Ingabe UNkulunkulu Uyayilalela Imithandazo Yakho?
KUNEZIGIDI zezigidi zemithandazo eye yenziwa kuNkulunkulu selokhu uJesu anika abafundi bakhe uMthandazo Oyisibonelo. Abaningi baphindaphinda lomthandazo njengoba unjalo. Nokho abaningi banomuzwa wokuthi eminingi imithandazo ayiphendulwa. Ingabe uNkulunkulu usayilalela imithandazo yethu? Yini eyenza umthandazo wamukeleke kuye?
Okokuqala, kumelwe sikholelwe ukuthi uNkulunkulu uyoyiphendula imithandazo yethu. “Ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”—Heberu 11:6.
Kanjalo imithandazo yethu kumelwe ngempela iyiswe kuNkulunkulu ngobuqotho. Ingabe lokhu kuzwakala kumangalisa? Nokho uJesu waxwayisa: “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini, sebewamukele umvuzo wabo.” (Mathewu 6:5) Ngakho-ke, imikhuleko emide, izwi lokuzenzisa eyenziwa ezindaweni zasobala ukuze ihlabe umxhwele ezilalelini ayimthinti uNkulunkulu. Akayizwa imithandazo enjalo.
Futhi, akumelwe sisondele kuNkulunkulu sifune asiqaphele ngenkani. UNkulunkulu uzwa imithandazo yabantu abathobekile abafuna ukwenza okulungileyo nabakuvumayo ukuba kwabo yizoni.—Luka 18:9-14; 1 Petru 3:12.
Ingabe isimo esithile esikhethekile siyadingeka nxa sikhuleka? Emlandweni weBhayibheli, izikhonzi zikaNkulunkulu zazima ngezindlela ezihlukahlukene nxa zithandaza. Nokho imithandazo yazo yezwiwa. Ezinye zaziguqa ngamadolo; ezinye zazima. UNehemiya wathandaza emi phambi kwenkosi yasePheresiya. UJona wakhala esesiswini senhlanzi enkulu, futhi kungaba nzima ukusho ukuthi wayekusiphi isimo ngalesosikhathi. (Daniyeli 6:10; 1 AmaKhosi 8:22; Nehemiya 2:1-5; Jona 2:1, 2) Ngakho-ke nakuba singafisa ukulandela isimo esithile esiyosisiza ukuze sigxilise izingqondo emthandazweni, into ebalulekile ukuba nesimiso esiqotho sokusondela kuNkulunkulu ngomthandazo. Lokhu singakwenza noma nini, noma kuyiphi indawo nangaphansi kwanoma iziphi izimo.—Efesu 6:18.
Indlela Okuyiyonayona
UJehova uNkulunkulu wamisa indlela okumelwe sisondele ngayo kuye. UJesu wachaza: “Mina ngiyindlela . . . akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”—Johane 14:6.
Abaningi bakholelwa ngobuqotho ukuthi nxa bethandaza egameni lika“santa” othile noma egameni likanina kaJesu wasemhlabeni, uMariya, lokho kuyophumelela. Kodwa nxa sifuna ngempela ukuba “uBaba Wethu” ayiphendule imithandazo yethu, ngempela kumelwe sisondele kuye ngendlela ayimisileyo. Iwukuphela kwendlela yokusondela kuNkulunkulu. Njengoba uJesu asho: “Lokho enikucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.”—Johane 16:23.
Hhayi Ukuphindaphinda
Ngenkathi uJesu esho uMthandazo Oyisibonelo, ingabe wayeqonde ukuba abalandeli bakhe baphindaphinde wona kanye amazwi akhe ngaso sonke isikhathi abakhuleka ngaso kuNkulunkulu? Nokho, wethula umkhuleko ngokuthi: “Anokhuleka kanje nithi ‘hhayi ngalamazwi.’ (Mathewu 6:9) Kwesinye isenzakalo abalandeli bakaJesu bathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka.” Ekuphenduleni, uJesu wenza umthandazo onomqondo ofana nalowo woMthandazo Oyisibonelo kodwa wasebenzisa amazwi ahlukile. Wathi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho: mawufike umbuso wakho, usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla. Usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni.” Ngakho-ke, uMthandazo Oyisibonelo wawuyindlela okumelwe sithandaze ngayo. Usibonisa izinhlobo zezinto okumelwe sizithandazele nokubaluleka kwalezizinto.—Luka 11:1-4.
Ngenxa yalokhu, ingabe uNkulunkulu uyoyilalela imithandazo efundwa ezincwadini zokuthandaza? Uma unengane, ungathanda yini uma ikhuluma nawe kuphela ngamazwi ewafunda encwadini elungiselelwe ngomunye? Noma ungakhetha ukuba izikhulumele ngokusuka enhliziyweni yayo? UJehova uNkulunkulu ngokuqinisekile ukhetha ukuba sikhulume naye ngokusuka enhliziyweni, hhayi ngokusuka encwadini yokuthandaza. INkosi uDavide yathi: “Nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe.” (IHubo 62:8) Ngaphezu kwalokho, uJesu wasixwayisa: “Kodwa nxa nikhuleka ningathemelezi.”—Mathewu 6:7.
Ngokuvumelana Nentando Yakhe
Umphostoli uJohane wasitshela: “Yilesisibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Nansi enye imfuneko yokuba imithandazo yethu izwiwe nguNkulunkulu. Imithandazo yethu kumelwe ivumelane nentando kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, nxa sithandaza kumelwe siqiniseke ukuba senze ngokuvumelana nemithandazo yethu.
UKorneliyu, umphathi wamabutho amaRoma wekhulu lokuqala waye“khuleka kuNkulunkulu njalonjalo.” UJehova wayizwa imithandazo yakhe futhi wamnikeza usizo ukuba afunde ngokwengeziwe ngentando yakhe yaphezulu. Uyafuna yini ukuba uNkulunkulu ayizwe imithandazo yakho? Khona-ke funda iBhayibheli futhi uthole ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ukuze imithandazo yakho ivumelane nayo. Ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukunika uhlobo olufanayo losizo lolo umphostoli uPetru alunika uKorneliyu.—IzEnzo 10:2-5.
“Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka.” (Filipi 4:6, 7, NW) Qhubeka ucela—okokuqala ngezinto eziphathelene noNkulunkulu igama lakhe, umbuso wakhe kanye nentando yakhe. Khona-ke cela izinto eziphathelene nezidingo zakho siqu nezabanye abantu. Yenza kanjalo ngokuvumelana nalokho uJesu akusho eMthandazweni Oyisibonelo. Vumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu zomthandazo, futhi sengathi uJehova angayilalela ngomusa imithandazo yakho.