Ababonisi Abajikelezayo—Izisebenzi Esikanye Nazo Eqinisweni
Ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala, kwakunababonisi abajikelezayo ababehambela amabandla ukuze bawakhe. Babezinikela, bengazifuneli inzuzo, ukuze basize labo abasemabandleni ukuba baqhubeke behamba ngokufaneleyo kuNkulunkulu.—IzEnzo 11:23, 24; 14:21, 22; 15:32; 20:2, 31-35; Filipi 2:20-22, 29; 1 Thesalonika 2:5-12.
Namuhla amabandla oFakazi BakaJehova nawo athola izinzuzo zababonisi abajikelezayo. Lamadoda anokuhlangenwe nakho kweminyaka eminingi emisebenzini yokushumayela yoFakazi BakaJehova nanjengababonisi. Awuyeka umsebenzi wokuziphilisa nemithwalo yemfanelo yemikhaya ukuze akwazi ukuzinikela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngalabo abashadile, ngokuvamile namakhosikazi aye ahlanganyela nabayeni bawo enkonzweni yesikhathi esigcwele.
Umbonisi wesifunda wabelwa ukuba anakekele isifunda esinamabandla angaba yi-18 kuya kwangama-25. Uhambela ibandla ngalinye elisesifundeni cishe kabili ngonyaka futhi ngemva kweminyaka emibili noma emithathu wabelwa kwesinye isifunda. Ngalendlela amabandla angazuza kokuhlangenwe nakho nasemakhonweni angafani ababonisi besifunda abehlukene.
Umbonisi wesifunda uhlola isimo esingokomoya sebandla nomsebenzi walo. Unikeza izinkulumo eziningana ebandleni bese ehlangana nabadala nezinceku ezikhonzayo ukuze kucatshangelwe indlela abangathuthukisa ngayo inkonzo yabo ebandleni.
Phakathi nesonto yena, nomkakhe uma eshadile, bahlanganyela noFakazi bebandla, bebasiza ukuba bathuthuke enkonzweni yabo yendlu ngendlu. Yena nomkakhe bayohambela futhi abantu abasanda kuthakazela ukuze babakhuthaze okholweni. Ungakucela ukuhanjelwa okunjalo.
Umbonisi wesigodi unezimfanelo ezifanayo ezingokomoya nesizinda sokuhlangenwe nakho. Uhambela isifunda ngasinye, ekhonza isonto ngalinye ngokuphathelene nemihlangano yesifunda. Yena nomkakhe basebenza futhi enkonzweni yasensimini noFakazi belinye lamabandla esifunda abasihambele. Uqondisa amalungiselelo okugcina esimiso somhlangano wesifunda futhi anikeze izinkulumo eziningana phakathi nomhlangano, kuhlanganise nenkulumo yeningi.
Lapho ababonisi abajikelezayo sebekuqedile ukuhambela kwabo ebandleni noma esifundeni, bahambela esinye, belandela isimiso esifanayo, kuze kube yilapho amabandla noma izifunda sezihanjelwe zonke cishe ezinyangeni eziyisithupha; khona-ke baphinde baqale phansi.
Emazweni amaningi ababonisi abajikelezayo bahamba ngemoto noma basebenzise izinto zokuhamba zomphakathi. Kwamanye amazwe bangase basebenzise ibhayisikili noma bahambe ngisho nangezinyawo. INhlangano ihlangabezana nezindleko zokuhamba zombonisi ojikelezayo futhi yena nomkakhe ibanikeze imadlana encane yezidingo zabo siqu. Ngokuvamile amalungu ebandla ngalinye anikeza umbonisi ojikelezayo nomkakhe indawo yokulala nokudla.
Lenkonzo idinga umoya wokuzidela. Ababonisi abajikelezayo nomkabo bazimisele ukukhonza amabandla ngaphandle kokuwathwesa umthwalo onzima.—1 Thesalonika 2:9.
• Yayiyini injongo yababonisi abajikelezayo ebandleni lamaKristu lekhulu lokuqala?
• Ababonisi abajikelezayo namuhla baye baba kanjani ngabafanelekayo nabatholakalayo kulenkonzo?
• Chaza inkonzo yababonisi besifunda nabesigodi nendlela abaphila ngayo.
[Isithombe ekhasini 20]
Umbonisi wesigodi unikeza inkulumo emhlanganweni wesifunda
[Izithombe ekhasini 21]
Ababonisi besifunda banikeza iseluleko ngokushumayela endlini ngendlu, bakhuluma nabadala bebandla, bahambela izifundo zeBhayibheli zabantu abasanda kuthakazela, banikeza izinkulumo emabandleni