Isahluko 4
Kunini Lapho Kuwukweqisa Khona?
Iqiniso noma amanga . . .
Kungakhathaliseki ukuthi kungaphansi kwaziphi izimo, abantu ababili abapholayo akufanele bathintane.
□ Iqiniso
□ Amanga
Abantu ababili abangabenzi ubulili basengaba necala lobufebe.
□ Iqiniso
□ Amanga
Uma abantu ababili abapholayo bengazenzi izenzo ezivusa inkanuko, kusho ukuthi abathandani ngempela.
□ Iqiniso
□ Amanga
NGOKUNGANGABAZEKI uye wacabanga kaningi ngale ndaba. Phela uma kunomuntu ophola naye, kungaba nzima ukwazi ukuthi kufanele nihambe nigcinephi lapho nibonisana uthando. Ake sixoxe ngala maphuzu amathathu sibone ukuthi ayiqiniso noma angamanga yini nokuthi iZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani ukuba siphendule lo mbuzo, “Kunini lapho kuwukweqisa khona?”
● Kungakhathaliseki ukuthi kungaphansi kwaziphi izimo, abantu ababili abapholayo akufanele bathintane.
Amanga. IBhayibheli alizenqabeli izenzo zokubonisana uthando ezifanele nezihlanzekile. Ngokwesibonelo, lisitshela ngendaba yentombi yomShulamiti eyayithandana nomfana ongumelusi. Ukuqomisana kwabo kwakuhlanzekile. Nokho, kusobala ukuthi bazenza izenzo ezithile zothando ngaphambi kokuba bashade. (IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:2; 2:6; 8:5) Namuhla, eminye imibhangqwana ezimisele ngempela ngokushada ingase ibe nomuzwa ofanayo wokuthi izenzo ezithile zothando ziyafaneleka.a
Noma kunjalo, abantu ababili abapholayo kumelwe baqaphelisise. Ukuqabulana, ukugonana, noma ukwenza noma yini evusa imizwa yobulili kungaholela ekuziphatheni okubi ngokobulili. Kulula kakhulu ngisho nangabantu abanezinhloso eziqotho ukuba bahluleke ukuzithiba futhi baziphathe kabi ngokobulili.—Kolose 3:5.
● Abantu ababili abangabenzi ubulili basengaba necala lobufebe.
Iqiniso. Igama lokuqala lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ubufebe” (por·neiʹa) linencazelo ebanzi. Lichaza zonke izinhlobo zobulili bangaphandle komshado futhi ligxile ekusetshenzisweni kabi kwezitho zobulili. Ngakho, ubufebe abuhlanganisi nje kuphela ukwenza ubulili kodwa nezenzo ezinjengokushaya omunye umuntu indlwabu, kanye nokwenza ubulili obuhilela umlomo noma indunu.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli alilahli ubufebe nje kuphela. Umphostoli uPawulu waphendula: “Imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi.” Wanezela: “Labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-21.
Kuyini “ukungcola”? Igama lesiGreki lihlanganisa ukungcola kwazo zonke izinhlobo, ngenkulumo noma ngezenzo. Ngokuqinisekile kungaba ukungcola ukufaka izandla ngaphansi kwezingubo zomunye, ukumkhumula, noma ukumpotopotoza izindawo zangasese, njengamabele. EBhayibhelini ukupotoza amabele kuhlotshaniswa nezinjabulo ezigcinelwe abantu abashadile.—IzAga 5:18, 19.
Enye intsha izephula ingcaca izimiso zikaNkulunkulu. Yeqisa ngamabomu, noma ngobugovu ifune abantu abaningi engenza nabo izenzo zobulili ezingcolile. Intsha enjalo ingase ibe necala lalokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “ukuziphatha okubi.” Igama lesiGreki elisho “ukuziphatha okubi” lichaza ‘izenzo ezimbi ngokwesabekayo, ukweqisa, indelelo, nenkanuko engalawuliwe.’ Ngokuqinisekile ngeke ufune ‘ukungabi nawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle’ ngokuzinikela ‘ekuziphatheni okubi ukuze wenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.’—Efesu 4:17-19.
● Uma abantu ababili abapholayo bengazenzi izenzo ezivusa inkanuko, kusho ukuthi abathandani ngempela.
Amanga. Ngokuphambene nalokho abanye abangase bakucabange, ukwenza izenzo zobulili ezingafanele akubuqinisi ubuhlobo. Kunalokho, kuqeda ukuhloniphana nokwethembana. Cabanga ngokwenzeka kuLaura. Uthi: “Ngelinye ilanga isoka lami lafika ekhaya umama engekho, lithi lizobukela i-TV. Ekuqaleni lamane nje langibamba isandla. Kwathi ngingalindele, izandla zalo zaqala ukungithinta kwezinye izindawo. Ngangesaba ukulitshela ukuba lingiyeke; ngacabanga ukuthi lizocasuka bese lifuna ukuhamba.”
Ucabangani wena? Ingabe isoka likaLaura lalimkhathalela ngempela, noma ngobugovu lalifuna ukuzanelisa lona? Ingabe umuntu ozama ukukwenzisa izenzo ezingcolile usuke ebonisa ukuthi uyakuthanda ngempela?
Lapho umfana ecindezela intombazane ukuba yenze okuphambene nokuqeqeshwa kwayo kobuKristu nonembeza wayo, wephula umthetho kaNkulunkulu futhi akabonisi ukuthi uyithanda ngempela. Ngaphezu kwalokho, intombazane ekuyekayo kwenzeke lokhu, isuke ivumela ukuba kudlalwe ngayo. Okubi nakakhulu, isuke yenze isenzo esingcolile—mhlawumbe ngisho nobufebe.b—1 Korinte 6:9, 10.
Bekani Imingcele Ecacile
Uma niphola, ningakugwema kanjani ukubonisana izenzo zothando ezingafanele? Inkambo ehlakaniphile ukuba nibeke imingcele ecacile kusengaphambili. IzAga 13:10 zithi: “Kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.” Ngakho xoxa nomuntu othandana naye ngokuthi yiziphi izenzo zokubonisa uthando ezifanele. Ukulinda kuze kube yilapho sekuvuke imizwa yothando andukuba nibeke imingcele, kufana nokulinda kuze kube yilapho indlu yakho isha andukuba ufake inhlabamkhosi.
Kuyavunywa, ukuxoxa ngodaba olubucayi kangaka kungaba nzima—kuze kuniphathise namahloni—ikakhulu uma nisanda kuqomisana. Kodwa ukubeka imingcele kungafeza lukhulu ekuvimbeni izinkinga ezinkulu kamuva. Imingcele ehlakaniphile ingafana nenhlabamkhosi ekhalayo lapho kuthungeleka umlilo. Ngaphezu kwalokho, ukukwazi kwenu ukuxoxa ngalolu daba kungase kube inkomba yokuthi ubuhlobo benu buyophumelela kangakanani. Empeleni, ukuzithiba, ukubekezela nokungabi nabugovu kuyisisekelo sobuhlobo bobulili obanelisayo emshadweni.—1 Korinte 7:3, 4.
Yiqiniso, ukubambelela ezimisweni zikaNkulunkulu akulula. Kodwa ungasethemba iseluleko sakhe. Ingani ku-Isaya 48:17 uzichaza ngokuthi ‘uyiLowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.’ UJehova ukufisela okuhle kodwa!
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 24
Ukuhlala umsulwa akukwenzi ube umuntu ongaphilile. Kunalokho, kuyinkambo ehlakaniphile. Thola ukuthi kungani.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwezinye izingxenye zomhlaba, kubhekwa njengokuyichilo nokucasulayo ukuba abantu abangashadile babonisane izenzo zothando obala. AmaKristu ayaqaphela ukuba angenzi ngendlela engakhubekisa abanye.—2 Korinte 6:3.
b Amaphuzu okukhulunywa ngawo kulesi sigaba asebenza kubafana namantombazane.
UMBHALO OYINHLOKO
“Uthando . . aluziphathi ngokuhlazisayo.”—1 Korinte 13:4, 5.
ICEBISO
Lapho nizikhipha, hambani neqembu noma niqikelele ukuthi ninombheki. Gwemani izimo ezinganifaka enkingeni, njengokuba nodwa emotweni emile noma endlini.
UBUWAZI . . . ?
Uma senithembisene umshado, kudingeka nixoxe ngezindaba ezibucayi. Kodwa izingxoxo ezihloselwe ukuvusa inkanuko ziwuhlobo lokungcola—ngisho noma nixoxa ngocingo noma nithumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini.
ENGIZOKWENZA!
Ngingakugwema ukulingelwa ukuba ngidlale ngokuziphatha okubi ngoku- ․․․․․
Uma umuntu engiphola naye ezama ukungicindezela ukuba ngiziphathe ngendlela engcolile, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Yimiphi imingcele ongayibeka endabeni yokuthintana nomuntu wobulili obuhlukile?
● Chaza umehluko phakathi kobufebe, ukungcola nokuziphatha okubi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 46]
‘‘Mina nesoka lami sesifunde izihloko ezisekelwe eBhayibhelini ezikhuluma ngokuhlala umsulwa. Siyayazisa indlela ezisisize ngayo ukuba sihlale sinonembeza ohlanzekile.’’—ULeticia
[Ibhokisi ekhasini 44]
Kuthiwani Uma Seqisile?
Kuthiwani uma usuziphathe ngendlela engafanele? Ungazikhohlisi ucabange ukuthi ungazixazululela wedwa le nkinga. Omunye osemusha uyavuma: “Ngangithandaza ngithi, ‘Ngicela usisize singaphinde sikwenze.’ Ngezinye izikhathi kwakuphumelela, kodwa izikhathi ezimbalwa akuphumelelanga.” Ngakho-ke, khuluma nabazali bakho. IBhayibheli linikeza nalesi seluleko esihle: ‘Biza amadoda amadala ebandla.’ (Jakobe 5:14) Laba belusi abangamaKristu bangakunika iseluleko, amacebiso nesiyalo ukuze ukwazi ukulungisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu.
[Izithombe ekhasini 47]
Ingabe ubungalinda indlu yakho ize igqamuke amalangabi andukuba ufake inhlabamkhosi? Musa-ke ukulinda kuze kube yilapho sekuvuke imizwa yobulili andukuba ubeke imingcele ekuziphatheni kwenu