Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
Umlobi: UMose
Yalotshelwa: Ehlane
Ukuloba Kwaphela: Cishe ngo-1473 B.C.E.
Isikhathi Esihlanganisiwe: Iminyaka engaphezu kwengu-140 phakathi kuka-1657 no-1473 B.C.E.
1. Lisho ukuthini igama likaJobe, futhi imiphi imibuzo ephendulwa incwadi kaJobe?
INGENYE yezincwadi ezindala kakhulu zemiBhalo ephefumlelwe! Iyincwadi ehlonishwa kakhulu futhi ecashunwa ngokuvamile, nokho isintu esingayiqondi. Kungani lencwadi yalotshwa, futhi ibaluleke ngani kithi namuhla? Impendulo iboniswa encazelweni yegama likaJobe: “Isisulu Senzondo.” Yebo, lencwadi inemibuzo emibili ebalulekile: Kungani umuntu ongenacala ehlupheka? Kungani uNkulunkulu evumela ububi emhlabeni? Sinombhalo ogciniwe wokuhlupheka kukaJobe kanye nokukhuthazela kwakhe okukhulu okufanele sikucabangele ekuphenduleni lemibuzo. Wonke uye walotshwa phansi, njengoba nje uJobe acela.—Jobe 19:23, 24.
2. Yini ebonisa ukuthi uJobe wayengumuntu ongokoqobo?
2 Elithi Jobe liye laba nomqondo ofanayo nesineke kanye nokukhuthazela. Kodwa ingabe wayekhona umuntu onjalo othiwa uJobe? Naphezu kwayo yonke imizamo kaDeveli yokususa lesibonelo esivelele sobuqotho emakhasini omlando, impendulo icacile. UJobe wayengumuntu ongokoqobo! UJehova umbala kanye nofakazi baKhe uNowa noDaniyeli, labo ukuba khona kwabo okwavunywa uJesu Kristu. (Hez. 14:14, 20; qhathanisa noMathewu 24:15, 37.) Isizwe sasendulo samaHeberu sambheka njengomuntu ongokoqobo uJobe. Umlobi ongumKristu uJakobe ukhomba esibonelweni sikaJobe sokukhuthazela. (Jak. 5:11) Isibonelo sokuphila okungokoqobo kuphela, hhayi esiyinganekwane, esasiyoba nesisindo, siqinisekise abakhulekeli bakaNkulunkulu ngokuthi ubuqotho bungalondolozwa ngaphansi kwazo zonke izimo. Ngaphezu kwalokho, umfutho kanye nomuzwa wezinkulumo ezilotshwe kuJobe ziqinisekisa ukuba ngokoqobo kwesimo.
3. Yibuphi ubufakazi obuqinisekisa ukuphefumlelwa kwencwadi kaJobe?
3 Ukuthi incwadi kaJobe ithembekile futhi iphefumlelwe kuboniswa nawukuthi amaHeberu asendulo ayeyihlanganisa njalo ohlwini lwawo lwezincwadi zeBhayibheli, okuyiphuzu eliphawulekayo ngoba uJobe ngokwakhe wayengeyena umIsrayeli. Ngaphandle kokubhekisela kuyo kukaHezekeli noJakobe, lencwadi icashunwa umphostoli uPawulu. (Jobe 5:13; 1 Kor. 3:19) Ubufakazi obunamandla bokuphefumlelwa kwalencwadi bunikezwa ekuvumelaneni kwayo okumangalisayo namaqiniso aqinisekisiwe esayensi. Kwakungazeka kanjani ukuthi uJehova “uphanyeka umhlaba phezu kweze,” lapho abantu basendulo babenemicabango eyimbudane ngokuphathelene nendlela umhlaba osekelwe ngayo? (Jobe 26:7) Omunye umbono okwakubanjelelwe kuwo ezikhathini zasendulo kwakuwukuthi umhlaba usekelwe izindlovu ezime phezu kofudu olukhulu lwasolwandle. Kungani incwadi kaJobe ingawubonisi lowombhedo? Ngokusobala kungenxa yokuthi uJehova onguMdali wanikeza iqiniso ngokuphefumlela. Ezinye izincazelo eziningi zomhlaba kanye nezimangaliso zawo kanye nezezilwane zasendle nezezinyoni ezindaweni zazo ezingokwemvelo zinembe kangangokuthi uJehova uNkulunkulu kuphela owayengaba uMlobi kanye noMphefumuleli wencwadi kaJobe.a
4. Yenzeka kuphi futhi nini ledrama, futhi incwadi kaJobe yaqedwa nini?
4 UJobe wayehlala eUzi, ngokwezinye izazi zomumo womhlaba, eyayisenyakatho Arabhu eduze nezwe elalihlala abakwaEdomi nasempumalanga nezwe elalithenjiswe inzalo ka-Abrahama. AmaSheba ayeseningizimu, amaKhaledi esempumalanga. (1:1, 3, 15, 17) Isikhathi sokulingwa kukaJobe sasingemuva kakhulu kosuku luka-Abrahama. Kwakungesikhathi lapho ‘ayengekho onjengaye [uJobe] emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo.’ (1:8) Lokhu kubonakala kuphakathi kwesikhathi sokufa kukaJosefa (1657 B.C.E.), indoda eyayinokholo oluvelele, kanye nesikhathi uMose aqalisa ngaso inkambo yakhe yobuqotho. UJobe wayevelele ekukhulekeleni okuhlanzekile ngalesikhathi uIsrayeli onakaliswa ukukhulekela amademoni kwaseGibithe. Ngaphezu kwalokho, izenzo eziphawulwe esahlukweni sokuqala sikaJobe, kanye nokwamukela kukaNkulunkulu uJobe njengomkhulekeli weqiniso, kukhomba ezikhathini zezinzalamizi kunasesikhathini sakamuva esisukela ku-1513 B.C.E. kuqhubeke, lapho uNkulunkulu ayesebenzelana noIsrayeli kuphela ngaphansi koMthetho. (Amose 3:2; Efe. 2:12) Ngaleyondlela, uma sicabangela isikhathi eside esaphilwa uJobe, kuyabonakala ukuthi lencwadi ihlanganisa inkathi ephakathi kuka-1657 B.C.E. no-1473 B.C.E., unyaka uMose afa ngawo; lencwadi yaqedwa uMose esikhathini esithile ngemva kokufa kukaJobe nalapho amaIsrayeli ayesesehlane.—Jobe 1:8; 42:16, 17.
5. Yini ebonisa ukuthi incwadi kaJobe yabhalwa uMose?
5 Kungani sithi uMose wayengumlobi? Lokhu kuvumelana nesiko lakudala kakhulu, phakathi kwakho kokubili amaJuda nezazi zakuqala ezingamaKristu. Indlela yokwethembeka enomfutho yezinkondlo zamaHeberu esetshenziswe encwadini kaJobe ikwenza kube sobala ukuthi yayiwumbhalo wokuqala olotshwe ngesiHeberu, ulimi lukaMose. Yayingenakuba inguqulelo evela kolunye ulimi olunjengesiArabhu. Futhi, izingxenye ezibhalwe ngolimi oluvamile zifana kakhulu neZincwadi Zokuqala Ezinhlanu kunanoma yimiphi eminye imibhalo eBhayibhelini. Kumelwe ukuba umlobi wayengumIsrayeli, njengoba uMose ayenjalo, ngenxa yokuthi amaJuda ‘ayephathiswe amazwi kaNkulunkulu.’ (Roma 3:1, 2) Ngemva kokuba esefinyelele ukuvuthwa, uMose wahlala iminyaka engu-40 kwaMidiyani, eduze neUzi, lapho ayengathola khona ukwaziswa okunemininingwane okulotshwe encwadini kaJobe. Kamuva, lapho edlula eduze nezwe eliyinkaba kaJobe phakathi nohambo lwamaIsrayeli lwasehlane olwathatha iminyaka engu-40, uMose wayengezwa futhi alobe ngemininingwane yokugcina kulencwadi.
6. Kungaziphi izici incwadi kaJobe ingaphezu nje kokuba umsebenzi wobungcweti obukhulu ekubhaleni?
6 NgokweNew Encyclopædia Britannica, ngokuvamile incwadi kaJobe “ibalwa phakathi kwezincwadi zezwe ezinobuchwepheshe obukhulu.”b Nokho, lencwadi ingaphezulu kakhulu kokuba nje incwadi yobungcweti obukhulu. Incwadi kaJobe ivelele phakathi kwezincwadi zeBhayibheli ekuphakamiseni amandla, ukulunga, ukuhlakanipha, nothando lukaJehova. Iyembula ngokusobala kakhulu impikiswano eyinhloko yendawo yonke. Ikhanyisa okuningi okushiwo kwezinye izincwadi zeBhayibheli, ikakhulukazi uGenesise, uEksodusi, UmShumayeli, uLuka, amaRoma, nesAmbulo. (Qhathanisa uJobe 1:6-12, 2:1-7 noGenesise 3:15; Eksodusi 9:16; Luka 22:31, 32; Roma 9:16-19 kanye nesAmbulo 12:9; qhathanisa futhi uJobe 1:21; 24:15; 21:23-26; 28:28 nomShumayeli 5:15; 8:11; 9:2, 3; 12:13 ngokulandelana.) Inikeza izimpendulo emibuzweni eminingi yokuphila. Ngokuqinisekile iyingxenye ebalulekile yeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, enikela kakhulu kulo ngendlela yokuqonda okunenzuzo.
OKUQUKETHWE INCWADI KAJOBE
7. Njengoba lencwadi iqalisa, uJobe simthola ekusiphi isimo?
7 Isingeniso encwadini kaJobe (1:1-5). Lokhu kusethula kuJobe, umuntu ‘owayengenasici elungile, owayemesaba uNkulunkulu, ebalekela okubi.’ UJobe uyajabula, unamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Ungumnikazi wendawo ocebile ngokwezinto ezibonakalayo onemihlambi emikhulu yezimvu kanye nezinkomo. Unezinceku eziningi futhi “mkhulu . . . kunabo bonke abantu basempumalanga.” (1:1, 3) Nokho, akayena umuntu ozithanda ngokweqile izinto ezibonakalayo, ngoba ithemba lakhe akalibeki ezintweni ezibonakalayo anazo. Ucebile futhi nangokomoya, nasemisebenzini emihle, ngazo zonke izikhathi uzimisele ukusiza ohluphekayo noma ocindezelekile, noma aphe noma ubani isambatho asidingayo. (29:12-16; 31:19, 20) Bonke abantu bayamhlonipha. UJobe ukhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Uyenqaba ukukhulekela ilanga, inyanga, kanye nezinkanyezi njengoba kwakwenza izizwe ezingamaqaba, kodwa uthembekile kuJehova, egcina ubuqotho kuNkulunkulu wakhe futhi ejabulela ubuhlobo obuseduze naYe. (29:7, 21-25; 31:26, 27; 29:4) UJobe ukhonza njengompristi womkhaya wakhe, enikela njalo imihlatshelo yokushiswa, lapho kwenzekile wona.
8. (a) Kwenzeka kanjani ukuba uSathane abekele ubuqotho bukaJobe inselele? (b) UJehova uyamukela kanjani lenselele?
8 USathane ubekela uNkulunkulu inselele. (1:6–2:13). Ngokumangalisayo indwangu esisithile iyavulwa ukuze sibe nombono wezinto ezenzeka ezulwini. UJehova ubonwa engamele umhlangano wamadodana kaNkulunkulu. USathane naye ukhona phakathi kwawo. UJehova udonsela ukunakekela encekwini yakhe ethembekile uJobe, kodwa uSathane ubekela ubuqotho bukaJobe inselele, esola ngokuthi uJobe ukhonza uNkulunkulu ngenxa yezinzuzo zezinto ezibonakalayo azitholayo. Uma uNkulunkulu engavumela uSathane ukuba amephuce lezizinto, uJobe uyobulahla ubuqotho bakhe. UJehova uyayamukela lenselele, evimbela ukuba uSathane angamthinti uJobe ngokwakhe.
9. (a) Yiziphi izilingo ezinzima ezehlela uJobe? (b) Yini ebonisa ukuthi ugcina ubuqotho?
9 Izinhlekelele eziningi ziqala ukwehlela uJobe ongazi lutho. Ukuhlasela kwamaSheba namaKhaledi kuqeda ingcebo yakhe enkulu. Isiphepho sibulala amadodana namadodakazi akhe. Loluvivinyo olunzima luyehluleka ukwenza ukuba uJobe amethuke noma amlahle uNkulunkulu. Kunalokho, uthi, “Malibongwe igama likaJehova.” (1:21) USathane, enqotshiwe futhi ebonakaliswe njengonamanga kulendaba, uyavela futhi phambi kukaJehova futhi uyamangala: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.” (2:4) USathane uthi uma ubevunyelwe ukuthinta umzimba kaJobe, ubengamenza uJobe athuke uNkulunkulu ebusweni bakhe. Eyitholile imvume yokwenza konke ngaphandle kokuthatha ukuphila kukaJobe, uSathane ushaya uJobe ngesifo esesabekayo. Inyama yakhe “yembe[swa] izimpethu namagade othuli,” futhi umzimba wakhe nomoya wakhe kumnukela kabi umkakhe nezihlobo. (7:5; 19:13-20) Ebonisa ukuthi uJobe akazange abephule ubuqotho bakhe, umkakhe uyamnxusa: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.” UJobe uyamthethisa futhi “akon[i] ngomlomo wakhe.”—2:9, 10.
10. Iyiphi “induduzo” elethwa buthule elungiselelwa uSathane?
10 USathane manje uvusa abangane abathathu, abeza ukuba “bamduduze” uJobe. BangoElifazi, uBilidadi, noSofari. Lapho besebuqamama abamboni uJobe, kodwa baqala ukudazuluka nokukhala bathele amakhanda abo ngothuli. Ngokulandelayo, bahlala phansi emhlabathini phambi kukaJobe bengakhulumi-zwi. Ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa nobusuku ‘bokududuza’ bethule, ekugcineni uJobe uyakuqeda lokuthula ngokuqalisa inkulumo-mpikiswano ende nalabo abathi bangabaduduzi bakhe.—2:11.
11-13. UJobe uyiqalisa kanjani inkulumo-mpikiswano, yikuphi ukusola uElifazi akwenzayo, futhi ithini impendulo kaJobe enomfutho?
11 Inkulumo-mpikiswano: umzuliswano wokuqala (3:1–14:22). Kusukela kulelizinga kuqhubeke, idrama iyembuleka ngenkondlo enhle yesiHeberu. UJobe uqalekisa usuku azalwa ngalo futhi uyamangala ukuthi kungani uNkulunkulu eye wamvumela ukuba aqhubeke ephila.
12 Ephendula, uElifazi usola uJobe ngokungabi nabuqotho. Uthi, umuntu oqotho akakaze abhubhe. Ukhumbula umbono wasebusuku lapho izwi limtshela ukuthi uNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe, ikakhulukazi lezo eziwubumba nje, uthuli lomhlaba. Ubonisa ukuthi ukuhlupheka kukaJobe kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu uMninimandla onke.
13 UJobe uphendula uElifazi ngesibindi. Ukhala ngendlela okwakungakhala ngayo noma isiphi isidalwa esingaphansi kokushushiswa nokucindezeleka. Ukufa bekungaba impumuzo. Ugxeka abangane bakhe ngokubopha uzungu ngokumelene naye kanye nokumsola: “Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina, ningiqondise lapho ngiduké khona.” (6:24) UJobe ulwela ukulunga kwakhe siqu phambi kukaNkulunkulu, ‘umlindi wabantu.’—7:20.
14, 15. Iyini impikiswano kaBilidadi, futhi kungani uJobe esaba ukuthi lizomlahla icala lakhe lapho equliswa uNkulunkulu?
14 UBilidadi manje uzwakalisa ukuphikisa kwakhe, ethi amadodana kaJobe onile futhi uJobe ngokwakhe akaqotho, uma bekungenjalo uNkulunkulu ubeyomuzwa. Uyala uJobe ukuba abheke ezizukulwaneni zakuqala nasezintweni ezafunwa oyise bazo njengesiqondiso.
15 UJobe uyaphendula, ephikelela ngokuthi uNkulunkulu akanakho ukungalungi. Futhi uNkulunkulu akadingi ukulandisa kumuntu, ngoba Yena “wenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo izimangaliso ezingenakubalwa.” (9:10) UJobe ngeke amehlule uJehova njengomphikisi wakhe enkantolo. Angamane nje anxuse umusa kaNkulunkulu. Futhi nakuba kunjalo, ingabe ikhona inzuzo yokufuna ukwenza okulungileyo? “Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.” (9:22) Akukho ukwahlulela ngokulunga emhlabeni. UJobe wesaba ukuthi liyomudla icala ngisho nalapho equliswa uNkulunkulu. Udinga umkhulumeli. Uyabuza ukuthi kungani elingwa futhi unxusa ukuba uNkulunkulu akhumbule ukuthi wenziwe ‘ngobumba.’ (10:9) Uyazazisa izenzo zomusa zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule, kodwa uthi uNkulunkulu uyomane nje athukuthele kakhulu uma ephikisa, ngisho nakuba engenacala. Angavele nje abhujiswe!
16, 17. (a) Yisiphi iseluleko sokuzenza ngcono uSofari asinikezayo? (b) UJobe ubabeka kusiphi isilinganiso “abaduduzi” bakhe, futhi yikuphi ukuqiniseka okunamandla akuzwakalisayo?
16 Manje uSofari ungenela inkulumo-mpikiswano. Eqinisweni, uthi: Ingabe siyizingane, ukuba silalele lenkulumo eyize? Uthi uhlanzekile ngempela, kodwa uma nje uNkulunkulu ubengakhuluma, ubeyolembula icala lakho. Ubuza uJobe: “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?” (11:7) Utshela uJobe ukuba alahle imikhuba emibi, ngoba izibusiso ziyoza kulabo abenza kanjalo, kuyilapho ‘amehlo ababi eyakufiphala.’—11:20.
17 UJobe ukhuluma ngokubhuqa okukhulu: “Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.” (12:2) Angase abe yinhlekisa, kodwa akangaphansi kwabo. Uma abangane bakhe bengabheka indalo kaNkulunkulu, nayo ibiyobafundisa okuthile. Amandla nokuhlakanipha okusebenzayo kungokukaNkulunkulu, olawula zonke izinto, ngisho ‘nowandisa izizwe, abesezibhubhisa.’ (12:23) UJobe uyakujabulela ukuquliswa uNkulunkulu, kodwa ngokuphathelene ‘nabaduduzi’ bakhe abathathu—“ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.” (13:4) Bekungaba ukuhlakanipha ngabo ukuthula bangasho lutho! Uzwakalisa ukuqiniseka ngokuphathwa kwecala lakhe ngokulunga futhi ucela ukuba uNkulunkulu amlalele. Uphendukela emqondweni wokuthi “umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.” (14:1) Umuntu udlula ngokushesha, njengembali noma ithunzi. Awunakuveza othile ohlanzekile kothile ongahlanzekile. Ethandaza ukuba uNkulunkulu amfihle eSheoli kuze kudlule intukuthelo yaKhe, uJobe uyabuza: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na?” Lapho ephendula uzwakalisa ithemba eliqinile: “Bengiyakulinda . . . kuze kufike ukumuka kwami.”—14:13, 14.
18, 19. (a) UElifazi uqalisa umzuliswano wesibili wenkulumo-mpikiswano ngakuphi ukugcona? (b) UJobe uyibheka kanjani “induduzo” yabangane bakhe, futhi yini ayibheke kuJehova?
18 Inkulumo-mpikiswano: umzuliswano wesibili (15:1–21:34). Ekuqaliseni inkulumo-mpikiswano yesibili, uElifazi uhlekisa ngolwazi lukaJobe, ethi ‘ugcwalise isisu ngomoya wasempumalanga.’ (15:2) Uyaphinda ululaza ukusho kukaJobe kokuthi uqotho, ephikelela ngokuthi akekho umuntu ofayo ngisho nabangcwele emazulwini ongaba ngothembekile emehlweni kaJehova. Ngokugigiyela usola uJobe ngokuzama ukuzibonakalisa ephakeme kunoNkulunkulu nangokuhlubuka, ukuphamba nokukhohlisa.
19 UJobe uphendula ngokuthi abangane bakhe ‘bangabaduduzi ababi abanamazwi angumoya nje.’ (16:2, 3) Ukuba babesesimweni sakhe, wayengeke abasole. Ukulangazelela kakhulu ukuba abonakaliswe engongenacala, futhi ubheka kuJehova, onombhalo wakhe ogciniwe noyonquma indaba yakhe. Akukho ukuhlakanipha uJobe akuthola kubangane bakhe. Baliqeda lonke ithemba. ‘Induduzo’ yabo injengokuthi ubusuku buyimini. Okuwukuphela kwethemba ‘ukwehlela endaweni yabafileyo.’—17:15, 16.
20, 21. Iyiphi intukuthelo ezwakaliswa uBilidadi, uJobe uphikisa ngokuthini, futhi uJobe ubonisa ukuthi likuphi ithemba lakhe?
20 Impikiswano isishuba ngokwengeziwe. Manje uBilidadi uthukuthele, ngoba unomuzwa wokuthi uJobe uqhathanisa abangane bakhe nezilwane ezingenangqondo. Ubuza uJobe, ‘Umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho?’ (18:4) Uxwayisa ngokuthi uJobe uzowela ogibeni olwesabekayo, njengesibonelo kwabanye. UJobe ngeke abe nanzalo eyophila ngemva kwakhe.
21 UJobe uyaphendula: “Koze kube-nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?” (19:2) Ulahlwe umkhaya nabangane, umkakhe nendlu yakhe bamphendukele, futhi yena ngokwakhe ‘usindé ngokulambisa.’ (19:20) Unethemba lokuthi kuzovela umhlengi ammele ekulungiseni lendaba, ukuze ekugcineni ‘abuke uNkulunkulu.’—19:25, 26.
22, 23. (a) Kungani uSofari ezizwa edabukile, futhi uthini ngokuphathelene nezono zikaJobe ezicatshangelwayo? (b) UJobe uphendula ngaliphi iphuzu elinamandla?
22 USofari, njengoBilidadi, uzizwa edabukile ngokulalela ‘insolo’ kaJobe ‘ehlazisayo’. (20:3) Uyakuphinda ukuthi izono zikaJobe ziyadaluleka. Njalo ababi bathola isijeziso esivela kuNkulunkulu, futhi abanakho ukuphumula, ngisho nalapho bejabulela ukuchuma, kusho uSofari.
23 UJobe uphendula ngephuzu elinamandla: Uma uNkulunkulu ebajezisa njalo ababi ngalendlela, kungani ababi beqhubeka bephila, bakhule baze babe badala, bacebe ngaphezu kwabo bonke? Bachitha imihla yabo ngokujabula. Inhlekelele ibehlela kaningi kangakanani? Ubonisa ukuthi umuntu ocebile nompofu bayafa ngokufanayo. Eqinisweni, umuntu omubi ngokuvamile ufa “ezinzile, enokuthula,” kuyilapho umuntu olungileyo engase afe “enomphefumulo onomunyu.”—21:23, 25.
24, 25. (a) Yikuphi ukuhlambalaza okungamanga uElifazi ngokuzenza ngcono amangalela ngakho uJobe? (b) Yikuphi ukuphikisa kanye nenselele uJobe aphendula ngakho?
24 Inkulumo-mpikiswano: umzuliswano wesithathu (22:1–25:6). UElifazi ubuya namagalelo anzima ekuhlaseleni, ehlekisa ngokusho kukaJobe ukuthi akanacala phambi kukaSomandla. Unyundela uJobe, ethi mubi, uye waphanga abampofu, wancisha abalambile isinkwa, futhi uye wabaphatha kabi abafelokazi nezintandane. UElifazi uthi ukuphila kukaJobe kwangasese akuhlanzekile njengoba esho, uthi futhi lokhu kuchaza isizathu sesimo esibi uJobe akuso. Kodwa “uma ubuyela kuSomandla,” kusho Elifazi ngendlela yokuhaya, ‘uyokuzwa.’—22:23, 27.
25 Empendulweni uJobe uphikisa ukusola kukaElifazi okweqisayo, ethi ulangazelela ukuthethwa kwecala lakhe phambi kukaNkulunkulu, oyibonayo inkambo yakhe yokulunga. Kunalabo abacindezela intandane, umfelokazi, kanye nomuntu ompofu nababulalayo, bebe, futhi baphinge. Bangase babonakale bechuma okwesikhashana, kodwa bayowuthola umvuzo wabo. Bayokwenziwa babe yize. “Uma kungenjalo, ngubani ongangenza onamanga?” UJobe ubabekela inselele.—24:25.
26. Yini enye eshiwo uBilidadi noSofari?
26 UBilidadi uphendula ngokushesha kulokhu, egcizelela iphuzu lakhe lokuthi akekho umuntu ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu. USofari uyahluleka ukuhlanganyela kulomzuliswano wesithathu. Akasho lutho.
27. Manje uJobe ubuphakamisa kanjani ubukhulu bukaSomandla?
27 Iphuzu lokuphetha likaJobe (26:1–31:40). Kulenkulumo-mpikiswano yokugcina, uJobe ubathulisa ngokuphelele abangane bakhe. (32:12, 15, 16) Ngokukhulu ukubhuqa uthi: “Usizile kanjani ongenamandla! . . . Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha!” (26:2, 3) Nokho, akukho lutho, ngisho neSheoli, olungasitha okuthile emehlweni kaNkulunkulu. UJobe uchaza ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okubonakala ezindaweni ezizungezile ezingaphandle, emhlabeni, emafwini, olwandle, nasemoyeni—konke umuntu aye wakubona. Lokhu kumane nje kuyimisebenzi emincane yezindlela zikaSomandla. Ayiyona ngisho nengxenyana encane yobukhulu bukaSomandla.
28. Iyiphi inkulumo engagwegwesi ngokuphathelene nobuqotho eshiwo uJobe?
28 Eqiniseka ngokungabi nacala kwakhe, uthi: “Angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.” (27:5) Cha, uJobe akenzanga lutho olufanelwe yilokho okumehlele. Ngokuphambene nokumsola kwabo, uNkulunkulu uyovuza ubuqotho ngokuqikelela ukuthi izinto eziqongelelwe abantu ababi ekuchumeni kwabo ziyoba yifa labalungile.
29. UJobe ukuchaza kanjani ukuhlakanipha?
29 Umuntu uyazi lapho amagugu omhlaba (isiliva, igolide, ithusi) evela khona, kodwa “ukuhlakanipha kuvelaphi na?” (28:20) Uye wakufuna kwabaphilayo; uye wabheka olwandle; akunakuthengwa ngegolide noma isiliva. UNkulunkulu kuphela oqonda ukuhlakanipha. Ubona emikhawulweni yomhlaba neyamazulu, ulinganisa umoya namanzi, alawule imvula kanye namafu esiphepho. UJobe uyaphetha: “Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.”—28:28.
30. Yikuphi ukubuyiselwa uJobe akulangazelelayo, kodwa siyini isimo sakhe manje?
30 Ngokulandelayo uJobe ozwa ubuhlungu unikeza umlando wokuphila kwakhe. Ulangazelela ukubuyiselwa esimweni sakhe sangaphambili sokusondelana noNkulunkulu, lapho ayehlonishwa ngisho nangabaholi bomuzi. Wayengumhlengi wabahluphekile futhi engamehlo ezimpumputhe. Iseluleko sakhe sasisihle, futhi abantu babewalalela amazwi akhe. Kodwa manje, esikhundleni sokuba abe nokuma okuhloniphekile, uhlekwa ngisho nangabantu abancane kunaye, labo ngisho noyise ababengakufanelekele ukuba nezinja zezimvu zakhe. Bamkhafulela ngamathe futhi bamelana naye. Manje, ekuhluphekeni kwakhe okukhulu, abamnikezi ukuphumula.
31. UJobe uzwakalisa ukuthembela ekwahluleleni kukabani, futhi uthini ngombhalo ogciniwe oyiqiniso wokuphila kwakhe?
31 UJobe uzichaza njengendoda ezinikezele futhi ucela ukwahlulelwa uJehova. “Mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.” (31:6) UJobe umelela izenzo zakhe zangesikhathi esidlule. Ubengesona isiphingi, ngisho nomuntu obophela abanye uzungu. Akazange akudebeselele ukusiza abampofu. Akazange athembele engcebweni yezinto ezibonakalayo, ngisho nakuba ayecebile. Akazange akhulekele ilanga, inyanga, nezinkanyezi, ngoba “nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.” (31:28) UJobe umema labo abamelana naye ecaleni ukuba balethe izimangalo zabo ngokumelene nombhalo ogciniwe wokuphila kwakhe oyiqiniso.
32. (a) Ubani okhulumayo manje? (b) Kungani intukuthelo kaElihu ivuthela uJobe nabangane bakhe, futhi yini emphoqelela ukuba akhulume?
32 UElihu uyakhuluma (32:1–37:24). Ngalesosikhathi, uElihu, ongowozalo lukaBuzi, indodana kaNahori, futhi ngalokho oyisihlobo esikude sika-Abrahama, ubelokhu elalele lenkulumo-mpikiswano. Uye walinda ngenxa yokuba nomuzwa wokuthi labo abadala kunaye kumelwe babe nolwazi olukhulu kunaye. Nokho, akubona ubudala, kodwa umoya kaNkulunkulu onikeza ukuqonda. Intukuthelo kaElihu ivuthela ukuthi uJobe “wazithetha yena kunoNkulunkulu,” kodwa ibavuthela ngisho nangaphezulu abangane abathathu bakaJobe ngenxa yokuntula kwabo ukuhlakanipha ngokudabukisayo ngokuthi bathi uNkulunkulu mubi. UElihu ‘ugcwele amazwi,’ futhi umoya kaNkulunkulu umphoqelela ukuba abavuthele ngolaka ngokungakhethi buso bamuntu noma ‘angathophi nobani.’—Jobe 32:2, 3, 18-22; Gen. 22:20, 21.
33. UJobe wone kuphi, nokho yimuphi umusa uNkulunkulu azombonisa wona?
33 UElihu ukhuluma ngokwethembeka, evuma ukuthi uNkulunkulu unguMdali wakhe. Ubonisa ukuthi uJobe ubekhathazeke kakhulu ngokulwelwa kwakhe kunokukaNkulunkulu. Kwakungadingekile ngoNkulunkulu ukuba aphendule wonke amazwi kaJobe, njengokungathi kwakudingeka aveze ubufakazi bokuthi izenzo zaKhe zilungile, kodwa uJobe wayephikisene noNkulunkulu. Nokho, njengoba umphefumulo kaJobe ususeduze nokufa, uNkulunkulu uthumela kuye isigijimi, ethi: “Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo, inyama yakhe ibentsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe.” (Jobe 33:24, 25) Olungileyo uzovuselelwa!
34. (a) Yikuphi okunye ukusola uElihu akunikezayo? (b) Esikhundleni sokuphakamisa ukulunga kwakhe siqu, yini okufanele uJobe ayenze?
34 UElihu ubiza abahlakaniphileyo ukuba balalele. Usola uJobe ngokuba athi akunanzuzo ukuba umgcini wobuqotho: “Makube-kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe.” (34:10, 11) Angawususa umoya wokuphila, futhi yonke inyama iyakubhubha. UNkulunkulu wahlulela ngokungakhethi. UJobe ubelokhu ekugqamise ngokweqile ukulunga kwakhe. Ubenza ngokungacabangi, engakwenzi ngamabomu, kodwa “engenalwazi”; futhi uNkulunkulu ubelokhu embekezelele. (34:35) Kudingeka kushiwo okwengeziwe ngokulwelwa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke awasuse amehlo akhe kwabalungile, kodwa uyakubasola. “Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.” (36:6) Njengoba uNkulunkulu enguMeluleki ophakeme, uJobe kufanele aphakamise imisebenzi yaKhe.
35. (a) UJobe kufanele adonsele ukunakekela kukuphi? (b) UJehova uzowubonisa bani umusa?
35 Esimweni esisabisayo sezulu elihlomayo, uElihu ukhuluma ngezinto ezinkulu ezenziwa uNkulunkulu kanye nokulawula kwaKhe amandla emvelo. Uthi kuJobe: “Yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.” (37:14) Cabanga ngenkazimulo yegolide kanye nesithunzi esisabekayo sikaNkulunkulu, okungaphezulu kakhulu kokuqonda komuntu. “Mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni-lutho.” Yebo, uJehova uyokhathalela labo abamesabayo, hhayi labo “abazishaya izihlakaniphi ngezinhliziyo.”—37:23, 24.
36. Kungasiphi isibonelo esiwusizo kanye nemibuzo ewuchungechunge uJehova manje afundisa ngakho uJobe?
36 UJehova uphendula uJobe (38:1–42:6). UJobe ubecele uNkulunkulu ukuba akhulume naye. Manje ngendlela esabekayo uJehova uyaphendula esikhwishikhwishini somoya. Ubeka phambi kukaJobe uchungechunge lwemibuzo leyo yona ngokwayo engokuthile okuyisibonelo esiwusizo lokubonisa ukungabi lutho komuntu kanye nobukhulu bukaNkulunkulu. “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? . . . Ngubani owabeka itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?” (38:4, 6, 7) Lokho kwakungaphambili kakhulu kwesikhathi sikaJobe! Kuphakanyiswa imibuzo elandelanayo, uJobe ahluleka ukuyiphendula, njengoba uJehova ekhomba ulwandle lwasemhlabeni, isambatho salo sefu, ukusa, amasango okufa, kanye nokukhanya nobumnyama. “Angithi uyakwazi, ngokuba wawusuzelwe, nomumo wemihla yakho mkhulu, na?” (38:21) Futhi kuthiwani ngezinqolobane zeqhwa nesichotho, isiphepho nemvula kanye namazolo, iqhwa kanye nongqoqwane, ithala lezinkanyezi zasezulwini ezinamandla, umbani kanye namafu, izilwane zasendle kanye nezinyoni?
37. Yimiphi eminye imibuzo ethobisa uJobe, futhi yini aphoqeleka ukuba ayivume futhi ayenze?
37 Ngokuzithoba uJobe uyavuma: “Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.” (40:4) UJehova uyala uJobe ukuba abhekane nalempikiswano. Uphakamisa olunye uchungechunge lwemibuzo ebeka inselele ekhulisa isithunzi, ukuphakama, namandla akhe, njengoba kubonakaliswa endalweni yakhe engokwemvelo. Ngisho noBehemoti kanye noLeviyathani banamandla kakhulu kunoJobe! Ethotshiswe ngokuphelele, uJobe uvuma umbono wakhe oyiphutha, futhi uyavuma ukuthi wakhuluma ngokungazi. Embona uNkulunkulu manje, hhayi ngenzwabethi kodwa ngokuqonda, uyahoxa futhi uyaphenduka “othulini nasemlotheni.”—42:6.
38. (a) UJehova uphetha kanjani ngoElifazi nabangane bakhe? (b) Yimuphi umusa nesibusiso akunikeza uJobe?
38 Isahlulelo sikaJehova nesibusiso (42:7-17). Ngokulandelayo uJehova usola uElifazi kanye nabangane bakhe ababili ngokungakhulumi izinto eziyiqiniso ngaYe. Kufanele benze imihlatshelo futhi bacele uJobe abathandazele. Ngemva kwalokhu, uJehova ulungisa isimo sokuhlupheka sikaJobe, embusisa ngokuphindwe kabili. Abafowabo, odadewabo, kanye nababengabangane bakhe bayabuya kuye bephethe izipho, futhi ubusiswa ngezimvu, amakamela, izinkomo, kanye nezimbongolo zezinsikazi okuphindwe kabili kwayenakho ngaphambili. Uyaphinda futhi uthola izingane eziyishumi, amadodakazi akhe amathathu aba abesifazane abahle kunabo bonke ezweni. Ukuphila kwakhe kunwetshwa ngokumangalisayo ngeminyaka engu-140, ukuze akwazi ukubona izizukulwane ezine zenzalo yakhe. Ufa “esemdala, esanelisiwe izinsuku.”—42:17.
ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
39. Kungaziphi izindlela ezihlukahlukene incwadi kaJobe emphakamisa futhi imdumise ngazo uJehova?
39 Incwadi kaJobe iphakamisa uJehova futhi ifakazela ukuhlakanipha kwakhe namandla okungenakulinganiswa. (12:12, 13; 37:23) Kulencwadi eyodwa, uNkulunkulu ubizwa ngokuthi uSomandla izikhathi ezingu-31, okuyizikhathi eziningi ngaphezu kwayo yonke eminye imiBhalo. Ukulandisa kudumisa ubuphakade bakhe kanye nesikhundla sakhe esiphakeme (10:5; 36:4, 22, 26; 40:2; 42:2) kanye nokulunga kwakhe, umusa, nesihawu (36:5-7; 10:12; 42:12). Kugcizelela ukulwelwa kukaJehova ngaphezu kwensindiso yomuntu. (33:12; 34:10, 12; 35:2; 36:24; 40:8) UJehova, uNkulunkulu kaIsrayeli, ubonakaliswa futhi enguNkulunkulu kaJobe.
40. (a) Incwadi kaJobe iyidumisa futhi iyichaze kanjani imisebenzi kaNkulunkulu yendalo? (b) Iwunikeza kanjani umbono kusengaphambili futhi ivumelane nezimfundiso zemiBhalo YamaKristu YesiGreki?
40 Umbhalo ogciniwe osencwadini kaJobe udumisa futhi uchaze umsebenzi kaNkulunkulu wokudala. (38:4–39:30; 40:15, 19; 41:1; 35:10) Uvumelana namazwi akuGenesise okuthi umuntu wenziwa ngothuli nokuthi ubuyela kulo. (Jobe 10:8, 9; Genesise 2:7; 3:19) Usebenzisa amagama anjengokuthi “mhlengi,” “isihlengo,” nathi “uyakubuye uphile,” ngaleyondlela unikeza umbono kusengaphambili wezimfundiso ezivelele emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. (Jobe 19:25; 33:24; 14:13, 14) Amazwi amaningi alencwadi aye athathwa noma afaniswa nawabaprofethi nawabalobi abangamaKristu. Ngokwesibonelo, qhathanisa uJobe 7:17—IHubo 8:4; Jobe 9:24—1 Johane 5:19; Jobe 10:8—IHubo 119:73; Jobe 12:25—Duteronomi 28:29; Jobe 24:23—IzAga 15:3; Jobe 26:8—IzAga 30:4; Jobe 28:12, 13, 15-19—IzAga 3:13-15; Jobe 39:30—Mathewu 24:28.c
41. (a) Yiziphi izindinganiso ezingokwasezulwini ezigcizelelwa encwadini kaJobe? (b) Kukuphi lapho inceku kaNkulunkulu uJobe eyisibonelo esihle ngokuvelele khona kithi namuhla?
41 Izindinganiso zokulunga zikaJehova zokuphila ziyatholakala ezindinyaneni eziningi. Lencwadi ikulahla ngokuqinile ukuthanda izinto ezibonakalayo (Jobe 31:24, 25), ukukhonza izithombe (31:26-28), ukuphinga (31:9-12), ukujabula lapho omunye ehlelwa yingozi (31:29), ukwahlulela ngokungalungi nokukhetha ubuso (31:13; 32:21), ubugovu, (31:16-21), kanye nokungathembeki nokuqamba amanga (31:5), ibonisa ukuthi umuntu owenza lezizinto akanakuwuzuza umusa kaNkulunkulu nokuphila okuphakade. UElihu uyisibonelo esihle senhlonipho ejulile nesizotha, kuhlanganise nesibindi, kanye nokuphakamisa uNkulunkulu. (32:2, 6, 7, 9, 10, 18-20; 33:6, 33) Ukusebenzisa kukaJobe ubunhloko, ukucabangela umkhaya wakhe, kanye nokwamukela izihambi nakho kunikeza isifundo esihle. (1:5; 2:9, 10; 31:32) Nokho, uJobe ukhunjulwa kakhulu ngenxa yokugcina kwakhe ubuqotho kanye nokukhuthazela ngesineke, ebeka isibonelo osekuyiminyaka sibonakala siyisivikelo esiqinisa ukholo ngezikhonzi zikaNkulunkulu futhi ikakhulukazi kulezikhathi ezivivinya ukholo. “Nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.”—Jak. 5:11.
42. Iyiphi impikiswano yoMbuso ebalulekile ecaciswa encwadini kaJobe, futhi yiziphi izici ezithakazelisayo zalempikiswano ezichazwayo?
42 UJobe wayengeyena omunye wembewu ka-Abrahama eyanikezwa izithembiso zoMbuso, nokho umbhalo ogciniwe ophathelene nobuqotho bakhe wenza lukhulu ekukhanyiseni ukuqondakala kwezinjongo zoMbuso kaJehova. Lencwadi iyingxenye ebalulekile yombhalo ogciniwe waphezulu, ngenxa yokuthi yembula impikiswano ebalulekile phakathi kukaNkulunkulu noSathane, ehlanganisa ubuqotho bomuntu kuJehova njengoMbusi wakhe. Ibonisa ukuthi izingelosi, ezadalwa ngaphambi komhlaba nomuntu, nazo ziyizibukeli futhi zinesithakazelo esikhulu kulomhlaba nasemphumeleni walempikiswano. (Jobe 1:6-12; 2:1-5; 38:6, 7) Ibonisa ukuthi lempikiswano yayikhona nangaphambi kosuku lukaJobe nokuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo ongumoya. Uma incwadi kaJobe yalotshwa uMose, lokhu ukuvela kokuqala kwamazwi athi has·Sa·tanʹ embhalweni wesiHeberu weBhayibheli, okunikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi “inyoka endala” ingubani. (Jobe 1:6, umbhalo waphansi weNW; IsAm. 12:9) Lencwadi ibonisa futhi ukuthi akuyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka, ukugula, kanye nokufa kwesintu, futhi ichaza isizathu sokushushiswa kwabalungileyo, kuyilapho ababi kanye nobubi kuvunyelwa ukuba kuqhubeke. Ibonisa ukuthi uJehova unesithakazelo ekuqhubeni lempikiswano ize ifike ekuxazululweni kwayo kokugcina.
43. Ngokuvumelana nezambulo zaphezulu ezisencwadini kaJobe, iyiphi inkambo manje okumelwe ilandelwe yibo bonke abafuna izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu?
43 Manje isikhathi lapho bonke abafuna ukuphila ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu kufanele baphendule uSathane, “ummangaleli,” ngenkambo yabo yobuqotho. (IsAm. 12:10, 11) Ngisho naphakathi ‘kwezilingo ezikhungathekisayo,’ abagcini bobuqotho kumelwe baqhubeke bethandazela igama likaNkulunkulu ukuba lingcweliswe nokuba uMbuso wakhe uze futhi ubhubhise uSathane kanye nayo yonke imbewu yakhe eyonakele. Lolo kuyoba ‘usuku lokulwa nolwempi’ lukaNkulunkulu, oluyolandelwa ukukhululeka kanye nezibusiso uJobe ayenethemba lokuzihlanganyela.—1 Pet. 4:12; Math. 6:9, 10; Jobe 38:23; 14:13-15.
[Imibhalo yaphansi]
a Insight on the Scriptures, Umq. 1, amakhasi 280-1, 663, 668, 1166; Umq. 2, amakhasi 562-3.
b 1987, Umq. 6, ikhasi 562.
c Insight on the Scriptures, Umq. 2, ikhasi 83.