36 U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngibekezelele isikhashana njengoba ngisachaza,
Ngoba ngisenawo amazwi okukhulumela uNkulunkulu.
3 Ngizogeqa amagula ngengikwaziyo,
Futhi ngizothi uMenzi wami ulungile. +
4 Ngempela amazwi ami awawona amanga;
Lowo onolwazi oluphelele + ulapha phambi kwakho.
5 Impela, uNkulunkulu unamandla + futhi akalahli muntu;
Unamandla amakhulu okuqonda.
6 Ngeke akulonde ukuphila kwababi, +
Kodwa ubenzela ubulungisa abahluphekile. +
7 Akawasusi amehlo akhe kwabalungile; +
Ubahlalisa namakhosi esihlalweni sobukhosi, + futhi baphakanyiswa kuze kube phakade.
8 Kodwa uma beboshwe ngamaketanga,
Beboshwe ngezindophi zokuhlupheka,
9 Ubembulela abakwenzile,
Izeqo zabo ezibangelwe ukuqhosha kwabo.
10 Uvula izindlebe zabo ukuze zizwe ukulungiswa,
Abatshele ukuba bafulathele okubi. +
11 Uma bemlalela futhi bemkhonza,
Bayochuma ekuphileni kwabo,
Iminyaka yabo iyoba mnandi. +
12 Kodwa uma bengalaleli, bayobulawa ngenkemba, +
Bafe bengenalwazi.
13 Abangamesabi uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo bayofukamela inzondo.
Abalukhaleli usizo ngisho noma ebabopha.
14 Bafa besebancane, +
Bechitha ukuphila kwabo nezifebe zesilisa zasethempelini. +
15 Kodwa uNkulunkulu ukhipha abahluphekile ekuhluphekeni kwabo;
Uvula izindlebe zabo lapho becindezelwa ukuze bamuzwe.
16 Uyakukhulula ekuququdweni usizi, +
Akubeke endaweni enkulu, engenamingcele, +
Akududuze ngokudla okunomsoco etafuleni lakho. +
17 Ngemva kwalokho uyogculiseka ngokwahlulelwa kwababi, +
Lapho kukhishwa isahlulelo futhi kwenziwa ubulungisa.
18 Kodwa qaphela ukuba ulaka lungakuholeli ekubeni nonya, +
Ungasivumeli isifumbathiso esikhulu sikudukise.
19 Ingabe ukukhalela kwakho usizo
Noma ukuzikhandla kwakho kuyokukhulula osizini? +
20 Ungabulangazeleli ubusuku,
Lapho abantu benyamalala ezindaweni zabo.
21 Qaphela ukuba ungaphendukeli ekwenzeni okubi
Ukhethe ukwenza okubi esikhundleni senhlupheko. +
22 Bheka! UNkulunkulu uphakanyisiwe ngenxa yamandla akhe;
Ukhona yini umfundisi onjengaye?
23 Ubani oqondise indlela yakhe +
Noma othe kuye, ‘Lokhu okwenzile akulungile’? +
24 Ungakukhohlwa ukubabaza umsebenzi wakhe, +
Abantu abahlabelele ngawo. +
25 Sonke isintu siwubonile,
Umuntu ofayo uwubukela kude.
26 Ngempela, uNkulunkulu mkhulu kunalokho esingase sikwazi; +
Iminyaka yakhe ayinakubalwa. +
27 Udonsa amathonsi amanzi awakhuphule; +
Inkungu iyancibilika yakhe imvula;
28 Amafu abe eseyehlisela phansi; +
Ayenze ine phezu kwesintu.
29 Ukhona yini ongaqonda ukwendlaleka kwamafu,
Ukuduma okuvela etendeni lakhe? +
30 Buka indlela awusabalalisa ngayo umbani wakhe + phezu kwalo,
Amboze ukujula kolwandle.
31 Usekela izizwe ngalezi zinto;
Uzinika ukudla okuningi. +
32 Umbani uwumboza ngezandla zakhe,
Awuqondise esisulwini sawo. +
33 Ukuduma kumemezela ukuba khona kwakhe,
Ngisho nemfuyo isitshela ukuthi ubani ozayo.