlasela kwesithuthwane, ukusebenzisa kabi izidakamizwa.”
Ingqalabutho yokuhlinzwa kwezinzwa, uWilder Penfield, owahlinza abantu abanesithuthwane ababenemizwa endikindiki ngokungavamile, wathola okuthakazelisayo. Wathola ukuthi ngokushukumisa izingxenye ezihlukene zobuchopho nge-electrode, wayengenza isiguli sizizwe singaphandle komzimba waso, sihamba emhubheni, futhi sihlangana nezihlobo esezafa.
Isici esithakazelisayo kulokhu ukuthi izingane eziye zaba sethunzini lokufa azihlangani nezihlobo zazo ezafa, kodwa zihlangana nezifunda nabo esikoleni noma othisha—abantu abasaphila. Lokhu kubonisa ukuthi okuhlangenwe nakho okunjalo kuhlobene namasiko athile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlobene nokuphila kwamanje, hhayi nento ethile engalé kokufa.
UDkt. Richard Blacher uyabhala kumagazini i-Journal of the American Medical Association: “Ukuba sethunzini lokufa, noma ukuba sesimweni esidabukisayo ngokomzimba, kuyinqubo; ukufa kuyisimo.” Njengesibonelo, uBlacher ukhuluma ngomuntu oqala ngqá ukundiza esuka e-United States eya eYurophu. Uyabhala: “Loluhambo lwendiza alukhona [ukuba] seYurophu.” Isihambi esiya eYurophu, kodwa indiza esihamba ngayo ejika ibuyele emuva ngemva kwemizuzu embalwa isukile, ngeke sixoxele abantu ngeYurophu njengoba nomuntu ophaphama ekuqulekeni engeke axoxele muntu ngokufa.
Ngamanye amazwi, labo abaye baba sethunzini lokufa abazange ngempela bafe. Babhekana nokuthile lapho besaphila. Futhi umuntu usuke esaphila ngisho noma sekusele umndondo. Babesethunzini lokufa kodwa bengakafi.
Ngisho nalabo abaye bamelwa inhliziyo okwesikhashana kodwa baphaphanyiswa abanakukhumbula lutho lwangalesosikhathi bequlekile lapho kwakungase kuthiwe “bafile.” Uma kukhona abakukhumbulayo kungaba okwenzeke esikhathini esingaphambi kwalokho kuphazamiseka okufushane, hhayi phakathi nakho.
Okuhlangenwe nakho kwasethunzini lokufa okunyatheliswayo cishe ngaso sonke isikhathi kuchazwa njengokuqondile, nakuba kwaziwa ukuthi kuyenzeka nokuhlangenwe nakho okuphambene. Umhlaziyi wokusebenza kwengqondo waseFrance uCatherine Lemaire ukuchaza ngalendlela: “Labo abangakaze babe nokuhlangenwe nakho [kwasethunzini lokufa] okufanelana nencazelo ye-IANDS [International Association for Near-Death Studies] abanasithakazelo sokulandisa indaba yabo.”
Ayikho Inkumbulo
Iqiniso liwukuthi akukho ukuphila esikwaziyo ngaphandle kwalokho esikuphilayo manje, kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kwangaphambili noma ukuphila kwangemva kokufa. Ngakho, akukho esikukhumbula ngokuqondile ngaphandle kokuphila esiye sakuphila ngempela.
Abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa bathi yona kanye injongo yokuzalwa kabusha iwukuthola ithuba elisha lokulungisa isimo sethu. Uma ngempela sake saphila ngaphambili, kodwa sakukhohlwa lokho kuphila, ukulahlekelwa inkumbulo okunjalo bekungasho ukukhubazeka okukhulu. Singazuza emaphutheni ethu ngokuwakhumbula.
Futhi, labo abasekela lokho okubizwa ngokuthi ukwelashwa ngokuphindukuzalwa banomuzwa wokuthi ungabhekana kangcono nezinkinga zamanje uma, ngokuluthwa ingqondo, ungakhumbula ukuphila kwangaphambili. Lemfundiso ithi sizalwa kabusha ukuze silungise okuthile, kodwa sikhohliwe ukuthi lokho kuyini.
Ukulahlekelwa inkumbulo ekuphileni kwamanje kubhekwa njengokukhubazeka. Isimo siyafana nakulendaba. Ukuphikisa ngokuthi ukukhohlwa okunjalo akunandaba, njengoba kungabantu abalungile kuphela abazalwa kabusha bengabantu, akusona isizathu esinengqondo kulesikhathi samanje lapho ububi budlondlobele ezweni kunanini ngaphambili. Uma kungabantu abalungile kuphela abazalwa kabusha bengabantu, bavelaphi bonke abantu ababi? Ingabe akufanele banciphe ngokuqhubekayo abantu ababi? Iqiniso liwukuthi: Akukho muntu, olungile noma omubi, ophinde azalwe ukuze aqale okunye ukuphila njengomuntu noma okuthile okufanayo.
Nokho, ungase uthi, ‘Ukuphindukuzalwa akuyona yini imfundiso yeBhayibheli?’ Ake sicabangele lombuzo esihlokweni esilandelayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Inkumbulo yethu injengomtapo wokwaziswa obekelwe eceleni kodwa ongase ukhunjulwe kamuva
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
“Ukufa kuyisimo,” akuyona inqubo.—UDkt. Richard Blacher kuyi-Journal of the American Medical Association