Ababonisi Abajikelezayo—Izipho Ezingabantu
“Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.”—EFESU 4:8.
1. Yimuphi umsebenzi omusha owamenyezelwa kulomagazini ngo-1894?
EMINYAKENI engaphezu kwekhulu edlule, INqabayokulinda yesiNgisi yamemezela okuthile okusha. Kwachazwa ngokuthi “Omunye Umkhakha Womsebenzi.” Lomsebenzi omusha wawuhilelani? Kwakuwukuqalwa komsebenzi wosuku lwanamuhla wababonisi abajikelezayo. Ikhophi yesiNgisi ka-September 1, 1894 yalomagazini, yachaza ukuthi kusukela ngaleso sikhathi abazalwane abafanelekayo babezohambela amaqembu abaFundi BeBhayibheli ‘ngenjongo yokubakha eqinisweni.’
2. Ababonisi besifunda nabesigodi banamiphi imisebenzi?
2 Ekhulwini lokuqala C.E., amabandla obuKristu ayehanjelwa ababonisi abanjengoPawulu noBarnaba. Lamadoda akholekile ayenomgomo ‘wokwakha’ amabandla. (2 Korinte 10:8) Namuhla, sibusiswe ngezinkulungwane zamadoda enza lokhu ngendlela ehlelekile. INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova iwamise njengababonisi besifunda nabesigodi. Umbonisi wesifunda ukhonza amabandla angaba ngu-20 kabili ngonyaka, ngalinye elikhonza isonto elilodwa, ehlola amarekhodi, enikeza izinkulumo, ehlanganyela nasenkonzweni yasensimini nabamemezeli boMbuso bebandla. Umbonisi wesigodi uba usihlalo wemihlangano yesifunda yaminyaka yonke yezifunda eziningana, uhlanganyela enkonzweni yasensimini namabandla asuke enawo, futhi anikeze isikhuthazo ngezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini.
Umoya Wabo Wokuzidela
3. Kungani ababonisi abajikelezayo kudingeka babe nomoya wokuzidela?
3 Ababonisi abajikelezayo bahlale besendleleni. Lokhu kukodwa kudinga umoya wokuzidela. Ukusuka kwelinye ibandla uya kwelinye ngokuvamile kungaba nzima, kodwa lamadoda nomkawo akwenza ngesimo sengqondo senjabulo. Omunye umbonisi wesifunda wathi: “Umkami ungisekela kakhulu futhi akakhonondi . . . Ufanelwe ukutuswa ngomoya wakhe wokuzidela.” Abanye ababonisi besifunda bahamba amakhilomitha angaphezu kwenkulungwane beya emabandleni. Abaningi bahamba ngezimoto, kodwa abanye basuka kwenye indawo baye kwenye ngezinto zokuthutha zomphakathi, ngebhayisikili, ngamahhashi, noma ngezinyawo. Omunye umbonisi wesifunda oNsundu kudingeka awele umfula ugcwele egqogqoshe umkakhe ukuze afinyelele kwelinye ibandla. Ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli, umphostoli uPawulu kwakudingeka abekezelele ukushisa namakhaza, indlala nokoma, ukuqwasha ebusuku, izingozi ezihlukahlukene, nokushushiswa kobudlova. Naye ‘wayekhathazeka ngawo wonke amabandla’—into ababonisi abakhathazeka ngayo namuhla.—2 Korinte 11:23-29.
4. Izinkinga zempilo zingaba namuphi umphumela ekuphileni kwababonisi abajikelezayo nomkabo?
4 Njengomngane kaPawulu uThimothewu, ababonisi abajikelezayo nomkabo baba nezinkinga zempilo ngezinye izikhathi. (1 Thimothewu 5:23) Lokhu kubabangela ukucindezeleka okwengeziwe. Omunye umkambonisi wesifunda uyachaza: “Ukuba nabazalwane njalo kuyangicindezela lapho ngingazizwa kahle. Njengoba umjikelezo wokuya esikhathini usunqamuka, ngikuthola kunzima ngokukhethekile. Ukupakisha nje izimpahla zethu masonto onke futhi siye kwenye indawo kuyinselele yangempela. Ngokuvamile, kudingeka ngime ngithandaze kuJehova ukuba anginike amandla okuqhubeka.”
5. Naphezu kovivinyo oluhlukahlukene, yimuphi umoya oye waboniswa ababonisi abajikelezayo nomkabo?
5 Naphezu kwezinkinga zempilo nolunye uvivinyo, ababonisi abajikelezayo nomkabo bathola injabulo enkonzweni yabo futhi babonisa uthando lokuzidela. Abanye baye bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze banikeze usizo olungokomoya ngezikhathi zokushushiswa noma zempi. Lapho behambela amabandla, baye babonisa umoya ofana nokaPawulu, owatshela amaKristu aseThesalonika: “Saba mnene phakathi kwenu, njengalapho umama oncelisayo enakekela ngesisa abantwana bakhe siqu. Kanjalo, njengoba sasinokusondelana okunesisa nani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kuphela, kodwa nemiphefumulo yethu siqu, ngoba naba abathandekayo kithi.”—1 Thesalonika 2:7, 8.
6, 7. Yiliphi ithonya elihle ababonisi abajikelezayo abazikhandlayo abangaba nalo?
6 Njengabanye abadala ebandleni lobuKristu, ababonisi abajikelezayo ‘basebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.’ Bonke abadala abanjalo kufanele ‘babhekwe njengabafanelwe udumo oluphindiwe.’ (1 Thimothewu 5:17) Isibonelo sabo singaba yinzuzo, uma ngemva ‘kokucabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo, silingisa ukholo lwabo.’—Heberu 13:7.
7 Abanye abadala abajikelezayo baye baba naliphi ithonya kwabanye? “Yeka ithonya elihle uMfoweth’ uP—— aba nalo ekuphileni kwami!” kubhala omunye uFakazi kaJehova. “Wayengumbonisi ojikelezayo eMexico kusukela ngonyaka ka-1960 kuqhubeke. Lapho ngiseyingane, ngangilindela ukuhambela kwakhe ngokulangazela nangenjabulo. Lapho sengineminyaka eyishumi ubudala, wathi kimi, ‘Nawe uyoba umbonisi wesifunda.’ Phakathi neminyaka enzima yobusha, ngangimfuna kaningi ngoba wayehlale enamazwi okuhlakanipha angase awasho. Wayephilela ukulusa umhlambi! Manje njengoba sengingumbonisi wesifunda, njalo ngizama ukuchitha isikhathi nentsha futhi ngibeke imigomo engokwasezulwini phambi kwayo njengoba nje enza. Ngisho naseminyakeni yokugcina yokuphila kwakhe, naphezu kwezinkinga zenhliziyo, uMfoweth’ uP—— wayehlale efuna ukunikeza izwi lesikhuthazo. Sekusele usuku nje ashone ngo-February 1995, wangiphelezela saya emhlanganweni wosuku olukhethekile futhi wabeka imigomo emihle phambi komzalwane onguchwepheshe kwezokwakha. Ngokushesha lomzalwane wafaka isicelo sokukhonza eBethel.”
Bayaziswa
8. Obani ‘izipho ezingabantu’ ezichazwe kweyabase-Efesu isahluko 4, futhi zilizuzisa kanjani ibandla?
8 Ababonisi abajikelezayo nabanye abadala abanelungelo lokuphathiswa izabelo zenkonzo ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe babizwa ngokuthi ‘izipho ezingabantu.’ Njengommeleli kaJehova neNhloko yebandla, uJesu uye walungiselela lamadoda angokomoya ukuze sakhiwe ngokomuntu siqu futhi sifinyelele ekuvuthweni. (Efesu 4:8-15) Kumelwe kuboniswe ukwazisa nganoma isiphi isipho. Kuyiqiniso nakakhulu lokhu ngesipho esisiqinisayo ukuze siqhubeke sikhonza uJehova. Ngakho-ke, singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu ngomsebenzi wababonisi abajikelezayo? Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi ‘siqhubeka sibheka lamadoda njengathandekayo’?—Filipi 2:29.
9. Ukwazisa ngababonisi abajikelezayo singakubonisa ngaziphi izindlela?
9 Lapho kumenyezelwa ukuhambela kombonisi wesifunda, singaqala ukwenza amalungiselelo okuba nengxenye egcwele emisebenzini yebandla kulelo sonto. Mhlawumbe singabekela eceleni isikhathi esengeziwe sokusekela amalungiselelo enkonzo yasensimini phakathi nokuhanjelwa. Singase sikwazi ukukhonza njengamaphayona asizayo kuleyo nyanga. Ngokuqinisekile siyofuna ukukusebenzisa ukusikisela kombonisi wesifunda ukuze sithuthukise inkonzo yethu. Umoya wokumamukela onjalo uyozuzisa thina futhi umqinisekise ukuthi ukuhambela kwakhe kuwusizo. Yebo, ababonisi abajikelezayo bahambela ibandla ukuze basakhe, kodwa nabo badinga ukwakhiwa ngokomoya. Kunezikhathi uPawulu ayedinga ngazo isikhuthazo, futhi wayevame ukucela amaKristu akanye naye ukuba amthandazele. (IzEnzo 28:15; Roma 15:30-32; 2 Korinte 1:11; Kolose 4:2, 3; 1 Thesalonika 5:25) Ababonisi abajikelezayo bosuku lwanamuhla nabo badinga imithandazo yethu nesikhuthazo.
10. Singasiza kanjani ekwenzeni umsebenzi wombonisi ojikelezayo ube injabulo?
10 Sike samtshela umbonisi ojikelezayo nomkakhe ukuthi sikwazisa kangakanani ukuhambela kwabo? Ingabe siyambonga ngeseluleko esiwusizo asinika sona? Siyamtshela lapho ukusikisela kwakhe kwenkonzo yasensimini kwandisa injabulo yethu enkonzweni? Uma sikwenza, lokhu kuyosiza ekwenzeni umsebenzi wakhe ube injabulo. (Heberu 13:17) Omunye umbonisi wesifunda eSpain waphawula ngokukhethekile ngendlela yena nomkakhe abazazisa ngayo izincwajana zokubonga abaye bazithola ngemva kokuhambela amabandla. Uthi: “Siyawagcina lamakhadi bese siwafunda lapho sizizwa sidikibele. Awumthombo wesikhuthazo sangempela.”
11. Kungani kufanele sitshele umkambonisi wesifunda nowesigodi ukuthi bayathandwa futhi bayaziswa?
11 Ngokuqinisekile umkambonisi ojikelezayo uyazuza ngamazwi okutuswa. Uye wenza ukuzidela okukhulu ukuze alekelele umyeni wakhe kulomkhakha wenkonzo. Labodade abakholekile badela isifiso semvelo sokuba nomuzi othi bona, futhi abaningi badela nesifiso sokuba nezingane. Indodakazi kaJefta yayingomunye wezinceku zikaJehova eyalidela ngokuzithandela ithuba lokuba nomyeni nomkhaya ngenxa yesifungo esasenziwe uyise. (AbAhluleli 11:30-39) Ukuzidela kwayo kwabhekwa kanjani? AbAhluleli 11:40 bathi: “Kwaba-yisimiso kwaIsrayeli ukuba amadodakazi akwaIsrayeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.” Yeka indlela okuhle ngayo ukuqikelela ukuthi siyamtshela umkambonisi wesifunda nowesigodi ukuthi bayathandwa futhi bayaziswa!
“Ningakukhohlwa Ukungenisa Izihambi”
12, 13. (a) Isiphi isisekelo esingokomBhalo sokubonisa umoya wokungenisa izihambi kubabonisi abajikelezayo nomkabo? (b) Bonisa indlela ukungenisa izihambi okunjalo okungazuzisa ngayo nhlangothi zombili.
12 Ukungenisa izihambi kungenye indlela yokubonisa uthando nokwazisa ngalabo abasemsebenzini wobuKristu wokujikeleza. (Heberu 13:2) Umphostoli uJohane watusa uGayu ngokubonisa umoya wokungenisa izihambi kulabo ababehambela ibandla njengezithunywa zevangeli ezijikelezayo. UJohane wabhala: “Sithandwa, wenza umsebenzi wokukholeka kunoma yini oyenzela abafowethu, izihambi nokusho, abaye bafakazela uthando lwakho phambi kwebandla. Laba usize ubahambise ngendlela efanele uNkulunkulu. Ngoba baphuma ngenxa yegama lakhe, bengathathi lutho kubantu bezizwe. Ngakho-ke, thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.” (3 Johane 5-8) Namuhla, singawuthuthukisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ngokubonisa ababonisi abajikelezayo nomkabo umoya onjalo wokungenisa izihambi. Yiqiniso, abadala bebandla kufanele baqikelele ukuthi izindawo zokulala ziyagculisa, kodwa omunye umbonisi wesigodi wathi: “Ukusebenzelana kwethu nabafowethu akunakusekelwa ekutheni ubani ongasenzela utho. Asithandi nakuwuveza umbono onjalo. Kumelwe sizimisele ukwamukela ukungeniswa yinoma imuphi kubafowethu, onothile noma ompofu.”
13 Ukungenisa izihambi kungazuzisa nhlangothi zombili. “Emkhayeni wakithi, sasinomkhuba wokumema ababonisi abajikelezayo ukuba bahlale nathi,” kukhumbula uJorge, owayengumbonisi wesifunda manje okhonza eBethel. “Ngicabanga ukuthi lokhu kuhanjelwa kwangisiza kakhulu kunokuba ngangiqaphela ngaleso sikhathi. Phakathi neminyaka yami yokukhula, nganginezinkinga ezingokomoya. Kwakumkhathaza umama lokhu kodwa engazi ngempela ukuthi angisize kanjani, ngakho wacela umbonisi wesifunda ukuba akhulume nami. Ngaqale ngamgwema, ngoba ngangisaba ukugxekwa. Kodwa indlela yakhe yobungane yangenza ngakhululeka ekugcineni. Wangimemela ukudla ngomunye uMsombuluko, futhi ngathulula isifuba sami ngoba ngangizizwa ngiqiniseka ukuthi uyangiqonda. Walalelisisa. Ukusikisela kwakhe okuwusizo kwasebenza ngempela, futhi ngaqala ukuthuthuka ngokomoya.”
14. Kungani kufanele sibazise abadala abajikelezayo kunokuba sibagxeke?
14 Umbonisi ojikelezayo uzama ukuba usizo ngokomoya kwabasha nakwabadala ngokufanayo. Khona-ke, ngokuqinisekile kufanele sibonise ukwazisa ngemizamo yakhe. Nokho, kuthiwani uma besingamgxeka ngenxa yobuthakathaka bakhe noma simqhathanise ngokungafanele nabanye abaye bahambela ibandla lakithi? Cishe lokhu bekuyodumaza kakhulu. Kwakungamkhuthazi uPawulu ukuzwa kugxekwa umsebenzi wakhe. Kubonakala sengathi amanye amaKristu aseKorinte ayekhesa indlela ayebukeka ngayo nekhono lakhe lokukhuluma. Yena ngokwakhe wacaphuna abagxeki abanjalo bethi: “Izincwadi zakhe zinesisindo futhi zinamandla, kodwa ukuba khona kwakhe ngesiqu kubuthakathaka nokukhuluma kwakhe kudelelekile.” (2 Korinte 10:10) Nokho, kuyajabulisa ukuthi ababonisi abajikelezayo ngokuvamile bezwa amazwi okwazisa othando.
15, 16. Ababonisi abajikelezayo nomkabo lubathinta kanjani uthando nentshiseko eboniswa abakholwa nabo?
15 Omunye umbonisi wesifunda eLatin America uhamba ngobunzima usuku lonke ezindleleni ezinodaka ukuze ahambele abafowabo nodadewabo abangokomoya abahlala endaweni ebuswa abashokobezi. Uyabhala: “Kuthinta inhliziyo ukubona indlela abazalwane ababonisa ngayo ukwazisa kwabo ngokuhanjelwa. Nakuba kudingeka ngenze umzamo omkhulu ukuze ngifike khona, ngibhekene nezingozi eziningi nobunzima, umvuzo wakho konke lokhu uba uthando nentshiseko eboniswa abafowethu.”
16 Umbonisi wesifunda e-Afrika uyabhala: “Ngenxa yothando esiluboniswa abafowethu, sayithanda kakhulu insimu yaseTanzania! Abafowethu babekulungele ukufunda kithina, futhi babekujabulela ukuhlala nathi emizini yabo.” Kwakunobuhlobo bothando nenjabulo phakathi komphostoli uPawulu nombhangqwana oshadile ongamaKristu wekhulu lokuqala, u-Akwila noPriska. Eqinisweni, uPawulu wathi ngawo: “Ngikhonzeleni koPriska no-Akwila izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu, abaye bafaka engozini izintamo zabo siqu ngenxa yomphefumulo wami, enginikela ukubonga kubo kungemina kuphela kodwa nawo wonke amabandla ezizwe.” (Roma 16:3, 4) Ababonisi abajikelezayo nomkabo bayabonga ngokuba no-Akwila noPriska bosuku lwanamuhla njengabangane babo, abenza umzamo okhethekile ukuze bababonise umoya wokungenisa izihambi nobungane.
Ukuqinisa Amabandla
17. Kungani kungase kuthiwe kunokuhlakanipha elungiselelweni lababonisi abajikelezayo, futhi bakutholaphi ukufundiswa?
17 UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ukuhlakanipha kwelungiselelo lababonisi abajikelezayo kubonakala ekutheni lisiza ekuqiniseni amabandla abantu bakaNkulunkulu. Phakathi nohambo lukaPawulu lwesibili lwezithunywa zevangeli, yena noSila baphumelela ‘ekudabuleni iSiriya neKhilikhiya, beqinisa amabandla.’ Incwadi yezEnzo iyasitshela: “Njengoba babehamba bedabula imizi babenikeza labo abalapho izinqumo ezazinqunywe abaphostoli namadoda amadala ababeseJerusalema ukuba bazigcine. Ngakho-ke, ngempela, amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo usuku nosuku.” (IzEnzo 15:40, 41; 16:4, 5) Ababonisi abajikelezayo bosuku lwanamuhla bathola ukufundiswa okungokomoya ngemiBhalo nezincwadi ‘zesigqila esikholekile nesiqondayo,’ njengoba kunjalo nangawo wonke amanye amaKristu.—Mathewu 24:45.
18. Ababonisi abajikelezayo bawaqinisa kanjani amabandla?
18 Yebo, abadala abajikelezayo kumelwe baqhubeke bedla etafuleni likaJehova elingokomoya. Kumelwe bajwayelane kahle nezindlela neziqondiso ezilandelwa inhlangano kaNkulunkulu. Khona-ke amadoda anjalo angaba isibusiso sangempela kwabanye. Ngesibonelo sabo esihle sentshiseko enkonzweni yasensimini, bangasiza abakholwa nabo ukuba bathuthuke enkonzweni yobuKristu. Izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezinikezwa yilaba badala abahambelayo zakha izilaleli ngokomoya. Ngokusiza abanye ukuba basebenzise iseluleko seZwi likaNkulunkulu, bakhonze ngokuvumelana nabantu bakaJehova emhlabeni wonke, futhi basebenzise amalungiselelo angokomoya enziwe uNkulunkulu ‘ngesigqila esikholekile,’ ababonisi abajikelezayo baqinisa amabandla abanelungelo lokuwahambela.
19. Yimiphi imibuzo esazocatshangelwa?
19 Lapho inhlangano kaJehova isungula umsebenzi wabadala abajikelezayo phakathi kwabaFundi BeBhayibheli eminyakeni ecishe ibe ikhulu edlule, lomagazini wathi: “Sizobheka imiphumela nokuhola okuqhubekayo kweNkosi.” Ukuhola kukaJehova kuye kwabonakala ngokusobala. Ngenxa yesibusiso sakhe nangaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo, lomsebenzi uye wandiswa futhi wathuthukiswa phakathi neminyaka. Ngenxa yalokho, amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ayaqiniswa okholweni futhi ayanda ngenani usuku nosuku. Ngokusobala, uJehova uyawubusisa umoya wokuzidela walezi zipho ezingabantu. Kodwa ababonisi abajikelezayo bangawenza kanjani ngokuphumelelayo umsebenzi wabo? Iyini imigomo yabo? Bangawuthola kanjani umphumela omuhle kakhulu?
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yimiphi eminye yemisebenzi yababonisi besifunda nabesigodi?
◻ Kungani ababonisi abajikelezayo kudingeka babe nomoya wokuzidela?
◻ Kungaboniswa kanjani ukwazisa ngomsebenzi wabadala abajikelezayo nomkabo?
◻ Yini ababonisi abajikelezayo abangayenza ukuze benze amabandla aqine okholweni?
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuhlale besendleleni kudinga umoya wokuzidela
[Isithombe ekhasini 13]
Uke wawubonisa umoya wokungenisa izihambi kubabonisi abajikelezayo nomkabo?