“Yileyo Naleyo Endaweni Yayo”
“Onke ayemi yileyo naleyo endaweni yayo ezungeze ikamu.”—AbAhluleli 7:21, “NW”.
1, 2. Qhathanisa imisebenzi kaNkulunkulu nemisebenzi yabantu.
YINI efika engqondweni yakho uma uqhathanisa ukuvumelana okusemsebenzini wezandla zikaNkulunkulu nokungahleleki okusemphakathini wesintu? Awuvumelani yini nombhali weBhayibheli ophefumlelwe owathi: “Ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula”? (1 Korinte 14:33) Lawomazwi kamphostoli uPawulu abonisa ukuthi uNkulunkulu akanakuba necala ngesimo sezindaba zokukhungatheka kwezwe. UJehova uyazi ukuthi angazihlela kanjani izinto ukuze yonke into ebuswa imithetho yakhe ibe nendawo yayo. Indalo yakhe esizungezile iyalifakazela leliqiniso. Ulwazi lomuntu olwandayo ngendawo yonke lufakazela ngokuphindaphindiwe ukuhleleka nemithetho yokuphatha ephakeme eboniswa lapho. Noma kuphi lapho engabhekisa khona isibonakude sakhe, umuntu angabona ukuthi inkanyezi ngayinye nonozungezilanga kusendaweni yakho, kuhamba ngokuhleleka emijikelezweni yakho.
2 Yeka umbono ohlukile uma siphendulela amehlo ethu ezindabeni zesintu esidukileyo emhlabeni! Kunokukhungatheka okukhulu, ukungahleleki nombango wokubulalana! Isintu sihlukene ngokwezombangazwe, ngokwezenkolo, ngokwezenhlalo nangezinhlanga, futhi sixakwe izinkinga ezingaxazululeki. Ubugebengu sebande kangangokuba akunakwenzeka ukuba kutholakale umephuli-mthetho futhi ahlulelwe ngokulunga. Ngisho namasosha ezimpini zesizwe afanele ukukhonza ngaphansi kwempatho eqinile ngokuvamile ayayephula imithetho.
3. AmaKristu afaniswa nani, kodwa iyini impi yawo?
3 Akumangalisi-ke ukuthi, njengoba nje uJehova ukhathalela yonke indawo yemvelo, ukhathalela futhi ukuthula nokuhleleka phakathi kwabameleli bakhe emhlabeni. Njengezinceku zakhe, amaKristu ngamanye afaniswa namasosha aqeqeshiwe empini. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ngamunye kumelwe abe njenge“sosha elithembekile likaKristu Jesu.” (2 Thimothewu 2:3, Today’s English Version) Ngamunye wethu kumelwe afune ukuqhubeka no“kulwa okuhle.” (1 Thimothewu 1:18) Kodwa ukulwa kwethu, kumelwe kukhunjulwe njalo, akukhona okwenyama. Kungokomoya. Kungokumelene nabangabonakali “ababusi bezwe balobubumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.”—Efesu 6:12.
4. Kungani ukuhlasela kukaSathane izinceku zikaNkulunkulu kungeke kuphumelele?
4 Nokho, impi engaphansi “kukankulunkulu walelizwe” ifuna ukwesabisa izinceku zikaNkulunkulu ukuze ziphelelwe isibindi bese zibaleka phambi kwesitha. (2 Korinte 4:4) Kodwa lamacebo ezitha ayokwehluleka kalusizi ngoba uJehova oqondisa izinto futhi nguye ‘ofundisa izandla zethu ukulwa.’ (IHubo 18:34) Siyakhuthazwa isiqinisekiso sokuthi “impi ayisiyo eyenu, ngekaNkulunkulu.” (2 IziKronike 20:15) NgeNduna yakhe yeMpi enkulu, uKristu Jesu, uJehova uyoqondisa impi esiphethweni sayo sokunqoba. Ngakho-ke, uqinisekisa abathembekileyo bakhe ukuthi abayikujabhiswa. Akuyikudingeka nokuba bahlehliswe iziwombe zezitha.—IHubo 18:25.
5. Kungani uJehova ayala uGideyoni ngokumelene nemiqondo yabantu yamacebo empi?
5 Ngomlando ophefumlelwe ovusa amadlingozi, wempi eyaliwa ngezinsuku zabahluleli bakwaIsrayeli, eminyakeni engamakhulu ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, uJehova udonsela ukunakekela kwethu ezimisweni ezithile zempi okungaba kuhle ukuba ‘isosha likaKristu’ lizilandele. Kwakungesikhathi sikamaHluleli uGideyoni, lapho iviyo labakhulekeli bamademoni “njengesikhonyane ngobuningi” lihlasela izwe lakwaIsrayeli. (AbAhluleli 6:5) UJehova wayala uGideyoni ukuthi impi yakwaIsrayeli kwakumelwe ihlangabezane kanjani nalokho kusongela okubonakala kuqeda amandla. Ngokuphambene nayo yonke imibono yabantu ngamacebo empi, uGideyoni wayalwa ukuba anciphise impi yakhe kusukela ezi-32 000 kuya ezi-10 000, yabuye yasuka ezi-10 000 yaya ema-300 kuphela. Ngalaba abayingcosana, uJehova wathembisa, “ngizakunisindisa.’’—AbAhluleli 7:2-7.
6. Chaza ukuhlasela kukaGideyoni nabangama-300 ikamu lamaMidiyani.
6 Abangama-300 babehlonyiswe ngezimpondo nezitsha ezinkulu ezingenalutho, nezimbaqa eziphakathi ezitsheni. Ekushoneni kwelanga uGideyoni wawaphaka ahaqa ikamu lakwaMidiyani nabasizi bawo. Ayalwa ukuba alalele uphawu olwaluzonikezwa uGideyoni, abese eqala isenzo. Ukulalela ngokwethembeka nokubambisana okuseduze nemiyalo yempi kaGideyoni kwakubalulekile. Kwathi onke esesendaweni yawo, uGideyoni wakhipha uphawu. Kulesosikhathi, abangama-300 “babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla (ezazimboze izimbaqa zabo). Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: Inkemba kaJehova nekaGideyoni. Onke amadoda ayemi kwaba yileyo naleyo [endaweni yayo], ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.” Isitha sacoboshiswa.—AbAhluleli 7:19-21.
7. Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuqondene nalesisehlakalo seBhayibheli?
7 Imibuzo embalwa efanele iyaphakama lapha. Ngokwesibonelo, ingabe uJehova wayeyowanikeza ukunqoba okukhulu kangaka ukuba lama-300 ayithatha kalula imiyalo yakhe yempi? Kwakuyokwenzekani ukuba ahluleka ukulindela uphawu lukaGideyoni? Ukuba kukhona isikhali sempi angasinakanga kulezo uGideyoni ayewanikeze zona? Ingabe ayeyophumelela ukuba ngalinye lalizinqumele ngokwalo ukuthi kwakukhona ezinye izindawo ezingcono ngasogangeni lwekamu lesitha kunalezo ayezabelwe? Kukho konke lokhu, kunezimiso ezibalulekile okumelwe zisiqondise namuhla, njengoba ‘lezizinto zabehlela bona kube isibonelo nenzuzo kithi.’—1 Korinte 10:11.
8. Kumelwe sibheke kubani ukuze sinqobe ekulweni kwethu?
8 Ekulweni kwethu kobuKristu kumelwe siqaphele uJehova kuzo zonke izindlela zethu. Kumelwe sibheke futhi sithembele kuye njengoMniki wokunqoba. Ngakolunye uhlangothi, amacebo empi abantu okuhlakanipha, ukucabanga okujulile kwabantu abangelutho, akunakuyiqinisekisa impumelelo. “Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela,” usho uJehova. (Zakariya 4:6) Ngakho ekuqhubeni ukulwa kwethu kwansuku zonke ekusekeleni iqiniso nokulunga, thina maKristu siyogwema imibono nezindlela zezwe ezimelene nezimiso uNkulunkulu azinikezayo zokuqondisa abantu bakhe. Ukwencika eselulekweni sabantu bezwe kubonisa ubuthakathaka bokholo emandleni kaNkulunkulu wethu ukuba asisize ezikhathini zokuswela. Ukuqiniseka kwethu kufanele kube okunamandla njengokomlobi weBhayibheli uJakobe (1:5): “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.”
“Ngibukeni, Nenze Kanjalo”
9, 10. (a) Ubani umPhathi nomHoli wethu namuhla? (b) ‘Singambheka’ kanjani, njengoba akabonakali?
9 UKristu Jesu, uGideyoni Omkhulu, manje uwaphethe ngokuphelele amabutho akhe abonakalayo nangabonakali. Ngaye uJehova wembula ngokuqhubekayo izinjongo zakhe nezikhathi zezehlakalo kubantu bakhe. Yeka ukuthi kuvusa amadlingozi kanjani ukwazi ukuthi uKristu Jesu ngenkuthalo uqondisa “amasosha” akhe emhlabeni, ngaleyondlela ewaqinisekisa ngengxenye ethile ekunqobeni kokugcina! Kuyiqiniso ngesithembiso sakhe, unabo “izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:20.
10 Njengoba uKristu Jesu manje ungumHoli nomPhathi osesihlalweni sobukhosi wabo bonke abalweli beqiniso nokulunga, ngobunye ‘singafunda ngokubuka yena’ njengabangama-300 abafunda ngokubuka uGideyoni. (AbAhluleli 7:17) Kodwa namuhla ‘singambuka’ kanjani uKristu njengoba akabonakali? ‘Simbuka’ ngomqondo wokuthi siyaziqonda izimpawu zakhe njengoba zikhishwa nge“nceku” yakhe ebonakalayo emiswe phezu kwazo zonke izithakazelo zasemhlabeni zombuso wakhe. (Mathewu 24:45-47) Ngalelilungiselelo elimiswe ngomoya ukuqondisa namacebo akhe okwenza izinto kudluliselwa kubo bonke ‘abangamasosha’ akhe. Lawamasosha awanakukwazi ukuqhubekela phambili ngokwawo noma abe angabekezeli ngoba akwenzeki ngokombono wawo ngezinto. Ukuhlelwa kwezikhathi zezenzakalo kunikezwa uMqondisi wethu ongabonakali. Umbono wakhe uwukucabangela okubalulekile, hhayi imibono yethu siqu.
Izikhali Ezilungiselelwe Ngokwaphezulu
11. Hlobo luni lwezikhali izinceku zikaNkulunkulu ezizisebenzisayo namuhla?
11 UGideyoni Omkhulu uyazi ukuthi iziphi izikhali amasosha akhe asemhlabeni azidingayo. Akuzona izikhali nesivikelo esingokoqobo esikudingayo, ngoba asilwi nabantu esinabo. Ukulwa kwethu kungokomoya. Ngakho izikhali zethu “ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu.” (2 Korinte 10:4, 5) Kungakhathaliseki ukuphikisa okungase kuze kuwo, amaqhawe athembekile obuKristu kumelwe akufundele ukusebenzisa lezikhali ezilungiselelwe ngokwaphezulu ukuze akwazi ukwenza njengomphostoli uPawulu, okungukuthi, ‘ukutshela abantu icebo likaNkulunkulu.’—IzEnzo 20:27.
12. (a) Kungani iviyo elincane HkaGideyoni laphumelela kangaka (b) Kungani izinceku zikaJehova ziphumelela kangaka namuhla?
12 Amasosha kaGideyoni kwakumelwe enze njengomuntu oyedwa futhi asebenzise izikhali zawo ukuze afeze imiphumela efiselekayo. Ukuphohlozwa kwezitsha zebumba ezingama-300, ukuphakanyiselwa phezulu kwezimbaqa ezingama-300, nenhlabamkhosi eyenziwa ngokukhala kwamacilongo angama-300, nokumemeza kwamazwi angama-300 ababewezwa evela ezinhlangothini zonke emoyeni othulile wasebusuku ngokuqinisekile kwaba nomphumela obulalayo kumaMidiyani! Ngokufanayo, akulona yini iqiniso ukuthi ngisho namanje ukumemeza ngobunye ngoMbuso kaNkulunkulu nokuziphindiselela kwakhe kubangela isitha ukuba seqise ekucabangeni ubukhulu nengozi yesigijimi esimenyezelwa kuso? Kungani kunjalo? Kungoba yonke inhlangano yabantu bakaJehova ivumelana ngenjabulo nezikhathi zezigijimi zayo eziqondiswe ezweni njengoba ziqondiswa uGideyoni Omkhulu nge“nceku” yakhe ayimisile. Ngakolunye uhlangothi, uma ngamunye woFakazi BakaJehova ubenza ngokuthanda kwakhe ngokuqondene nesikhathi nendlela yokumemezela lesigijimi sikaNkulunkulu, ubufakazi bebunganikezwa kanjani ezweni lonke? Ngokuqinisekile kusobala ukuthi intando kaJehova iwukuba “sibe nokuqonda kunye phakathi kwethu ngokukaKristu Jesu [uGideyoni Omkhulu], ukuze nganhliziyonye sidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uyise weNkosi yethu uJesu Kristu.”—Roma 15:5, 6.
13, 14. Yini eyenza isigijimi sezinceku zikaJehova sibe namandla namuhla?
13 Amandla ahlanganisayo umoya kaJehova neZwi lakhe, iBhayibheli. Ngokujabulisayo, asiphumi ngamunye sifundise esikucabangayo ngesigijimi seBhayibheli. UJehova uye wasilungiselela usizo olwanele lokuqonda iBhayibheli ngendlela yezincwadi ukuze ukucabanga kwethu nokufundisa kwethu kuvumelane. Ngaleyondlela sigwema ukuntuleka okubi kakhulu kobunye nezimfundiso eziningi eziphikisanayo zeLobukholwa nobuhedeni. Asisinyatheleli phansi noma sisithele amanzi isigijimi sikaNkulunkulu esiya ezizweni, isigijimi sethemba elikhulu, esiyiqiniso, kodwa futhi sempindiselo nokujeziswa. Sikuqonda kahle ukuthi ukukhala kwecilongo kufanele kube kukhulu futhi kucace.—1 Korinte 14:8.
14 Yeka ukuthi kungokufaneleke kangakanani ngathi sonke ukuba sikwazise ukubaluleka kwezikhali uJehova azilungiselela lempi yobuKristu! Futhi, usiyala kahle ngokusetshenziswa kwazo, ukuze ubufakazi obuphumelelayo bukwazi ukunikezwa kubantu ngabanye nezizwe. Akulona izwi lomuntu oyedwa eliphuma ehlane, kodwa esizwakalayo isixwayiso esichushayo esimenyezelwa kulo lonke izwe. Kanjalo, ‘uJehova ngokuqinisekile uzwakalisa izwi lakhe elikhulu phambi kwempi yakhe.’—Joweli 2:9, 11.
“Yileyo Naleyo Endaweni Yayo”
15. Iziphi izenzo ezazingaba ubuwula ngomunye wamadoda kaGideyoni?
15 Ngabangamakhulu amathathu bakaGideyoni, kwakungaba ubuwula ngomunye walaba, ngemva kokuba esabelwe indawo ekamu lezitha, ukuba ahlehle futhi afune ukushintsha indawo yakhe nomunye, noma azikhethele eyakhe indawo ayibona ingcono. Lokho kwakungaba ukubeka umbono wakhe siqu ngaphambi kwalowo uJehova ayemsebenzisa ekuqondiseni ukuhlasela, uGideyoni. Kwakungabonisa ukuntula ukuthobeka nokuntula ukulindela isikhathi sikaJehova nokunquma ukwenza ushintsho. Isimo esinjengaleso sasingahambisana kanjani nokuhlanganyela okuqotho ekumemezeni: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”?
16. Ukuzithoba kuyosisiza kanjani ukuze sifeze izibopho zethu?
16 Elungiselelweni likaJehova lezinto namuhla ngamunye wethu okuyinhloko engqondweni yakhe kumelwe kube injongo kaJehova nazo zonke izithakazelo zombuso wakhe. Kumelwe sigcine umsebenzi wethu esiwabelwe ngokwethembeka, noma iyiphi indawo ehilelekile enhlanganweni. (1 Korinte 4:2) Futhi, simelwe sibonise ukuzithoba, okumelene nokuziphakamisa. Isimiso esafundiswa uKristu Jesu sisebenza kuzo zonke izimo: “Yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.” (Mathewu 23:12) Futhi uJakobe uyakhuthaza: “Zithobeni [hhayi nje emehlweni abantu kodwa,] ebusweni beNkosi [uJehova], khona iyakuniphakamisa.”—Jakobe 4:10.
17. Ingabe uJehova unesithakazelo kumuntu ngamunye wethu?
17 Ngakho-ke, singakubona ukubaluleka okufanele kwamazwi abAhluleli 7:21, “yileyo naleyo endaweni yayo.” (NW) Njengoba sikhonza enhlanganweni kaJehova maseneliswe ukukhonza noma kuphi lapho esabelwa khona, futhi senze umsebenzi ngokwethembeka ngangokusemandleni ethu. Masiqinisekiswe ukuthi lowo onakekela ukuwa kwenyoni encane unesithakazelo esikhulu ngokwengeziwe kithi njengoba ngokwethembeka sisebenza kunoma ikuphi asabele ukuba sikwenze. (Mathewu 10:29-31) Uyazi ukuthi ikuphi ukuqeqeshwa esikudingayo, nokuthi imuphi umsebenzi osifanele, ngakho usiphatha ngokufaneleyo. Singaqiniseka ukuthi asibona abanganakwa.—1 Petru 5:10.
18. Kungani sinalokhukuqiniseka okukhulu kuJehova namuhla?
18 Namuhla, zonke izinceku zikaNkulunkulu zingaphansi kokuyalwa uGideyoni Omkhulu, uKristu Jesu. Ngobunye sifuna ukukhonza ngenxa yokulwelwa kwegama likaJehova, ngokuzithoba sihlale ngaphansi kwemithetho yakhe yempi, ‘yilowo nalowo endaweni yakhe.’ Siyaqiniseka ukuthi wonke amacebo kaJehova ayoqinisekisa ukunqoba kokugcina. Futhi siyaqiniseka ukuthi uJehova uyakubona ukulalela kwethu ngokwethembeka futhi uyosivuza “ngokuphila okuyikho” ohlelweni lwakhe olusha, ngoba iZwi lakhe lithi: “Yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.”—1 Thimothewu 6:19; 1 Korinte 15:58.
Ingabe Uyawakhumbula Lamaphuzu?
◻ Kungani amacebo kaGideyoni ayehluke ngokuphelele emibonweni yezwe ngempi?
◻ Yini eyenza uGideyoni wathola ukunqoba okuphelele kanje?
◻ UJehova uxhumana kanjani nezinceku zakhe namuhla?
◻ Yisiphi isimo esiqondile ‘samasosha kaKristu’ namuhla ngokuqondene nezabelo zawo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Ukulalela ngokwethembeka nokuhambisana okuseduze nemiyalo kaJehova kwalethela uGideyoni namadoda akhe ukunqoba okukhulu
[Isithombe ekhasini 25]
UJehova uye wasilungiselela izikhali ezibalulekile esizidingayo empini yethu namuhla