Injongo KaNkulunkulu Yokuba Abathile ‘Bazalwe Ngokusha’
“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Ungamangali ngokuba ngithé kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.”—Johane 3:5, 7.
1, 2. (a) Yini okumelwe siyiqonde futhi siyiqaphele ngaphambi kokuba injongo kaNkulunkulu yokuba abathile ‘bazalwe ngokusha’ ichazwe ngokwanelisayo? (b) Ibuphi ubufakazi iZwi likaNkulunkulu elibunikezayo maqondana nokulunga kwakhe, nokho ukulunga kwakhe akumfuni ukuba enzeni?
NGAPHAMBI kokuba sichaze ngokwanelisayo injongo kaNkulunkulu yokuba abathile ‘bazalwe ngokusha,’ kudingeka siqonde futhi siqaphele okuthile ngezimfanelo eziyinhloko zikaJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe maqondana nomhlaba nomuntu.
2 Ubufakazi beZwi likaNkulunkulu busishiya singenakuthandabuza ngokuthi enye yezimfanelo ezivelele zikaNkulunkulu iwukulunga. Futhi, ukulunga kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. (Duteronomi 32:4; IHubo 89:14) Nokho, ukuba kwakhe olungileyo, akumbopheleli ekubeni anikeze zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile umusa ngokulinganayo. Ngokwesibonelo, wadala abanye baba izidalwa zomoya, izingelosi, eziphakeme kakhulu kunabantu. Futhi akazivuzi zonke izidalwa zakhe ezithembekile zasemhlabeni ngendlela efanayo. Ngakho-ke uJesu wathi maqondana noJohane uMbhapathizi “omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.” (Mathewu 11:11) Lawa amaphuzu esenza kahle ukuwakhumbula lapho sicabangela lendaba ‘yokuzalwa ngokusha.’
Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Nomuntu
3. Yiliphi ithemba elijabulisayo elalibekwe phambi kuka-Adamu noEva ngemva kokudalwa kwabo?
3 Ukuze siqonde injongo kaNkulunkulu yokuba abantu abathile ‘bazalwe ngokusha,’ kudingeka siqonde izimo ezibangela uNkulunkulu anqume ukuba abanye ‘bazalwe ngokusha.’ Lapho siphindela emuva kubazali bethu bokuqala, sithola ukuthi uNkulunkulu wabanikeza lomyalo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse . . . nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) UAdamu noEva babengabantwana abaphelele bakaNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu ababeka ensimini ethandekayo eyipaki, egcwele izinhlobonhlobo zezilwane ezinhle nezimbali nezithelo ezimnandi, ngempela isabelo sabo sasingesijabulisayo. Njengoba beqhubeka benqoba umhlaba futhi bewugcwalisa ngabantu abanjengabo, ekugcineni umhlaba wonke wawuyoba ipharadesi eligcwele abantu abaphelele, ngisho njengoba uAdamu noEva babephelele. Yeka ithemba elimangalisayo elalibekwe phambi kwabo!
4, 5. (a) Kungani abazali bethu bokuqala bahluleka ukufeza injongo kaNkulunkulu yokubadala? (b) Ngakho-ke uJehova ulungiselele ukuba injongo yakhe maqondana nomhlaba nomuntu ifezwe ubani?
4 Nokho, abazali bethu bokuqala babentula ukwazisa wonke amalungiselelo kaNkulunkulu ngabo futhi baphula umthetho wakhe. Ngakho-ke uNkulunkulu wabakhipha emkhayeni wamadodana akhe futhi wabagwebela ukufa. Ngenxa yalokho, yonke inzalo yabo iye yazalwa iyizoni eziphansi kokufa. (Genesise 3:19; Roma 5:12) Abazali bethu bokuqala noma inzalo yabo ayikwazanga ukufeza umyalo kaNkulunkulu wokuqala emkhayeni wesintu. Ingabe lokhu kusho ukuthi izinjongo zikaNkulunkulu maqondana nomhlaba nomuntu azinakuphumelela? Lutho neze, ngoba iZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ngokuthi izinjongo zakhe azehluleki nanini.—Isaya 46:10, 11; 55:10, 11.
5 Khona-ke, injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni maqondana nomhlaba nomuntu iyofezwa kanjani? NgeNzalo, njengoba uNkulunkulu abikezela ensimini yase-Edeni nanjengoba athembisa noAbrahama. LeyoNzalo umphostoli uPawulu ubonisa ukuthi ngokuyinhloko inguJesu Kristu.—Genesise 3:15; 22:17, 18; Galathiya 3:16, 29.
Indlela Injongo KaNkulunkulu Yasekuqaleni Eyogcwaliseka Ngayo
6. UNkulunkulu walungiselela ukuba inzalo ka-Adamu ibuyiselwe emkhayeni kaNkulunkulu ngayiphi indlela?
6 UJesu Kristu wayengayibangela kanjani injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ukuba igcwaliseke? Okokuqala, ngokususa ukulahlwa okusemkhayeni wesintu okwabangelwa ukuhlubuka kuka-Adamu. UJesu wayekwazi ukwenza lokhu ngoba wazalwa njengomuntu ophelele; uJehova uNkulunkulu—hhayi umyeni kaMariya uJosefa—enguYise. Eqinisweni uJesu wakufeza lokhu kususwa kokulahlwa ngokufa esigxotsheni sokuhlushwa njengomhlatshelo. Eqinisweni, esinye sezizathu zakhe eziyinhloko zokuza emhlabeni kwakuwukunikezela ngokuphila kwakhe njengesihlengo. Ngakho-ke wavula indlela ngenzalo ka-Adamu ukuba ibuyiselwe emkhayeni owamukelwa uJehova.—Mathewu 20:28.
7. Kungenxa yasiphi isisekelo ukuthi uJesu wavuswa kwabafileyo ewumoya?
7 Nokho, uMhlengi ofile wayengenakubazuzisa abantu. Ngakho-ke, uJehova uNkulunkulu wavusa uJesu Kristu ngosuku lwesithathu, ‘wamenza waphila emoyeni.’ (1 Petru 3:18) UJehova wenza lokhu ngokwesisekelo sokwakwenzeke eJordan lapho uJesu ebhapathizwa. Lapho, ngomoya wakhe ongcwele, uNkulunkulu wayezale uJesu njengeNdodana yakhe ezelwe ngomoya. UJohane uMbhapathizi akabonanga nje umoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaJesu ngesimo sejuba kodwa futhi wezwa izwi likaNkulunkulu lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”—Mathewu 3:16, 17; Heberu 10:5-10.
8. Ukwenezela ‘ekuzalweni ngokusha’ eJordani, uJesu futhi wagcotshelwa ini?
8 Ngakho-ke uJesu akabanga nje iNdodana kaNkulunkulu engokomoya, kodwa futhi uMesiya, uKristu noma oGcotshiweyo ukuba abe yinkosi yombuso kaNkulunkulu. Futhi, ngesikhathi esifanayo wagcotshwa ukuba abe umpristi omkhulu ngenxa yesintu esifayo, ukuze asuse ukugogeka kwesono. (Heberu 7:26) Futhi, amazwi kaIsaya 61:1, 2 manje asebenza kuye: “Umoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo, ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo.” UJesu wayezalwe ngomoya, ‘ezalwe ngokusha.’ NjengeNdodana kaNkulunkulu egcotshwe ngomoya waqhubeka ethembekile kwaze kwaba sekufeni, naphezu kwakho konke lokho uSathane uDeveli azama ukukwenza ukuze abangele uJesu aphule ubuqotho bakhe. Ngakho-ke uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.
9. Ngenxa yokwethembeka kukaJesu kuze kube sekufeni uNkulunkulu wamhlomisa kanjani ngokuphelele futhi ngenxa yayiphi injongo?
9 “Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke.” (Filipi 2:9-11) Iqiniso lokuthi uJesu wavuka kwabafileyo lafakazelwa ofakazi abangamakhulu. Ngokushesha nje ngemva kokubuyela kuYise ezulwini, watshela abafundi bakhe: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Manje wayehlonyiswe ngokuphelele ngelungelo lokubuyisela isintu ngenxa yokufa kwakhe njengomhlatshelo, futhi nangamandla okwenza kanjalo, ngenxa yokuvuka kwakhe nokwenyukela esandleni sokunene sikaNkulunkulu ezulwini. (Luka 22:69) Ngakho-ke uJesu Kristu manje usesimweni sokubangela injongo kaNkulunkulu yokuqala maqondana nomhlaba nomuntu igcwaliseke. Ngakho-ke, kuyena, kugcwaliseka zonke iziprofetho zobuMesiya.—Bheka IHubo 72; Isaya 9:6, 7; 11:1-10.
Isizathu Sokuba Abanye ‘Bazalwe Ngokusha’
10, 11. (a) Ibuphi ubufakazi obungokomBhalo obubonisa ukuthi uJesu uyoba nabangane embusweni wakhe? (b) Bangaki abayohlanganyela kulelilungelo, futhi sazi kanjani ukuthi inani eliveziwe kumelwe lithathwe njengelingokoqobo?
10 Ingabe uJesu Kristu uyofeza zonke lezizinto ngokwakhe eyedwa? Cha. Ingabe uyobusa kanye nezingelosi kuhulumeni wakhe? Cha. Abayohlanganyela naye ekugcwaliseni lezoziprofetho zobuMesiya kuyoba abathile ababengabantu emhlabeni, njengoba naye ayeke waba njalo. Kodwa ngaphambi kokuba bahlanganyele kuhulumeni woMbuso kaKristu, nabo, njengaye, kumelwe ‘bazalwe ngokusha’ kuqala ngenkathi besesemhlabeni. Umoya kaJehova osebenza phezu kwabo ubazala njengamadodana angokomoya benethemba lokuphila okuphakade ezulwini. Njengabanjalo banobuhlobo obukhethekile nobuseduze noNkulunkulu, “umoya wobuntwana [aba]memeza ngaye [ba]thi: Aba, Baba!” (Roma 8:15) UJesu ngokuphindaphindiwe waveza lelithemba kubaphostoli bakhe. (Luka 22:28-30; Johane 14:2, 3) Ngokufanayo-ke, nabaphostoli baliphawula lelithemba.—Roma 8:17; 1 Korinte 15:52, 53; 1 Johane 3:2.
11 Bangaki abayozuza lokhu kuma kwasezulwini? Ngokwayo yonke imibhalo ekhuluma ngalokhu labo ‘abayozalwa ngokusha’ bayoba mbalwa uma kuqhathaniswa. Yilokho kanye ebesingakulindela, njengoba lona umvuzo okhetheké kakhulu, isikhundla esiphakeme kakhulu. Ngakho-ke uJesu wathi maqondana nabo: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.” (Luka 12:32) Bayoba bangaki? Umphostoli uJohane uthi ubona amaIsrayeli angokomoya ayizi-144 000 ephawulwe emabunzini awo, futhi lezi-144 000 zimi eNtabeni yaseSiyoni neWundlu uJesu Kristu. Ukuthi kumelwe siqonde lelinani njengelingokoqobo kusobala emongweni wendaba ositshela futhi nange‘sixuku esikhulu, esingenakubalwamuntu.’—IsAmbulo 7:3, 4, 9; 14:1, 3; 20:4, 6.
Abantu Begama Lakhe
12, 13. Iyini injongo kaNkulunkulu yamanje ngalabangane bombuso besikhathi esizayo?
12 Nokho, uJehova uNkulunkulu uwamisele umsebenzi lamakhosi nabapristi besikhathi esizayo ngenkathi besesenyameni njengabantu. Uyini-ke? Njengoba uJesu agcotshelwa ‘ukushumayela izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo,’ ngakho-ke laba bagcotshelwe ukushumayela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu. (Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-21; IzEnzo 8:4, 12) Ngakho-ke uJesu wanikeza abafundi bakhe bakuqala isiyalo sokuvalelisa sokuba ‘benze izizwe zonke abafundi, bababhapathize.’ (Mathewu 28:19, 20) Futhi ngaphambi nje kokuba uJesu anyukele ezulwini, watshela abaphostoli bakhe abathembekile ababeyi-11 ukuthi kwakumelwe ‘babe ofakazi bakhe kuze kube sekupheleni kwezwe.’—IzEnzo 1:8.
13 Enye yezinjongo eziyinhloko zikaNkulunkulu yokuba “izindaba ezinhle” zishunyayelwe ezizweni zonke ‘iwukuzithathela kuzo abantu begama lakhe.’ (IzEnzo 15:14, NW) Njengoba igama likaNkulunkulu linguJehova, laba baziwa njengofakazi bakaJehova. (Isaya 43:10-12) Akukhona ukuthi labalandeli abagcotshiwe bakaJesu Kristu bawukuphela kwabantu abashumayela “izindaba ezinhle” kwabathobileyo, ukuze benze abafundi futhi bafakazele uJehova. Kunalokho, njengoba nje nakuIsrayeli wasendulo imithetho kaJehova yayisebenza nakumfokazi ophakathi kwabo, imiyalo enikezwe uIsrayeli ongokomoya iyasebenza futhi kubangane babo, “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu.”—Johane 10:16; IsAmbulo 7:9.
14. Siyini esinye isibopho esibekwa phezu kwabalandeli abagcotshiwe bakaJesu Kristu?
14 Esinye isibopho esibekwe phezu kwabalandeli bakaJesu Kristu siwukuba baveze isithelo somoya kaNkulunkulu, okungukuthi, “uthando, ukujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babeyobonwa ngothando abalubonakalisa omunye komunye. (Johane 13:34, 35) Yingakho umphostoli uPawulu ebaluleka: “Nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala owonakala ngezinkanuko zenkohliso, nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.” Okubonisa ukuthi lesisibopho sibaluleke kangakanani kumaKristu amazwi aqhubekayo omphostoli: “Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.” (Efesu 4:22-24; 1 Korinte 9:27) Kungokuzibonakalisa bethembekile kuze kube sekufeni kuphela lapho abagcotshiweyo bengathemba ukwamukela “umqhele wokuphila.”—IsAmbulo 2:10.
Injongo Yasekuqaleni KaNKulunkulu Ayikashintshi
15. (a) Iliphi iphutha abaningi abathi bangamaKristu abaye balenza maqondana nenjongo kaNkulunkulu? (b) Lokhu kuye kwaba ngenxa yokuqhanyiswa okunikezwe emibhalweni yamaKristu yesiGreki kwaliphi ithemba?
15 Abaningi abathi bangamaKristu benza iphutha ngokuthi abayinaki injongo yasekuqaleni kaJehova maqondana nomhlaba nomuntu. IZwi lakhe likwenza kube sobala ukuthi yayiyini nokuthi iyini, futhi uyasiqinisekisa ngokuthi akaguquki. (Genesise 1:28; Isaya 45:18; Malaki 3:6) Nokho, imibhalo yamaKristu yesiGreki iqhamisa injongo kaJehova eqhubekayo, eyamenyezelwa ngemva kokuwela kwesintu esonweni, yokukhetha inani lesintu elilinganiselwe, ngesisekelo somhlatshelo kaJesu ukuba libe ababusi neNdodana yakhe embusweni wasezulwini. (Genesise 3:15; 2 Thimothewu 4:7, 8, 18) Bonke laba ngempela okokuqala kuyodingeka ‘bazalwe ngokusha,’ njengoba noJesu Kristu ayenjalo. (Johane 3:3) Nokho, ilungiselelo likaNkulunkulu lensindiso ngesisekelo somhlatshelo kaKristu alipheleli kulabo abanethemba lasezulwini. Lokhu kusobala ngisho nasemiBhalweni YamaKristu YesiGreki.
Insindiso Eyodwa—Amathemba Amabili
16, 17. Imiphi imibhalo ebonisa ukuthi izinzuzo zomhlatshelo kaKristu azilinganiselwe kulabo abanethemba lasezulwini?
16 UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengasezulwini lokhu kusho ukuthi kumelwe kube khona abantu abalungileyo abaphila emhlabeni, okubikezelwe ngabo ukuthi: “UNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Lokhu akunakubhekisela ezulwini, ngoba akukaze lapho kube khona ukukhala, ubuhlungu, ukudabuka noma ukufa.—IsAmbulo 21:3, 4.
17 Okubonisa ukuthi kukhona amaqembu amabili esintu ayozuza emalungiselelweni omusa kaNkulunkulu ngamazwi kamphostoli uPawulu atholakala kumaRoma 8:19-21: “Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo [elinye iqembu] kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu [elinye iqembu]. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.” Ngakho-ke ekugcineni bonke abazuza ngenxa yokholo lwabo emhlatshelweni kaKristu bayojabulela ukuphila njengamadodana kaNkulunkulu—izi-144 000 ‘ezathengwa emhlabeni’ ukuba zibe sezulwini nezigidi eziningi zezinkulungwane eziyojabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:4, 9; 14:3; Mathewu 25:31-34.
18, 19. (a) Yini ebonisa ukuthi ukugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nomuntu kuseduze? (b) Ibaphi abantu abakha umbuso kaNkulunkulu ne‘nzalo ka-Abrahama’? (c) Imuphi umbuzo okusamelwe ucatshangelwe?
18 Kulokhu okwandulelayo kusobala ukuthi injongo yasekuqaleni kaNkulunkulu ngomhlaba nesintu isazogcwaliseka. Futhi ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, ezinjengalezo ezitholakala kuMathewu isahluko 24, Marku isahluko 13, Luka isahluko 21, 2 Thimothewu 3:1-5 nesAmbulo 6:1-8, kubonisa ukuthi lesosikhathi siseduze! Ngenxa yokuhlubuka kukaSathane nokungalaleli kuka-Adamu noEva, uJehova ulungiselele iqembu elinelungelo umvuzo wasezulwini, ayolisebenzisela ukugcwalisa injongo yakhe yasekuqaleni. Yilaba kuphela ‘abazelwe ngokusha.’ Kanye neNkosi yabo noMbusi, uJesu Kristu, benza umbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. Babumba ‘inzalo ka-Abrahama’ ukuze babusise ‘zonke izizwe zomhlaba.’—Genesise 22:18; Galathiya 3:29.
19 Siye sacabangela ukuthi kungani iNdodana kaNkulunkulu nabangani bayo bombuso kumelwe ‘bazalwe ngokusha,’ nokuthi liyini inani labo nezibopho zabo zamanje. Nokho, lombuzo usasele: Iyini-ke ingxenye kaNkulunkulu nengxenye yomuntu ‘ekuzalweni ngokusha’? Umuntu angabona kanjani ukuthi uJehova uNkulunkulu umkhethele ukuba ‘azalwe ngokusha’?
[Isithombe ekhasini 21]
Ekubhapathizweni kwakhe, uJesu waba ngogcotshelwe ukuba yinkosi yombuso kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 24]
UJesu watshela abalandeli bakhe abathembekile ukuthi kwakufanele babe ‘ngofakazi bakhe kuze kube sekugcineni komhlaba’