Umthandazo Oyisibonelo
“Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho, mawufike umbuso wakho mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla, usithethelele amacala ethu njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.”
UNGASE ubize lona ngokuthi uMthandazo Omkhulu. Waziwa kabanzi njengomthandazo ka”Baba Wethu” nangokuthi “UMthandazo WeNkosi” ngoba iNkosi uJesu yawunikeza njengesibonelo kubafundi bayo. (Mathewu 6:9-13) Ungafaneleka uma uqhathaniswa netshe eliyigugu.
UKUBALULEKA KWAWO
Imicabango eyigugu enokubaluleka okukhulu ihlanganisiwe emazwini ambalwa alomthandazo. Ufana nje netshe eliyigugu inani lalo liphakeme kakhulu. Idayimane, ngokwesibonelo liyivela kancane ngokuphindwe ka-120 kunegolide. Inani ledayimane lengezwa amagumbi alo ahlukahlukene acwazimulayo.
AMAGUMBI
Lawa enziwa ngokuba lisikwe. Amagumbi alo kumelwe alingane ncimiji ukuze anikeze ukucwazimula okukhulu. Ngokufanayo, izingxenye zoMthandazo Oyisibonelo ziyacwazimula ngobuhle bazo.
UKUNGAGUGI
‘Idayimane aligugi.’ Bewazi nje ukuthi sekudlule cishe iminyaka engaba yizi-2 000 uMthandazo Oyisibonelo ukhona? Ukubaluleka kwawo akuphuphanga. Ngakho-ke make silihlolisise ngokunakekela lelitshe eliyigugu. Lisho ukuthini?
Izinto Eziphathelene noNkulunkulu ziza kuqala
Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.
Igama loqobo likaNkulunkulu nguJehova. UJesu ‘wenza igama likayise laziwe’ abafundi bakhe ngokusebenzisa igama loqobo likaNkulunkulu nangokubajwayelanisa nezimfanelo zikaNkulunkulu. Nabo futhi, babezongcwelisa lelogama ngokuliphatha njengento engcwele, betshela abanye ngalo futhi benza yaziwe intando kaNkulunkulu yokungcwelisa igama lakhe kukho konke okudaliweyo. Njengabantu begama likaNkulunkulu, amaKristu kuraelwe ngaso sonke isikhathi alwele ukuziphatha ngendlela efanela leloGama.—AmaHubo 83:18; Johane 17:6; IzEnzo 15:14.
Mawufike umbuso wakho.
UMbuso unguhulumeni kaNkulunkulu ongokwasezulwini, oyinxusa okuyothi ngalo isintu sikwazi ukuthola ukulondeka kwangempela nokujabulela ukuphila ngokugcwele. Usumisiwe kakade ezulwini, futhi iNkosi yawo, uKristu Jesu, ogcotshwe nguJehova uNkulunkulu ngokwakhe, masinyane uzobusa kuwo wonke umhlaba. Njengoba unguhulumeni onamandla, loMbuso uzolwa nezimiso ezingaphelele nezicindezelayo ezikhona manje. “Uyakuchoboza uqede yonke lemibuso [imibuso yamanje yezombangazwe], wona uqobo ume kuze kubephakade.”—Daniyeli 2:44; 7:13, 14.
Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
Intando kaNkulunkulu iwukuba bonke ububi bususwe buphele endaweni yonke. “Kusengumzuzwana, omubi engabe esabakho,” kusho iBhayibheli. UNkulunkulu unenjongo ekhethekile ngalenkulumo. “Uzakuba nami ePharadesi” uJesu watshela umuntu owayebethelwe kanye naye, ngalokho enikeza lowomuntu ithemba lokuphila emhlabeni oyipharadesi. Lenjongo kaNkulunkulu ihlanganisa uvuko lwabafileyo, kokubili “abalungile nabangalungile.” Intando yakhe iwukuba “bonke abantu basindiswe.”—IHubo 37:10; Luka 23:43; IzEnzo 24:15; 1 Thimothewu 2:3, 4.
Izinto eziphathelene nezidingo zethu ziyalandela
Usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;
Ukucela ngezidingo zokuphila kufanele kulinganiselwe. Cela nje ukudla kwa”namuhla.” Njengoba uJesu asho eqinisile, “ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” Uma sikholwa nguye ukuphila kwethu ngeke kunikezelwe ngokuyinhloko ekuzuzeni izinto ezibonakalayo. “Uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” Uma ethi, “usiphe” uJesu wayesifundisa futhi nokucabangela izidingo zabanye.—Luka 12:15; 1 Thimothewu 6:8.
Usithethelele amacala ethu njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi.
Sidinga ukuthethelelwa nguNkulunkulu. “Uma sithi: ‘Asinasono’ siyazikhohlisa neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu [uNkulunkulu] uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono asihlambulule kukho ukungalungi.” “SinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo—uma, sinokholo loqobo emalungiselelweni uNkulunkulu awenzile ngokuthethelelwa ngoJesu Kristu. Futhi, nathi ngokwethu kumelwe sithethelele.—1 Johane 1:8, 9; 2:1, 2.
Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.
“Izwe lonke lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. UNkulunkulu akalingi muntu kodwa izifiso zethu zingasihuha. UNkulunkulu unikeza izimiso zeBhayibheli ezizwakalayo nobudlelwane bobuKristu obakhayo ukusiza ekubalekeleni izilingo nokuzivikela kokubi. Ngakho sidinga ukwenza ngokuvumelana nomthandazo wethu. “Nina enithanda uJehova, zondani okubi . . . uyabasindisa ezandleni zababi” abathembekileyo bakhe.—1 Johane 5:19, NW; IHubo 97:10.