ISahluko 4
UJesu Uza Nesikhuthazo
1. UJohane manje ubhalela bani, futhi obani namuhla okufanele bathole isigijimi sakhe singesithakazelisa kakhulu?
OKULANDELAYO kufanele kuthakazelise kakhulu kubo bonke abahlanganyela namabandla abantu bakaNkulunkulu namuhla. Okulapha uchungechunge lwezigijimi. Zisebenza ngokukhethekile njengoba “isikhathi esimisiwe” sisondela. (IsAmbulo 1:3) Kungokwenzuzo yethu yaphakade ukulalela lawo mazwi. Umbhalo ufundeka kanje: “UJohane emabandleni ayisikhombisa esifundeni sase-Asiya: Kwangathi ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela ‘kuLowo okhona nowayekhona nozayo,’ nasemimoyeni eyisikhombisa ephambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, nakuJesu Kristu.”—IsAmbulo 1:4, 5a.
2. (a) Isibalo “isikhombisa” sishoni? (b) Phakathi nosuku lweNkosi, zisebenza kobani izigijimi eziya “emabandleni ayisikhombisa”?
2 Lapha uJohane ukhuluma ‘namabandla ayisikhombisa,’ futhi amagama awo siwatshelwa kamuva esiprofethweni. Leso sibalo, “isikhombisa,” siphindaphindwa kaningi encwadini yesAmbulo. Sisho ukuphelela, ikakhulukazi ngokuqondene nezinto zikaNkulunkulu nebandla lakhe eligcotshiwe. Njengoba isibalo samabandla abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke siye sakhula saba amashumi ezinkulungwane phakathi nosuku lweNkosi, singaqiniseka ukuthi lokho ngokuyinhloko okushiwo “emabandleni ayisikhombisa” abagcotshiwe kusebenza nakubo bonke abantu bakaNkulunkulu namuhla. (IsAmbulo 1:10) Yebo, uJohane unesigijimi esibalulekile kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova nakubo bonke abahlanganyela nawo, kuyo yonke indawo ebusweni balo mhlaba.
3. (a) Ekubingeleleni kukaJohane, uvelaphi ‘umusa ongafanelwe nokuthula’? (b) Iyiphi inkulumo kamphostoli uPawulu efana nokubingelela kukaJohane?
3 ‘Umusa ongafanelwe nokuthula’—yeka ukuthi lokhu kufiseleka kanjani futhi ikakhulukazi uma siwuqonda umthombo wakho! Lowo okuvela kuye yiNkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe, ‘iNkosi engunaphakade,’ ephila “kusukela nini nanini kuze kube nini nanini.” (1 Thimothewu 1:17; IHubo 90:2) Okuhilelekile lapha futhi, ‘imimoya eyisikhombisa,’ okuyigama elibonisa ukusebenza okuphelele kwamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku, noma umoya ongcwele, njengoba uletha ukuqonda nesibusiso kubo bonke abasinakayo lesi siprofetho. Futhi osesikhundleni esiyinhloko “uJesu Kristu,” uJohane kamuva abhala ngaye: “Wayegcwele umusa ongafanelwe neqiniso.” (Johane 1:14) Kanjalo, ukubingelela kukaJohane kunezici ezifanayo nalezo umphostoli uPawulu aziphawula ekuphetheni incwadi yakhe yesibili eya ebandleni laseKorinte: “Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nokuba nesabelo emoyeni ongcwele makube nani nonke.” (2 Korinte 13:14) Sengathi lawo mazwi angasebenza futhi kithi sonke esithanda iqiniso namuhla!—IHubo 119:97.
“UFakazi Othembekileyo”
4. UJohane uqhubeka emchaza kanjani uJesu Kristu, futhi kungani la mazwi achazayo efaneleka kangaka?
4 Ngemva kukaJehova, uJesu ungumuntu okhazimula kakhulu kuyo yonke indalo, njengoba uJohane evuma, emchaza ngokuthi “‘uFakazi Othembekileyo,’ ‘Izibulo kwabavela kwabafileyo,’ ‘noMbusi wamakhosi omhlaba.’” (IsAmbulo 1:5b) Njengenyanga emazulwini, uye wamiswa ngokuqinile njengoFakazi omkhulu kakhulu wobuNkulunkulu bukaJehova. (IHubo 89:37) Ngemva kokuba egcine ubuqotho kwaze kwaba sekufeni njengomhlatshelo, waba owokuqala esintwini ukuba avuselwe ekuphileni komoya okungenakufa. (Kolose 1:18) Manje esekanye noJehova, uphakanyiselwa ngaphezu kwawo wonke amakhosi omhlaba, enikezwa “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18; IHubo 89:27; 1 Thimothewu 6:15) Ngo-1914 wamiswa njengeNkosi ukuba abuse phakathi kwezizwe zomhlaba.—IHubo 2:6-9.
5. (a) UJohane uqhubeka kanjani ebonisa ukwazisa ngeNkosi uJesu Kristu? (b) Obani abazuzayo esiphweni sikaJesu sokuphila kwakhe kobuntu okuphelele, futhi amaKristu agcotshiwe aye ahlanganyela kanjani esibusisweni esikhethekile?
5 UJohane uyaqhubeka ebonisa ukwazisa ngeNkosi uJesu Kristu ngala mazwi akhazimulayo: “Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe siqu—wasenza saba ngumbuso, abapristi kuNkulunkulu wakhe noYise—yebo, inkazimulo namandla makube kuye kuze kube phakade. Amen.” (IsAmbulo 1:5c, 6) UJesu wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuze labo bezwe lesintu ababonisa ukholo kuye babuyiselwe ekuphileni okuphelele. Wena, mfundi othandekayo, ungahlanganiswa kulokhu! (Johane 3:16) Kodwa ukufa kukaJesu njengomhlatshelo kwavula indlela yesibusiso esikhethekile ngalabo ababa amaKristu agcotshiwe njengoJohane. Laba kuye kwathiwa balungile ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu. Bedela wonke amathemba okuphila kwasemhlabeni, njengoba uJesu enza, labo bomhlambi omncane baye bazalwa ngomoya kaNkulunkulu, benethemba lokuvuswa kwabafileyo ukuba bakhonze njengamakhosi nabapristi kanye noJesu Kristu eMbusweni wakhe. (Luka 12:32; Roma 8:18; 1 Petru 2:5; IsAmbulo 20:6) Yeka ilungelo elihle! Akumangalisi ukuthi uJohane wababaza ngokugcizelela kangaka ethi inkazimulo namandla kungokukaJesu!
“Uyeza Kanye Namafu”
6. (a) Yini uJohane ayimemezelayo ‘ngokuza’ kukaJesu “kanye namafu,” futhi yisiphi isiprofetho sikaJesu okungenzeka ukuthi uJohane wakhunjuzwa sona? (b) UJesu ‘uza’ kanjani, futhi obani abayozwa usizi olukhulu emhlabeni?
6 Ngokulandelayo, uJohane umemezela ngenjabulo: “Bhekani! Uyeza kanye namafu, wonke amehlo ayombona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zilusizi ngenxa yakhe. Yebo, Amen.” (IsAmbulo 1:7) Ngokungangabazeki uJohane lapha wayekhunjuzwa isiprofetho sikaJesu sangaphambili esiphathelene nesiphelo sesimiso sezinto. UJesu lapho wathi: “Isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini, bese zonke izizwe zomhlaba zizishaya zilila, futhi ziyobona iNdodana yomuntu iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.” (Mathewu 24:3, 30) Kanjalo, uJesu ‘uza’ ngokubhekisa ukunakekela kwakhe ekukhipheni izahlulelo zikaJehova phezu kwezizwe. Lokhu kuyophumela ezinguqukweni ezinkulu emhlabeni, futhi njengoba “zonke izizwe zomhlaba” ziye zangakunaka ukuba ngokoqobo kobukhosi bukaJesu, ngempela ziyoyizwa ‘intukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’—IsAmbulo 19:11-21; IHubo 2:2, 3, 8, 9.
7. “Wonke amehlo” kuhlanganise nawalabo abangalaleli, “ayombona” kanjani uJesu?
7 Ngobusuku bokugcina bukaJesu enabafundi bakhe, wabatshela: “Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona.” (Johane 14:19) Kukanjani-ke pho kuthiwa “wonke amehlo ayombona”? Akufanele silindele ukuthi izitha zikaJesu zaziyombona ngamehlo enyama, ngoba, emva kokuba uJesu enyukele ezulwini, umphostoli uPawulu wathi uJesu manje ‘uhlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko,’ futhi “okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona.” (1 Thimothewu 6:16) Ngokusobala, uJohane wayesho ‘ukubona’ ngomqondo ‘wokuqonda,’ njengoba nje singabona, noma siqonde, izimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali ngendalo yakhe. (Roma 1:20) UJesu ‘uza kanye namafu’ ngendlela yokuthi uyobe engabonakali emehlweni enyama njengelanga lapho lingalé kwamafu. Ngisho nalapho ilanga lisithwe amafu ngesikhathi sasemini, siyazi ukuthi likhona ngenxa yokukhanya okusizungezile. Ngokufanayo, nakuba iNkosi uJesu ingabonakali, iyokwambulwa ‘njengomlilo ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana nayo.’ Laba nabo bayophoqeleka ukuba ‘bambone.’—2 Thesalonika 1:6-8; 2:8.
8. (a) Kwakungobani “abamgwazayo” ngo-33 C.E., futhi bangobani namuhla? (b) Njengoba uJesu engasekho lapha emhlabeni, abantu ‘bangamgwaza’ kanjani?
8 UJesu futhi ‘uyobonwa’ yilabo “abamgwazayo.” Kungaba obani laba? Ngesikhathi uJesu ebulawa ngo-33 C.E., amasosha amaRoma amgwaza ngokoqobo. Icala lalokho kubulala lahlanganyelwa amaJuda, ngoba uPetru watshela amanye awo ngePhentekoste: “UNkulunkulu wamenza iNkosi noKristu, lo Jesu enambethela.” (IzEnzo 2:5-11, 36; qhathanisa noZakariya 12:10; Johane 19:37.) Lawo maRoma namaJuda manje aseneminyaka esondela kwengu-2 000 afa. Ngakho labo “abamgwazayo” namuhla kumelwe bamelele izizwe nabantu ababonisa isimo senzondo esifanayo naleso esaboniswa lapho uJesu ebethelwa. UJesu akasekho lapha emhlabeni. Kodwa lapho abaphikisi beshushisa ngokuqondile oFakazi BakaJehova, abaphethe ubufakazi ngoJesu, noma bevumelana nempatho enjalo, kufana nokuthi abaphikisi abanjalo ‘bagwaza’ uJesu ngokwakhe.—Mathewu 25:33, 41-46.
“U-Alfa No-Omega”
9. (a) Ubani manje okhulumayo, futhi ukhuluma kangaki kusAmbulo? (b) Uma uJehova ezibiza ngokuthi ‘ungu-Alfa no-Omega’ nangokuthi “uMninimandla onke,” lokhu kusho ukuthini?
9 Manje, isimanga sezimanga! INkosi enguMbusi uJehova ngokwakhe iyakhuluma. Yeka ukuthi lokhu kufaneleka kanjani njengesingeniso semibono esizokwambuleka, njengoba enguMfundisi wethu oMuhle nowukuphela koMthombo wesAmbulo! (Isaya 30:20) UNkulunkulu wethu uthi: “Ngingu-Alfa no-Omega, . . . Okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (IsAmbulo 1:8) Lesi isikhathi sokuqala kwezintathu kusAmbulo lapho uJehova ngokwakhe ekhuluma esezulwini. (Bheka futhi isAmbulo 21:5-8; 22:12-15.) AmaKristu ekhulu lokuqala ayezokwazi ngokushesha ukuthi u-alfa no-omega uhlamvu lokuqala nolokugcina ezinhlamvwini zolimi lwesiGreki. Ukuzibiza kukaJehova ngalezo zinhlamvu ezimbili kugcizelela ukuthi ngaphambi kwakhe, wayengekho uNkulunkulu ongumninimandla onke, futhi ngeke abe khona omunye emva kwakhe. Uyoyiletha esiphethweni esiphumelelayo, kuze kube-phakade, impikiswano yobuNkulunkulu. Uyolwelwa ngunaphakade njengowukuphela kukaNkulunkulu umninimandla onke, uMbusi Ophakeme kuyo yonke indalo yakhe.—Qhathanisa no-Isaya 46:10; 55:10, 11.
10. (a) UJohane uzichaza kanjani ngokulandelayo, futhi wayeboshwe kuphi? (b) Kumelwe ukuthi incwadi eyabhalwa uJohane yadluliselwa ngosizo lukabani emabandleni? (c) Ngokuvamile ukudla okungokomoya kunikezwa kanjani namuhla?
10 Eqinisekile ngokuthi uJehova uyoqondisa umphumela wezindaba, uJohane utshela izinceku ezikanye naye: “Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani osizini nasembusweni nasekukhuthazeleni kanye noJesu, ngaba sesiqhinganeni esibizwa ngokuthi iPhatmose ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 1:9) Eyisiboshwa ePhatmose ngenxa yezindaba ezinhle, ebekezelela usizi kanye nabafowabo, enethemba eliqinile lokuba nengxenye eMbusweni ozayo, uJohane osegugile manje ubona owokuqala wemibono yesAmbulo. Ngokungangabazeki wakhuthazwa kakhulu yile mibono, njengoba nje isigaba sikaJohane namuhla siqatshulwa ukubona ukugcwaliseka kwayo. Asazi ukuthi uJohane wawudlulisela kanjani umqulu wesAmbulo emabandleni, njengoba ayeboshiwe ngaleso sikhathi. (IsAmbulo 1:11; 22:18, 19) Kumelwe ukuba izingelosi zikaJehova zaba nesandla ekwenzeni lokhu, njengoba kaningi ziye zavikela oFakazi BakaJehova abathembekile abakhonza ngaphansi kokuvinjelwa nemingcele namuhla, ukuze bakwazi ukuyisa ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi kubafowabo abalambele iqiniso.—IHubo 34:6, 7.
11. Yiliphi ilungelo, elifana nalelo elalaziswa uJohane, isigaba sikaJohane esilazisa kakhulu namuhla?
11 Yeka ukuthi kumelwe ukuba uJohane walazisa ngokujule kangakanani ilungelo lakhe lokusetshenziswa uJehova njengomzila waKhe wokuxhumana namabandla! Ngokufanayo, isigaba sikaJohane namuhla silazisa kakhulu ilungelo laso lokunikeza abendlu kaNkulunkulu “ukudla [okungokomoya] . . . ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45) Sengathi ungaba omunye walabo abaqiniswa yileli lungiselelo elingokomoya ukuze ufinyelele umgomo okhazimulayo wokuphila okuphakade!—IzAga 3:13-18; Johane 17:3.
[Ibhokisi ekhasini 21]
Ukuthola Ukudla Okungokomoya Ezikhathini Ezinzima
Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, lapho oFakazi BakaJehova beye babhekana nokushushiswa nobunzima obungaka, kuye kwaba okubalulekile ngabo ukuba bathole ukudla okungokomoya ukuze bahlale beqinile okholweni. Ezimweni eziningi, kuye kwalungiselelwa ukudla okwanele, ngokuvamile ngenxa yokuboniswa okuphawulekayo kwamandla kaJehova.
Ngokwesibonelo, eJalimane ngaphansi kukaHitler, oFakazi benza futhi basakaza amakhophi e-Nqabayokulinda, eyayivinjelwe ngokomthetho iziphathimandla zamaNazi akhohlakele. EHamburg amaGestapo ahlasela ngokuzuma indlu okwakwenziwa kuyo la makhophi. Indlu yayincane, futhi kwakungekho ndawo yokufihla noma yini ngokulondeka. Umshini wokubhala wawushiywe ekhabetheni, futhi umshini wokwenza amakhophi wawugcinwe emgqonyeni wamazambane endlini engaphansi. Ngaphezu kwalokho, ngemva komgqomo kwakukhona ipotimende eligcwele omagazini! Kwabonakala kungenakwenzeka ukuvimbela ukutholakala kwalezi zinto. Kodwa yini eyenzeka? Isikhulu esavula ikhabethe salivula ngendlela yokuthi singawuboni umshini wokubhala. Ngokuqondene nendlu engaphansi, umninikhaya uyabika: “Izikhulu ezintathu zama maphakathi nendlu, ukhumbule, lapho kanye okwakumi khona umgqomo onepotimende eligcwele INqabayokulinda ngemva kwawo. Kodwa akukho noyedwa wabo owaliqaphela; kwakusengathi babeshaywe ngobumpumputhe.” Ngenxa yalokhu kunakekela kwaphezulu okuphawulekayo, umninikhaya wakwazi ukuqhubeka enikeza ukudla okungokomoya ngezikhathi ezinzima neziyingozi.
Ngawo-1960, kwakunempi yombango phakathi kweNigeria nesifundazwe esahlubuka iBiafra. Njengoba iBiafra yayizungezwe ngokuphelele indawo yaseNigeria, okuwukuphela kwendlela yokuxhumana phakathi kwayo nezwe elingaphandle kwakuyisikhumulo sezindiza ezincane. Lokho kwakusho ukuthi oFakazi eBiafra babesengozini yokuba bangakwazi ukuthola ukudla kwabo okungokomoya. Khona-ke, ekuqaleni kuka-1968, iziphathimandla zaseBiafra zathumela esinye sezisebenzi zazo zikahulumeni emsebenzini obalulekile eYurophu futhi esinye sabelwa ukuba sisebenze esikhumulweni sezindiza esincane saseBiafra. Laba bobabili babengoFakazi BakaJehova, futhi manje base bekuzo zombili izinhlangothi zokuwukuphela kwendlela yokuxhumana phakathi kweBiafra nezwe elingaphandle. Bobabili baqaphela ukuthi leli lungiselelo kumelwe ukuba lalivela kuJehova. Ngakho, benza ngokuzithandela umsebenzi obucayi noyingozi wokudlulisela ukudla okungokomoya eBiafra. Futhi bakwazi ukukwenza lokho phakathi nayo yonke impi. Omunye wabo waphawula: “Leli lungiselelo lalingaphezu kwalokho abantu ababengakuhlela.”
[Ishadi ekhasini 19]
Izibalo Ezingokomfanekiso KusAmbulo
Isibalo Incazelo Engokomfanekiso
2 Sisho ukuqinisekisa indaba ngokuqinile.
(IsAmbulo 11:3, 4; qhathanisa noDuteronomi 17:6.)
3 Sibonisa ukugcizelela. Sibonisa futhi
amandla. (IsAmbulo 4:8; 8:13; 16:13, 19)
4 Sisho ukuhlanganisa indawo yonke noma
izinhlangothi ezine. (IsAmbulo 4:6;
6 Sisho ukungapheleli, into engavamile, eyinqaba.
(IsAmbulo 13:18; qhathanisa neyesi-2 Samuweli 21:20.)
7 Sisho ukuphelela okunqunywe phezulu, ngokuqondene
nezinjongo zikaJehova noma zikaSathane.
10 Sisho ukuphelela ngendlela engokwenyama,
ngokuqondene nezinto ezisemhlabeni. (IsAmbulo 2:10; 12:3;
12 Sisho ukuhlelwa okwenziwe phezulu okusemazulwini noma
okusemhlabeni. (IsAmbulo 7:5-8; 12:1; 21:12, 16; 22:2)
24 Sisho ilungiselelo likaJehova elingokwenhlangano eliyinala
(eliphindwe kabili). (IsAmbulo 4:4)
Ezinye zezibalo ezishiwo kusAmbulo kumelwe ziqondwe njengezingokoqobo. Ngokuvamile, umongo uyasiza ekuboneni lokhu. (Bheka isAmbulo 7:4, 9; 11:2, 3; 12:6, 14; 17:3, 9-11; 20:3-5.)