UbuKristu Busakazekela Kwamanye Amazwe
ENTABENI yemiNqumo eduze kwaseBhethaniya, uJesu wathuma abantu ukuba benze umsebenzi wokushumayela owawuzoqopha umlando. Wawuzoqala endaweni engamakhilomitha amathathu uma uya ngasentshonalanga—eJerusalema. Lesi sigijimi sasizosakazwa eJudiya naseSamariya elingumakhelwane, sigcine sifinyelele “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzE 1:4, 8, 12.
Kungakabi sikhathi uJesu esho lawo mazwi, uMkhosi WePhentekoste waheha amaJuda namaproselithe avela kulo lonke eloMbuso WaseRoma, esuka ezifundeni eziboniswe ebalazweni elingezansi. Ukushumayeza kukamphostoli uPetru labo bantu ngalolo suku, kwavula indlela yokuba ubuKristu busakazeke masinyane.—IzE 2:9-11.
Ushushiso eJerusalema lwasheshe lwabahlakaza abalandeli bakaKristu. UPetru noJohane basiza amaSamariya ukuba ezwe futhi amukele izindaba ezinhle. (IzE 8:1, 4, 14-16) Ngemva kokuba uFiliphu eshumayeze umTopiya emgwaqweni wasogwadule ‘osuka eJerusalema uye eGaza,’ ubuKristu bafika nase-Afrika. (IzE 8:26-39) Cishe ngaso leso sikhathi, lesi sigijimi sathela izithelo eLida, eseThafeni laseSharoni, nasethekwini laseJopha. (IzE 9:35, 42) UPetru wasuka lapho waya eKhesariya, wafike wasiza isikhulu sebutho lamaRoma uKorneliyu nezihlobo zakhe nabangane bakhe, baba amaKristu agcotshwe ngomoya.—IzE 10:1-48.
UPawulu, owayekade engumshushisi, waba umphostoli ezizweni. Wahamba endleleni yasezweni nangomkhumbi izikhathi ezintathu ngesikhathi eyisithunywa sevangeli nangesikhathi eya eRoma. Lo mphostoli kanye nabanye basakaza izindaba ezinhle ezindaweni eziningi zoMbuso WaseRoma. UPawulu wayenesifiso sokuya eSpaniya (Bheka ikhasi 2.), kanti uPetru yena waze wafika le kude empumalanga, eBhabhiloni, nenkonzo yakhe. (1Pet 5:13) Yiqiniso, ngaphansi kokuhola kukaKristu, abalandeli bakhe babusakaza nakwamanye amazwe ubuKristu. Ngo-60/61 C.E., ‘izindaba ezinhle zase zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kol 1:6, 23) Kusukela ngaleso sikhathi, lezi zindaba ezinhle ziye zafinyelela ngokoqobo “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”
[Ibhokisi ekhasini 32]
AYEVELA . . .
AmaJuda namaproselithe ezwa izindaba ezinhle ngePhentekoste lika-33 C.E. ayevela eParte, eMediya, e-Elamu, eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya, eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya, eRoma, eKrethe, nase-Arabhiya. Baningi ababhapathizwa. Ucabanga ukuthi yini abayenza uma bephindela emakhaya?
[Ibhokisi ekhasini 33]
AMABANDLA AYISIKHOMBISA
UJesu wathumela izigijimi emabandleni ayisikhombisa e-Asia Minor. Phawula ukuthi ayekuphi: ibandla lase-Efesu nelaseSmirna ayengasogwini; elasePhergamu, eFiladelfiya, naseLawodikeya ayephakathi nezwe; elaseThiyathira lalingasemfuleni; elaseSardesi lisendleleni eyinhloko ehamba abathengisi. Imivubukulo yale mizi iqinisekisa ukuthi iBhayibheli likhuluma ngezindawo ezazikhona ngempela.
[Ibalazwe elisekhasini 32]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ukusasazeka KobuKristu
Izindawo Ezasheshe Zafinyelelwa Ngezindaba Ezinhle
B1 I-ILIRIKU
B1 I-ITALIYA
B1 IRoma
C1 IMAKEDONIYA
C2 IGRISI
C2 I-Athene
C2 IKRETHE
C3 IKhurene
C3 ILIBHIYA
D1 IBHITHINIYA
D2 IGALATHIYA
D2 I-ASIYA
D2 IFRIGIYA
D2 IPHAMFILIYA
D2 IKHUPRO
D3 IGIBHITHE
D4 ITOPIYA
E1 IPHONTU
E2 IKHAPHADOSIYA
E2 IKHILIKHIYA
E2 IMESOPHOTHAMIYA
E2 ISIRIYA
E3 ISAMARIYA
E3 IJerusalema
E3 IJUDIYA
F2 IMEDIYA
F3 IBhabhiloni
F3 I-ELAMU
F4 I-ARABHIYA
G2 IPARTE
[Amachibi amanzi]
C2 ULwandle LwaseMedithera
D1 ULwandle Olumnyama
E4 ULwandle Olubomvu
F3 IPersian Gulf
[Ibalazwe elisekhasini 32, 33]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Uhambo LukaPawulu
Uhambo Lokuqala Eyisithunywa Sevangeli (IzE 13:1–14:28)
H3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
H3 ISelukiya
G4 IKHUPRO
G3 ISalami
G4 IPhafu
G3 IPHAMFILIYA
F3 IPherga
F3 IPHISIDIYA
F2 I-Antiyokiya (yasePhisidiya)
G2 I-Ikoniyu
G2 ILIKAWONIYA
G2 IListra
G3 IDerbe
G2 IListra
G2 I-Ikoniyu
F2 I-Antiyokiya (yasePhisidiya)
F3 IPHISIDIYA
G3 IPHAMFILIYA
F3 IPherga
F3 I-Ataliya
H3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
Uhambo Lwesibili Eyisithunywa Sevangeli (IzE 15:36–18:22)
H3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
H3 ISIRIYA
H3 IKHILIKHIYA
H3 ITarsu
G3 IDerbe
G2 IListra
G2 I-Ikoniyu
F2 I-Antiyokiya (yasePhisidiya)
F2 IFRIGIYA
G2 IGALATHIYA
E2 IMISIYA
E2 ITrowa
E1 ISAMOTRAKE
D1 INeyapholi
D1 IFilipi
C1 IMAKEDONIYA
D1 I-Amfipholi
D1 IThesalonika
D1 IBhereya
C2 IGRISI
D2 I-Athene
D2 IKorinte
D3 I-AKHAYA
E2 I-Efesu
G4 IKhesariya
H5 IJerusalema
H3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
Uhambo Lwesithathu Eyisithunywa Sevangeli (IzE 18:22–21:19)
H3 ISIRIYA
H3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
G2 IGALATHIYA
F2 IFRIGIYA
H3 IKHILIKHIYA
H3 ITarsu
G3 IDerbe
G2 IListra
G2 I-Ikoniyu
F2 I-Antiyokiya (yasePhisidiya)
E2 I-Efesu
E2 I-ASIYA
E2 ITrowa
D1 IFilipi
C1 IMAKEDONIYA
D1 I-Amfipholi
D1 IThesalonika
D1 IBhereya
C2 IGRISI
D2 I-Athene
D2 IKorinte
D1 IBhereya
D1 IThesalonika
D1 I-Amfipholi
D1 IFilipi
E2 ITrowa
E2 I-Asu
E2 IMithilene
E2 IKHIYO
E2 ISAMO
E3 IMilethu
E3 IKhose
E3 IRODU
F3 IPathara
H4 IThire
H4 IPhetolemayi
G4 IKhesariya
H5 IJerusalema
Uhambo Oluya ERoma (IzE 23:11–28:31)
H5 IJerusalema
G4 IKhesariya
H4 ISidoni
F3 IMira
F3 ILIKHIYA
E3 IKinidu
D3 IKRETHE
D4 IKHAWUDA
A3 IMELITHA
A3 ISISILI
A3 ISirakhuse
A1 I-ITALIYA
B2 IRegiyu
A1 IPhutheyoli
A1 IRoma
Imigwaqo Emikhulu (Bheka encwadini)
[Amabandla ayisikhombisa]
E2 IPhergamu
E2 IThiyathira
E2 ISardesi
E2 ISmirna
E2 I-Efesu
F2 IFiladelfiya
F2 ILawodikeya
[Ezinye Izindawo]
E3 IPHATMOSE
F2 IKolose
F5 I-Aleksandriya
F5 IGIBHITHE
G1 IBHITHINIYA
G5 IJopha
G5 ILida
G5 IGaza
H1 IPHONTU
H2 IKHAPHADOSIYA
H4 IDamaseku
H4 IPhela
[Amachibi amanzi]
D4 ULwandle LwaseMedithera
[Isithombe ekhasini 33]
Inkundla yezemidlalo eMilethu, umuzi uPawulu ahlangana kuwo nabadala base-Efesu
[Isithombe ekhasini 33]
I-altare likaZeyusi ePhergamu. AmaKristu akulo muzi ayehlala “lapho isihlalo sobukhosi sikaSathane” sasikhona—IsAm 2:13