Isinyathelo 6
Nakani Imizwa Yengane Yenu
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Izingane zifuna futhi zidinga ukuba abantu ababaluleke kakhulu ekuphileni kwazo—abazali bazo—bayazi indlela ezizizwa ngayo. Uma abazali benomkhuba wokungavumelani nezingane zabo uma ziveza leyo mizwa, cishe izingane ngeke zibathululele isifuba futhi zingase ziqale ukungabaza indlela ezizizwa ngayo nekhono lazo lokucabanga.
Inselele: Izingane zithambekele ekuvezeni imicabango nemizwelo yazo ngendlela eyeqisayo. Kuyiqiniso ukuthi okunye kwalokho okushiwo yizingane kungase kunganambitheki kubazali. Ngokwesibonelo, ingane ekhungathekile ingase ithi, “Ngiyakuzonda ukuphila.”a Ngokwemvelo, umzali angase athi, “Ayikho leyo nto!” Abazali bangase bakhathazeke ngokuthi ukwamukela imizwa noma imicabango ephambene yengane kunjengokuyivuna.
Ikhambi: Sebenzisani iseluleko seBhayibheli esithi ‘nisheshe ukuzwa, nephuze ukukhuluma, nephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Phawula ukuthi uJehova uNkulunkulu wayamukela imizwa ephambene yezinceku zakhe eziningi ezithembekile ngokuyala ukuba ilotshwe eBhayibhelini. (Genesise 27:46; IHubo 73:12, 13) Ngokwesibonelo, lapho uJobe ebhekene nokuvivinywa okunzima, wathi ufisa ukufa.—Jobe 14:13.
Kusobala ukuthi eminye yemicabango nemizwa kaJobe kwakudingeka ilungiswe. Kodwa esikhundleni sokuphikisana nemizwa kaJobe noma ukumvimba ukuba angakhulumi, uJehova wamhlonipha ngokumvumela ngesineke ukuba athulule okusenhliziyweni yakhe. Kamuva uJehova wamkhuza ngomusa. Omunye ubaba ongumKristu wakubeka ngale ndlela, “Njengoba uJehova engivumela ukuba ngithulule inhliziyo yami kuye ngomthandazo, ngicabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba ngivumele izingane zami zingitshele imizwa yazo efanele kanye nengafanele.”
Ngokuzayo lapho ulingeka ukuba utshele umntanakho ukuthi, “Ayilona iqiniso le nto oyishoyo” noma “Awukwazi nje ukucabanga kanjalo,” khumbula umthetho kaJesu odumile: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.” (Luka 6:31) Ngokwesibonelo, ake sithi uphathwe ngokhahlo emsebenzini noma kukhona okukudumazile, mhlawumbe ngenxa yokushiyeka kwakho. Utshela umngane wakho omkhulu indlela okhathazeke ngayo, ukuthi kunzima emsebenzini. Yini obungafuna umngane wakho ayenze? Ubungafuna akutshele ukuthi ayilona iqiniso leyo nto oyishoyo nokuthi iphutha lakho vele? Noma ubungathanda ukuba umngane wakho athi: “Kumelwe ukuthi bekunzima. Ube nosuku olunzima”?
Izingane nabantu abadala cishe bayosamukela iseluleko uma benomuzwa wokuthi umuntu osinikezayo uyabaqonda ngempela nobunzima ababhekene nabo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ibangela ukuba umlomo wakhe ubonise ukuqondisisa, futhi yenezela ukuthonya ezindebeni zakhe.”—IzAga 16:23.
Ungaqiniseka kanjani ukuthi iseluleko osinikezayo asithathwa kalula?
[Umbhalo waphansi]
a Noma yini izingane zenu eziyishoyo ngokuzibulala ningayithathi kalula.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
“Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye.”—IzAga 18:13