“Ukuzalwa Ngokusha”—Ingxenye Yomuntu Nengxenye KaNkulunkulu
“Lowo ozelwe uNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe uNkulunkulu.”—1 Johane 3:9.
1, 2. Yini esiye sayifunda (a) maqondana nomphumela wabasindisiwe? (b) maqondana nenjongo kaNkulunkulu yokuba abathile ‘bazalwe ngokusha’?
ESIHLOKWENI esandulelayo siye saphawula ukuthi izigidi eziningi zabathi bangamaKristu zithi ‘zizelwe ngokusha.’ Futhi, siye sabona ngokuvela emiBhalweni ukuthi nakuba kukhona insindiso eyodwa—esekelwe ekukholelweni emhlatshelweni wesihlengo kaKristu—kunemiphumela emibili eyehlukile okumelwe ijatshulelwe yilamaqembu asindisiwe, umphumela ongokwasezulwini nowasemhlabeni.
2 Siye sabona futhi ukuthi uJesu Kristu wazalwa ngokusha ngemva kokubhapathizwa kwakhe eJordani. Khona-ke uJehova uNkulunkulu wabangela umoya ongcwele ukuba wehlele phezu kukaJesu ngesimo sejuba, ngalesosikhathi uNkulunkulu wayevuma uJesu njengeNdodana yakhe ezelwe ngomoya. Siye sabona futhi ukuthi injongo kaNkulunkulu yayiyini ngokwenza ukuba uJesu azalwe ngokusha, okungukuthi, ngemva kokufa nokuvuka kwakhe akhazinyuliswe, abe yiNkosi enamandla yombuso kaNkulunkulu. Siye safunda futhi ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba uJesu Kristu abe nabangani ababusa naye nokuthi laba nabo kumelwe ‘bazalwe ngokusha.’—Mathewu 3:13-17; Johane 1:12; 3:3; Heberu 10:5-10; IsAmbulo 20:6.
3. Abangane boMbuso kaJesu bahluke kanjani kuye lapho kuziwa ‘ekuzalweni ngokusha’ kwabo?
3 Kuthiwani ngalabalandeli abagcotshiwe bakaJesu Kristu? Kunini lapho ‘bezalwa ngokusha’? Iziphi izinyathelo okumelwe bazithathe ngaphambi kokuba uJehova athathe isinyathelo ngenxa yabo, abazale njengamadodana angokomoya? Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayenguYise, uJesu wazalwa njengomuntu ophelele. Eminyakeni engamashumi amathathu kamuva uYise wamzala njengeNdodana engokomoya, wabangela ukuba ‘azalwe ngokusha.’ Kodwa yonke inzalo ka-Adamu izalwa iyizoni, ‘ingabafokazi nezitha ezingokoqobo zikaNkulunkulu ngenxa yokuthi izingqondo zayo zimbi.’ Njengenjalo ayikho esimweni sokuba uJehova asebenzelane nayo futhi ayizale njengamadodana akhe angokomoya.—IHu. 51:5; Kolose 1:21.
Ingxenye Yomuntu: Izinyathelo Eziyisithupha Eziyinhloko
4, 5. (a) Ngaphambi kokuba uNkulunkulu acabangele ababezoba abafundi abayizindlalifa ezingokomoya izinyathelo ezingaki okumelwe laba bazithathe futhi lezi zifuneka kobani? (b) Siyini isinyathelo sokuqala?
4 Iziphi izinyathelo ezidingeka kwabayoba abafundi ngaphambi kokuba uJehova abacabangele ukuba babe amadodana angokomoya? Kukhona izinyathelo eziyisithupha eziqhamile okumelwe laba bazithathe. Kodwa makuphawulwe ukuthi uNkulunkulu ufuna lezi zinto ezifanayo kubo bonke abayoba amaKristu eqiniso futhi bazuze insindiso, kungakhathaliseki ukuthi umvuzo wabo wokugcina uyoba owasezulwini noma wasemhlabeni.
5 Okokuqala, abantu abanjalo kumelwe bangenise ulwazi oluqondile ngoJehova uNkulunkulu uMdali wabo noMniki-Kuphila, nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uMsindisi wabo noMhlengi. (IHu. 36:9; 100:3; Mathewu 20:28; Roma 10:13-15) Emthandazweni kaJesu kuNkulunkulu ngobusuku bakhe bokugcina emhlabeni njengomuntu, wagcizelela ukubaluleka kwalesisinyathelo, ethi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
6. Siyini isinyathelo sesibili okumelwe laba basithathe?
6 Nokho, ulwazi ngokwalo alwanele. Umuntu kumelwe abonise ukholo, njengoba sifunda: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abenokuphila okuphakade.” Yebo njengoba umphostoli uPawulu ekubeka ngokucacile, “ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uNkulunkulu].” Lolukholo lubheka izithembiso zikaNkulunkulu njengezingokoqobo, njengokungathi sezigcwalisekile. Lusho okungaphezulu nje kwenkolelo, ngoba siyakhunjuzwa umfundi uJakobe ukuthi ngisho namademoni ayakholwa futhi athuthumele, nokuthi “nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.”—Johane 3:16; Heberu 11:1, 6; Jakobe 2:19, 26.
7. Uyini umsebenzi wokuqala odingekayo njengobufakazi bokuba komuntu nokholo?
7 Umsebenzi wokuqala odingekayo njengobufakazi bokholo lomuntu uwukuphenduka. Yebo, umuntu kumelwe ukuba aphenduke enkambweni yakhe embi futhi ayeke ukwenza isono ngamabomu. Lapho uJesu eqala ukushumayela wathi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:17) Ngomuntu ukuze aphenduke enkambweni yakhe embi kumelwe ayiyeke. Kumelwe azisole ngokujulile, adabuke ngayo. Eqinisweni kuyisibopho ngabo bonke abayozuza ukuphila emhlabeni oyipharadesi ukuba nabo benze lokhu, ngoba “ababi bonke uyakubabhubhisa.”—IHu. 145:20.
8. Ukuphenduka ezonweni zomuntu kumelwe kulandelwe isiphi isinyathelo?
8 Nokho, ukuyeka nje ukwenza izono akwanele. Umuntu kumelwe athathe isinyathelo sokuguquka. Okungukuthi, kumelwe aguquke futhi enze intuthuko kolunye uhlangothi. Kumelwe alalele iseluleko uPetru asinikeza amaJuda osukwini lwakhe: “Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.” Yebo, ‘yenzani imisebenzi efanele ukuphenduka.’ (IzEnzo 3:19; 26:20) Ukuthi lesisinyathelo siyadingeka ngisho nakubo bonke abathemba ukujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni kusobala emazwini atholakala kuzAga 2:20, 21.
9. (a) Yiziphi izinyathelo ezimbili eziqhubekayo ezidingekayo kulaba, eqinisweni, ezidingeka kubo bonke abazoba abalandeli bakaJesu Kristu? (b) Ukubhapathizwa kukaJesu kwakuyisibonakaliso sani?
9 Khona-ke, njengoba uJesu azinikezela ngokwakhe eJordani ukwenza intando kaYise, ngakho-ke isinyathelo esilandelayo esidingeka kubo bonke abafisela ukuba abalandeli bakaJesu Kristu, kungakhathaliseki ukuthi ithemba labo liyini, siwukuzinikezela ngokwabo kuNkulunkulu. Namuhla, lokhu kuhlanganisa ukuzinikezela kuJehova uNkulunkulu, ngemva kwalokho balandele ezinyathelweni zeNdodana yakhe, uJesu.a (Luka 9:23) Futhi, njengesinyathelo sesithupha kumelwe babonakalise ukuzinikezela futhi benze isivumo sasobala sakho ngokubhapathizwa njengoba uJesu enza.—Mathewu 28:19; qhathanisa nezEnzo 2:41.
Ingxenye Ebaluleke Kakhulu KaJehova UNkulunkulu
10. Iqiniso lokuthi kudingeka ingxenye engaphezu kweyomuntu ukuze umuntu ‘azalwe ngokusha’ lingabonwa kumuphi umfanekiso?
10 Ukuzuza ulwazi ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, ukubonisa ukholo, ukuphenduka, ukuguquka, ukuzinikezela nokubhapathizwa—ingabe ngokuzenzakalelayo lezinyathelo ziphumela ekubeni umuntu ‘azalwe ngokusha’? Akunjalo neze! ‘Awunakuzalwa ngokusha’ ngokomoya ngokwemizamo yakho njengoba wawungenakuzalwa kwasekuqaleni ngemizamo yakho siqu. Njengoba ukuzalwa okungokwenyama kudinga ukufezwa kwendima ethile ngabazali abangabantu, ngakho-ke lokhu kuzalwa ngokomoya, lokhu ‘kuzalwa ngokusha,’ kudinga ukufezwa kwendima ethile nguMzali waphezulu, uJehova uNkulunkulu, nenhlangano yakhe engokwasezulwini, noma “umfazi.” (Isaya 54:1, 5) Ukuphela kwento umuntu othatha izinyathelo ezingenhla angayenza ukuzibeka ohlwini ‘lokuzalwa ngokusha,’ uma lokho kuyintando kaNkulunkulu.
11. Uma kuyintando kaNkulunkulu, isiphi isinyathelo asithatha kulabo abaye benza ingxenye yabo?
11 Ngenxa yokungapheleli kwesintu esikuzuze ngefa, uNkulunkulu ngokwakhe manje uthatha isinyathelo ngenxa yalabo bantu ajabulela ukubabizela embusweni wasezulwini. Kungakho sifunda ukuthi: “Sesilungisisiwe ngokukholwa.” Ukukholelwa kukuphi? Ukukholelwa emhlatshelweni kaKristu, ngoba kulotshiwe: “Sesilungisisiwe ngegazi lakhe.” (Roma 5:1, 9) Phawula ukuthi akuyena umuntu ngokwakhe kodwa uNkulunkulu olungisisa umuntu ngokomthetho. Lokhu kumnikeza ukuma okwehlukile kulokho kwe“ndalo,” isintu ngokuvamile okumelwe silindele “ukwambulwa kwabantwana [abangokomoya] bakaNkulunkulu” ngaphambi kokuba ‘bakhululwe ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana [basemhlabeni] bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:19-22) Kanjalo-ke labo uNkulunkulu abalungisisayo banelungelo lokuphila okuphelele abakunikwayo. Ngenxa yalokhu, uJehova uNkulunkulu manje angathatha isinyathelo esiqondile phezu kwabo ngomoya wakhe.—Roma 8:33.
12. ‘Ukuzalwa ngokusha’ kwahambisana nasiphi isenzo endabeni kaJesu nabafundi bakhe bokuqala, futhi kungani sayekwa?
12 Labo uNkulunkulu abalungisisayo manje ubazala njengabantwana bakhe abangokomoya. Kanjani? Ngomoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku, awabangela ukuba asebenze ngenxa yabo, okuphumela ekubeni ‘bazalwe ngokusha.’ Endabeni kaJesu nakuleyo yabafundi bakhe ababebuthene ngosuku lwePentekoste, uNkulunkulu wabonisa ukubazala kwakhe njengamadodana angokomoya ngesenzo esingavamile. Nokho, lapho izincwadi ezifakazela ubuKristu beqiniso sezimiswe ngokuqinile, kwakungasadingeki izibonakaliso ezinjalo, futhi lezo ‘zapheliswa.’—Mathewu 3:16; IzEnzo 2:3; 10:44-48; 1 Korinte 13:8-10.
13. “Amanzi” no“moya” kubhekisela kuphi? (Johane 3:5)
13 Lelilungiselelo lokuzalwa ngokusha ngokomoya liyilokho uJesu ayebhekisele kukho lapho ethi kumbusi uNikodemu owayengumJuda: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe, Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokhu okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe ngoMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.” (Johane 3:1, 5-7) Amazwi okubhekiselwe kuwo lapha ngokungangabazeki abhekisele emanzini angokoqobo okubhapathizwa. Kuthiwani-ke ngomoya? Kubhekiselwe emoyeni ongcwele uJehova awusebenzisa phezu komuntu.
14. “Ukubizwa” noku“khethwa” kuquketheni, futhi lamaKristu agcotshwa futhi athunyelwe yiphi injongo?
14 ImiBhalo ikhuluma ngalabo ‘abazalwa ngokusha’ ‘njengababiziwe.’ Lokhu kubizwa kubo kuyisimemo esivela kuNkulunkulu ngokwakhe sokuba babe abahlanganyeli noJesu Kristu. Labo abasabela esimemweni ‘bayakhethwa.’ (IsAmbulo 17:14) Baba yingxenye yebandla ‘elikhethiwe’ elikuthunywa kwalo kuwuku‘shumayela ubukhosi’ bukaJehova uNkulunkulu. (1 Petru 2:9) LamaKristu ‘azelwe ngokusha’ agcotshwe ngomoya kaNkulunkulu ongcwele ukuba ashumayele njengoba noJesu ayenjalo. Ngakho-ke siyafunda: “Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, uNkulunkulu.”—Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-21; 2 Korinte 1:21.
15. Umoya ubunikeza kanjani ubufakazi ‘ekuzalweni ngokusha’ komuntu, futhi lolokholo luqiniswa ngani?
15 Maqondana nalaba ‘abakhethiweyo’, umphostoli uPawulu wafakaza: “Yena lowoMoya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:16) Umoya ongcwele kaNkulunkulu ukwenza kanjani lokhu? Ngokufaka kulamaKristu ithemba lasezulwini. “Ngokwesihawu sakhe [uNkulunkulu] esikhulu sokuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe-nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini.” (1 Pet. 2:3, 4) Njengoba lawa egcina ubuhlobo obuhle noYise wawo wasezulwini, yena, uyawaqinisa ngokukholwa kokuthi ngempela angamaKristu ‘azelwe ngokusha.’
Umuntu Angaqiniseka Kanjani?
16. ‘Inceku ethembekileyo neqondayo’ iye yabeka ukugcizelela ethembeni lasemhlabeni kusukela nini, futhi lokhu kuholela kusiphi isiphetho?
16 Labo abahlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle zombuso ezikhathini zanamuhla bayaqiniseka ngokuthi uJehova uNkulunkulu uhola izinceku zakhe ezizinikezele ngeNhlangano yakhe ebonakalayo ezelwe ngomoya, ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Ngaphansi kokuqondisa kwayo ithemba lasezulwini lavezwa, laqhanyiswa futhi lagcizelelwa kwaze kwaba cishe ngonyaka ka-1935. Njengoba ‘ukukhanya kwanda’ ukuze kwambule ngokucacile “isixuku esikhulu” sesAmbulo 7:9, ukugcizelela kwaqala ukubekwa ethembeni lasemhlabeni. (IHubo 97:11) Ngakho-ke, kungokunengqondo ukuphetha ngokuthi ngalesosikhathi inani eligcwele lezi-144 000 kwakusondele ukuba ligcwaliswe. Yebo, noma yibaphi abantu ababonakala bengathembekile babeyodinga ukuthathelwa isikhundla ngabanye. Kodwa ngokuqondakalayo, laba babeyoba abambalwa uma kuqhathaniswa. Futhi laba babeyothathelwa obani izikhundla? Kubonakala kunengqondo futhi ukuphetha ngokuthi kunokwenzeka kakhulu lelithemba lasezulwini laliyokwedluliselwa kwabathile abaye babekezela ngobuqotho, abaye banamathela ekuzinikezeleni kwabo iminyaka eminingi, kunokuba linikezwe abantu abasanda kuzinikezela abangakavivinywa. (Qhathanisa noLuka 22:28-30.) Nokho, ngokwemibiko esinayo kubonakala ukuthi ngisho namaKristu asanda kubhapathizwa aye azicabangela ‘njengazelwe ngokusha.’
17. Hlobo luni lwemizwelo olwabangela abathile ukuba bacabange ngokuphambene ngokuthi uNkulunkulu uye wabanikeza ithemba lasezulwini?
17 Noma obani abazinikezele ezikhathini zamuva nje futhi babhapathizwa nabazicabangela ukuthi ‘bazelwe ngokusha’ kungaba benza kahle uma becabangela ngokungathi sína imibuzo elandelayo: Yiziphi izizathu onazo zokuba nomuzwa wokuthi uJehova uNkulunkulu uye wafaka lelithemba kuwe? Ingabe kungaba ngenxa yokuthi uqhutshwa ukuthatheka okungokomzwelo okubangelwa inkolelo edukile owawunayo ngenkathi useBabiloni Elikhulu yokuthi izulu ikhaya labo bonke abantu abalungileyo? Noma ingabe uzizwa ngalendlela ngenxa yokuthi wawuphazamiseke kakhulu ngaphakathi ukuthi ekuqaleni walwa nalomqondo kodwa wakwehlula kancane kancane? Ingabe wakunqoba ngoba wena wawufuna ukuba kube ngaleyondlela, mhlawumbe ngisho ungaqondi? Ukulwa okunjalo khona ngokwakho akukufakazeli ukuthi ‘wazalwa ngokusha.’
18. Kungani ukwazisa ngokujulile izinto ezingokomoya khona ngokwakho kungenakufakazela ukuthi umuntu ‘uzelwe ngokusha’?
18 Noma ingabe unomuzwa wokuthi uye wakhethwa uNkulunkulu ukuba ngomunye wabagcotshiwe wabayizi-144 000 ngenxa yokwazisa kwakho ojulile izinto ezingokomoya, ngenxa yokuthanda ngokujulile amaqiniso angokomoya? Khona-ke phawula ukuthi abaningi abangasho neze ukuthi ‘bazelwe ngokusha’ ‘bangabantu abangokomoya’ ngokomqondo ophelele wezwi. (1 Korinte 2:14, 15) Futhi akukho kungabaza ngamandla angokomoya alawomadoda nabesifazane bokholo abahlelwe kumaHeberu isahluko 11. Akukho noyedwa walaba ‘owayezelwe ngokusha.’ Bonke babheka phambili ‘ovukweni olungcono [lokuphila ngaphansi kombuso kaNkulunkulu]’ khona lapha emhlabeni.—Heberu 11:35.
19. (a) Kungani intshiseko enkulu ingafakazeli ngokuyinhloko ukuthi uNkulunkulu uye wanikeza umuntu ithemba elingokwasezulwini? (b) Isiphi isehlakalo esibonakala sibonisa ukuthi ukusho kwabathile ukuthi banethemba lasezulwini kungase kube ngenxa yokuntula intobeko?
19 Noma ingabe uzizwa ngalendlela ngenxa yokubonakalisa kwakho intshiseko eyengeziwe kunamanye amaKristu okanye nawo? Kodwa lokho kukodwa kungebe yisici esinqumayo, ngoba umphostoli uPawulu ngokuphindaphindiwe wakuthola kuswelekile ukuyala amaKristu agcotshiwe maqondana nokuba athathe izibopho zawo ezingokomoya ngokungathi sína. (1 Korinte 11:20-22; Galathiya 4:9-11) Noma ingabe ukusho kwakho ukuthi ugcotshiwe kungenxa yokuntula intobeko? Kukhona abathile muva nje abathi bagcotshiwe, kodwa esikhundleni sokwakha ubunye ebandleni baye baba nomuzwa wokuthi kumelwe babe nawabo siqu amaqembu esifundo seBhayibheli. Ngokuphambene, amaKristu avuthiwe ‘azelwe ngokusha’ asondelene eduze nebandla lakubo ngisho nakuba lakhiwe ikakhulu ‘ezinye izimvu.’ (Johane 10:16) Nokho, ‘ukuzalwa ngokusha’ komuntu kuyindaba yomuntu siqu phakathi kukaNkulunkulu nomKristu ngamunye. Akukho muntu okumelwe ahlulele omunye ngalendaba.—Roma 14:10.
20. Ngenxa yalokho okwandulelayo, iziphi iziphetho esifinyelela kuzo ‘ngokuzalwa ngokusha’?
20 Kukho konke lokhu okwandulelayo siphetha ngokuthini? Ngokuthi uJehova uNkulunkulu ulungile, uhlakaniphile futhi unothando. Unelungelo lokwabela izidalwa zakhe ezihlakaniphile izindima zazo ezifanelekile—ezinye ukuba zikhonze injongo yakhe ezulwini, ezinye ukuba zikwenze khona lapha emhlabeni. Akunjengokungathi uhulumeni wasezulwini ungokuthile okumelwe kuzuzwe ngokuzikhethela komuntu siqu nomzamo, noma okokuhahelwa ngobugovu. Kungokuphakeme kangangokuba asikho isidalwa esingumuntu esingakugabadela. Ngempela kungumusa ongafanelekanga omangalisayo uJehova uNkulunkulu awunikeza izidalwa zakhe ezimbalwa, ekuthuthukiseni izinjongo zakhe ezihlakaniphile ezilungile nezibonisa uthando, kodwa hhayi ngenxa yokufaneleka okukhethekile kwazo. ‘Ukuzalwa ngokusha’ ngokwalaba kuphela. (Roma 3:23, 24; 11:33-36) Futhi, ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi kuwumgomo oyilungelo elingenakuchazwa lelo abantu abathambekele kokulungileyo abangase balilwele. (IsAmbulo 21:1, 3, 4) Konke lokhu kuwumusa ongafanelekanga. Akukho muntu okufanele abe ogabadela kangangokuba athi kuJehova ‘Bewenzani?’—Daniyeli 4:35.
[Umbhalo waphansi]
a Njengoba uJesu kakade wayeyilungu lesizwe esizinikezele, ukuya kwakhe kuJehova nokubhapathizwa kwakungesona isibonakaliso sokuzinikezela, kodwa kunalokho, ukuzinikela ngokwakhe kuJehova ukuze aqalise umsebenzi okhethekile uNkulunkulu ayemgcinele ukuba awenze.
[Isithombe ekhasini 28]
Njengoba ukuzalwa okungokwenyama kudinga ukufezwa kwendima ethile ngabazali abangabantu, ngakho-ke lokhu ‘kuzalwa ngokusha’ kudinga ukufezwa kwendima ethile nguBaba no“mfazi” wakhe ongokwasezulwini
[Isithombe ekhasini 30]
IBabiloni Elikhulu liye lafundisa abaningi ukuba bacabange ukuthi bonke abantu abalungileyo baya ezulwini