Izinto Eziyisisekelo Ngokuncelisa Ibele
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
Uma uye wanquma ukuncelisa umntanakho ibele, njengomama abaningi, uye wakhetha ukusebenzisa ilungiselelo lothando loMdali wesintu. Ubisi olukhiqizwa umzimba wakho luyozanelisa ngokugcwele izidingo zokondleka komntanakho, luthuthukise ukukhula okunempilo. Luyosiza nasekuvikeleni umntanakho ezifweni ezivamile. Ngesizathu esihle
i-WHO (World Health Organization) ithi: “[Ubisi lwebele] luwukudla okungcono kunakho konke umntwana angakuthola. Konke okunye, kuhlanganise nobisi lwenkomo, ukudla kwezinsana okuxutshwe nobisi oluyimpuphu, nokusanhlamvu okuwuketshezi, akulutho.”
Ukuncelisa ibele kuyakuzuzisa nawe. Akudingeki ukuba uhlanze amabhodlela noma ubulale amagciwane kuwo futhi akudingeki ukuba uvuke ebusuku ukuze ulungisele umntanakho ukudla. Ukuncelisa ibele kuyokuzuzisa nangokomzimba, njengoba kuyokusiza ukuba unciphise isisindo owasithola lapho ukhulelwe futhi kuyosiza isibeletho sakho ukuba sibuyele esimweni saso esivamile. Futhi ukucwaninga kusikisela ukuthi lincane ithuba lokuba abesifazane abancelisa abantwana babo ibele babe nomdlavuza wamabele.
“Cishe bonke omama bangabancelisa ibele abantwana babo,” kuqinisekisa i-United Nations Children’s Fund. Cishe-ke nawe ungakwenza. Nokho, ungase uthole ukuthi ukuncelisa ibele akulula njengoba ubulindele, ikakhulukazi uma uqala ngqá. Lokhu kungenxa yokuthi ukuncelisa ibele, nakuba kungokwemvelo, akuzenzakaleli; kuyikhono okumelwe ulifunde. Ungase uthole ukuthi kuthatha izinsukwana noma amasonto ambalwa ukuba wena nomntanakho nibe nesimiso esinethezekile nesijabulisayo.
Ngaphambi Kokuba Umntwana Afike
Uma ungakaze uphumelele ekunceliseni umntwana ibele ngaphambili, xoxa nomama abaye bakwenza. Bangakusiza ukuba ugweme noma unqobe izinkinga. Bangakusiza futhi ukuba wethembe ikhono lakho lokuncelisa umntanakho ngokuphumelelayo.
Phakathi nesikhathi sokukhulelwa nangemva kwaso, kubalulekile ukuba uphumule ngokwanele. Ngaphezu kwalokho, qikelela ukudla ngokwanele. I-Breastfeeding, incwadi ye-WHO, ithi: “Ukungondleki kahle ngaphambi kwesikhathi sokukhulelwa noma phakathi naso kungaba imbangela yokungakhuli kahle komntwana esibelethweni. Kungasho nokuthi umama akakwazi ukugcina amafutha anele okukhiqiza ubisi olwanele kamuva. Ngakho-ke kudingeka ukuba umama adle izinhlobonhlobo zokudla okunomsoco phakathi naso sonke isikhathi sokukhulelwa nesokuncelisa.”
Ukunakekela amabele nakho kubalulekile. Phakathi nezinyanga zokugcina zokukhulelwa, hlambulula amabele akho lapho ugeza, kodwa ungayisebenzisi insipho. Izindlala eziku-areola (indawo emnyama ezungeze izingono) zikhipha amafutha abulala amagciwane agcina izingono zithambile futhi avimbele ukungena kwamagciwane. Insipho ingazomisa izingono futhi iqede noma idambise lamafutha. Uma amabele akho oma noma eluma, ungase uthande ukuwagcoba ngamafutha athambile. Kodwa gwema ukugcoba izingono noma ama-areola.
Odokotela bake batusa ukuba omama “baqinise” izingono zabo phakathi nesikhathi sokukhulelwa ngokuzihlikihla ngamandla. Nakuba kwakucatshangwa ukuthi lokhu kuvimbela ubuhlungu bezingono ngesikhathi sokuncelisa, ukucwaninga kubonisa ukuthi ukwenza kanjalo akusizi. Ngokuvamile ubuhlungu bebele bubangelwa ukuncela komntwana ngendlela engafanele.
Ubukhulu nokwakheka kwamabele akuzona izici ezibangela ukuncelisa ngendlela ephumelelayo, kodwa umntwana ngeke akwazi ukuncela engonweni eshone phakathi noma eyisicaba. Ungazihlola ngokucindezela kancane ngemuva nje kwengono ngayinye ngesithupha nangomunwe wakho wokukhomba ukuze uqiniseke ukuthi izingono ziphumele ngaphandle yini. Uma zingaphumele ngaphandle, xoxa nodokotela wakho. Angase atuse ukuba usebenzise i-breast shell, okuthile okufakwa phakathi nesikhathi sokukhulelwa noma lapho uncelisa. Ngokuvamile ama-shell athuthukisa ukwakheka kwezingono eziyisicaba noma ezishone phakathi.
Izinsuku Zokuqala
Kuhle ukuba uqale ukuncelisa umntanakho ibele esikhathini esingangehora ngemva kokubeletha. Abanye bangase bacabange ukuthi ngokushesha ngemva komsebenzi omkhulu wokubeletha, bobabili umama nomntwana bayobe bekhathele kakhulu ukuba bangathintana. Kodwa ngokuvamile umama uyasilungela lesosenzakalo, futhi umntwana, ngemva kokusebenzisa imizuzu embalwa ezivumelanisa nokuphila ngaphandle kwesibeletho, ulangazelela induduzo yebele.
Omama abasha banganikeza izinsana zabo uketshezi oluphuzi noma olumhloshana okuthiwa i-colostrum. ‘Leligolide eliwuketshezi’ liyinzuzo ngempela kumntwana. Linezakhi ezilwa namagciwane ayingozi. Linamaprotheni amaningi futhi alinawo ushukela namafutha amaningi, okulenza libe ukudla okuhle phakathi nezinsuku zokuqala ezimbalwa zokuphila. Ngaphandle kwalapho kunenkinga ethile yezokwelapha, umntwana ngeke akudinge okunye ukudla noma isiphuzo. Ukunezela ngokumncelisa ibhodlela kungamenza angakuthandi ukuncela ibele, njengoba kungadingi mzamo ongako ukuncela ibhodlela.
Ngokuvamile omama baqala ukukhiqiza ubisi olungenayo i-colostrum ezinsukwini ezimbili kuya kwezinhlanu ngemva kokubeletha. Ukugelezela okukhulu kwegazi emabeleni ngalesisikhathi kungase kukhulise amabele akho futhi kuwenze athambe. Lokhu kungokwemvelo. Ngokuvamile ukuncelisa kuyokuqeda lokhu kunganethezeki. Nokho, ngezinye izikhathi amabele avuvukele angenza izingono zibe isicaba. Njengoba lokhu kwenza umntwana ancele kanzima, kungase kudingeke ukuba ulukhame ubisi. Lokhu ungakwenza ngokuhlikihla ibele ngalinye ngezandla zombili, uqale ngezansi kwalo ukhuphukele ngasengonweni.
Ngeke ululinganise ubisi umntanakho aluncela ebeleni, kodwa ungakhathazeki—umzimba wakho uhlonyiselwe ukunikeza konke okudingwa umntwana, ngisho noma kungamawele! Lapho uqhubeka uncelisa, kulapho uyokhiqiza ubisi olwengeziwe. Lesi esinye isizathu sokuba ungasebenzisi ezinye iziphuzo eziphuzwa ngebhodlela, njengokudla okuxutshwa nobisi oluyimpuphu noma ubisi lwenkomo, esikhundleni sobisi lwebele. Uma wenza kanjalo, umntanakho ngeke ancele kangako. Lokhu kusho ukuthi uyokhiqiza ubisi oluyingcosana.
“Akukhona ukuthi abantwana abanempilo ababelethwe ngesikhathi esifanele abakwazi kwenza lutho lapho bezalwa njengoba kwakucatshangwa futhi bayakwazi ukuzilungiselela ukudla okulungele bona nemizimba yonina, uma nje abanye abantu bebavumela,” kubhala uGabrielle Palmer kwethi The Politics of Breastfeeding. Isimiso esiqondisayo esokuphana—lapho umntanakho efuna ukudla (ngokuvamile ngokukhala), uyamnikeza. Ekuqaleni, lokhu kuyokwenzeka njalo emahoreni amabili noma amathathu. Kufanele uncelise umntanakho kuwo womabili amabele isikhathi ngasinye lapho encela. Abantwana abaningi bathatha imizuzu engu-20 kuya kwengu-40 ukuba baqede ukuncela, nakuba abanye abantwana bethanda ukuthatha isikhathi sabo lapho bencela, bekwenza ngezikhawu. Labo abathatha kancane bangase bathathe imizuzu engu-60 ukuba baqede ukuncela. Ngokuvamile, umntanakho uthola ukudla okwanele uma encela okungenani izikhathi ezingu-8 emahoreni angu-24, uma umuzwa lapho egwinya, nalapho echamela amanabukeni ayisishiyagalombili noma ngaphezulu ngosuku ngemva kosuku lwesihlanu.
Ikhono elibaluleke kakhulu olidingayo ekunceliseni indlela efanele yokugona umntanakho lapho umncelisa. Ukuhlala ngendlela engafanele kungenza ukuba umntanakho angatholi ubisi olwanele. Abanye abantwana benqaba ngisho nokuncela.
Ukuhlala ngendlela engafanele kungabangela enye inkinga evamile: izingono eziklayekile noma ezibuhlungu. I-Breastfeeding Source Book ithi: “Izingono ezibuhlungu zibangelwa izici eziningi, kodwa esibalulekile ukuthi umntwana ‘ubamba ibele’ kahle kangakanani, futhi lokho kuxhomeke kakhulu ekutheni ikhanda lakhe liqondene kanjani nebele. Ukuze ahlale ngendlela efanele, umntanakho kufanele abe seduze, ikhanda lakhe liqondane nebele (lingabheki phezulu, phansi noma eceleni), futhi liqonde ngqó engonweni ukuze angayidonseli eceleni.”
Ukuze kwenzeke kahle, izindebe zomntwana kufanele zivale ibele, okungenani amasentimitha amathathu ngemva kwengono. Uyokwazi ukuthi uhleli kahle uma wonke umzimba womntanakho ubheke ngakuwe, uma edonsa imithamo emikhulu, uma enethezekile futhi ejabulile, futhi uma nawe ungezwa buhlungu ezingonweni.
Isikhathi Sokulumula
Ngemva kwamasonto okuqala ambalwa, wena nomntanakho niyobe senazana futhi cishe niyobe seninesimiso esinethezekile nesijabulisayo. Ezinyangeni ezilandelayo ezine kuya kweziyisithupha, umntanakho ngeke adinge kudla noma okuphuzwayo ngaphandle kobisi lwebele. Ngemva kwalesosikhathi kufanele umnikeze okunye ukudla kancane kancane, njengemifino ecutshuziwe, okusanhlamvu, noma izithelo. Nokho, kuze kube yilapho umntanakho esenezinyanga eziyisishiyagalolunye noma eziyishumi ubudala, ubisi lwakho lusazoqhubeka luwukudla kwakhe okuyinhloko; ngakho kuhle ngaso sonke isikhathi ukuncelisa umntanakho ngaphambi kokumnikeza ukudla okuqinile.
Kufanele uncelise isikhathi esingakanani? I-WHO itusa ukuba kube isikhathi eside ngangokunokwenzeka. Omama abaningi bayaqhubeka bencelisa kuze kuqale unyaka wesibili, bekhathalela abantwana babo hhayi ukuhamba kwesikhathi. Incwadi ethi Mothering Your Nursing Toddler ithi: “Akunzima ukubona isidingo sabantwana bethu sokuqhubeka bencela ibele—injabulo yabo lapho bencela nokucindezeleka kwabo lapho benganceli. Isizathu esiyisisekelo kodwa esinamandla sokuqhubeka uncelisa siwukujabulisa umntwana.”
Ubufakazi BoMdali Onothando
Njengoba uncelisa umntanakho ibele, mhlawumbe ebusuku lapho wonke umkhaya ulele, cabanga ngoMdali walelilungiselelo. Ngisho noma ungaziqondi izinqubo ezingokomzimba eziyinkimbinkimbi ezikwenza kutholakale, isimangaliso sokuncelisa ibele siyokusiza ukuba ubone ukuhlakanipha nothando loMdali wethu.
Ake ucabange—akukho ukudla kwabantwana okungcono kunobisi lukamama. Luhlangabezana ngokugcwele nezimfuneko zomntwana zokudla nokuphuza phakathi nezinyanga zokuqala zokuphila. Ngesikhathi esifanayo, luyikhambi elimangalisayo elivikela ezifweni. Lulondekile, luhlanzekile, aludingi kuphekwa, futhi alubizi lutho. Lutholakala kuyo yonke indawo, futhi ukukhiqizwa kwalo kuyakhula njengoba usana lukhula.
Cabanga nangeqiniso lokuthi ukuncelisa ibele kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo kumama nakumntwana. Ukunikeza ukudla, ukuthintana komlomo nesikhumba, nemfudumalo engokomzimba yokuncelisa ibele konke kusiza ekuthuthukiseni isibopho esiqinile sothando nokusondelana phakathi kukamama nomntwana.
Ngempela, kufanele adunyiswe kakhulu uMdali walelilungiselelo elimangalisayo. Ngokungangabazeki uyonanela amazwi omhubi uDavide, owabhala: “Ngiyakukubonga [Jehova], ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa.”—IHubo 139:14.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Madoda, Sekelani
• Tshela umkakho ukuthi uyakuvumela ukuncelisa. Mqinisekise futhi umsekele ngobumnene.
• Siza umkakho adle ukudla okunomsoco phakathi nesikhathi sokukhulelwa nalapho esencelisa.
• Qikelela ukuba aphumule ngokwanele. Owesifazane otubekile angase abe nobunzima bokukhiqiza ubisi olwanele. Ungasiza yini ekunciphiseni imithwalo yakhe ngokunakekela abanye abantwana noma ngokuhlanganyela emisebenzini yasendlini?
• Uma umkakho ekhululekile futhi ejabulile, uyokhiqiza ubisi kangcono. Mgcine ejabule ngangokunokwenzeka. Lalela izinkinga zakhe, futhi usize ekuzixazululeni.
[Ibhokisi ekhasini 13]
Ukuqhathaniswa Kwebele Nebhodlela
“Ubisi lwebele lunomsoco ngokwengeziwe, luhlanzeke kakhudlwana, lugoma abantwana ezifweni ezivamile, futhi lunciphisa ingozi umama abhekene nayo yokuba nomdlavuza wamabele nowezindlala ezikhiqiza amaqanda. Ukudla kwezinsana, ngaphandle kokuthi kuyabiza, ngokuvamile kuxutshwa namanzi amaningi angahlanzekile bese kunceliswa abantwana ngamabhodlela anamagciwane. Emiphakathini empofu, lomehluko mkhulu kangangokuthi kungasindiswa abantwana abalinganiselwa esigidini esisodwa minyaka yonke uma omama abasemhlabeni bengaphindela ekunceliseni ibele kuphela ezinyangeni zokuqala ezine kuya kweziyisithupha.”—The State of the World’s Children 1993, incwadi ye-United Nations Children’s Fund.