Umbono WeBhayibheli
Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?
SEKUYISIKHATHI eside abantu bekholelwa ukuthi abafileyo bayakwazi ukuqondisa abaphilayo. Okunye okufakazela le nkolelo inganekwane yasendulo eyabhalwa imbongi engumGreki uHomer emayelana no-Odysseus, owaziwa nangokuthi u-Ulysses. Likhathazeke ngokuthi lizobuyela kanjani esiqhingini sakubo i-Ithaca, iqhawe lenganekwane kaHomer, lathatha uhambo oluya ezweni labaphansi ukuze liyobuza isangoma esase sishonile.
Benethemba lokuthi abafileyo bazobanika izimpendulo zemibuzo ebakhathazayo, abaningi baye baya kwabasebenzelana nemimoya, balala emathuneni okhokho babo noma benza eminye imicikilisho yemimoya. Kungenzeka ngempela yini ukuthi abafile bakunike isiqondiso esingaphezu kwesivamile?
Umkhuba Osakazeke Kabanzi
Iningi lezinkolo ezinkulu emhlabeni lifundisa ukuthi ikhona indlela yokukhuluma nabantu asebashona. I-Encyclopedia of Religion iphawula ukuthi “ubungoma, nomkhuba wokukhuluma nemimoya yabafileyo kuwuhlobo oluthile lokubhula.” Ibe isinezela ukuthi lo mkhuba “usakazeke kabanzi.” I-New Catholic Encyclopedia iyakufakazela lokhu uma ithi, “ubungoma obenziwa ngezindlela ezihlukahlukene, buyinto esakazeke emhlabeni wonke.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi amanye amakholwa ezinkolweni eziningi, aye azama ukuthola ulwazi ezweni lemimoya!
I-New Catholic Encyclopedia ithi, nakuba lokhu kuxhumana nabafileyo “kwakugxekwa kakhulu yiSonto, kubhekiselwa kaningi kulo mkhuba ngeNkathi Ephakathi nangeNkathi Yempucuko.” IBhayibheli lithini ngale ndaba?
Ingabe Kufanele Ubuze Kwabafileyo?
Ezikhathini zasendulo, uJehova uNkulunkulu wayala abantu bakhe: “Akufanele kutholakale kuwe . . . nanoma ubani obuza kwabafileyo.” (Duteronomi 18:9-13) UJehova wayengawenzelani lo mthetho onqabelayo? Ukube bekungenzeka ngabaphilayo ukukhuluma nabafileyo, bekungeke yini kube ukubonisa uthando uma uNkulunkulu ekuvumela lokho? Kodwa empeleni, ukuxhumana okunjalo akunakwenzeka. Sikwazi kanjani lokho?
ImiBhalo ifundisa ngokuphindaphindiwe ukuthi abafileyo abazi lutho. Cabangela umShumayeli 9:5: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” IHubo 146:3, 4, lithi: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa. Umoya wayo uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.” Kanti nomprofethi u-Isaya wabhekisela kwabafileyo ngokuthi “abasenamandla ekufeni.”—Isaya 26:14.
Noma kunjalo, abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukusebenzelana nemimoya kuye kwabenza bakwazi ukuxhumana nabathandekayo babo asebafa. Izenzakalo ezinjalo zijwayelekile, ngakho kusobala ukuthi baye bakhuluma nothile osendaweni yomoya. Nokho, njengoba imiBhalo engenhla ibonisa, abazange bakhulume nabafileyo. Pho, ubani abakhuluma naye?
Kukhulunywa Nobani?
IBhayibheli lisitshela ukuthi amadodana kaNkulunkulu omoya avukela uMenzi wawo futhi aba amademoni. (Genesise 6:1-5; Jude 6, 7) La mademoni agqugquzela umbono wokuthi abantu bayaqhubeka bephila ngemva kokufa. Ukuze andise la manga, azenza abantu abafileyo ngokukhuluma nabaphilayo esendaweni yomoya.
IBhayibheli lilandisa ukuthi ngemva kokuba inkosi yakwa-Israyeli uSawulu ishiywe uJehova ngenxa yokungalaleli kwayo, yazama ukuxhumana nomprofethi uSamuweli isebenzisa othile osebenzelana nemimoya. USawulu wawuthola umyalezo ovela endaweni yomoya kodwa wawungaveli kuSamuweli. Eqinisweni, uSamuweli wayenqabile ukubonana nenkosi futhi wayemelene nabasebenzelana nemimoya. Empeleni, uSawulu wathola ukwaziswa okuvela edemonini elalimane lizenza uSamuweli.—1 Samuweli 28:3-20.
Amademoni ayizitha zikaNkulunkulu futhi kuyingozi ukuxhumana nawo. Ngenxa yalokho, imiBhalo iyayala: “Ningaphendukeli kwabanemimoya, futhi ningabuzi kubabikezeli bezenzakalo, ukuze ningcoliswe yibo.” (Levitikusi 19:31) UDuteronomi 18:11, 12 uyaxwayisa: ‘Noma ubani obuza kwabafileyo, uyinto enengekayo kuJehova.’ ‘Ukucela onemimoya ukuba ambuzele,’ kuphakathi kwezenzo zokungathembeki ezenza ukuba uJehova ambulale uSawulu.—1 IziKronike 10:13, 14.
Khona-ke, kufanele uphendukele kubani uma uzwa isidingo sesiqondiso somuntu ophakeme, lapho ubhekene nemibuzo ekukhathazayo noma isinqumo sokukhetha? ImiBhalo ichaza uJehova uNkulunkulu ngokuthi ‘uMfundisi Omkhulu.’ Uma wena nabathandekayo bakho nifunda iZwi lakhe iBhayibheli, futhi nikwenza ngempela elikufundisayo, ‘izindlebe zenu ziyozwa izwi ngemva kwenu lithi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.”’ (Isaya 30:20, 21) Nakuba amaKristu namuhla engalindele ukuzwa izwi likaNkulunkulu weqiniso ngokoqobo, angawaqondisa ngeBhayibheli. Yebo, kunjengokungathi uJehova ngokwakhe uthi: ‘Ngivumele ngikuqondise.’
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● UJehova uyibheka kanjani imizamo yokuxhumana nabafileyo? —Duteronomi 18:9-13.
● Ingabe abafileyo bangabanika abaphilayo ulwazi ngokuthile? Kungani uphendula kanjalo?—UmShumayeli 9:5.
● Ubani esingaphendukela kuye ngokuqiniseka ukuze sithole isiqondiso?—Isaya 30:20, 21.