Impumelelo Ekuhlinzeni Ngaphandle Kwegazi
Ngemva kokukhishwa kukamagazini i-Phaphama! ka-January 8, 2000 owawunesihloko esikhuluma ngokwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi, abahleli bathola le ncwadi ekhuthazayo.
“Lo magazini we-Phaphama! wasikhumbuza isimo mina nomyeni wami esake sabhekana naso ngendodakazi yethu, uJanice. Ngemva nje kokuzalwa kwayo, kwatholakala ukuthi inhliziyo yayo yayinezinkinga ezicini ezinhlanu, kanti inkinga embi kakhulu kwakuwukuphambana kwemithambo emikhulu yenhliziyo.a Njengoba kwakudingeka ihlinzwe, sathola udokotela ohlinza izinhliziyo zabantwana eBuffalo, eNew York, e-U.S.A., owayezimisele ukuyihlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi.
“Lapho enezinyanga ezine ubudala, uJanice wahlinzwa ngokokuqala ngqá—wahlinzwa inhliziyo ukuze kuvinjwe ingxenye yegazi elalingena emaphashini akhe. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, wahlinzwa okwesibili—manje ukuze kuqondiswe ukugeleza kwegazi ngendlela efanele. Zombili lezi zinqubo zokuhlinza zenziwa ngaphandle kokusebenzisa igazi, futhi zaphumelela!
“Manje uJanice useneminyaka engu-17 ubudala futhi uwumqemane. Siyabazisa odokotela abanesibindi abazimisele ukuhlonipha umbono wethu ngokuqondene negazi. Ngempela, bayilokho enababiza ngakho kumagazini ka-January 8: ‘Amavulandlela Ezokwelapha.’ Ekuphenduleni umbuzo owaphakanyiswa kulowo magazini othi, Ingabe ukuhlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi kuyindlela ephephile kunokusebenzisa igazi? singaphendula ngokuqiniseka sithi kunjalo ngempela!”
[Umbhalo waphansi]
a Kulesi simo, kuphambana umthambo i-aorta ne-pulmonary. Ngenxa yalokho, igazi elinomoya-mpilo okufanele liye emzimbeni laliya emaphashini kuphela. Kwabikwa indaba efanayo kumagazini wethu wesiNgisi ka-April 8, 1986, emakhasini 18-20.
[Isithombe ekhasini 31]
Ngemva kokuhlinzwa kwakhe
[Isithombe ekhasini 31]
UJanice nabazali bakhe namuhla