INgoma 174
Lindani, Nigxile, Nibe Namandla
1. Lindani nibe namandla
Empini yokulunga,
Qhubekani ningesabi,
Kuseduz’ ukunqoba.
NgoKristu onguGidiyoni,
Simkakile uMidiyani.
Sekuseduze kugalelwe,
Zibaleke izitha.
2. Lindani niqonde njalo,
Nihlale nilalela.
Nib’ amadod’ angesabi,
UKristu ekhuluma.
Nges’bonelo sakhe sibona
Indlela yok’thola umusa.
Ngobunye s’khonza njengebutho,
Ngokwethembeka kuJah.
3. Lindani nibekezele;
Nilindel’ uJehova.
Konke k’qondiswa nguyena;
Akasoze ephuza.
Njengebutho likaGid’yoni,
Siyotshelwa ukuthi k’nini.
Masilalele imiyalo.
Kulwelw’ igama l’kaJah.
4. Lindani nibe nobunye,
Nilwele ivangeli.
Ohlelweni lwaphezulu,
Cha, asigabadeli.
Simemezela nabensali:
‘Inkemba kaJah noGid’yoni!’
Lindani nibe nesibindi
Kube sekugcineni!